Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUBUYELA KOXOXE NAYE

ISIFUNDO 7

Phikelela

Phikelela

Isimiso: “Baqhubeka ngaphandle kokuyekethisa, befundisa futhi bememezela izindaba ezinhle.” —IzE. 5:42.

Lokho UPawulu Akwenza

1. Bukela IVIDIYO, noma ufunde izEnzo 19:8-10. Ngemva kwalokho, phendula le mibuzo elandelayo:

  1.    Kunokuba ashiye phansi lapho abanye bemphikisa, uPawulu waphikelela kanjani ekusizeni abanye ababethanda ukulalela izindaba ezinhle?

  2.   UPawulu wayephindela kangaki kubantu ababethanda ukulalela izindaba ezinhle futhi wakwenza isikhathi esingakanani lokho?

Sifundani KuPawulu?

2. Kudingeka sizinike isikhathi futhi senze umzamo ukuze senze izimpindelo eziphumelelayo, siqale nezifundo zeBhayibheli.

Lingisa UPawulu

3. Hlela isikhathi sakho sivumelane nesomuntu oxoxe naye. Zibuze: ‘Yisiphi isikhathi engicabanga ukuthi ngingamthola ngaso? Yena angatholakala ngasiphi isikhathi futhi kuphi?’ Kulungele ukuphindela kuye ngisho noma kungesona isikhathi esikahle kuwe.

4. Hlela ukuthi nizoxoxa nini. Ekupheleni kwengxoxo ngayinye, zama ukuthola ukuthi yisiphi isikhathi esiqondile ongaphinde uxoxe ngaso nalowo muntu. Qiniseka ukuthi uyasigcina leso sikhathi.

5. Ungalilahli ithemba. Ungasheshi uphethe ngokuthi umuntu ohlale engekho ekhaya noma ohlale ematasa akathandi ukulalela izindaba ezinhle. (1 Kor. 13:4, 7) Kodwa, nakuba kufanele uphikelele, kufanele usisebenzise kahle isikhathi sakho.—1 Kor. 9:26.