Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMbuso KaNkulunkulu—Ukubusa Okusha Emhlabeni

UMbuso KaNkulunkulu—Ukubusa Okusha Emhlabeni

UMbuso KaNkulunkulu—Ukubusa Okusha Emhlabeni

“Umbuso . . . uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.”—DANIYELI 2:44.

1. Yikuphi ukuqiniseka esingaba nakho ngeBhayibheli?

IBHAYIBHELI liyisambulo sikaNkulunkulu kubantu. Umphostoli uPawulu wabhala: “Ngesikhathi namukela izwi likaNkulunkulu, enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu, kodwa njengezwi likaNkulunkulu, njengoba nje liyilo ngempela.” (1 Thesalonika 2:13) IBhayibheli liqukethe esidinga ukukwazi ngoNkulunkulu: ukwaziswa okuphathelene nobuntu bakhe, izinjongo zakhe nalokho akufuna kithi. Lineseluleko esingcono kakhulu mayelana nokuphila komkhaya nokuziphatha kwansuku zonke. Linikeza imininingwane yeziprofetho ezagcwaliseka esikhathini esidlule, ezigcwaliseka manje nezizogcwaliseka esikhathini esizayo. Yebo, “yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu afaneleke ngokugcwele, ayihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.”—2 Thimothewu 3:16, 17.

2. UJesu wasigcizelela kanjani isihloko seBhayibheli?

2 Okubaluleke ngokuyinhloko eBhayibhelini yisihloko salo: ukulwelwa kobukhosi bukaNkulunkulu (ilungelo lakhe lokubusa) ngoMbuso wakhe wasezulwini. UJesu wakwenza kwaba iphuzu eliyinhloko lenkonzo yakhe. “UJesu waqalisa ukushumayela ethi: ‘Phendukani, ngoba umbuso wamazulu ususondele.’” (Mathewu 4:17) Wabonisa ukuthi kufanele kube nayiphi indawo ekuphileni kwethu, enxusa: “Khona-ke, qhubekani nifuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe.” (Mathewu 6:33) Wabonisa nendlela okubaluleke ngayo lokhu ngokufundisa abalandeli bakhe ukuba bathandaze kuNkulunkulu bathi: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.”—Mathewu 6:10.

Umbuso Omusha Womhlaba

3. Kungani uMbuso kaNkulunkulu ubaluleke kakhulu manje kithina?

3 Kungani uMbuso kaNkulunkulu ubaluleke kakhulu kangaka kubantu? Yingoba ngokushesha uzothatha isinyathelo esiyokushintsha phakade ukubuswa kwalo mhlaba. Isiprofetho esikuDaniyeli 2:44 sithi: “Ezinsukwini zalawo makhosi [abusa emhlabeni manje] uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso [uhulumeni ezulwini] ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke le mibuso [ohulumeni basemhlabeni], wona uqobo ume phakade.” Lapho uMbuso kaNkulunkulu usubusa ngokuphelele, abantu ngeke baphinde bawulawule umhlaba. Ukubusa kwabantu okudala uqhekeko futhi okungagculisi kuyophela phakade.

4, 5. (a) Kungani kunguJesu okufanelekela kangcono kakhulu ukuba yiNkosi yoMbuso? (b) Yisiphi isabelo uJesu azoba naso maduze nje?

4 UMbusi Oyinhloko eMbusweni wasezulwini, oqondiswa nguJehova ngokuqondile, nguye ofaneleka kangcono kakhulu—uKristu Jesu. Ngaphambi kokuba eze emhlabeni, wayephila ezulwini ‘njengengcweti yomsebenzi’ kaNkulunkulu, eyizibulo layo yonke indalo kaNkulunkulu. (IzAga 8:22-31) “Ingumfanekiso kaNkulunkulu ongabonakali, izibulo layo yonke indalo; ngoba kwadalwa ngayo zonke ezinye izinto emazulwini nasemhlabeni.” (Kolose 1:15, 16) Futhi lapho uJesu ethunyelwa nguNkulunkulu emhlabeni, wenza intando kaNkulunkulu ngaso sonke isikhathi. Wakhuthazelela ukuvivinywa okunzima kakhulu futhi wafa ethembekile kuYise.—Johane 4:34; 15:10.

5 UJesu wavuzwa ngenxa yokwethembeka kwakhe kuNkulunkulu kuze kube sekufeni. UNkulunkulu wamvusela ezulwini, wamnika ilungelo lokuba yiNkosi yoMbuso wasezulwini. (IzEnzo 2:32-36) NjengeNkosi yoMbuso, uKristu Jesu uyothola isabelo esimangalisayo kuNkulunkulu sokuhola izinkulungwane zezidalwa zomoya ezinamandla ekususeni ukubusa kwabantu emhlabeni nasekususeni bonke ububi embulungeni yethu. (IzAga 2:21, 22; 2 Thesalonika 1:6-9; IsAmbulo 19:11-21; 20:1-3) UMbuso kaNkulunkulu wasezulwini ophethwe nguKristu uyobe usuba yigunya elisha elibusayo, ukuphela kukahulumeni phezu komhlaba wonke.—IsAmbulo 11:15.

6. Luhlobo luni lokubusa esingalulindela eNkosini yoMbuso?

6 IZwi likaNkulunkulu lithi ngoMbusi omusha womhlaba: ‘Wanikwa ukubusa, nobukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, nezizwe, nezilimi bamkhonze.’ (Daniyeli 7:14) Ngenxa yokuthi uJesu uyolingisa uthando lukaNkulunkulu, kuyoba kukhulu ukuthula nenjabulo ngaphansi kokubusa kwakhe. (Mathewu 5:5; Johane 3:16; 1 Johane 4:7-10) “Ukwanda kukahulumeni wakhe nokokuthula ngeke kube nakuphela, . . . usekelwe ngobulungisa nangokulunga.” (Isaya 9:7, Revised Standard Version) Yeka isibusiso okuyoba yiso ukuba noMbusi obusa ngothando, ubulungisa nokulunga! Ngakho, eyesi-2 Petru 3:13 iyabikezela: “Kukhona amazulu amasha [uMbuso kaNkulunkulu wasezulwini] nomhlaba omusha [umphakathi omusha wasemhlabeni] esikulindele ngokwesithembiso sakhe, futhi kukho kuyohlala ukulunga.”

7. UMathewu 24:14 ugcwaliseka kanjani namuhla?

7 Ngokuqinisekile, uMbuso kaNkulunkulu uyizindaba ezinhle kakhulu kubo bonke abathanda okulungile. Yingakho uJesu abikezela okulandelayo njengengxenye yesibonakaliso sokuthi manje siphila “ezinsukwini zokugcina” zalesi simiso esibi: “Lezizindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiweyo ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (2 Thimothewu 3:1-5; Mathewu 24:14) Leso siprofetho siyagcwaliseka manje, njengoba oFakazi BakaJehova abangaba yizigidi eziyisithupha emazweni angu-234 besebenza amahora angaphezu kwezigidi eziyinkulungwane ngonyaka betshela abanye ngoMbuso kaNkulunkulu. Ngokufanelekile, ngayinye yezindawo zabo zokukhulekela zamabandla angaba ngu-90 000 emhlabeni wonke ibizwa ngokuthi yiHholo LoMbuso. Lapho, kufika abantu bezofunda ngohulumeni omusha ozayo.

Ababusi Abakanye Naye

8, 9. (a) Bavelaphi ababusi abakanye noKristu? (b) Singakwethemba kangakanani ukubusa kweNkosi nababusi abakanye nayo?

8 Kukhona abayobusa kanye noKristu Jesu eMbusweni kaNkulunkulu wasezulwini. IsAmbulo 14:1-4 sabikezela ukuthi abantu abangu-144 000 ‘babeyothengwa phakathi kwesintu’ bavuselwe ekuphileni kwasezulwini. Kulaba kukhona abesilisa nabesifazane abaye bakhonza ngokuthobeka uNkulunkulu nabantu abakanye nabo, kunokuba kukhonzwe bona. “Bayoba abapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, futhi bayobusa njengamakhosi kanye naye leyominyaka eyinkulungwane.” (IsAmbulo 20:6) Inani labo lincane kakhulu ‘kunelesixuku esikhulu, okungekho muntu owakwazi ukusibala, esiphuma kuzo zonke izizwe nabantu nezilimi,’ esiyosinda ekupheleni kwalesi simiso. Naso sinikela kuNkulunkulu ‘inkonzo engcwele imini nobusuku,’ kodwa asinalo ubizo lwasezulwini. (IsAmbulo 7:9, 15) Singumgogodla womhlaba omusha njengezikhonzi zoMbuso kaNkulunkulu wasezulwini.—IHubo 37:29; Johane 10:16.

9 Lapho ekhetha labo ababeyobusa noKristu ezulwini, uJehova wakhetha abantu abathembekile abake bakuzwa ukuphila nazo zonke izinkinga zako. Cishe akukho lutho abantu abaye babhekana nakho laba bapristi abangamakhosi abangakaze babhekane nakho. Ngakho ukuphila kwabo kwasemhlabeni kuyothuthukisa ikhono labo lokubusa abantu. Ngisho noJesu uqobo “wafunda ukulalela ezintweni ahlupheka ngazo.” (Heberu 5:8) Umphostoli uPawulu wathi ngaye: “Lowo esinaye njengompristi ophakeme, akuyena ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kodwa ngovivinyiwe ezicini zonke njengathi, kodwa ongenasono.” (Heberu 4:15) Yeka indlela okududuza ngayo ukwazi ukuthi ezweni elisha likaNkulunkulu lokulunga, abantu bayobuswa amakhosi nabapristi abanothando nozwela!

Ingabe UMbuso Wawuyinjongo KaNkulunkulu?

10. Kungani uMbuso wasezulwini wawungeyona ingxenye yenjongo kaNkulunkulu yokuqala?

10 Ingabe uMbuso wasezulwini wawuyingxenye yenjongo kaNkulunkulu yokuqala lapho edala u-Adamu no-Eva? Ekulandiseni kukaGenesise ngendalo, akushiwo lutho ngombuso owawuyobusa isintu. UJehova ngokwakhe wayenguMbusi wabo, futhi uma nje babesamlalela, kwakungekho sidingo sokunye ukubusa. UGenesise isahluko 1 ubonisa ukuthi uJehova wayesebenzelana no-Adamu no-Eva, cishe ngeNdodana yakhe yasezulwini eyizibulo. Ukulandisa kusebenzisa inkulumo enjengokuthi, “uNkulunkulu wathi kubo.”—Genesise 1:28, 29; Johane 1:1.

11. Yisiphi isiqalo esiphelele isintu esaba naso?

11 IBhayibheli lithi: “UNkulunkulu wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu.” (Genesise 1:31) Yonke into ensimini yase-Edene yayiphelele. U-Adamu no-Eva babehlala epharadesi. Babenezingqondo eziphelele nemizimba ephelele. Babekwazi ukukhulumisana noMenzi wabo. Futhi ngokuhlala bethembekile, babeyoba nezingane eziphelele. Sasingeke sibe khona isidingo sikahulumeni omusha wasezulwini.

12, 13. Lapho abantu abaphelele banda, kungani uNkulunkulu ayesayokwazi ukukhulumisana nabo?

12 Njengoba umkhaya wesintu wanda, uNkulunkulu wayezokhulumisana kanjani nawo wonke? Cabanga ngezinkanyezi zezulu. Zingamaqoqo ayimikhathi eyiziqhingi abizwa ngokuthi imithala. Eminye imithala inezinkanyezi eziyizigidi eziyinkulungwane. Eminye inezingaba yizigidi eziyisigidi. Futhi ososayensi balinganisela ukuthi kunemithala engaba yizigidi eziyizinkulungwane eziyikhulu emkhathini obonakalayo! Nokho, uMdali uthi: “Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odalile lezo zinto na? Nguye okhipha ibandla lazo ngezibalo, abize zonke ngamagama; ngobuningi bamandla akhe nangobukhulu bezikhwepha zakhe ayisilali neyodwa.”—Isaya 40:26.

13 Njengoba uNkulunkulu ekwazi ukubona okwenzeka kuzo zonke lezi zinto zasemkhathini, ngokuqinisekile kwakungeke kube yinkinga kuye ukubona okwenzeka kubantu abambalwa kakhulu kunazo. Ngisho namanje, izigidi zezinceku zakhe zithandaza kuye nsuku zonke. Leyo mithandazo ifika ngaso leso sikhathi kuNkulunkulu. Ngakho ukukhulumisana nabo bonke abantu abaphelele kwakungeke neze kube yinkinga kuye. Wayengeke adinge uMbuso wasezulwini ukuze abone okwenzeka kubo. Yeka ilungiselelo elimangalisayo—ukuba noJehova njengoMbusi, ukukwazi ukuxhumana naye nokuba nethemba lokungalokothi sife, kodwa siphile phakade emhlabeni oyipharadesi!

“Akukuyo Indoda”

14. Kungani abantu beyohlale bekudinga ukubusa kukaJehova?

14 Nokho, abantu—ngisho nabaphelele—babeyohlale bekudinga ukubusa kukaJehova. Ngani? Ngoba uJehova akabadalanga benekhono lokuzibusa ngokuphumelelayo ngaphandle kokubusa kwakhe. Lokho kuwumthetho wesintu, njengoba umprofethi uJeremiya avuma: “Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo. Ngilaye, Jehova.” (Jeremiya 10:23, 24) Kungaba ubuwula ngabantu ukucabanga ukuthi bangawuqondisa ngokuphumelelayo umphakathi ngaphandle kokubuswa nguJehova. Kungaba okuphambene nendlela abenziwe ngayo. Ukukhululeka ekuzibuseni kukaNkulunkulu nakanjani kwakungaphumela ekuhaheni, inzondo, unya, ubudlova, izimpi nokufa. ‘Umuntu wayengabusa omunye kube ngukulimala kwakhe.’—UmShumayeli 8:9.

15. Yimiphi imiphumela eyabangelwa ukukhetha okubi kwabazali bethu bokuqala?

15 Ngokudabukisayo, abazali bethu bokuqala banquma ukuthi babengamdingi uNkulunkulu njengoMbusi wabo, futhi bakhetha ukuziphilela ngaphandle kwakhe. Ngenxa yalokho, uNkulunkulu akabange esabagcina bephelele. Manje base benjengethuluzi likagesi elikhishiwe emandleni kagesi. Ngakho ngokuhamba kwesikhathi, laliyoncipha ijubane labo baze bame—ngokufa. Baba njengefolomu elifacakile, futhi yileso simo kuphela ababengasidlulisela kubantwana babo. (Roma 5:12) “[UJehova] uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga. . . . Bonile kuye; abasibo abantwana bakhe, kuyisici sabo.” (Duteronomi 32:4, 5) Yiqiniso, u-Adamu no-Eva bathonywa yisidalwa somoya esiyisihlubuki esaba nguSathane, kodwa babenezingqondo eziphelele futhi babengakwenqaba ukusikisela kwakhe okungalungile.—Genesise 3:1-19; Jakobe 4:7.

16. Umlando uwufakazela kanjani umphumela wokuzikhulula ekubuseni kukaNkulunkulu?

16 Kunobufakazi obuningi emlandweni mayelana nomphumela wokuzikhulula kwabantu kuNkulunkulu. Sekuyizinkulungwane zeminyaka abantu bezama zonke izinhlobo zohulumeni babantu, zonke izinhlelo zezomnotho nezenhlalo. Nokho, ububi buyaqhubeka ‘busuka kokubi buya kokubi kakhulu.’ (2 Thimothewu 3:13) Ikhulu lama-20 likubonisile lokho. Beligcwele inzondo enonya, ubudlova, izimpi, indlala, ubumpofu nokuhlupheka ukudlula noma yisiphi isikhathi emlandweni. Futhi kungakhathaliseki intuthuko eseyenziwe kwezokwelapha, wonke umuntu ugcina efile. (UmShumayeli 9:5, 10) Ngokuzama ukuqondisa izinyathelo zabo, abantu baye bazivumela ukuba babe yizisulu zikaSathane namademoni akhe, kangangokuthi iBhayibheli libiza uSathane ngokuthi “unkulunkulu walesisimiso sezinto.”—2 Korinte 4:4.

Isipho Sekhono Lokuzikhethela

17. Kwakufanele sisetshenziswe kanjani isipho sikaNkulunkulu sokuzikhethela?

17 UJehova wayengabavumelelani abantu ukuba bazenzele umathanda? Ngoba wabadala nesipho esimangalisayo sokuzikhethela, inkululeko yokuzikhethela. “Lapho kunomoya kaJehova khona, kukhona inkululeko,” kusho umphostoli uPawulu. (2 Korinte 3:17) Akekho ofuna ukuba ngunodoli, ngaso sonke isikhathi anqunyelwe ngothile okufanele akusho futhi akwenze. Kodwa uJehova wayefuna abantu basisebenzise ngendlela enengqondo leso sipho sokuzikhethela, babone ukuhlakanipha kokwenza intando yakhe nokuhlala bemthobela. (Galathiya 5:13) Ngakho inkululeko yayingeke ibe engenamingcele, ngoba lokho kwakungadala isiyaluyalu. Yayizolawulwa yimingcele eyimithetho kaNkulunkulu ezuzisayo.

18. Yini uNkulunkulu aye wayibonisa ngokuvumela abantu basebenzise inkululeko yokuzikhethela?

18 Ngokuvumela umkhaya wesintu wenze okuthandayo, uNkulunkulu uye wabonisa ngokungenakuphikiswa naphakade ukuthi siyakudinga ukubusa kwakhe. Indlela yakhe yokubusa, ubukhosi bakhe, ukuphela kwendlela efanele. Iphumela enjabulweni, ekwanelisekeni nasekuchumeni okukhulu kakhulu. Lokhu kungenxa yokuthi izingqondo nemizimba yethu uJehova wakuklama ukuba kusebenze kangcono kakhulu lapho kuvumelana nemithetho yakhe. “NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisile okukusizayo; okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.” (Isaya 48:17) Inkululeko yokuzikhethela phakathi kwemingcele eyimithetho kaNkulunkulu yayingeke ibe umthwalo osindayo kodwa yayiyophumela ezinhlotsheni ezihlukahlukene nezijabulisayo zokudla, amakhaya, ubuciko nomculo. Ukube yayisetshenziswe kahle, inkululeko yokuzikhethela yayiyokwenza ukuphila emhlabeni oyipharadesi kube mnandi futhi kuhlale kuthakazelisa.

19. Yiliphi ilungiselelo uNkulunkulu alisebenzisayo ukuze enze abantu babuyisane naye?

19 Kodwa ngenxa yokukhetha kwabo okubi, abantu bazihlukanisa noJehova, baba abangaphelele, abawohlokayo nabafayo. Ngakho kwakuyodingeka bahlengwe kuleso simo esidabukisayo babuyiselwe ebuhlotsheni obufanele noNkulunkulu njengamadodana namadodakazi akhe. Ilungiselelo uNkulunkulu alikhetha ukuze afeze lokhu uMbuso, futhi uMhlengi nguJesu Kristu. (Johane 3:16) Ngaleli lungiselelo, abaphenduka ngempela—njengendodana esaphazayo yomfanekiso kaJesu—bayobuyisana noNkulunkulu futhi aphinde abamukele njengabantwana bakhe.—Luka 15:11-24; Roma 8:21; 2 Korinte 6:18.

20. UMbuso uyoyifeza kanjani injongo kaNkulunkulu?

20 Nakanjani, intando kaJehova izofezeka emhlabeni. (Isaya 14:24, 27; 55:11) NgoMbuso wakhe ngaphansi kukaKristu, uNkulunkulu uyolilwelwa ngokugcwele (uyobonisa futhi afakazele ukufanelekela) ilungelo lakhe lokuba nguMbusi wethu. UMbuso uyoqeda ukubusa kwabantu nokwamademoni kulo mhlaba, futhi wona wodwa uyobusa usezulwini iminyaka eyinkulungwane. (Roma 16:20; IsAmbulo 20:1-6) Kodwa ngaleso sikhathi, kuyobonakaliswa kanjani ukuphakama kwendlela kaJehova yokubusa? Futhi ngemva kweminyaka eyinkulungwane, uMbuso uyoba nayiphi indima? Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngale mibuzo.

Amaphuzu Okubukeza

• Siyini isihloko seBhayibheli?

• Obani abakha umbuso omusha womhlaba?

• Kungani ukuzibusa kwabantu ngaphandle kukaNkulunkulu kungasoze kwaphumelela?

• Kumelwe isetshenziswe kanjani inkululeko yokuzikhethela?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 10]

Ukufundisa kukaJesu kwagcizelela ukubusa kukaNkulunkulu ngoMbuso

[Izithombe ekhasini 12]

Kuwo wonke amazwe oFakazi BakaJehova benza uMbuso ube yimfundiso yabo eyinhloko

[Izithombe ekhasini 14]

Umlando ubonisa imiphumela emibi yokuzibusa ngaphandle kukaNkulunkulu

[Imithombo]

WWI soldiers: U.S. National Archives photo; concentration camp: Oświęcim Museum; child: UN PHOTO 186156/J. Isaac