Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UkuTadisha

UkuTadisha

Kungani umKristu kufanele atadishe iZwi likaNkulunkulu njalo?

Hu 1:1-3; IzA 18:15; 1Ti 4:6; 2Ti 2:15

Bheka nalo mBhalo IzE 17:11

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Hu 119:97-101—Umhubi ophefumulelwe ukhuluma ngendlela awuthanda ngayo umthetho kaNkulunkulu nangezinzuzo zokuwusebenzisa ekuphileni kwakhe

    • Dan 9:1-3, mbhw.—Njengoba etadisha izincwadi ezingcwele, umprofethi uDaniyeli uyakwazi ukubona ukuthi ukudingiswa kwama-Israyeli kweminyaka engu-70 sekuzophela

Kungani kudingeka siqhubeke sifunda?

Heb 6:1-3; 2Pe 3:18

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • IzA 4:18—Njengokukhanya okukhulu kwasekuseni okuya kukhanya nakakhulu, uJehova uyaqhubeka ewembula amaqiniso eBhayibheli kulabo abamthandayo

    • Mat 24:45-47—UJesu ubikezela ukuthi uzobeka ‘inceku ethembekile neqondayo’ ezonikeza izikhonzi zakhe ukudla okungokomoya ngezinsuku zokugcina

Kungani kufanele sikubheke njengokuyigugu ukuhlakanipha okuseBhayibhelini kunalokho okutholakala ezincwadini ezibhalwe abantu?

UJehova ubathembisani labo abalitadisha ngokusuka enhliziyweni iBhayibheli?

Yini okudingeka siyithandazele uma sifuna kusizuzise ukutadisha iBhayibheli?

Kungani kufanele sikusebenzise ngokugcwele ukudla okungokomoya esikunikezwa ‘inceku ethembekile neqondayo’?

Mat 24:45-47

Bheka nale miBhalo Mat 4:4; 1Ti 4:15

Kungani kufanele silufune ulwazi olunembile futhi sinake konke lokho iBhayibheli elikufundisayo?

Kubaluleke kangakanani ukuthola ukuhlakanipha nokuqonda?

Kungani kufanele sifunde singajahi futhi sicabangisise ngalokho esikufundayo?

Kungani kufanele sicabange ngendlela iZwi likaNkulunkulu okufanele silisebenzise ngayo ekuphileni kwethu?

Kungani kufanele siyicabangisise indlela esizobaxoxela ngayo abanye lokho esikufundile?

Kungasisiza ngani ukulokhu sitadisha amaqiniso eBhayibheli abalulekile?

2Pe 1:13; 3:1, 2

  • Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza

    • Dut 6:6, 7; 11:18-20—UJehova uyala abantu bakhe ukuba bagxilise amazwi akhe ezinganeni zabo nokuba bazifundise amazwi akhe ngokuphindaphinda

Kusiza ngani ukuxoxa ngeZwi likaNkulunkulu njengomndeni?

Efe 6:4

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Gen 18:17-19—UJehova ufuna u-Abrahama afundise umndeni wakhe ukulalela uJehova nokwenza okulungile

    • Hu 78:5-7—Kwa-Israyeli, kulindeleke ukuba isizukulwane ngasinye sifundise esilandelayo ukuze isizwe siqhubeke sithembela kuJehova

Ukufunda nebandla kusisiza kanjani?

Heb 10:25

Bheka nalo mBhalo IzE 18:1