Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi


Indlela ongazuza ngayo ngokugcwele kulezi zifundo zeBhayibheli

Indlela ongazuza ngayo ngokugcwele kulezi zifundo zeBhayibheli

Funda noFakazi KaJehova: Cela umuntu okunikeze le ncwajana ukuba afunde nawe iBhayibheli, noma ufake isicelo sesifundo seBhayibheli kuyiwebusayithi ethi jw.org/zu.

INGXENYE YOKUQALA

Funda isigaba ngasinye, kanye nemibuzo ebhalwe ngokugqamile (A) nemiBhalo (B) egcizelela amaphuzu abalulekile. Eminye imiBhalo ibhalwe ngokuqondile ukuthi kumelwe ifundwe.

INGXENYE EPHAKATHI NENDAWO

Umusho wokuqala (C) engxenyeni ethi Funda Okwengeziwe uchaza ukuthi yini ezofundwa. Izihlokwana (D) zethula amaphuzu abalulekile. Fundani imiBhalo, niphendule imibuzo nibuke namavidiyo (E).

Bukisisa izithombe namagama ahambisana nazo (F), bese uyacabanga ukuthi ungaphendula kanjani ingxenyeni ethi Abanye Abantu Bathi (G).

INGXENYE YOKUGCINA

Isifundo siphetha ngengxenye ethi Ukubuyekeza nethi Ufundeni? (H). Bhala usuku okuqedwe ngalo isifundo. Isihlokwana esithi Umgomo (I) sikunika ongakwenza ukuze uqhubeke ufunda noma usebenzisa okufundile. Esihlokwaneni esithi Hlola Okwengeziwe (J) kunezinto ezengeziwe ongazifunda noma uzibukele.

Indlela yokuthola amavesi eBhayibhelini

ImiBhalo iba nencwadi yeBhayibheli (A), isahluko (B), nevesi noma amavesi (C). Ngokwesibonelo, uJohane 17:3 ubhekisela encwadini kaJohane, isahluko 17, ivesi 3.