Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukwaziswa kwabeze emhlanganweni

Ukwaziswa kwabeze emhlanganweni

ABALINDI Abalindi babelwe ukuba banisize. Sicela nibambisane nabo ngokugcwele ngokulalela ukuqondisa kwabo ngokuphathelene nokupakwa kwezimoto, ukulawulwa kwabahamba ngezinyawo, ukugcinwa kwezihlalo nokunye.

UBHAPATHIZO Izihlalo ezigcinelwe abazobhapathizwa ziyoba phambi kwendawo yesikhulumi, ngaphandle kwalapho kushiwo okuhlukile. Abazobhapathizwa kufanele babe sebehlezi endaweni abagcinelwe yona ngaphambi kokuba kuqale inkulumo yobhapathizo ngoMgqibelo ekuseni. Ngamunye kufanele aphathe ithawula nezingubo zokungena emanzini ezihloniphekile.

IMINIKELO Kube izindleko ezinkulu ukulungiselela izihlalo ezanele, imibhobho, imishini yokudlala amavidiyo nezinye izinkonzo eziningi ezenza ukuba khona kulo mhlangano kujabulise futhi kusisize ukuba sisondele kuJehova. Iminikelo yenu ephuma enhliziyweni isiza ekuhlangabezaneni nalezi zindleko nasekusekeleni umsebenzi womhlaba wonke. Ukuze sinenzele lula, kuye kwabekwa amabhokisi eminikelo aphawulwe ngokucacile kuyo yonke indawo yomhlangano. Nokho, uma kungenzeka, sicela ninikele nisebenzisa i-inthanethi ngokungena ku-donate.pr418.com. Yonke iminikelo yaziswa kakhulu. INdikimba Ebusayo ifisa ukunibonga ngokusekela kwenu imisebenzi ephathelene noMbuso ngesandla esivulekile.

USIZO LOKUQALA Sicela nikhumbule ukuthi lo mnyango uhloselwele izimo eziphuthumayo kuphela.

OBEKULAHLEKILE KWABUYE KWATHOLAKALA Zonke izinto ezitholakele kufanele ziyiswe eMnyango Wobekulahlekile Kwabuye Kwatholakala. Uma ulahlekelwe okuthile, yiya kulo mnyango ufike ukhombe okungokwakho. Abantwana abadukelene nabazali kufanele bayiswe kulo mnyango. Nokho, ukuze kugwemeke ukukhathazeka okungadingekile kubo bonke abahilelekile, sicela ubagade abantwana bakho futhi ubagcine bekanye nawe.

IZIHLALO Sicela nicabangele abanye. Khumbulani, izihlalo zingase zigcinelwe kuphela amalungu omndeni nalabo ohamba nabo emotweni, ohlala nabo ekhaya noma obafundela iBhayibheli. Sicela ningabeki izinto ezihlalweni okungekho muntu enimgcinela zona.

AMAVOLONTIYA Uma ufisa ukusiza emsebenzini ohilelekile kulo mhlangano, sicela uye eMnyango Wokwaziswa NoWenkonzo Yezisebenzi Zokuzithandela.

Uhlelwe YiNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova

© 2024 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania