Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UKWENZA ABAFUNDI

ISIFUNDO 12

Yiba Nesibindi

Yiba Nesibindi

Isimiso: “Amafutha nempepho kwenza inhliziyo ijabule; unjalo nomngane oweluleka ngobuqotho.”—IzAga 27:9.

Lokho UJesu Akwenza

1. Bukela IVIDIYO, noma ufunde uMarku 10:17-22. Ngemva kwalokho, phendula le mibuzo elandelayo:

  1.    Yiziphi izimfanelo ezinhle okungenzeka uJesu wazibona kulo mbusi osemusha?

  2.   Kungani kwadingeka uJesu abonise uthando nesibindi ukuze eluleke le ndoda?

Sifundani KuJesu?

2. Kudingeka sikhulume ngendlela enothando kodwa engagwegwesi nalabo esifunda nabo iBhayibheli ukuze sibasize bathuthuke.

Lingisa UJesu

3. Siza omfundelayo azibekele imigomo futhi ayifinyelele.

  1.    Sebenzisa ingxenye ethi “Umgomo” esesifundweni ngasinye encwadini ethi Phila Kuze Kube Phakade!

  2.   Siza umfundi abone izinyathelo okufanele azithathe ukuze afinyelele imigomo yamanje neyesikhathi esizayo.

  3.   Mncome njalo umfundi ngokuthi uyathuthuka.

4. Thola izinto ezivimbela umfundi ukuba athuthuke bese uyamsiza azinqobe.

  1.    Zibuze:

    • ‘Uma umfundi engathuthukeli ekubhapathizweni, yini emvimbile?’

    • ‘Ngingamsiza kanjani?’

  2.   Thandazela isibindi ukuze uxoxe ngendlela engagwegwesi nenothando ngalokho umfundi okudingeka akwenze.

5. Zinqamule izifundo ezingathuthuki.

  1.    Nquma ukuthi umuntu omfundelayo uyathuthuka yini ngokuzibuza:

    • ‘Uyakusebenzisa yini akufundayo?’

    • ‘Uyaya yini emihlanganweni yebandla axoxele nabanye amaqiniso awafundayo?’

    • ‘Ngemva kokufunda naye isikhathi esithile, uyafuna yini ukuba uFakazi KaJehova?’

  2.   Uma umfundi engazimisele ukuthuthuka:

    • Mcele acabange ngokuthi yini okungenzeka imbambile.

    • Mchazele ngendlela engeke imcasule ukuthi kungani usinqamula isifundo.

    • Mtshele ukuthi yini okudingeka ayenze ngaphambi kokuba niqhubeke nokufunda.