Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UShushiso

UShushiso

Kungani amaKristu kufanele akulindele ukuthi azoshushiswa?

Lapho sishushiswa, kungani kufanele sicele uJehova asisekele?

Hu 55:22; 2Ko 12:9, 10; 2Ti 4:16-18; Heb 13:6

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 1Kh 19:1-18—Lapho umprofethi u-Eliya eshushiswa, utshela uJehova konke okusenhliziyweni yakhe ngenxa yalokho uyakhuthazeka futhi uyaduduzeka

    • IzE 7:9-15—UJosefa ushushiswa abafowabo kodwa uJehova uba qotho njalo kuye, amsindise, asebenzise yena futhi ukuze asindise umndeni wakhe

Yiziphi izindlela esishushiswa ngazo?

Ukuthukwa nokwenziwa inhlekisa

2Kr 36:16; Mat 5:11; IzE 19:9; 1Pe 4:4

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 2Kh 18:17-35—URabishake, umkhulumeli wenkosi yase-Asiriya, uthuka uJehova, aklolodele abantu baseJerusalema

    • Luk 22:63-65; 23:35-37—Abashushisi bakaJesu bayamthuka futhi bamenza inhlekisa lapho eboshiwe nalapho esesigxotsheni sokuhlushwa

Ukuphikiswa amalungu omndeni

Ukuboshwa nokuyiswa ezinkantolo

Ukushaywa

Ukuhlaselwa isixuku

Ukubulawa

Kumele enzeni amaKristu lapho eshushiswa?

Mat 5:44; IzE 16:25; 1Ko 4:12, 13; 1Pe 2:23

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • IzE 7:57–8:1—Lapho isixuku esinonya sibulala umfundi uStefanu, ucela uNkulunkulu ukuba asibonise isihe, kuhlanganise noSawulu waseTarsu

    • IzE 16:22-34—Nakuba umphostoli uPawulu eshaywa futhi efakwa esitokisini, umbonisa umusa unogada wasejele, okwenza le ndoda nomndeni wayo babe amaKristu

Kwenzekani kwamanye amaKristu angekhulu lokuqala?

Kumele silubheke kanjani ushushiso?

Ithemba esinalo ngekusasa lisiqinisa kanjani lapho sishushiswa?

Kungani singaluvumeli ushushiso lusenze sibe namahloni, sesabe noma sidumazeke futhi yini esenza singayeki ukukhonza uJehova?

Hu 56:1-4; IzE 4:18-20; 2Ti 1:8, 12

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 2Kr 32:1-22—Lapho iNkosi uSaneheribi isongela ukuhlasela iJerusalema ngebutho layo elikhulu, inkosi ethembekile uHezekiya ithembela kuJehova futhi iqinisa isizwe sayo, ngenxa yalokho ithola izibusiso eziningi

    • Heb 12:1-3—Abashushisi bazama ukuhlambalaza uJesu kodwa akakuvumeli lokho ukuba kumdikibalise

Ukushushiswa kungaba namiphi imiphumela emihle?

Lapho sikhuthazelela ushushiso uJehova uyajabula futhi igama lakhe liyadunyiswa

1Pe 2:19, 20; 4:12-16

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Job 1:6-22; 2:1-10—UJobe akazi ukuthi nguSathane obangela zonke izinkathazo zakhe kodwa akamshiyi uJehova. Lokhu kudumisa uNkulunkulu, kuveze nokuthi uSathane ungumqambimanga

    • Dan 1:6, 7; 3:8-30—Izinsizwa ezithembekile uHananiya, uMishayeli no-Azariya (uShadiraki, uMishayeli no-Abhedinego) zincamela ukufa kabuhlungu kunokungamlaleli uJehova; ngenxa yalokhu, iNkosi uNebukhadinezari engamkhonzi uNkulunkulu idumisa uJehova phambi kwabantu abaningi

Abantu bangafunda ngoJehova lapho sishushiswa

Luk 21:12, 13; IzE 8:1, 4

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • IzE 11:19-21—AmaKristu asakazekele ezindaweni eziningi ngenxa yokushushiswa ayaqhubeka eshumayela izindaba ezinhle kuzo zonke izindawo

    • Flp 1:12, 13—Umphostoli uPawulu ujatshuliswa ukwazi ukuthi ukuboshwa kwakhe kwenze abantu abaningi bafunda ngoNkulunkulu

Ukukhuthazela kwethu lapho sishushiswa kungaqinisa namanye amaKristu

Abaholi benkolo nabezepolitiki banayiphi indima ekushushisweni kwezinceku zikaJehova ezithembekile?

Jer 26:11; Mar 3:6; Joh 11:47, 48, 53; IzE 25:1-3

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • IzE 19:24-29—E-Efesu, abanye abenza izindawo zokukhonza zika-Arthemisi abawuthandi umyalezo oshunyayelwa amaKristu omelene nokukhonza izithombe ngenxa yokuthi uzobenza balahlekelwe imali, ngakho bayawashushisa

    • Gal 1:13, 14—Ngaphambi kokuba uPawulu (uSawulu) abe umKristu, ushushisa amaKristu ngoba eshisekela inkolo yakhe yobuJuda

Ubani obangela ukuba izinceku zikaJehova zishushiswe?