Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UkungaShadi

UkungaShadi

Kungani singathi kuyisipho ukungashadi?

Kungani kukubi ukucindezela umKristu ongashadile ukuba ashade?

1Ko 7:28, 32-35; 1Th 4:11

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Rom 14:10-12—Umphostoli uPawulu uchaza ukuthi kungani kukubi ukwahlulela omunye umKristu

    • 1Ko 9:3-5—Umphostoli uPawulu angakwazi ukushada kodwa ukungashadi kwakhe kumenza akwazi ukugxila enkonzweni

Ingabe abantu abangashadile kufanele bacabange ukuthi kumele bashade ukuze bajabule?

1Ko 7:8

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Hlu 11:30-40—Indodakazi kaJefta ihlala ingashadile futhi ikhonza etabernakele ukuphila kwayo konke

    • IzE 20:35—Amazwi kaKristu abonisa ukuthi nakuba ayengashadile kodwa wayejabule ngoba wayesiza abanye

    • 1Th 1:2-9; 2:12—Umphostoli uPawulu, indoda engashadile, uchaza injabulo anayo nemiphumela emihle ayithola enkozweni

Njengazo zonke izinceku zikaNkulunkulu, kungani abantu abangashadile kufanele baziphathe ngendlela ehlanzekile?

1Ko 6:18; Gal 5:19-21; Efe 5:3, 4

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • IzA 7:7-23—INkosi uSolomoni ichaza ngemiphumela ebuhlungu etholwa insizwa evuma ukulingwa owesifazane ongaziphethe kahle

    • Hla 4:12; 8:8-10—Intombazane engumShulamiti iyanconywa ngenxa yokuziphatha kahle

Kunini lapho kuwukuhlakanipha khona ngomuntu ongashadile ukuba acabangele ukushada?

1Ko 7:9, 36

Bheka nalo mBhalo 1Th 4:4, 5