Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UkuKhonza

UkuKhonza

Ubani okuwukuphela komuntu okufanele simkhonze?

Eks 34:14; Dut 5:8-10; Isay 42:8

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Mat 4:8-10—USathane uthi uzonikeza uJesu yonke imibuso yezwe uma emkhonza kodwa uJesu uyanqaba, uzimisele ukukhonza uJehova kuphela

    • IsA 19:9, 10—Ingelosi enamandla iyenqaba ukukhonzwa umphostoli uJohane

UJehova ulindele ukuba simkhonze kanjani?

Joh 4:24; Jak 1:26, 27

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Isay 1:10-17—UJehova akazemukeli futhi uyazizonda izenzo zokumkhonza zokuzenzisa ezenziwa abantu abenqaba ukuphila ngemithetho yakhe

    • Mat 15:1-11—UJesu ubonisa ukuthi uJehova akafuni ukuba ukumkhonza kwethu kusekelwe emasikweni abantu kodwa ufuna kusekelwe emithethweni kaNkulunkulu

Uma kungenzeka, obani okufanele sikhulekele nabo uJehova?

Heb 10:24, 25

Bheka nalo mBhalo Hu 133:1-3

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • IzE 2:40-42—Ngekhulu lokuqala, amaKristu ayehlangana ukuze athandaze, achithe isikhathi ndawonye futhi afunde imiBhalo ephefumulelwe umoya ongcwele

    • 1Ko 14:26-40—Umphostoli uPawulu uyala ukuba imihlangano yebandla ihleleke futhi ikhuthaze ukuze wonke umuntu afunde aphinde akuqonde lokho okufundiswayo

Yini okufanele siyenze ukuze siqiniseke ukuthi ukukhulekela kwethu kuyamukeleka kuJehova?

Mat 7:21-24; 1Jo 2:17; 5:3

  • Izibonelo eziseBhayibhelini ezingakusiza:

    • Heb 11:6—Umphostoli uPawulu uchaza ukuthi kudingeka sibe nokholo uma sifuna ukukhonza uJehova ngendlela ayamukelayo

    • Jak 2:14-17, 24-26—UJakobe, umfowabo kaJesu ngamzali-munye, uchaza ukuthi ukholo lwethu kumele luhambisane nemisebenzi; ukholo lwethu lusiholela ezenzweni