Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKWENZA ABAFUNDI

ISIFUNDO 11

Fundisa Ngendlela Elula

Fundisa Ngendlela Elula

Isimiso: ‘Khuluma inkulumo eqondakala kalula.’—1 Kor. 14:9.

Lokho UJesu Akwenza

1. Bukela IVIDIYO, noma ufunde uMathewu 6:25-27. Ngemva kwalokho, phendula le mibuzo elandelayo:

  1.    UJesu wayifanisa nani indlela uJehova asikhathalela ngayo?

  2.   Nakuba uJesu ayazi izinto eziningi ngezinyoni, yini akhetha ukugxila kuyo? Kungani kwakuyindlela enhle yokufundisa leyo?

Sifundani KuJesu?

2. Uma sifundisa ngendlela elula, abantu bayokukhumbula esibafundise kona futhi siyobathinta izinhliziyo.

Lingisa UJesu

3. Ungakhulumi kakhulu. Kunokuba usho konke okwaziyo ngendaba enixoxa ngayo, gxila kulokho okusencwadini eniyifundayo. Ngemva kokubuza umbuzo, linda kancane unike umfundi ithuba lokuphendula. Uma engayazi impendulo noma eveza umbono ophambene nalokho okufundiswa yiBhayibheli, sebenzisa eminye imibuzo ukuze umsize acabange ngaleyo ndaba. Uma umfundi eseliqonda iphuzu eliyinhloko, dlulela phambili.

4. Siza umfundi ahlobanise izinto ezintsha azifundayo nezinto asezazi. Ngokwesibonelo, ngaphambi kokuqala isifundo esikhuluma ngovuko, ungase ubuyekeze kafushane lokho umfundi asekwazi ngesimo sabafile.

5. Cabangisisa ngemifanekiso ozoyisebenzisa. Ngaphambi kokusebenzisa umfanekiso, zibuze:

  1.    ‘Ulula yini lo mfanekiso?’

  2.   ‘Uzowuqonda kalula yini umfundi?’

  3.   ‘Uzomsiza yini akhumbule iphuzu eliyinhloko—angagcini nje ngokukhumbula umfanekiso?’