Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukhetha Ukuphila Kwakho Noma Imali?

Ukhetha Ukuphila Kwakho Noma Imali?

Ukhetha Ukuphila Kwakho Noma Imali?

Kungenzeka wake wezwa ngezigebengu ezikhomba izisulu zazo ngesibhamu, zithi: “Sinike imali noma uyafa!” Namuhla, lo mkhuba owaziwayo ubonakala uyimpicabadala esibhekene nayo sonke—ikakhulukazi kithina esiphila emazweni acebile. Nokho, manje asikhulumi ngesigebengu esigebenga ngempoqo. Kunalokho, sikhuluma ngokugcizelela okwandayo umphakathi okubeka emalini nasempumelelweni ngokwezinto ezibonakalayo.

UKUGCIZELELA okunjalo kuye kwaveza imiphumela emisha nokukhathazeka. Kumelwe imali nezinto ezibonakalayo kuphishekelwe ngezinga elingakanani? Singaneliseka yini ngezinto ezimbalwa? Ingabe abantu ngempela bancamela ukulahlekelwa “ukuphila kwangempela” ngenxa yezinto ezibonakalayo? Ingabe imali iyindlela yokuthola ukuphila okujabulisayo?

Ukuhahela Imali Ngokweqile

Phakathi kwezifiso ezinkulu zabantu—ezifanelekayo noma ezingafaneleki—uthando lwemali luhamba phambili. Ngokungafani nesifiso sobulili nokudla, ukuhahela imali kungahlala kukhona futhi kungapheli. Ukuguga akubonakali kukuqeda. Ezimweni eziningi, ukuguga kungase kukhulise isithakazelo noma ukukhathazeka komuntu ngemali nalokho engakuthenga.

Ukuhaha kubonakala kwanda. Umdlali oyinhloko wefilimu ethile edumile wathi: “Ukuhaha kuyaphumelela. Ukuhaha kuyazuzisa.” Nakuba abaningi bebhekisela eminyakeni yawo-1980 njengeNkathi Yokuhaha, lokho okwenzeka ngaphambi kwaleyo minyaka nangemva kwayo kubonisa ukuthi isimo sabantu ngemali sishintshe kancane kakhulu phakathi neminyaka.

Okucishe kube kusha ukuthi baningi abantu ababona amathuba okwenelisa isifiso sezinto ezengeziwe ngokuphazima kweso. Kubonakala sengathi ezikhathini eziningi, iningi labantu emhlabeni lichitha amandla amaningi likhiqiza futhi lithenga izinto ezengeziwe. Ungase uvume ukuthi abantu sebadlula ngokuba nezinto ezibonakalayo nokuchitha imali—futhi ngokuvamile kungumzamo obiza kakhulu—ekuphileni kwanamuhla.

Kodwa ingabe abantu bajabule-ke ngenxa yalokho? Iphendula lowo mbuzo, inkosi eyayihlakaniphile futhi eyayicebe kakhulu uSolomoni, yabhala eminyakeni engu-3 000 edlule: “Othanda imali akayikusutha ngemali, nothanda okuningi akaneliswa yizithelo; nalokho kuyize.” (UmShumayeli 5:10) Izifundo zezomlando nezenhlalo zamanje nazo zinikeza iziphetho ezifanayo ezithakazelisayo.

Imali Nenjabulo

Okunye okutholakele nokumangalisa kakhulu ngokuziphatha komuntu ukuthi ukuqongelela imali nezinto ezibonakalayo akukunikezi ngempela ukwaneliseka nenjabulo. Abacwaningi abaningi baye bathola ukuthi lapho nje umuntu esefike ezingeni elithile lokuceba, umuzwa wakhe wokwaneliseka nokujabula uxhomeka ebuningini bezinto anazo.

Ngaleyo ndlela, ukuphishekela izinto ezibonakalayo nemali ngokungazithibi kushiya abantu abaningi bezibuza, ‘Sibonakala sijabulela yonke into entsha esiyithengayo; pho kungani lapho konke sekukhona, kungenezeli ukwaneliseka okwengeziwe?’

Encwadini yakhe ethi Happy People, umbhali wayo uJonathan Freedman uyaphawula: “Lapho nje sekutholakele imadlana elinganiselwe, leyo madlana ayilethi injabulo etheni. Kulabo abacebile, imali nenjabulo akuhlangani.” Abaningi sebebonile ukuthi into ebaluleke ngempela kumuntu ukuze ajabule ukuthi unezinto ezingokomoya, imisebenzi yokuzilibazisa enenjongo nezindinganiso zokuziphatha ezinhle. Okunye okubalulekile ubuhlobo nabanye nokungabi nezingxabano nokuminyaniseka okungasenza singakujabuleli lokho esinakho.

Abaningi babona imbangela yezinkinga zenhlalo ezikhona iwukuthambekela kokuzama ukusebenzisa ingcebo ukuze kuxazululwe lokho ngempela okuyizinkinga ezingokomzwelo. Abanye abakhulumeli bezenhlalo bakhuluma ngesimo sengqondo esivamile sokulindela okubi nokunganeliseki. Baphinde futhi baphawule nokuthambekela okwandayo kwabantu abahlala emiphakathini ecebile yokuya kwabelaphayo noma ukufuna usizo lokuthola injongo yokuphila nokuthula kwengqondo, kubefundisi, emahlelweni enkolo nasemaqenjini athi ayelapha. Lokhu kufakazela ukuhluleka kwezinto ezibonakalayo ukwengeza injongo yangempela ekuphileni.

Amandla Nokungasebenzi Kwemali

Kuyavunywa, imali inawo amandla. Ingathenga imizi emihle, izingubo zokugqoka ezinhle, nezinto zokuhlobisa ezithakazelisayo. Ingase futhi ikuthengele ukuhlonishwa, ukuthotshelwa, ukunconywa ize ikwakhele nabangane abambalwa abazimisele ukukusiza. Kodwa amandla emali agcina lapho. Lokho esikudinga ngempela akunakuthengwa ngemali—uthando lwangempela lomngane ongumuntu, ukuthula kwengqondo, induduzo lapho sisethunzini lokufa. Futhi kulabo abazisa ubuhlobo babo noMdali, imali ayinakukuthenga ukwamukelwa nguNkulunkulu.

INkosi uSolomoni eyayinazo zonke izinto ezinhle ezazingathengwa yimali ngosuku lwayo, yabona ukuthi ukuthembela ezintweni ezibonakalayo akuholeli enjabulweni ehlala njalo. (UmShumayeli 5:12-15) Imali ingalahleka lapho ibhange liwa noma kwehla amandla emali. Izindlu zingadilizwa yiziphepho ezinzima. Nakuba imishuwalense isiza ekubuyiseleni izinto ezibonakalayo ezilahlekile, ayibususi ubuhlungu obungokomzwelo bokulahlekelwa. Imali etshalwe kwezamabhizinisi nezalayo ingaphelelwa ukubaluleka ngokuphazima kweso lapho kuwa ezomnotho. Ngisho nomsebenzi oholela kahle ungase ube ngowakho namuhla kodwa ukuphelele kusasa.

Khona-ke, singayigcina kanjani imali isendaweni yayo? Imali nezinto ezibonakalayo kufanele kube nayiphi indima ekuphileni kwethu? Siza uhlole le ndaba ngokwengeziwe ukuze ubone ukuthi ungaba kanjani nento eyigugu ngempela—“ukuphila kwangempela.”

[Izithombe ekhasini 4]

Izinto ezibonakalayo aziyilethi injabulo ehlala njalo