Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMthandazo

UMthandazo

Sazi kanjani ukuthi uJehova uyayilalela nokuthi uyayiphendula imithandazo?

Hu 65:2; 145:18; 1Jo 5:14

Bheka nale miBhalo Hu 66:19; IzE 10:31; Heb 5:7

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 1Kh 18:36-38—UJehova uwuphendula ngokushesha umthandazo womprofethi u-Eliya lapho eseNtabeni iKarmeli ebhekene ngqo nabaprofethi bakaBhali

    • Mat 7:7-11—UJesu usikhuthaza ukuba sithandaze njalo futhi usiqinisekisa ngokuthi uJehova uyasilalela njengoBaba wethu onothando

AmaKristu kufanele athandaze kubani?

Sithandaza egameni likabani?

UJehova ulalela imithandazo yabantu abanjani?

Imithandazo yabantu abanjani uJehova angayilaleli?

IzA 15:29; 28:9; Isay 1:15; Mik 3:4; Jak 4:3; 1Pe 3:7

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Jos 24:9, 10—UJehova akamlaleli uBhalami ngoba lokho akucelayo akuvumelani nentando yakhe

    • Isay 1:15-17—UJehova akayilaleli imithandazo yabantu bakhe ngenxa yokuthi sebeyazenzisa futhi izandla zabo zigcwele igazi

Kufanele sithini lapho siphetha imithandazo yethu futhi kungani?

Ikhona yini indlela eshiwo iBhayibheli okufanele sime ngayo lapho sithandaza?

Yiziphi izinto izinceku zikaJehova ezingazithandazela lapho zihlangana ndawonye ukuze zikhonze uNkulunkulu?

IzE 4:23, 24; 12:5

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 1Kr 29:10-19—INkosi uDavide ithandaza phambi kwabantu njengoba beletha iminikelo yokwakha ithempeli

    • IzE 1:12-14—Abaphostoli, abafowabo bakaJesu, uMariya unina kaJesu nabanye abesifazane abathembekile basekamelweni eliphezulu eJerusalema bayathandaza

Kungani umuntu othandazayo kungafanele aziphakamise noma afune ukuchaza abanye?

Kungani kufanele sithandaze ngaphambi kokudla?

Kungani kungafanele siyeke ukuthandaza kuBaba wethu osezulwini?

Rom 12:12; Efe 6:18; 1Th 5:17; 1Pe 4:7

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Dan 6:6-10—Umprofethi uDaniyeli uyaqhubeka ethandaza kuJehova obala ngisho nalapho esongelwa ngokubulawa

    • Luk 18:1-8—UJesu usebenzisa isibonelo sikamahluleli ongalungile ogcina emsizile owesifazane olokhu ecela ambonise ubulungisa ukuze afanekise indlela uBaba wethu olungile aziphendula ngayo ngokushesha izicelo zezinceku zakhe ezilokhu zicela usizo

Yini okufanele siyenze uma sifuna uNkulunkulu ayizwe imithandazo yethu yokucela intethelelo?

2Kr 7:13, 14

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 2Kh 22:11-13, 18-20—INkosi uJosiya iyazithoba futhi izama ukujabulisa uJehova ngakho iboniswa isihe nomusa

    • 2Kr 33:10-13—INkosi uManase ithandaza ngokuthobeka, ngenxa yalokhu uJehova uyayithethelela aphinde ayibusele esihlalweni sobukhosi

Yini uJehova afuna siyenze ukuze asithethelele?

Kungani kufanele sibonise ukuthi siyayisekela intando kaNkulunkulu emithandazweni yethu?

Kungani imithandazo yethu kufanele ibonise ukuthi sinokholo kuBaba wethu osezulwini?

Yiziphi izinto esingazithandazela?

Ukungcweliswa kwegama likaNkulunkulu

Ukufika koMbuso kaNkulunkulu uzobusa emhlabeni wonke

Ukwenziwa kwentando kaJehova

Singacela uJehova ukuba asinike izinto esizidingayo

Ukuthethelelwa izono zethu

Ukuvikelwa ezilingweni

Ukubonga

Singacela ukwazi intando kaNkulunkulu, ukuqonda nokuhlakanipha

IzA 2:3-6; Flp 1:9; Jak 1:5

Bheka nalo mBhalo Hu 119:34

  • Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:

    • 1Kh 3:11, 12—UJehova uyajabula lapho iNkosi uSolomoni icela ukuhlakanipha futhi uyinika kona ngezinga elikhulu

Singacela umoya ongcwele

Singathandazela amanye amaKristu kuhlanganise nalawo ashushiswayo

Ukudumisa uNkulunkulu

Hu 86:12; Isay 25:1; Dan 2:23

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Luk 10:21—UJesu udumisa uYise obala ngoba akabafihleli amaqiniso angokomoya labo abathobeke njengezingane

    • IsA 4:9-11—Umndeni kaJehova wasezulwini umnikeza udumo olumfanele futhi uyamkhazimulisa

Singacela uJehova athambise izinhliziyo zabantu abasemagunyeni ukuba basivumele simkhonze ngokuthula futhi sikwazi nokushumayela

Mat 5:44; 1Ti 2:1, 2

Bheka nalo mBhalo Jer 29:7

Kuyafaneleka yini ukuthandaza lapho sibhapathizwa?

Kufanele yini sibathandazele labo abagulayo ngokomoya?

Kungani amadoda evame ukuthandaza engalimbozile ikhanda, abesifazane bona kungani bethandaza bemboze ikhanda?

Yini ebaluleke ukudlula ubude nokujula kwemithandazo yethu?

IsiL 3:41; Mat 6:7

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 1Kh 18:25-29, 36-39—Bephendula inselele abayibekelwe umprofethi u-Eliya, abaprofethi bakaBhali bamemeza unkulunkulu wabo ngokuphindaphindiwe kodwa akaphenduli

    • IzE 19:32-41—Abantu abakhonza izithombe e-Efesu bamemeza unkulunkulukazi u-Arthemisi amahora amabili kodwa akabasizanga ngalutho kunalokho bakhuzwa umgcini-mibhalo wedolobha