Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKUBUYELA KOXOXE NAYE

ISIFUNDO 9

Yiba Nozwela

Yiba Nozwela

Isimiso: “Jabulani nabajabulayo; khalani nabakhalayo.”—Roma 12:15.

Lokho UJesu Akwenza

1. Bukela IVIDIYO, noma ufunde uMarku 6:30-34. Ngemva kwalokho, phendula le mibuzo elandelayo:

  1.    Kungani uJesu nabaphostoli bakhe babefisa ukuba “bodwa”?

  2.   Yini eyenza uJesu wafundisa isixuku?

Sifundani KuJesu?

2. Uzwela lusenza sibakhathalele abantu, singakhathazeki nje ngomyalezo wethu kuphela.

Lingisa UJesu

3. Lalelisisa. Nikeza umuntu ithuba lokuveza indlela azizwa ngayo. Ungamngeni emlonyeni noma uvele ungayinaki indlela azizwa ngayo, imibono yakhe noma ungazinaki izinto ezimkhathazayo. Uma umlalelisisa, ubonisa ukuthi unendaba nalokho akucabangayo.

4. Cabanga ngomuntu obuyela kuye. Ngokwalokho enixoxe ngakho, zibuze:

  1.    ‘Kungani edinga ukulazi iqiniso?’

  2.   ‘Ukufunda naye iBhayibheli kuzokwenza kanjani ukuphila kwakhe kwansuku zonke nekusasa lakhe libe ngcono?’

5. Khuluma ngezinto ezizomsiza. Ngokushesha, mbonise indlela isifundo seBhayibheli esingayiphendula ngayo imibuzo yakhe nendlela esingamsiza ngayo ngokoqobo.