Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehova Mkhulu Kunezinhliziyo Zethu

UJehova Mkhulu Kunezinhliziyo Zethu

UJehova Mkhulu Kunezinhliziyo Zethu

UMHUBI wabhala: “UJehova uyathokoza ngabamesabayo.” Ngempela, uMdali uyakujabulela ukubuka ngayinye yezinceku zakhe ezingabantu njengoba ilwela ukubambelela ezindinganisweni zakhe zokulunga. UNkulunkulu uyababusisa, abakhuthaze futhi abaduduze abathembekile bakhe lapho bephelelwa ithemba. Uyazi ukuthi abakhulekeli bakhe abaphelele, ngakho akalindeli okungaphezu kwamandla abo.—IHubo 147:11.

Kungase kungabi nzima ngathi ukukholelwa ukuthi uJehova uzithanda kakhulu zonke izinceku zakhe. Nokho, abanye babonakala bekhathazeka ngokweqile ngokushiyeka kwabo kangangokuthi bayakholiseka ngokuthi uJehova akasoze abathanda. Bangase baphethe ngokuthi: “Ngishiyeka kakhulu ukuba ngingathandwa nguJehova.” Yiqiniso, sonke sike sibe nayo imizwa engemihle. Kodwa kubonakala sengathi abanye bahlale belwa nemizwa yokuzizwa bengento yalutho.

Ukudangala

Ngezikhathi zeBhayibheli abantu abaningana abathembekile baba nemizwa yokuzizwa belahliwe. UJobe wakuzonda ukuphila futhi waba nomuzwa wokuthi uNkulunkulu wayemlahlile. UHana, owaba unina kaSamuweli, wake wacindezeleka ngokujulile ngokungabi kwakhe nazingane futhi wakhala kamunyu. UDavide ‘wathotshiswa kakhulu,’ futhi u-Ephafrodithu wacindezeleka ngenxa yokuthi izindaba zokugula kwakhe zazenze abafowabo baba lusizi.—IHubo 38:6; 1 Samuweli 1:7, 10; Jobe 29:2, 4, 5; Filipi 2:25, 26.

Kuthiwani ngamaKristu namuhla? Mhlawumbe ukugula, ukukhula ngeminyaka noma ezinye izimo zomuntu siqu, zivimbela abanye ukuba benze abebengathanda ukukwenza enkonzweni engcwele. Lokhu kungabenza baphethe ngokuthi bayamdumaza uJehova nalabo abakholwa nabo. Noma abanye bangase bahlale bezibeka icala ngenxa yamaphutha abo esikhathi esidlule, bengabaza ukuthi uJehova ubathethelele. Mhlawumbe abanye abavela emkhayeni ongenaso isimo esihle bakholelwa ukuthi abakufanelekele ukuthandwa. Kungenzeka kanjani lokhu?

Abanye bakhulela emikhayeni engabuswa umoya wothando kodwa ebuswa umoya wobugovu, ukubhuqa nokwesaba. Bangase bagcine bengabanga nobaba obathanda ngokujulile, ofuna amathuba okubancoma nokubakhuthaza, ongawanaki amaphutha awubala futhi ozimisele ukuthethelela ngisho namaphutha amakhulu kakhulu, futhi owenza wonke umkhaya uzizwe ulondekile ngenxa yemfudumalo yakhe. Njengoba bengazange babe nobaba wasemhlabeni onothando, bangase bakuthole kunzima ukuqonda ukuthi kusho ukuthini ukuba noBaba wasezulwini onothando.

Ngokwesibonelo, uFritz uyabhala: “Isikhathi sasebuntwaneni nesasebusheni bami sathonywa kakhulu indlela kababa yokungabi naluthando. * Wayengakaze ancome, futhi ngangingakaze ngizizwe ngisondelene naye. Eqinisweni, esikhathini esiningi, ngangimesaba.” Ngenxa yalokho, uFritz, manje oseminyakeni yawo-50 usenemizwa yokungabi nto yalutho. Futhi uMargarette uyachaza: “Abazali bami babengabonisi mzwelo futhi bengenaluthando. Lapho ngiqala ukutadisha iBhayibheli, ngakuthola kunzima ukucabanga ukuthi unjani ubaba onothando.”

Imizwa enjalo, kungakhathaliseki ukuthi ibangelwa yini, ingasho ukuthi ukukhonza kwethu uNkulunkulu ngezinye izikhathi akushukunyiswa uthando ngokuyinhloko, kodwa umuzwa wecala noma ukwesaba. Okungcono kakhulu esingakwenza kuhlale kubonakala kunganele. Isifiso sokujabulisa uJehova nesikholwa nabo singase sisenze sibe nomuzwa wokuthi asifinyeleli kulokho okudingekayo. Ngenxa yalokho, singase singakwazi ukufinyelela imigomo yethu, sizibeke icala futhi sizizwe sidangele.

Yini engenziwa? Mhlawumbe kudingeka sizikhumbuze indlela uJehova anozwela ngayo. Umuntu owayesiqonda lesi sici sothando sobuntu bukaNkulunkulu kwakungumphostoli uJohane.

“UNkulunkulu Mkhulu Kunezinhliziyo Zethu”

Ekupheleni kwekhulu lokuqala C.E., uJohane wabhalela ayekholwa nabo: “Ngalokhu siyokwazi ukuthi sisuka eqinisweni, futhi siyoqinisekisa izinhliziyo zethu phambi kwakhe ngokuqondene nanoma yini inhliziyo yethu engase isilahle kuyo, ngoba uNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu futhi wazi zonke izinto.” Kungani uJohane abhala la mazwi?—1 Johane 3:19, 20.

UJohane wayazi kahle ukuthi kungenzeka ngenceku kaJehova ukuba izizwe ilahlwa inhliziyo yayo. Mhlawumbe yena ngokwakhe uJohane waba nayo imizwa enjalo. Njengensizwa ethukuthela ngokushesha, uJohane wake wakhuzwa uJesu Kristu ngokuba lukhuni lapho esebenzelana nabanye. Eqinisweni, uJesu wetha uJohane nomfowabo uJakobe “isibongo esithi Bowanergesi, okusho ukuthi amaDodana Okuduma.”—Marku 3:17; Luka 9:49-56.

Phakathi neminyaka engu-60 eyalandela, uJohane wazotha futhi waba umKristu olinganiselayo, onothando nonesihe. Lapho ebhala incwadi yakhe yokuqala ephefumulelwe, esengumphostoli wokugcina owayesaphila, wayazi ukuthi uJehova akayibaleli inceku yakhe ngayinye iphutha ngalinye elingasho lutho. Kunalokho, unguBaba onothando, onozwela, ophana ngokungagodli nonesihawu, obathanda ngokujulile bonke abamthandayo nabamkhonza ngeqiniso. UJohane wabhala: “UNkulunkulu uluthando.”—1 Johane 4:8.

UJehova Uyayijabulela Inkonzo Yethu

UNkulunkulu uyabazi ubuthakathaka nokushiyeka esizalwa nako, futhi uyakucabangela. UDavide wabhala: “Uyakwazi ukubunjwa kwethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli.” UJehova uyaliqaphela ithonya isizinda sethu esinalo ekusenzeni lokho esiyiko. Eqinisweni, usazi kangcono kakhulu kunokuba sizazi thina.—IHubo 103:14.

Uyazi ukuthi abaningi bethu bangathanda ukuba abahlukile, kodwa asikwazi ukunqoba ukungapheleli kwethu. Isimo sethu singafaniswa nesomphostoli uPawulu, owabhala: “Okuhle engikuthandayo angikwenzi‚ kodwa okubi engingakuthandiyo lokho ngiyakwenza.” Sonke sisemzabalazweni ofanayo. Kwezinye izimo lokhu kungase kuphumele ekubeni nenhliziyo esilahlayo.—Roma 7:19.

Kukhumbule njalo lokhu: Indlela uJehova asibheka ngayo ibaluleke ukwedlula indlela esizibheka ngayo thina. Njalo lapho esibona sizama ukumjabulisa, akasabeli ngokwaneliseka nje okusesilinganisweni kodwa usabela ngenjabulo. (IzAga 27:11) Nakuba lokhu esikufinyelelayo kungase kubonakale kukuncane emehlweni ethu, kuyamjabulisa ukuzimisela kwethu nesisusa sethu esihle. Ubheka ngalé kwalokho esikufezayo; uyakuqonda esifuna ukukwenza; uyaziqaphela izifiso zethu. UJehova angafunda izinhliziyo zethu.—Jeremiya 12:3; 17:10.

Ngokwesibonelo, oFakazi BakaJehova abaningi banamahloni futhi ababona abantu abakhulumayo ngokwemvelo futhi abathandi ukudonsela ukunakekela kubona. Kwabanjalo, ukushumayela izindaba ezinhle endlini ngendlu kungaba inselele edangalisayo. Nokho, beshukunyiswa isifiso sokukhonza uNkulunkulu nokusiza omakhelwane babo, ngisho nalabo abanamahloni bafunda ukuya komakhelwane babo futhi bakhulume nabo ngeBhayibheli. Bangase babe nomuzwa wokuthi kuncane abakufezayo, futhi lokhu kungase kubancishe injabulo. Izinhliziyo zabo zingase zisikisele ukuthi inkonzo yabo yasobala ayifezi lutho. Kodwa uJehova uyawujabulela ngempela umzamo omkhulu abawenzayo enkonzweni yabo. Ngaphezu kwalokho, abakwazi ukuqiniseka ukuthi imbewu yeqiniso abayitshalile iyoqhuma, ikhule futhi ithele izithelo nini noma kuphi.—UmShumayeli 11:6; Marku 12:41-44; 2 Korinte 8:12.

Abanye oFakazi bakhathazwa ukugula okuqhubekayo noma ukukhula ngeminyaka. Kubo, ukuya emihlanganweni njalo eHholo LoMbuso kungase kubabangele ubuhlungu nokukhathazeka. Ukulalela inkulumo ekhuluma ngomsebenzi wokushumayela kungase kubakhumbuze ngalokho ababevame ukukwenza nabasafuna ukukwenza, nakuba ukugula kubavimbela. Abanjalo bangase bahlushwe umuzwa wecala ngenxa yokuthi abakwazi ukulandela iseluleko ngendlela abangathanda ukusilandela ngayo. Nokho, uJehova ngokuqinisekile uyakwazisa ukuthembeka kwabo nokukhuthazela. Uma nje beqhubeka bethembekile, akalokothi awukhohlwe umlando wabo wokwethembeka.—IHubo 18:25; 37:28.

‘Masiqinisekise Izinhliziyo Zethu’

Lapho uJohane esegugile, kumelwe ukuba wayeseqonde okuningi ngozwela lukaNkulunkulu. Khumbula ukuthi wabhala: “UNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu futhi wazi zonke izinto.” Ngaphezu kwalokho, uJohane wasikhuthaza ukuba ‘siqinisekise izinhliziyo zethu.’ Wayesho ukuthini uJohane ngalawo mazwi?

Ngokwe-Vine’s Expository Dictionary of Old and New Testament Words, isenzo sesiGreki esihunyushwe ngokuthi “qinisekisa” sisho “ukusebenzisa ukukholisa, ukuzuza [othile], ukukholisa.” Ngamanye amazwi, ukuze siqinisekise izinhliziyo zethu, kudingeka sizuze izinhliziyo zethu, sizikholise ukuthi uJehova uyasithanda. Kanjani?

UFritz, okukhulunywe ngaye ngaphambili kulesi sihloko, uye wakhonza njengomdala kwelinye lamabandla oFakazi BakaJehova iminyaka engaphezu kwengu-25 futhi uye wathola ukuthi isifundo somuntu siqu singaqinisekisa kabusha inhliziyo yakhe ngothando lukaJehova. “Ngilifunda njalo nangokucophelela iBhayibheli nezincwadi zethu. Lokhu kungisiza ukuba ngingagxili esikhathini esidlule kodwa ngihlale nginombono ocacile wekusasa elimangalisayo. Ngezinye izikhathi, imicabango yangesikhathi esidlule iyafika bese ngiba nomuzwa wokuthi uNkulunkulu akasoze angithanda. Kodwa, ngokuvamile ngithola ukuthi ukufunda njalo kuqinisa inhliziyo yami, kwandise ukholo lwami futhi kungisize ngiqhubeke ngijabulile futhi nginokulinganisela.”

Yiqiniso, ukufunda iBhayibheli nokuzindla kungase kungasishintshi isimo sangempela. Kodwa kungashintsha indlela esisibheka ngayo isimo esikuso. Ukungenisa lokho okuseZwini likaNkulunkulu ezinhliziyweni zethu kusisiza ukuba sicabange ngendlela acabanga ngayo. Ngaphezu kwalokho, ukutadisha kusenza sikhule ekuqondeni uzwela lukaNkulunkulu. Singaya ngokuya samukela ukuthi uJehova akasibeki cala ngesimo esakhulela ngaphansi kwaso, futhi akasisoli ngokugula kwethu. Uyazi ukuthi imithwalo iningi lethu eliyithwele—kungaba engokomzwelo noma engokomzimba—ngokuvamile asizibangelanga yona, futhi ukucabangela ngothando lokho.

Kuthiwani ngoMargarette, okukhulunywe ngaye ekuqaleni? Lapho eqala ukwazi uJehova, ukutadisha iBhayibheli kwamzuzisa kakhulu naye. NjengoFritz, naye kwadingeka abuyekeze umbono wakhe ngobaba. Umthandazo wasiza uMargarette ukuba ahlanganise ndawonye lokho ayekufunde ngokutadisha. UMargarette uthi: “Ngaqale ngabheka uJehova njengomngane oseduze, njengoba ngangijwayelene kakhulu nabangane abanothando kunobaba onothando. Kancane, kancane, ngafunda ukuthululela uJehova imizwa yami, ukungabaza, ukukhathazeka nezinkathazo zami. Ngakhuluma naye ngokuphindaphindiwe ngomthandazo, ngesikhathi esifanayo ngihlanganisa ndawonye zonke izinto ezintsha engangizifunda ngaye, njengamatshe amancane amibalabala. Ngemva kwesikhathi, imizwa yami ngoJehova yathuthuka kangangokuba manje angisabi nankinga ngokuphathelene nokuba kwakhe uBaba onothando.”

Ukukhululeka Kukho Konke Ukukhathazeka

Uma nje lesi simiso esibi esidala sisekhona, akekho ongethemba ukuthi ngeke abe nazo izinkathazo. Kwamanye amaKristu lokhu kusho ukuthi imizwa yokukhathazeka noma yokungazethembi ingase ilokhu ibuya futhi ibangela ukucindezeleka. Kodwa singaqiniseka ukuthi uJehova uyasazi isisusa sethu nendlela esizikhandla ngayo enkonzweni yakhe. Akasoze alukhohlwa uthando esilubonisa egameni lakhe.—Heberu 6:10.

Ezweni elisha elizayo ngaphansi koMbuso kaMesiya, bonke abantu abathembekile bangalindela ukukhululeka emithwalweni yalesi simiso sikaSathane. Yeka ukuthi lokho kuyoletha ukukhululeka okungakanani! Ngaleso sikhathi siyobona nobufakazi obengeziwe bendlela uJehova anozwela ngayo. Kuze kube yileso sikhathi, sonke masiqiniseke ngokuthi “uNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu futhi wazi zonke izinto.”—1 Johane 3:20.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 8 Amagama ashintshiwe.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 30]

UJehova akayena umashiqela olukhuni kodwa unguBaba onothando, onozwela nesihawu.

[Isithombe ekhasini 31]

Ukutadisha iZwi likaNkulunkulu kusisiza ukuba sicabange njengaye