Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Jabula Ngethemba LoMbuso!

Jabula Ngethemba LoMbuso!

Jabula Ngethemba LoMbuso!

NGO-MARCH 10, 2001, izethameli ezingu-5 784 zazibuthanele isenzakalo esijabulisayo ezindaweni ezintathu eziseNew York State ezisetshenziswa umkhaya omkhulu waseBethel. Leso senzakalo kwakuwukwethweswa iziqu kwekilasi le-110 lesikole sezithunywa zevangeli saseGileyadi.

UCarey Barber, oyilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, wamukela wonke umuntu wayesevula isimiso ngokuthi: “Kusenza sijabule ukwazi ukuthi manje sekunamakilasi angu-110 abafundi baseGileyadi abaye baqeqeshelwa ukuba yizithunywa zevangeli futhi babelwa emasimini asemhlabeni wonke.”

Indlela Yokuhlala Ujabule

Ngemva kwamazwi okuvula oMfoweth’ uBarber, uDon Adams wakhuluma nezethameli, nabafundi abangu-48 ababethweswa iziqu, ngesihloko esithi, “Isibusiso SikaJehova Siyasicebisa.” Esekela inkulumo yakhe kuzAga 10:22, wakhumbuza izethameli ukuthi uJehova uyazisekela futhi azibusise izinceku zakhe lapho zibeka izithakazelo zoMbuso kuqala ekuphileni kwazo. Wakhuthaza abafundi ukuba bamukele izabelo zabo ngomoya ovumayo ofana nalowo umphostoli uPawulu awubonisa lapho ecelwa ukuba ‘awelele eMakedoniya ayosiza.’ (IzEnzo 16:9) Nakuba kwakunezinkinga okwakufanele azinqobe, ukuzimisela kukaPawulu ukushumayela lapho eqondiswa khona kwaphumela ezibusisweni eziningi ezijabulisayo.

Amalungu ekilasi eliphothulayo ayeqede izinyanga ezinhlanu etadisha iBhayibheli futhi eqeqeshelwa umsebenzi wezithunywa zevangeli. Noma kunjalo, uDaniel Sydlik, oyilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, wawakhuthaza ukuba aqhubeke efunda. Enkulumweni yakhe ethi “Yibani Ngabafundi Bangempela,” wathi: “Ukuba umfundi kusho ukuhlala ulalela amazwi kaJesu. Kuhilela ukuzimisela ukuba ngaso sonke isikhathi silalele amazwi akhe, umyalezo wakhe nokufundisa kwakhe.” Waphawula ukuthi abafundi bakaKristu abenzi izinqumo bengalilalelanga izwi leNkosi yabo; ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kutholakala ekuphileni kukaKristu. (Kolose 2:3) Akekho kithi ongezwa amazwi kaJesu kanye abese ephetha ngokuthi wazi konke ngaye, ngakho uMfoweth’ uSydlik wakhuthaza ababethweswa iziqu ukuba baqhubeke befunda, besebenzisa futhi befundisa iqiniso lobuKristu, eliphumela enkululekweni.—Johane 8:31, 32.

Ukuze umuntu ahlale ejabule enkonzweni kaNkulunkulu, kumelwe azimisele ukwamukela isiyalo nokulungiswa. ULawrence Bowen, ofundisa eGileyadi, wabuza umbuzo othi “Ziyonilungisa Yini Izinso Zenu?” Wabonisa ukuthi eBhayibhelini izinso ezingokomfanekiso zihlotshaniswa nemicabango nemizwelo ejulile yomuntu. Zingamlungisa umuntu uma iseluleko esiphefumulelwe seZwi likaNkulunkulu siye safinyelela ekujuleni kobuntu bakhe. (IHubo 16:7; Jeremiya 17:10) Inkambo yomuntu yokwethembeka ingathinta ngisho noJehova ngokujulile. Ngemva kokufunda izAga 23:15, 16, isikhulumi sabuza: “Ingabe ezenu izinso ziyonilungisa?” Sanezela: “Sithandazela ukuba zikwenze lokho, futhi kanjalo niyokwenza uJehova athole injabulo ejulile. Niyothinta imizwelo yakhe ejule kakhulu. Yebo, niyokwenza izinso zikaNkulunkulu zijabule lapho ninamathela ngokwethembeka ezabelweni zenu.”

Inkulumo yokugcina kule ngxenye yesimiso yanikezwa nguMark Noumair, owayekhonza njengesithunywa sevangeli eKenya ngaphambi kokuba ayofundisa eGileyadi. Inkulumo yakhe ethi “Kungcono Ukubona Ngamehlo” yagcizelela ukubaluleka kokuhlakulela ukwaneliseka. Ngokuvumelana nomShumayeli 6:9, uMfoweth’ uNoumair wacebisa: “Bhekana namaqiniso. Lokho ‘kuwukubona ngamehlo.’ Kunokwakha amaphupho ngento ofuna ukuyenza kodwa ongayenzi, gxila ekusebenziseni izimo zakho zamanje ngokuzuzisayo. Ukuphila ezweni lamaphupho, ulindele izinto ezingenangqondo, noma ugxile ezintweni ezingezinhle ngesabelo sakho kuyomane kukwenze unganeliseki futhi ungenami.” Yebo, kungakhathaliseki ukuthi sikuphi noma sikuziphi izimo, ukuhlakulela ukwaneliseka kokuhlonipha uNkulunkulu ezimweni esikuzo kusenza sibe nomoya wenjabulo ekukhonzeni uMdali wethu Omkhulu.

Okuhlangenwe Nakho Okujabulisayo Kwasenkonzweni YoMbuso NaseGileyadi

Ngemva kwezeluleko ezisebenzisekayo ezavela kulezo zinkulumo, abafundi baxoxa okunye kokuhlangenwe nakho ababebe nako lapho besenkonzweni yasobala phakathi nezifundo zabo zezinyanga ezinhlanu. Beqondiswa nguWallace Liverance, obhalisayo eSikoleni SaseGileyadi, abafundi ababethweswa iziqu baxoxa ukuthi babezituse kanjani njengezikhonzi zikaNkulunkulu. (2 Korinte 4:2) Babekwazile ukufinyelela onembeza babathile abavela kuNkulunkulu. Okuhlangenwe nakho kwabafundi kwabonisa indlela izifundo zeBhayibheli ezaqalwa ngayo nabantu abaqotho ababetholakale emgwaqweni, enkonzweni yendlu ngendlu nakwezinye izimo. Ezimweni ezihlukahlukene, abantu abathakazelayo báthi izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini zenhlangano kaJehova zizwakala zineqiniso. Omunye umninikhaya wasabela kahle kakhulu evesini elithile leBhayibheli. Manje utadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova.

UJoel Adams wabe esexoxa nababethweswe iziqu eGileyadi eminyakeni edlule. Isihloko sakhe sasithi “Ungayeki Ukufunda, Ungayeki Ukukhonza UJehova.” Labo okwaxoxwa nabo babenezeluleko ezifike ngesikhathi kulezi zithunywa zevangeli ezintsha. Ekhumbula lapho esesekilasini lama-26 laseGileyadi, uHarry Johnson wathi: “Safundiswa ukuthi selokhu kwathi nhló, uJehova uyabahola abantu bakhe futhi uyolokhu ebahola. Ukuqiniseka ngalokho kuye kwaba yisikhuthazo kuyo yonke le minyaka.” UWilliam Nonkes, owayesekilasini lama-53 laseGileyadi, wacebisa ababethweswa iziqu: “Ngaphezu kwakho konke, hlalani nizikhumbula izimiso zeBhayibheli, nizisebenzise kuzo zonke izinqumo okudingeka nizenze ekuphileni manje kuze kube phakade. Ngenxa yalokho, niyokwazi ukunamathela ezabelweni zenu, futhi uJehova uyoninika izibusiso ezicebile.”

Enkulumweni yakhe kulesi simiso, uRichard Rian, wayekhethe isihloko esithi “Niye Naqiniselwa Ukufeza Intando KaJehova.” Omunye walabo axoxa nabo kwakunguJohn Kurtz, owathweswa iziqu ekilasini lama-30, wakhonza njengesithunywa sevangeli iminyaka engaphezu kwengu-41 eSpain. Lapho ebuzwa ngesimiso sezifundo saseGileyadi, uMfoweth’ uKurtz wathi: “Incwadi eyinhloko yiBhayibheli. Bese kuba nezinsiza-kufunda zeBhayibheli ezisisiza siqonde iBhayibheli. Lezi zinto ziyatholakala kuwo wonke umuntu. EGileyadi akukho kwaziswa okuyimfihlo okunikezwayo. Lokhu ngikugcizelela njalo ngoba wonke umuntu unakho kwamanje ukwaziswa okunikezwa eGileyadi.”

UMfoweth’ uGerrit Lösch, oyilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, waphetha lesi simiso esingokomoya ngenkulumo ethi “Ukuba Phezu Kwamaphiko KaJehova Nangaphansi Kwawo.” Wachaza indlela ukuvikela nokusekela kukaNkulunkulu izinceku zakhe okufanekiswe ngayo eBhayibhelini ngamaphiko okhozi. (Duteronomi 32:11, 12; IHubo 91:4) Ngezinye izikhathi, ukhozi oludala luvula amaphiko alo isikhathi eside ukuze luvikele amaphuphu alo. Ngezinye, ukhozi olungumama lungase luwambathise imbala amaphuphu alo ngamaphiko alo ukuze luwavikele emimoyeni ebandayo. Ngokufanayo, futhi ngokuvumelana nenjongo yakhe, uJehova angazisiza izinceku zakhe ezithembekile, ikakhulu lapho zibhekene nokulingwa kwengokomoya. UJehova akazivumeli izinceku zakhe ukuba zilingwe ngaphezu kwalokho ezingakuthwala, kodwa uzenzela nendlela yokuphuma ukuze zikwazi ukukukhuthazelela. (1 Korinte 10:13) UMfoweth’ uLösch, waphetha ngokuthi: “Ukuze sihlale sivikelekile ngokomoya, kumelwe sihlale singaphansi kwamaphiko kaJehova. Lokhu kusho ukuthi akumelwe sibe nomoya wokufuna ukuzenzela okwethu. Ngaso sonke isikhathi masihlale siseduze noJehova nenhlangano yakhe enjengomama, singazihlukanisi nesiqondiso neseluleko sabo sothando.”

Usihlalo wafunda izincwadi nemikhonzo enezilokotho ezinhle evela emhlabeni wonke. Kwabe sekukhishwa ama-diploma. Lapho kumiswa iSikole SaseGileyadi, umgomo wawuwukuba namakilasi ambalwa kuphela phakathi nesikhathi esiyiminyaka emihlanu. Kodwa uJehova uye wagcina lesi sikole sisebenza iminyaka engu-58. Njengoba uMfoweth’ uBarber asho emazwini akhe okuvula: “Yeka umlando omuhle abathweswe iziqu eGileyadi abaye bawakha kusukela ngo-1943, lapho kunikezelwa iGileyadi! Imizamo yabo iyonke iye yaphumela ekwenezelweni kwamakhulu ezinkulungwane zabathobekileyo bomhlaba enhlanganweni kaJehova ekhazimulayo.” Yebo, lesi sikole sezithunywa zevangeli siye saba nengxenye ekwenzeni izigidi zijabule ngethemba loMbuso.

[Ibhokisi ekhasini 24]

IMINININGWANE YEKILASI

Inani lamazwe amelelwe: 8

Inani lamazwe ababelwe kuwo: 18

Ingqikithi yenani labafundi: 48

Isilinganiso seminyaka yobudala: 34

Isilinganiso seminyaka beseqinisweni: 18

Isilinganiso seminyaka besenkonzweni yesikhathi esigcwele: 13

[Isithombe ekhasini 25]

Ikilasi Le-110 Elithweswe Iziqu LeWatchtower Bible School of Gilead

Ohlwini olungezansi, imigqa ibalwa kusukela phambili kuya emuva, futhi amagama ahlelwe ukusuka kwesokunxele kuya kwesokudla emgqeni ngamunye.

(1) Vacek, E.; Madelin, L.; Evans, G.; Watanabe, K. (2) Trafford, P.; Turfa, J.; Wilson, P.; Williams, R.; Weber, A. (3) Johnson, T.; Hanau, K.; Mourlhou, F.; Charpentier, F.; Peckham, R.; Androsoff, P. (4) Seegers, T.; Seegers, D.; Bailey, P.; Bailey, M.; Madelin, K.; Lippold, E.; Lippold, T. (5) Evans, N.; Gold, R.; Bollmann, I.; Vacek, R.; Oundjian, J.; Wilson, N. (6) Turfa, J.; Zuidema, L.; Zuidema, R.; Bengtsson, C.; Bengtsson, J.; Galano, M.; Galano, L. (7) Peckham, T.; Mourlhou, J.; Charpentier, C.; Gold, M.; Bollmann, R.; Oundjian, F. (8) Weber, R.; Johnson, B.; Hanau, D.; Watanabe, Y.; Williams, R.; Trafford, G.; Androsoff, T.