Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungakutholaphi Ukuthula Kwangaphakathi?

Ungakutholaphi Ukuthula Kwangaphakathi?

Ungakutholaphi Ukuthula Kwangaphakathi?

Kunezinto eziningi ezenza isikhathi sethu sihluke kuleso ayephila ngaso uThoreau, okukhulunywe ngaye esihlokweni esandulele. Umehluko omkhulu uwukuthi namuhla kunentilibathwa yezeluleko zendlela yokuthola ukuthula kwengqondo. Izazi zokusebenza kwengqondo nabalobi bezincwadi zokuzisiza—ngisho nabahleli bezingosi zamaphephandaba—banikeza eyabo imibono. Iseluleko sabo singase sisize okwesikhashana; kodwa kudingeka okuthile okunohlonze ukuze kutholakale amakhambi ahlala njalo. Yilokho abantu okukhulunywe ngabo esihlokweni esandulele abaye bakuthola.

U-ANTÔNIO, uMarcos, uGerson, uVania noMarcelo banezizinda kanye nezinkinga ezingefani. Kodwa babenezinto okungenani ezintathu ezifanayo. Okokuqala, kwakunesikhathi lapho ‘babengenathemba bengenaye uNkulunkulu ezweni.’ (Efesu 2:12) Okwesibili, babelangazelela ukuba nokuthula kwengqondo. Futhi okwesithathu, bonke bakuthola ukuthula kwangaphakathi ababekufuna ngemva kokuvuma ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Lapho bethuthuka, baqaphela ukuthi uNkulunkulu unesithakazelo kubo. Ngempela, uNkulunkulu ‘akakude kulowo nalowo kithi’ njengoba uPawulu atshela abantu base-Athene bosuku lwakhe. (IzEnzo 17:27) Ukuqiniseka ngobuqotho ngalokhu kuyisici esiyinhloko esidingekayo ukuze uthole ukuthula kwangaphakathi.

Kungani Kungekho Kangaka Ukuthula?

IBhayibheli linikeza izizathu ezimbili zokungabi bikho kokuthula emhlabeni—kungaba okwangaphakathi noma ukuthula nabanye abantu. Esokuqala sichazwe kuJeremiya 10:23 othi: “Indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” Umuntu akanakho ukuhlakanipha noma ikhono lokubona izinto kusengaphambili ukuze akwazi ukuzibusa ngaphandle kosizo, futhi ukuphela kosizo oluzuzisa ngempela luvela kuNkulunkulu. Abantu abangasifuni isiqondiso sikaNkulunkulu ngeke nanini bathole ukuthula okuhlala njalo. Isizathu sesibili sokuntuleka kokuthula sibonakala emazwini omphostoli uJohane athi: “Lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) Ngaphandle kwesiqondiso saphezulu, imizamo yomuntu yokuzuza ukuthula iyohlale ibhuntshiswa imisebenzi yesidalwa esingabonakali kodwa esikhona ngokoqobo—futhi esinamandla kakhulu—“omubi,” uSathane.

Ngenxa yalezi zizathu ezimbili—ukuthi abantu abaningi abafuni isiqondiso kuNkulunkulu nokuthi uSathane umatasa ezweni—uhlanga lwesintu lulonke lusesimweni esidabukisayo. Umphostoli uPawulu wasichaza kahle ngokuthi: “Yonke indalo iyaqhubeka ibubula kanyekanye futhi iba sezinhlungwini kanyekanye kuze kube manje.” (Roma 8:22) Ubani ongaphikisana nalowo mbono? Ezizweni ezicebile nakwezimpofu, izinkinga zemikhaya, ubugebengu, ukungabi nabulungisa, ukungafani kobuntu, ukungaqiniseki ngokwezomnotho, inzondo yezizwana neyohlanga, ingcindezelo, ukugula nokunye okuningi kwephuca abantu ukuthula kwabo kwengqondo.

Lapho Kungatholakala Khona Ukuthula Kwangaphakathi

Lapho u-Antônio, uMarcos, uGerson, uVania noMarcelo betadisha iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, bafunda izinto ezashintsha ukuphila kwabo. Okokuqala, bafunda ukuthi isimo sezwe siyoshintsha ngolunye usuku. Leli akulona nje ithemba elingacacile lokuthi konke kuzolunga ekugcineni. Yithemba langempela elinesisekelo sokuthi uNkulunkulu unenjongo ngesintu nokuthi ngisho namanje singazuza kuleyo njongo uma senza intando yakhe. Lokho abaye bakufunda eBhayibhelini bakusebenzisa ekuphileni kwabo, futhi izinto zaba ngcono. Bathola injabulo nokuthula okwengeziwe kunalokho ababecabanga ukuthi bangaba nako.

U-Antônio akasahilelekile emibhikishweni nasemizabalazweni yezisebenzi. Uyazi ukuthi ushintsho oluvela ngaleyo ndlela lulinganiselwe futhi lungolwesikhashana. Le ndoda eyayingumholi wezisebenzi iye yafunda ngoMbuso kaNkulunkulu. Lowo uMbuso izigidi eziwuthandazelayo lapho ziphinda uMthandazo WeNkosi (noma uBaba Wethu) zithi kuNkulunkulu: “Umbuso wakho mawuze.” (Mathewu 6:10a, New International Version) U-Antônio wathola ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni ongokoqobo wasezulwini oyoletha ukuthula kwangempela esintwini.

UMarcos wafunda ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli esiphathelene nomshado. Ngenxa yalokho, lona owayeyisazi sezombangazwe usehlala nomkakhe ngenjabulo. Naye ubheke phambili esikhathini esiseduze esizayo lapho uMbuso kaNkulunkulu uyofaka isimiso esingcono esikhundleni salesi simiso sezwe esihahayo nesinobugovu. Usewuqonda kangcono kakhulu umusho woMthandazo WeNkosi othi: “Intando yakho mayenziwe emhlabeni njengasezulwini.” (Mathewu 6:10b, NIV) Lapho intando kaNkulunkulu yenziwa emhlabeni, abantu bayojabulela uhlobo lokuphila olungakaze lube khona.

Kuthiwani ngoGerson? Akaseyena umuntu ozulayo noyisigebengu. Ukuphila kwalowo owayeyingane yasemgwaqweni sekunenjongo ngoba usebenzisa amandla akhe ukuze asize abanye ukuba bathole ukuthula kwangaphakathi. Kunjengoba nje lezi zehlakalo zibonisa, ukutadisha iBhayibheli nokusebenzisa lokho elikushoyo kungakushintsha kube ngcono kakhulu ukuphila komuntu.

Ukuthula Kwangaphakathi Ezweni Eligcwele Usizi

Umuntu ongokomlando oyinhloko ekufezekeni kwentando kaNkulunkulu uJesu Kristu, futhi lapho abantu betadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, bafunda okuningi ngaye. Ngobusuku azalwa ngabo, izingelosi zahlabelela izindumiso zikaNkulunkulu, zathi: “Inkazimulo kuNkulunkulu ezindaweni eziphakeme eziphezulu, naphezu komhlaba ukuthula phakathi kwabantu abathakazelelwayo.” (Luka 2:14) Lapho uJesu ekhula, wayekhathazeka ngokuthuthukisa ukuphila kwabantu. Wayeyiqonda imizwa yabo futhi ebonisa abahluphekayo nabagulayo isihe esingavamile. Futhi, ngokuvumelana namazwi ezingelosi, waletha isilinganiso esithile sokuthula kwangaphakathi kwabathobekileyo. Ekupheleni kwenkonzo yakhe, wathi kubaphostoli bakhe: “Nginishiyela ukuthula, ngininika ukuthula kwami. Angininiki kona ngendlela izwe elikunikeza ngayo. Ningavumeli izinhliziyo zenu zikhathazeke noma nizivumele ukuba zishwabane ngokwesaba.”—Johane 14:27.

UJesu wayengaphezu nje kokuba umuntu onakekela abanye. Wazifanisa nomalusi, futhi wafanisa abalandeli bakhe abathobekileyo nezimvu lapho ethi: “Mina ngizele ukuba zibe nokuphila futhi zibe nakho ngokuchichimayo. Mina ngingumalusi omuhle; umalusi omuhle unikela umphefumulo wakhe ngenxa yezimvu.” (Johane 10:10, 11) Yebo, ngokuphambene nabaholi abaningi namuhla abazikhathalela bona ngokuyinhloko, uJesu wanikela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu zakhe.

Singazuza kanjani kulokho uJesu akwenza? Abaningi bajwayelene namazwi athi: “UNkulunkulu walithanda izwe kakhulu kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhujiswa kodwa abe nokuphila okumi phakade.” (Johane 3:16) Ukuba nokholo kuJesu, okokuqala kudinga ulwazi ngaye nangoYise, uJehova. Ulwazi ngoNkulunkulu nangoJesu Kristu lungasiholela ekubeni nobuhlobo obuseduze noJehova uNkulunkulu, okuyosisiza sizuze ukuthula kwengqondo.

UJesu wathi: “Izimvu zami ziyalilalela izwi lami, futhi nami ngiyazazi, futhi ziyangilandela. Futhi ngizinika ukuphila okumi phakade, futhi azisoze zabhujiswa nanini, futhi akekho umuntu oyozihlwitha esandleni sami.” (Johane 10:27, 28) Yeka amazwi othando naduduzayo! Yiqiniso, uJesu wawasho cishe eminyakeni eyizinkulungwane ezimbili ezidlule, kodwa asenamandla njengoba ayenjalo emuva ngaleso sikhathi. Ungalokothi ukhohlwe ukuthi uJesu Kristu usaphila futhi manje ubusa njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu wasezulwini esesihlalweni sobukhosi. Usabakhathalela abathobekileyo abalangazelela ukuthula kwengqondo njengoba ayenjalo lapho ayehamba emhlabeni kuleyo minyaka eminingi edlule. Ngaphezu kwalokho, usewuMalusi wezimvu zakhe. Uma simlandela, uyosisiza ukuba sizuze ukuthula kwangaphakathi, okuhlanganisa ukulindela ngokuqiniseka ukubona ukuthula okuphelele ngesikhathi esizayo—okuyosho ukungabi bikho kobudlova, impi nobugebengu.

Izinzuzo zangempela zivela ekwazini nasekukholelweni ukuthi uJehova uyosisiza ngoJesu. Uyamkhumbula uVania, owasala nomthwalo osindayo eseyintombazanyana futhi ecabanga ukuthi uNkulunkulu umkhohliwe? Manje uVania uyazi ukuthi uNkulunkulu akamlahlile. Uthi: “Ngafunda ukuthi uNkulunkulu ungumuntu ongokoqobo onezimfanelo ezithandekayo. Uthando lwakhe lwamshukumisela ukuba athumele iNdodana yakhe emhlabeni izosinika ukuphila. Kubalulekile ukukwazi lokhu.”

UMarcelo uyakufakazela ukuthi ubuhlobo bakhe noNkulunkulu bungokoqobo. Le nsizwa eyayithanda amaphathi ithi: “Intsha ngokuvamile ayazi ukuthi yenzeni, futhi igcina izilimaze yona. Enye ihileleka ekusebenziseni kabi izidakamizwa, njengoba ngénza. Ngethemba ukuthi abaningi abengeziwe bayobusiswa, njengami, ngokufunda iqiniso ngoNkulunkulu nangeNdodana yakhe.”

Ngokutadisha ngokucophelela iBhayibheli, uVania noMarcelo baba nokholo oluqinile kuNkulunkulu futhi baqiniseka ukuthi uzimisele ukubasiza ukuba basingathe izinkinga zabo. Uma senza lokho abakwenza—sitadisha iBhayibheli futhi sisebenzise lokho elikushoyo—sizothola ukuthula okukhulu kwangaphakathi njengabo. Khona-ke, isikhuthazo somphostoli uPawulu siyosebenza ngempela kithi: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe uNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; futhi ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyoqapha izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.”—Filipi 4:6, 7.

Ukuthola Ukuthula Kwangempela Namuhla

Labo abalambele iqiniso, uJesu Kristu ubaqondisa endleleni eholela ekuphileni okumi phakade epharadesi lasemhlabeni. Njengoba ebaqondisa ekukhulekeleni okumsulwa kukaNkulunkulu, baba nokuthula okufana nalokho okuchazwe eBhayibhelini: “Abantu bami bayakuhlala ematendeni okuthula, nasezindlini ezilondekayo, nasezindaweni zokuphumula ezinokuthula.” (Isaya 32:18) Futhi lokho kumane nje kuwukukunambitha kusengaphambili ukuthula abayokujabulela esikhathini esizayo. Siyafunda: “Abathobekileyo bazakulidla ifa lomhlaba, bathokoze ngokuthula okukhulu. Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.”—IHubo 37:11, 29.

Ngakho, ingabe singaba nakho ukuthula kwangaphakathi namuhla? Yebo. Ngaphezu kwalokho, singaqiniseka ukuthi esikhathini esizayo esiseduze, uNkulunkulu uyobusisa isintu esilalelayo ngokuthula okungakaze kube khona. Khona-ke, kungani ungamceli ngomthandazo ukuba akunike ukuthula kwakhe? Uma unezinkinga ezikuphuca ukuthula, thandaza ngendlela iNkosi uDavide eyathandaza ngayo, uthi: “Izinsizi zenhliziyo yami zikhulile; ngikhiphe ezinhluphekweni zami. Bheka ukuhlupheka kwami nosizi lwami, ungithethelele zonke izono zami.” (IHubo 25:17, 18) Qiniseka ukuthi uNkulunkulu uyayilalela imithandazo enjalo. Welula isandla sakhe abanike ukuthula bonke abakufuna ngobuqotho benhliziyo. Siqinisekiswa ngothando: “UJehova useduze nabo bonke abambizayo, bonke abambizayo ngeqiniso. Uyasuthisa ukufisa kwabamesabayo; uyezwa ukukhala kwabo, abasindise.”—IHubo 145:18, 19.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]

Umuntu akanakho ukuhlakanipha noma ikhono lokubona izinto kusengaphambili ukuze akwazi ukuzibusa ngaphandle kosizo, futhi ukuphela kosizo oluzuzisa ngempela luvela kuNkulunkulu

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]

Ulwazi ngoNkulunkulu nangoJesu Kristu lungasiholela ekubeni nobuhlobo obuseduze noJehova uNkulunkulu, okuyosisiza sizuze ukuthula kwengqondo

[Isithombe ekhasini 7]

Ukulandela iseluleko seBhayibheli kuyasiza ekwenzeni ukuphila komkhaya kube nokuthula