Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISITHASISELO A

Amaqiniso Esithanda Ukuwafundisa

Amaqiniso Esithanda Ukuwafundisa

UJesu wathi abantu abanezinhliziyo eziqotho bayolibona iqiniso lapho belizwa. (Joh. 10:4, 27) Ngakho, noma nini lapho sixoxa nabantu, sifuna ukubafundisa amaqiniso alula aseBhayibhelini. Mhlawumbe ungabuza lo mbuzo: “Ingabe bewazi ukuthi . . . ?” noma “Wake wezwa ukuthi . . . ?” Ngemva kwalokho, sebenzisa umBhalo (noma imiBhalo) ehlobene nendaba enixoxa ngayo ukuze uchaze lelo qiniso. Ukuxoxela umuntu iqiniso elilula eliseBhayibhelini kungatshala imbewu enhliziyweni yakhe, futhi uNkulunkulu angayikhulisa leyo mbewu!—1 Kor. 3:6, 7.

 IKUSASA

  1. 1. Izinto ezenzeka manje nendlela abantu abaziphatha ngayo kubonisa ukuthi ushintsho seluseduze.—Math. 24:3, 7, 8; Luka 21:10, 11; 2 Thim. 3:1-5.

  2. 2. Umhlaba awusoze wabhujiswa.—IHu. 104:5; UmSh. 1:4.

  3. 3. Umhlaba uyobuyiselwa esimweni sawo esihle.—Isaya 35:1, 2; IsAm. 11:18.

  4. 4. Wonke umuntu uyophila saka.—Isaya 33:24; 35:5, 6.

  5. 5. Ungaphila phakade emhlabeni.—IHu. 37:29; Math. 5:5.

 UMNDENI

  1. 6. Umyeni kufanele “athande umkakhe njengoba ezithanda yena.”—Efe. 5:33; Kol. 3:19.

  2. 7. Inkosikazi kufanele imhloniphe ngokujulile umyeni wayo.—Efe. 5:33; Kol. 3:18.

  3. 8. Indoda nomkayo kufanele babe qotho komunye nomunye.—Mal. 2:16; Math. 19:4-6, 9; Heb. 13:4.

  4. 9. Izingane ezihloniphayo nezilalela abazali bazo ziyophumelela.—IzAga 1:8, 9; Efe. 6:1-3.

NASA, ESA and the Hubble Heritage Team (STScI/AURA)-ESA/Hubble Collaboration. Licensed under CC BY 4.0. Source.

 UNKULUNKULU

  1. 10. UNkulunkulu unegama. —IHu. 83:18; Jer. 10:10.

  2. 11. UNkulunkulu uyakhuluma nathi.—2 Thim. 3:16, 17; 2 Pet. 1:20, 21.

  3. 12. UNkulunkulu unobulungisa futhi akakhethi.—Dut. 10:17; IzE. 10:34, 35.

  4. 13. UNkulunkulu uyafuna ukusisiza.—IHu. 46:1; 145:18, 19.

 UMTHANDAZO

  1. 14. UNkulunkulu ufuna sithandaze kuye.—IHu. 62:8; 65:2; 1 Pet. 5:7.

  2. 15. IBhayibheli liyasifundisa ukuthi sithandaze kanjani.—Math. 6:7-13; Luka 11:1-4.

  3. 16. Kufanele sithandaze njalo.—Math. 7:7, 8; 1 Thes. 5:17.

 UJESU

  1. 17. UJesu wayengumfundisi omuhle futhi izeluleko zakhe ziyasebenza nanamuhla.—Math. 6:14, 15, 34; 7:12.

  2. 18. UJesu wazibikezela izinto esizibona zenzeka namuhla.—Math. 24:3, 7, 8, 14; Luka 21:10, 11.

  3. 19. UJesu uyiNdodana kaNkulunkulu.—Math. 16:16; Joh. 3:16; 1 Joh. 4:15.

  4. 20. UJesu akayena uNkulunkulu uMninimandla Onke.—Joh. 14:28; 1 Kor. 11:3.

Based on NASA/Visible Earth imagery

 UMBUSO KANKULUNKULU

  1. 21. UMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni wangempela osezulwini.—Dan. 2:44; 7:13, 14; Math. 6:9, 10; IsAm. 11:15.

  2. 22. UMbuso kaNkulunkulu uzothatha isikhundla sohulumeni babantu.—IHu. 2:7-9; Dan. 2:44.

  3. 23. UMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kwesixazululo sezinkinga zabantu.—IHu. 37:10, 11; 46:9; Isaya 65:21-23.

 UKUHLUPHEKA

  1. 24. Ukuhlupheka kwethu akubangelwa uNkulunkulu.—Dut. 32:4; Jak. 1:13.

  2. 25. NguSathane obusa leli zwe.—Luka 4:5, 6; 1 Joh. 5:19.

  3. 26. UNkulunkulu unendaba nokuhlupheka kwakho.—IHu. 34:17-19; Isaya 41:10, 13.

  4. 27. UNkulunkulu uzokuqeda maduzane ukuhlupheka.—Isaya 65:17; IsAm. 21:3, 4.

 UKUFA

  1. 28. Abantu abafile abazi lutho; abahlupheki.—UmSh. 9:5; Joh. 11:11-14.

  2. 29. Abantu abafile abakwazi ukusisiza noma ukusilimaza.—IHu. 146:4; UmSh. 9:6, 10.

  3. 30. Abantu esibathandayo asebashona bayovuswa.—Jobe 14:13-15; Joh. 5:28, 29; IzE. 24:15.

  4. 31. “Ukufa ngeke kusaba khona.”—IsAm. 21:3, 4; Isaya 25:8.

 INKOLO

  1. 32. Akuzona zonke izinkolo ezijabulisa uNkulunkulu.—Jer. 7:11; Math. 7:13, 14, 21-23.

  2. 33. UNkulunkulu uyakuzonda ukuzenzisa.—Isaya 29:13; Mika 3:11; Marku 7:6-8.

  3. 34. Inkolo yeqiniso ibonakala ngothando oluqotho.—Mika 4:3; Joh. 13:34, 35.