Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UkuHlakanipha

UkuHlakanipha

Yini okudingeka sibe nayo uma sifuna ukuhlakanipha kwangempela?

Singakutholaphi ukuhlakanipha kwangempela?

Kufanele yini sithandaze kuNkulunkulu sicele ukuhlakanipha?

Kol 1:9; Jak 1:5

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 2Kh 1:8-12—INkosi uSolomoni esencane ithandazela ukuhlakanipha ukuze ibuse u-Israyeli ngendlela efanele futhi uJehova uyawuphendula umthandazo wayo

    • IzA 2:1-5—Ukuhlakanipha, ukuqonda nekhono lokwahlukanisa kufaniswa nengcebo efihliwe okufanele siyifune futhi uJehova uyababusisa labo abayifunisisayo

UJehova usinikeza kanjani ukuhlakanipha?

Isay 11:2; 1Ko 1:24, 30; 2:13; Efe 1:17; Kol 2:2, 3

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • IzA 8:1-3, 22-31—Ukuhlakanipha kwenziwa samuntu bese kufaniswa neNdodana kaNkulunkulu, izibulo layo yonke indalo

    • Mat 13:51-54—Izilaleli zikaJesu eziningi azikwazi ukuqonda ukuthi lo muntu okhule phakathi kwazo ukuthathaphi ukuhlakanipha okungaka

Kubonakala ngani ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu?

Ukuhlakanipha kusisiza kanjani futhi kusivikela kanjani?

Kubaluleke kangakanani ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu?

IzA 3:13, 14; 8:11

Bheka nalo mBhalo Job 28:18

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Job 28:12, 15-19—Nakuba ebhekene nosizi olunzima, ubuhlungu nokulahlekelwa, uJobe ukwazisa kakhulu ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu

    • Hu 19:7-9—INkosi uDavide ithi umthetho kaJehova nezikhumbuzo kungabanika ukuhlakanipha labo abangenalwazi

Kungani kungaba yingozi ukulalela ukuhlakanipha kwabantu baleli zwe abangenandaba noNkulunkulu?