Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UkuLungisa Ukungezwani

UkuLungisa Ukungezwani

Lapho othile esiphatha kabi, kungani kufanele sigweme ukuthukuthela nokufuna ukuziphindiselela?

IzA 20:22; 24:29; Rom 12:17, 18; Jak 1:19, 20; 1Pe 3:8, 9

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 1Sa 25:9-13, 23-35—Lapho uNabali ethuka uDavide namadoda akanye naye futhi enqaba ukubasiza, ngokuhluthuka, uDavide unquma ukumbulala yena nabo bonke abesilisa basemndenini wakhe kodwa iseluleko esihlakaniphile sika-Abhigayili sisiza uDavide agweme icala legazi

    • IzA 24:17-20—Iphefumulelwe, iNkosi uSolomoni ixwayisa abantu bakaNkulunkulu ngokuthi uJehova akathandi uma sijabula lapho isitha sivelelwa okubi kodwa sishiyela kuJehova kube nguYe owahlulelayo

Uma umKristu ehilizisane nomunye, kufanele yini agweme ukukhuluma naye noma ambambele igqubu?

Lev 19:17, 18; 1Ko 13:4, 5; Efe 4:26

  • Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:

    • Mat 5:23, 24—UJesu uchaza ukuthi kufanele senze konke esingakwenza ukuze sibe nokuthula nomfowethu onokuthile ngathi

Uma siphathwe kabi, iyiphi indlela enothando okufanele sisisingathe ngayo isimo?

Kungani kufanele sibathethelele ngisho nalabo abasona bephindelela uma bephenduka ngempela?

Uma soniwe kakhulu kangangokuba asikwazi ukukudlulisa—njengalapho sinyundeliwe noma siphanjiwe—ubani okufanele akhulume nomuntu osonile futhi kufanele abe namuphi umgomo?

Mat 18:15

Bheka nalo mBhalo Jak 5:20

Uma othile osinyundelile noma osiphambile engaphenduki lapho sikhuluma naye sisodwa, kumele senzenjani?