Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UmSebenzi

UmSebenzi

Umsebenzi uhlobana kanjani nenjabulo?

Ukufunda kahle ikhono elithile kungasisiza kanjani?

IzA 22:29

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • 1Sa 16:16-23—UDavide osemusha waziwa ngokuba umuntu onekhono lokudlala umculo, okuyikhono elimenza athandwe inkosi yakwa-Israyeli enezinkinga

    • 2Kr 2:13, 14—Ngenxa yokuthi uHiramu-abi uyisisebenzi esiyingcweti, iNkosi uSolomoni iyamsebenzisa emsebenzini wokwakha omkhulu

Izinceku zikaJehova zifuna ukwaziwa ngokuthi ziyizisebenzi ezinjani?

Efe 4:28; Kol 3:23

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Gen 24:10-21—URebheka wenza okungaphezu kwalokho akucelwa inceku ka-Abrahama, ebonisa umoya wokuzimisela ukusiza nokukhuthala

    • Flp 2:19-23—Umphostoli uPawulu unikeza uThimothewu osemusha isabelo esikhulu ngenxa yokuzimisela kwakhe ukusebenza kanzima kanye nokuthobeka

Kungani izinceku zikaNkulunkulu zilwa kanzima nobuvila?

IzA 13:4; 18:9; 21:25, 26; Shu 10:18

  • Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:

    • IzA 6:6-11—INkosi uSolomoni isebenzisa isibonelo sentuthwane ukuze ifundise ngokusebenza kanzima nokulwa nobuvila

Kungani kufanele sisebenze kanzima ukuze sithole esikudingayo?

Kungani kufanele sisebenze kanzima ukuze sinakekele amalungu emindeni yethu?

1Ti 5:8

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

Kungani kufanele siphe nabanye esikutholile ngenxa yokusebenza kanzima?

Kufanele silibheke kanjani iholo esilitholayo ngokwenza umsebenzi wokuziphilisa?

Sazi kanjani ukuthi uJehova ufuna ukusisiza siwenze kahle umsebenzi wethu futhi sinakekele nezidingo zethu zokuphila?

Mat 6:25, 30-32; Luk 11:2, 3; 2Ko 9:10

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Gen 31:3-13—ULabani umphatha ngokungenabulungisa uJakobe, umkhwenyana wakwakhe oyisisebenzi sakhe, kodwa uJehova uyambusisa uJakobe ngenxa yokuzikhandla kwakhe

    • Gen 39:1-6, 20-23—UJehova ubusisa uJosefa ngenxa yokuzikhandla emsebenzini wakhe, ngesikhathi eyisigqila endlini kaPotifari nangesikhathi eyisiboshwa

Kungani umsebenzi wethu wokuziphilisa kungafanele siwubheke njengobaluleke ngaphezu kokukhonza uJehova?

Hu 39:5-7; Mat 6:33; Joh 6:27

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Luk 12:15-21—UJesu wenza umfanekiso ukuze afundise ukuthi kuwubuwula ukujaha ukuceba ngaphezu kokukhonza uNkulunkulu

    • 1Ti 6:17-19—Umphostoli uPawulu uxwayisa amaKristu acebile ngengozi yokubukela abanye phansi futhi uwakhuthaza ukuba ‘acebe emisebenzini emihle’

Iziphi izimiso okufanele zisiqondise lapho sikhetha umsebenzi wokuziphilisa?

Ukusebenzela uJehova

Yimuphi umsebenzi obalulekile amaKristu okufanele awenze?

Kungani sizimisele ukwenza konke okusemandleni lapho senza umsebenzi kaJehova?

Kungani kungafanele silindele ukuthi sonke senzele uJehova inkonzo elinganayo?

Gal 6:3-5

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Mat 25:14, 15—Umfanekiso kaJesu ubonisa ukuthi akalindele bonke abalandeli bakhe ukuba benze isilinganiso esifanayo somsebenzi

    • Luk 21:2-4—UJesu uyawuqaphela umnikelo omncane womfelokazi oswele

Siwatholaphi amandla okwenza umsebenzi esabelwe wona enkonzweni kaJehova?

2Ko 4:7; Efe 3:20, 21; Flp 4:13

  • Isibonelo esiseBhayibhelini esingakusiza:

    • 2Ti 4:17—Umphostoli uPawulu uyavuma ukuthi wawathola amandla lapho ewadinga

Kungani kusijabulisa ukusebenza kanzima sisebenzela uJehova?