Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUQALA INGXOXO

ISIFUNDO 6

Ungesabi

Ungesabi

Isimiso: “Saqunga isibindi ngoNkulunkulu wethu ukuze sinitshele izindaba ezinhle.”—1 Thes. 2:2.

Lokho UJesu Akwenza

1. Bukela IVIDIYO, noma ufunde uLuka 19:1-7. Ngemva kwalokho, phendula le mibuzo elandelayo:

  1.    Kungani abanye abantu babengase bamgweme uZakewu?

  2.   Yini eyenza uJesu wamxoxela izindaba ezinhle naphezu kwalokho?

Sifundani KuJesu?

2. Kudingeka singesabi ukuze sikwazi ukushumayela umyalezo woMbuso singakhethi.

Lingisa UJesu

3. Thembela kuJehova. Umoya kaNkulunkulu wanikeza uJesu amandla okushumayela, lowo moya ungakunikeza nawe amandla. (Math. 10:19, 20; Luka 4:18) Cela uJehova akusize ungesabi ukushumayeza abantu abakwethusayo.—IzE. 4:29.

4. Ungasheshi wahlulele abantu. Singase sigweme ukukhuluma nabantu abathile ngenxa yendlela ababukeka ngayo, indlela ababhekwa ngayo emphakathini, isimo sabo sezimali, indlela abaphila ngayo noma izinkolelo zabo. Kodwa khumbula:

  1.    NguJehova noJesu abakwazi ukufunda okusezinhliziyweni; thina asikwazi.

  2.   Akekho umuntu okufanele sicabange ukuthi isihe sikaJehova asimfanele.

5. Ungesabi, kodwa ngesikhathi esifanayo qapha futhi ungabacasuli abantu. (Math. 10:16) Gwema ukuphikisana nomuntu oxoxa naye. Ngenhlonipho, yinqamule ingxoxo uma umuntu engazilaleli izindaba ezinhle noma uma uzizwa ungaphephile.—IzAga 17:14.