Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Uyosondela Kini”

“Uyosondela Kini”

“Uyosondela Kini”

‘UNkulunkulu akakude kulowo nalowo kithi.’—IZENZO 17:27.

1, 2. (a) Uma sibheka esibhakabhakeni esigcwele izinkanyezi, imiphi imibuzo esingayibuza ngoMdali? (b) IBhayibheli lisiqinisekisa kanjani ukuthi abantu ababona neze abangelutho emehlweni kaJehova?

WAKE wabheka yini esibhakabhakeni esigcwele izinkanyezi ngobusuku obucwathile wakhexa? Lona kanye inani lezinkanyezi nobukhulu bomkhathi kwenza sibambe ongezansi. Kulo mkhathi omkhulukazi, umhlaba umane nje uyichashaza. Ingabe lokhu kusho ukuthi uMdali, “oPhezukonke emhlabeni wonke,” uphakeme kakhulu ukuba angazikhathaza ngabantu noma ukude kakhulu futhi akaphenyeki ukuba bangamazi?—IHubo 83:18.

2 IBhayibheli liyasiqinisekisa ukuthi abantu ababona neze abangelutho emehlweni kaJehova. Eqinisweni, iZwi likaNkulunkulu lisikhuthaza ukuba simfune, lithi: ‘Akakude kulowo nalowo kithi.’ (IzEnzo 17:27; 1 IziKronike 28:9) Yebo, uma sithatha izinyathelo zokusondela kuNkulunkulu, uyosabela emizamweni yethu. Kanjani? Amazwi ombhalo wethu wonyaka ka-2003 anikeza le mpendulo ejabulisayo: “Uyosondela kini.” (Jakobe 4:8) Ake sixoxe ngezinye zezibusiso ezinhle uJehova azithululela labo abaseduze naye.

Isipho Esivela KuJehova Ngokwakhe

3. Isiphi isipho uJehova asinika labo abasondela kuye?

3 Okokuqala, izinceku zikaJehova zinesipho esiyigugu asibekele abantu bakhe. Wonke amandla, ingcebo nemfundo etholakala kulesi simiso sezinto ayinakusinikeza lesi sipho. Yisipho esivela kuJehova ngokwakhe asinika labo abaseduze naye. Siyini? IZwi likaNkulunkulu liyaphendula: “Uma . . . uzwakalisa izwi lakho ufuna ikhono lokwahlukanisa, uma uqhubeka ukufuna njengokungathi ufuna isiliva, futhi uqhubeka ukuhlwaya njengokungathi uhlwaya ingcebo efihliweyo, uma wenza kanjalo uyokuqonda ukumesaba uJehova, futhi uyoluthola ulwazi ngoNkulunkulu. Ngoba uJehova unikeza ukuhlakanipha.” (IzAga 2:3-6, NW) Cabanga nje ngabantu abangaphelele bekwazi ukuthola “ulwazi ngoNkulunkulu”! Leso sipho—ulwazi olutholakala eZwini likaNkulunkulu—siqhathaniswa ‘nengcebo efihliweyo.’ Ngani?

4, 5. Kungani “ulwazi ngoNkulunkulu” lungase luqhathaniswe ‘nengcebo efihliweyo’? Bonisa.

4 Phakathi kokunye, ulwazi ngoNkulunkulu lunenzuzo enkulu. Esinye sezibusiso zalo eziyigugu kakhulu yithemba lokuphila okuphakade. (Johane 17:3) Kodwa lolo lwazi luyasicebisa kwamanje. Ngokwesibonelo, ngenxa yokutadisha kwethu iZwi likaNkulunkulu ngokucophelela, siyazazi izimpendulo zemibuzo ebalulekile enjengokuthi: Lingubani igama likaNkulunkulu? (IHubo 83:18) Siyini isimo sangempela sabafileyo? (UmShumayeli 9:5, 10) Iyini injongo kaNkulunkulu ngomhlaba nesintu? (Isaya 45:18) Sazi nokuthi indlela engcono kakhulu yokuphila ukusebenzisa iseluleko esihlakaniphile seBhayibheli. (Isaya 30:20, 21; 48:17, 18) Ngakho, sineseluleko esinengqondo esisisiza sibhekane nezinkathazo zokuphila futhi siphile ngendlela ethuthukisa injabulo nokwaneliseka kwangempela. Ngaphezu kwalokho, ukutadisha kwethu iZwi likaNkulunkulu kusisize ukuba sazi izimfanelo zikaJehova ezinhle kakhulu nokuba sisondele kuye. Yini engaba yigugu ngaphezu kobuhlobo obuseduze noJehova obusekelwe ‘olwazini ngoNkulunkulu’?

5 Kunesinye isizathu esenza ukuba ulwazi ngoNkulunkulu luqhathaniswe ‘nengcebo efihliweyo.’ Njengezinto eziningi eziyingcebo, luyivelakancane emhlabeni. Kubantu abasemhlabeni abayizigidi eziyizinkulungwane eziyisithupha, abakhulekeli bakaJehova abangaba izigidi eziyisithupha, noma oyedwa kwabayinkulungwane, baye bathola “ulwazi ngoNkulunkulu.” Ukubonisa ukuthi kuyilungelo eliyingqayizivele kangakanani ukwazi iqiniso leZwi likaNkulunkulu, cabanga ngombuzo owodwa nje weBhayibheli: Kwenzekani kubantu lapho befa? Siyazi ukuthi imiBhalo ithi umphefumulo uyafa nokuthi abafileyo abazi lutho. (Hezekeli 18:4) Kodwa, inkolelo engamanga yokuthi okuthile okuphakathi komuntu kuqhubeka kuphila ngemva kokufa yamukelwa izinkolo eziningi emhlabeni. Iyingxenye ebalulekile yezinkolo zeLobukholwa. Ikhona nasenkolweni yobuBuddha, ubuHindu, ubu-Islam, ubuJain, ubuJuda, ubuShinto, ubuSikh neyobuTao. Cabanga nje—izinkulungwane zezigidi zabantu zidukiswe yile nkolelo eyodwa engamanga!

6, 7. (a) Obani kuphela abangathola “ulwazi ngoNkulunkulu”? (b) Isiphi isibonelo esibonisa ukuthi uJehova usibusise ngokuqonda abangenakho abaningi “abahlakaniphile nabanengqondo”?

6 Kungani bengebaningi abantu abathole “ulwazi ngoNkulunkulu”? Kungoba umuntu akanakukwazi ukuyiqonda ngokugcwele incazelo yeZwi likaNkulunkulu ngaphandle kosizo lwaKhe. Khumbula, lolu lwazi luyisipho. UJehova ulunika kuphela labo abazimisele ukufuna eZwini lakhe ngobuqotho nangokuthobeka. Labo kungase kungabi “abahlakaniphile ngendlela engokwenyama.” (1 Korinte 1:26) Abaningi phakathi kwabo bangase babhekwe njengabantu “abangafundile nabavamile” ngokwezindinganiso zezwe. (IzEnzo 4:13) Kodwa lokho akusho lutho. UJehova usivuza ‘ngolwazi ngoNkulunkulu’ ngenxa yezimfanelo azithola ezinhliziyweni zethu.

7 Cabanga ngalesi sibonelo. Izazi eziningi kweLobukholwa ziye zabhala imibono nezincazelo eziningiliziwe ngeBhayibheli. Lezo zincwadi zingase zichaze isizinda somlando, incazelo yamagama esiHeberu nawesiGreki, nokunye. Ekufundeni kwazo okungako, ingabe lezi zazi zilutholile ngempela “ulwazi ngoNkulunkulu”? Ingabe zisiqonda ngokucacile isihloko seBhayibheli—ukulwelwa kobukhosi bukaJehova ngoMbuso wakhe wasezulwini? Ingabe ziyazi ukuthi uJehova uNkulunkulu akayona ingxenye kaZiqu-zintathu? Thina siziqonda ngokunembile izinto ezinjalo. Ngani? UJehova usibusise ngokuqonda amaqiniso angokomoya abangawaqondi abaningi “abahlakaniphile nabanengqondo.” (Mathewu 11:25) Yeka indlela uJehova ababusisa ngayo labo abaseduze naye!

“UJehova Uyalondoloza Bonke Abamthandayo”

8, 9. (a) UDavide wasichaza kanjani esinye isibusiso salabo abaseduze noJehova? (b) Kungani amaKristu eqiniso edinga isivikelo sikaNkulunkulu?

8 Labo abaseduze noJehova bajabulela nesinye isibusiso—isivikelo sakhe. Umhubi uDavide, owayekwazi kahle ukuhlupheka, wabhala: “UJehova useduze nabo bonke abambizayo, bonke abambizayo ngeqiniso. Uyasuthisa ukufisa kwabamesabayo; uyezwa ukukhala kwabo, abasindise. UJehova uyalondoloza bonke abamthandayo.” (IHubo 145:18-20) Yebo, uJehova useduze nalabo abamthandayo futhi ngaleso sizathu angaphendula ngokushesha lapho bekhalela usizo.

9 Kungani sidinga isivikelo sikaNkulunkulu? Ngaphezu kokuzwa imiphumela yokuphila kulezi “zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,” amaKristu eqiniso ayizisulu eziyinhloko zeSitha esikhulu sikaJehova, uSathane uDeveli. (2 Thimothewu 3:1) Leso sitha esinobuqili sizimisele ‘ukusishwabadela.’ (1 Petru 5:8) USathane uyasishushisa, asicindezele futhi asilinge. Ubheka nezimo zengqondo nezenhliziyo angase azisebenzise. Unomgomo: ukwenza buthaka ukholo lwethu asishwabadele ngokomoya. (IsAmbulo 12:12, 17) Njengoba sibhekene nesitha esinamandla kangaka, akusimisi yini idolo ukwazi ukuthi “uJehova uyalondoloza bonke abamthandayo”?

10. (a) UJehova ubalondoloza kanjani abantu bakhe? (b) Hlobo luni lwesivikelo olubaluleke kunazo zonke, futhi ngani?

10 Nokho, uJehova ubalonda kanjani abantu bakhe? Isithembiso sakhe sokusivikela asiqinisekisi ukuphila okungenazinkinga kulesi simiso; futhi akusho ukuthi ubophekile ukusenzela izimangaliso. Nokho, uJehova uyabavikela ngokoqobo abantu bakhe njengeqembu. Akasoze amvumele uDeveli aqothule abakhulekeli beqiniso emhlabeni! (2 Petru 2:9) Ngaphezu kwakho konke, uJehova uyasivikela ngokomoya. Usinika esikudingayo ukuze sikhuthazelele izilingo futhi sivikele ubuhlobo bethu naye. Ekugcineni, isivikelo esingokomoya yisona esibaluleke kakhulu. Ngani? Uma nje sisenobuhlobo noJehova, akukho lutho—ngisho nokufa—olungasilimaza unomphela.—Mathewu 10:28.

11. Imaphi amalungiselelo uJehova awenzele ukuvikela abantu bakhe ngokomoya?

11 UJehova wenze amalungiselelo amaningi okubavikela ngokomoya labo abaseduze naye. NgeZwi lakhe, iBhayibheli, usinika ukuhlakanipha kokubhekana nezilingo ezihlukahlukene. (Jakobe 1:2-5) Ukusebenzisa iseluleko esisebenzisekayo esitholakala emiBhalweni kuyawenza umehluko. Ngaphezu kwalokho, uJehova ubanika “umoya ongcwele [labo] abacela kuye.” (Luka 11:13) Lowo moya ungamandla amakhulu kunawo wonke emhlabeni, ngakho ungasihlomisa ngempela ukuba sibhekane ngokuphumelelayo nanoma ikuphi ukuvivinywa noma isilingo esingasehlela. NgoKristu, uJehova unikeza ‘izipho ezingabantu.’ (Efesu 4:8) La madoda afanelekayo ngokomoya alwela ukubonakalisa uzwela lukaJehova olusuka enhliziyweni lapho esiza akholwa nabo.—Jakobe 5:14, 15.

12, 13. (a) UJehova usinikeza ngaziphi izindlela ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele? (b) Uzizwa kanjani ngamalungiselelo kaJehova okusigcina siphilile ngokomoya?

12 UJehova unikeza nokunye ukuze asilondoloze: ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele. (Mathewu 24:45) Ngezincwadi, kuhlanganise ne-Nqabayokulinda ne-Phaphama!, nangemihlangano yebandla, eyesifunda neyesigodi, uJehova usinikeza esikudingayo ngesikhathi esikudinga ngaso. Sikhona isikhathi osikhumbulayo lapho uzwa okuthile emhlanganweni wobuKristu, noma wesifunda noma wesigodi okwakuthinta inhliziyo futhi kwakuqinisa noma kwakududuza? Ingabe wake wafunda isihloko komunye womagazini abashiwo ngenhla wezwa sengathi sibhalelwe wena?

13 Esinye sezikhali zikaSathane eziphumelela kakhulu ukudumazeka, futhi asigomekile kukho. Wazi kahle ukuthi ukudangala okungapheli kungasiqeda amandla, kusenze sibe izisulu ezilula. (IzAga 24:10) Ngenxa yokuthi uSathane uzama ukusizakala ngemizwa yokudangala, sidinga usizo. Ngezikhathi ezithile omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! baye bakhipha izihloko ezisisiza silwisane nokudangala. Omunye udade wabhala lokhu ngesinye salezo zihloko: “Ngisifunda cishe nsuku zonke lesi sihloko, kodwa ngisafikelwa izinyembezi. Ngisibeka eceleni kombhede ukuze sibe seduze noma nini lapho ngizizwa ngidangele. Ngezihloko ezinjengalesi, ngiyazizwa nje izandla zikaJehova ezivikelayo zingigona.” * Asimbongi yini uJehova ngokusinika ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele? Khumbula, amalungiselelo akhe okusigcina siphilile ngokomoya awubufakazi bokuthi useduze nathi nokuthi usifake ngaphansi kwesivikelo sakhe.

Ukufinyelela ‘UMuzwi Womthandazo’

14, 15. (a) Isiphi isibusiso uJehova asinika labo abaseduze naye? (b) Kungani ukukwazi ukufinyelela uJehova ngomthandazo kuyilungelo elimangalisayo?

14 Uke waphawula yini ukuthi lapho abantu bethola amandla negunya, ngokuvamile kuba nzima ngabangaphansi kwabo ukuba babafinyelele? Nokho, kuthiwani ngoJehova uNkulunkulu? Ingabe naye ukude kakhulu ukuba abe nesithakazelo emazwini ashiwo kuye abantu abangelutho? Lutho neze! Isipho somthandazo singesinye sezibusiso uJehova asinike labo abasondelene naye. Kuyilungelo elimangalisayo ngempela ukukwazi ukufinyelela ‘uMuzwi womthandazo.’ (IHubo 65:2) Ngani?

15 Ngokwesibonelo: Isikhulu esiphethe inkampani enkulu sinemisebenzi eminingi. Siyanquma ukuthi iziphi izinto esizozenza sona mathupha nokuthi iziphi esizoziphathisa abanye. Ngokufanayo, iNkosi enguMbusi wendawo yonke inganquma ukuthi iziphi izinto ezozihilela kuzo nokuthi iziphi ezoziphathisa abanye. Cabanga ngakho konke uJehova akuphathise iNdodana yakhe ethandekayo, uJesu. INdodana inikwe “igunya lokuba yahlulele.” (Johane 5:27) Izingelosi ‘zenziwe zamthobela.’ (1 Petru 3:22) Umoya kaJehova ongcwele onamandla unikwe uJesu ukuba umsize ahole abafundi bakhe emhlabeni. (Johane 15:26; 16:7) Yingakho uJesu athi: “Lonke igunya linikezwe mina ezulwini nasemhlabeni.” (Mathewu 28:18) Kodwa, uma kuziwa emithandazweni yethu, uJehova ukhetha ukuzibambela mathupha. Yingakho iBhayibheli lisiyala ukuba sibhekise imithandazo yethu kuJehova kuphela, senze kanjalo egameni likaJesu.—IHubo 69:13; Johane 14:6, 13.

16. Kungani singaqiniseka ukuthi uJehova uyayilalela ngempela imithandazo yethu?

16 Ingabe uJehova uyayilalela ngempela imithandazo yethu? Ukube ubengakhathali noma engenandaba, ubengeke asikhuthaze ukuba ‘siphikelele emthandazweni’ noma siphonse imithwalo nezinkathazo zethu kuye. (Roma 12:12; IHubo 55:22; 1 Petru 5:7) Izinceku ezithembekile ngezikhathi zeBhayibheli zaziqiniseka ngokuphelele ukuthi uJehova uyayilalela imithandazo. (1 Johane 5:14) Ngakho, umhubi uDavide wathi: ‘UJehova uyalizwa izwi lami.’ (IHubo 55:17) Nathi sinezizathu zokuqiniseka ukuthi uJehova useduze, ukulungele ukuzwa yonke imicabango nokukhathazeka kwethu.

UJehova Uyazivuza Izinceku Zakhe

17, 18. (a) UJehova uzizwa kanjani ngenkonzo yokwethembeka yezidalwa zakhe ezihlakaniphile? (b) Chaza indlela izAga 19:17 ezibonisa ngayo ukuthi uJehova uyaziqaphela izenzo zethu zesihe.

17 Isikhundla sikaJehova njengoMbusi Wendawo Yonke asithintwa yilokho abantu abangelutho abangase bakwenze noma benqabe ukukwenza. Noma kunjalo, uJehova unguNkulunkulu onokwazisa. Uyayazisa—empeleni iyigugu kuye—inkonzo yokwethembeka yezidalwa zakhe ezihlakaniphile. (IHubo 147:11) Ngakho-ke, nansi enye inzuzo etholwa yilabo abasondelene noJehova: Uyazivuza izinceku zakhe.—Heberu 11:6.

18 IBhayibheli libonisa ngokucacile ukuthi uJehova uyakwazisa okwenziwa abakhulekeli bakhe. Ngokwesibonelo, siyafunda: “Onomusa kompofu utsheleka uJehova, nomsebenzi wakhe uyawubuyisela kuye.” (IzAga 19:17) Ukucabangela kukaJehova abampofu ngesihe kwabonakala eMthethweni KaMose. (Levitikusi 14:21; 19:15) UJehova uzizwa kanjani lapho silingisa isihe sakhe endleleni esiphatha ngayo abampofu? Lapho sipha ompofu, singalindele kubuyiselwa, uJehova ukubheka njengokungathi kutshelekwa Yena. UJehova uthembisa ukuthi uyokhokha leso sikweletu ngomusa nezibusiso. (IzAga 10:22; Mathewu 6:3, 4; Luka 14:12-14) Yebo, lapho sibonisa isihawu kwesikholwa naye oswele, kuyayithinta inhliziyo kaJehova. Asive sibonga ngokwazi ukuthi uBaba wethu osezulwini uyaziqaphela izenzo zethu zesihe!—Mathewu 5:7.

19. (a) Kungani singaqiniseka ukuthi uJehova uyakwazisa lokho esikwenza emsebenzini wokushumayela nokwenza abafundi? (b) UJehova uzivuza kanjani izenzo eziyinkonzo ezenzelwa ukusekela uMbuso wakhe?

19 UJehova ukwazisa ngokukhethekile lokho esikwenzela uMbuso wakhe. Lapho sisondela kuJehova, kulindelekile ukuba sifune ukusebenzisa isikhathi, amandla nempahla yethu ukuze sihlanganyele ngokugcwele kangangokunokwenzeka emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi. (Mathewu 28:19, 20) Ngezinye izikhathi, singase sibe nomuzwa wokuthi kuncane esikufezayo. Inhliziyo yethu engaphelele ingase isenze sizibuze nanokuthi kazi uJehova uyayijabulela yini imizamo yethu. (1 Johane 3:19, 20) Kodwa uJehova wazisa noma isiphi isipho esisuka enhliziyweni eshukunyiswa uthando—kungakhathaliseki ukuthi sincane kangakanani. (Marku 12:41-44) IBhayibheli liyasiqinisekisa: “UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe.” (Heberu 6:10) Ngempela, uJehova ukhumbula futhi avuze ngisho nesenzo esincane kakhulu esiyinkonzo esenzelwa ukusekela uMbuso wakhe. Ngaphezu kwezibusiso ezicebile ezingokomoya esizithola manje, singalindela izinjabulo zokuphila ezweni elisha elizayo, lapho uJehova eyovula khona isandla sakhe ngomusa anelise izifiso ezilungile zabo bonke abasondelene naye!—IHubo 145:16; 2 Petru 3:13.

20. Kuwo wonke unyaka ka-2003, singawakhumbula kanjani amazwi ombhalo wethu wonyaka, kube namuphi umphumela?

20 Kuwo wonke unyaka ka-2003, masizibuze ukuthi siyaqhubeka yini sizama ukusondela kuBaba wethu osezulwini. Uma sikwenza, singaqiniseka ukuthi uyosabela, njengoba ethembisile. ‘UNkulunkulu akanakuqamba amanga.’ (Thithu 1:2) Uma usondela kuye, uyosondela kuwe. (Jakobe 4:8) Ube yini umphumela? Izibusiso ezichichimayo manje nethemba lokusondela nakakhulu kuJehova kulo lonke iphakade!

[Umbhalo waphansi]

^ par. 13 Wayekhuluma ngesihloko esithi “UJehova Mkhulu Kunezinhliziyo Zethu,” esikuyi-Nqabayokulinda ka-May 1, 2000, amakhasi 28-31.

Uyakhumbula?

• Isiphi isipho uJehova asinika labo abasondela kuye?

• Imaphi amalungiselelo uJehova awenzela ukuvikela abantu bakhe ngokomoya?

• Kungani kuyilungelo eliphawulekayo ukukwazi ukufinyelela uJehova ngomthandazo?

• IBhayibheli libonisa kanjani ukuthi uJehova uyayazisa inkonzo yokwethembeka yezidalwa zakhe ezihlakaniphile?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 15]

UJehova usibusise ngokuqonda amaqiniso angokomoya

[Izithombe ekhasini 16, 17]

UJehova unikeza isivikelo esingokomoya

[Isithombe ekhasini 18]

UJehova useduze, ukulungele ukulalela yonke imithandazo yethu