Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKWENZA ABAFUNDI

ISIFUNDO 10

Zimisele Ukusiza Abantu Babe Abafundi

Zimisele Ukusiza Abantu Babe Abafundi

Isimiso: “Sasizimisele ukungadluliseli kini nje kuphela izindaba ezinhle zikaNkulunkulu, kodwa nathi uqobo, ngoba nathandeka kakhulu kithi.”—1 Thes. 2:8.

Lokho UJesu Akwenza

1. Bukela IVIDIYO, noma ufunde uJohane 3:1, 2. Ngemva kwalokho, phendula le mibuzo elandelayo:

  1.    Yini okungenzeka yenza uNikhodemu wakhetha ukuya kuJesu ebusuku?—Bheka uJohane 12:42, 43.

  2.   UJesu wabonisa kanjani ukuthi uzimisele ukwenza abafundi?

Sifundani KuJesu?

2. Ngokuzimisela ukusiza abantu babe abafundi, sibonisa ukuthi siyabathanda.

Lingisa UJesu

3. Fundani ngesikhathi nasendaweni evumelana nomfundi. Angase athande ukufunda ngosuku oluthile noma ngesikhathi esithile. Ingabe angathanda ukufundela emsebenzini, ekhaya noma endaweni yomphakathi? Uma izimo zivuma, shintsha izinhlelo zakho zivumelane nesikhathi nendawo ayikhethile.

4. Fundani njalo. Uma uzobe ungekho, akusho ukuthi kufanele singaqhutshwa isifundo. Cabanga ngale mibuzo:

  1.    Ningafunda yini ngolunye usuku kulelo viki?

  2.   Ningafunda yini ngefoni noma ngevidiyo?

  3.   Ungamcela yini omunye ummemezeli ukuba afunde naye?

5. Thandazela ukuba nombono omuhle. Cela uJehova akusize uhlale uzimisele ukufundela umfundi, ngisho noma ekuthola kunzima ukufunda njalo noma ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli. (Fil. 2:13) Cishe umuntu ofunda naye unezimfanelo eziningi ezinhle, cela uJehova akusize ugxile kuzo.