Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUQALA INGXOXO

ISIFUNDO 1

Khuluma Ngezinto Abantu Abazithandayo

Khuluma Ngezinto Abantu Abazithandayo

Isimiso: “Uthando . . . aluzifuneli izinzuzo zalo.”—1 Kor. 13:4, 5.

Lokho UJesu Akwenza

1. Bukela IVIDIYO, noma ufunde uJohane 4:6-9. Ngemva kwalokho, phendula le mibuzo elandelayo:

  1.    Yini uJesu ayiphawula ngalona wesifazane ngaphambi kokuxoxa naye?

  2.   UJesu wathi: “Ngiphuzise.” Kungani lena kwakuyindlela ephumelelayo yokuqala ingxoxo?

Sifundani KuJesu?

2. Cishe maningi amathuba okuba nengxoxo emnandi nomuntu uma sixoxa ngezinto azithandayo.

Lingisa UJesu

3. Vumelana nezimo. Ungaphikeleli ngokuqala ingxoxo ngesihloko osilungiselele wena. Xoxa ngento abanye abacabanga ngayo namuhla. Zibuze:

  1.    ‘Zithini ezisematheni?’

  2.   ‘Bakhuluma ngani omakhelwane, abantu engisebenza nabo noma engifunda nabo?’

4. Qaphelisisa. Zibuze:

  1.    ‘Wenzani lo muntu njengamanje? Yini okungenzeka ukuthi uyayicabanga?’

  2.   ‘Izingubo zalo muntu, indlela abukeka ngayo, nendawo ahlala kuyo kungitshelani ngezinkolelo zakhe namasiko akhe?’

  3.   ‘Yisikhathi esikahle yini lesi sokukhuluma nalo muntu?’

5. Lalela.

  1.    Ungakhulumi kakhulu.

  2.   Khuthaza umuntu okhuluma naye ukuba aveze indlela azizwa ngayo ngendaba. Uma kufaneleka, buza imibuzo.