Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UkuPhenduka

UkuPhenduka

Kungani abantu kudingeka baphenduke ezonweni zabo futhi bacele uJehova abathethelele?

Rom 3:23; 5:12; 1Jo 1:8

Bheka nalo mBhalo IzE 26:20

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Luk 18:9-14—UJesu wenza umfanekiso obonisa ukuthi kudingeka sivume izono zethu sicele noNkulunkulu asisize

    • Rom 7:15-25—Nakuba umphostoli uPawulu eyindoda enokholo oluqinile, kuyamhlupha ukuthi ungumuntu onesono

IBhayibheli lithi uJehova uzizwa kanjani ngalabo abaphendukayo?

Hez 33:11; Rom 2:4; 2Pe 3:9

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Luk 15:1-10—UJesu wenza imifanekiso ukuze abonise ukuthi uJehova nezingelosi bayajabula lapho isoni siphenduka

    • Luk 19:1-10—UZakewu, umqoqi wentela omkhulu noyiqola, uyaphenduka, ashintshe izindlela zakhe ngakho uyathethelelwa futhi uyasindiswa

Sibonisa kanjani ukuthi siphenduke ngempela?

Kungani umuntu ophenduke ngempela kufanele athole ulwazi olunembile?

Rom 12:2; Kol 3:9, 10; 2Ti 2:25

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • IzE 17:29-31—Umphostoli uPawulu uchazela abase-Athene ukuthi kungani ukukhonza izithombe kuwuphawu lokuntula ulwazi futhi ubanxusa ukuba baphenduke

    • 1Ti 1:12-15—Ngaphambi kokuba amazi kahle uJesu Kristu, umphostoli uPawulu wenza izono ezinkulu

Kubaluleke kangakanani ukuphenduka?

Yini esenza siqiniseke ukuthi uma siphenduka uJehova uzosithethelela, ngisho noma sona izikhathi eziningi?

UJehova ubaphatha kanjani labo abavuma izono zabo bese beshintsha izenzo zabo?

Hu 32:5; IzA 28:13; 1Jo 1:9

Bheka nesithi “ISihe

Sazi kanjani ukuthi ukuphenduka akukona nje ukusho ngamazwi ukuthi uyaxolisa noma uyazisola?

2Kr 7:14; IzA 28:13; Hez 18:30, 31; 33:14-16; Mat 3:8; IzE 3:19; 26:20

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 2Kr 33:1-6, 10-16—Sekuyisikhathi eside iNkosi uManase yona kodwa iphenduka ngobuqotho ngokuzithoba, ngokuthandaza njalo nangokuyeka izindlela zayo ezimbi

    • Hu 32:1-6; 51:1-4, 17—INkosi uDavide ibonisa ukuthi iyaphenduka ngokuzisola ngokujulile ngezenzo zayo ezimbi lapho ivuma izono futhi icela intethelelo kuJehova

Kungani kufanele sibathethelele labo abasonile lapho bephenduka?