Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUQALA INGXOXO

ISIFUNDO 2

Khuluma Ngendlela Engokwemvelo

Khuluma Ngendlela Engokwemvelo

Isimiso: ‘Izwi elikhulunywe ngesikhathi esifanele—yeka ukuthi lihle kanjani!’—IzAga 15:23.

Lokho UFiliphu Akwenza

1. Bukela IVIDIYO, noma ufunde izEnzo 8:30, 31. Ngemva kwalokho, phendula le mibuzo elandelayo:

  1.    UFiliphu wayiqala kanjani ingxoxo?

  2.   Kungani lena kwakuyindlela engokwemvelo yokuqala ingxoxo neyokumfundisa into entsha lo muntu?

Sifundani KuFiliphu?

2. Uma sivumela ingxoxo iqhubeke ngendlela engokwemvelo, cishe ayokwanda amathuba okuba umuntu esixoxa naye akhululeke ukuxoxa ngomyalezo esiwuphethe.

Lingisa UFiliphu

3. Qaphelisisa. Ubuso bomuntu nendlela umzimba wakhe onyakaza ngayo kungakutshela okuningi ngaye. Ubonakala ethanda yini ukuxoxa nawe? Ungase uqale ukuxoxa ngeBhayibheli ngokumane uthi, “Ingabe bewazi ukuthi . . . ?” Gwema ukuphoqa umuntu ukuba axoxe nawe uma engafuni.

4. Yiba nesineke. Ungabi nomuzwa wokuthi kumele ukhulume ngeBhayibheli zisuka nje. Linda ithuba elikahle lokuba ingxoxo yeBhayibheli izingenele ngokwemvelo. Ngezinye izikhathi, lokho kungase kusho ukulinda nize niphinde nixoxe ngesinye isikhathi nalowo muntu.

5.Vumelana nezimo. Umuntu oxoxa naye angase akhulume ngento obungayilindele. Ngakho, kulungele ukuxoxa ngokuthile okuhambisana nalokho okushiwo yilowo muntu, ngisho noma lokho kungase kusho ukuxoxa ngephuzu leBhayibheli elihlukile kulelo obulilungiselele.