Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehova—UNkulunkulu Ofanelwe Ukwaziwa

UJehova—UNkulunkulu Ofanelwe Ukwaziwa

UJehova—UNkulunkulu Ofanelwe Ukwaziwa

KUNGENZEKA yini ukuthi kukhona okuthile okubalulekile ekuphileni okukulahlekelayo? Uma kukuncane okwaziyo ngoNkulunkulu, khona-ke uyalahlekelwa nakanjani. Ngani? Ngoba, njengoba izigidi zabantu zitholile, ukwazi uNkulunkulu weBhayibheli kuletha izinzuzo ezinkulu ekuphileni. Lezi zinzuzo zitholakala ngokushesha futhi zihlala ukuphila kwakho konke.

UJehova uNkulunkulu, uMlobi weBhayibheli, ufuna simazi. Umhubi wabhala: “Ukuze abantu bazi ukuthi wena, ogama lakho linguJehova, wena wedwa ungoPhezukonke emhlabeni wonke.” Uyaqaphela ukuthi kuzuzisa thina ukumazi. “Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wakho, lowo okufundisayo ukuze uzuze.” Sizuza kanjani ngokwazi uJehova uNkulunkulu, oPhezukonke?—IHubo 83:18; Isaya 48:17.

Enye inzuzo yangempela ukuthi sithola isiqondiso ezinkingeni zansuku zonke, ithemba eliqinisekile lekusasa, nokuthula kwengqondo. Ngaphezu kwalokho, ukumazi kahle uJehova kusenza sibe nemibono ehlukile ngemibuzo ebaluleke kakhulu abantu abazibuza yona emhlabeni wonke namuhla. Imiphi leyo mibuzo?

Ingabe Ukuphila Kwakho Kunayo Injongo?

Naphezu kwentuthuko yesintu emangalisayo kwezobuchwepheshe, abantu namuhla basazibuza imibuzo efanayo eyisisekelo ethi: ‘Kungani ngilapha? Ngiyaphi? Iyini injongo yokuphila?’ Uma umuntu engazitholi izimpendulo ezanelisayo, ukuphila kwakhe ngeke kube nayo injongo yangempela. Ingabe abantu abaningi banayo le nkinga? Ukuhlola okwenziwa eJalimane ekupheleni kwawo-1990 kwembula ukuthi ingxenye yalabo okwakhulunywa nabo ngokuvamile noma ngezinye izikhathi baba nomuzwa wokuthi sengathi ukuphila akunanjongo. Mhlawumbe kunjalo nalapho uhlala khona.

Uma umuntu engenayo injongo ekuphileni kuncane angakhela kukho imigomo yakhe. Abaningi bazama ukuxazulula le nkinga ngokuphishekela umsebenzi wokuziphilisa ophambili noma ngokuqongelela ingcebo. Noma kunjalo bangase bahlushwe umuzwa wobuze. Abanye ukungabi nayo injongo ekuphileni kubakhathaza kuze kube seqophelweni lokungabe besafuna ukuphila. Yilokho okwenzeka komunye owesifazane omuhle osemusha, ngokwe-International Herald Tribune, owakhulela “phakathi komcebo omangalisayo namalungelo angenamkhawulo.” Nakuba ayephila phakathi komhlane nembeleko, wayenesizungu nomuzwa wokuthi ukuphila kwakhe akunanjongo. Waphuza amaphilisi okulala watholakala efile. Kungenzeka bakhona abanye obaziyo ababenesizungu abafa kabuhlungu.

Nokho, uke wabezwa yini abantu bethi isayensi ingasitshela konke ngokuphila? Iphephandaba lamasonto onke laseJalimane i-Die Woche lithi: “Nakuba isayensi iyiqiniso, iyantula ngokomoya. Ukuziphendukela kwemvelo kubonakala kungagculisi, ngisho ne-quantum physics, nokuguquguquka kwayo okungabikezeleki, ayinikezi nduduzo nakulondeka.” Okutholwe isayensi kusichazele okuningi ngezinhlobonhlobo zokuphila nangemijikelezo yemvelo nezinqubo ezigcina ukuphila. Noma kunjalo, isayensi ayikwazi ukusitshela ukuthi kungani silapha nokuthi siyaphi. Uma sithembela kuyisayensi ngokuphelele, imibuzo yethu ngenjongo yokuphila ihlala ingaphenduliwe. Umphumela uba yilokho okwabikwa iphephandaba i-Süddeutsche Zeitung, “isidingo esikhulu sesiqondiso.”

Ubani osesimweni esingcono sokunikeza leso siqondiso kunoMdali? Njengoba kunguye kwasekuqaleni owabeka abantu emhlabeni, kumelwe ukuba uyazi ukuthi kungani belapha. IBhayibheli liyachaza ukuthi uJehova wadala abantu ukuze bagcwalise umhlaba bawunakekele. Kukho konke abakwenzayo, abantu kwakumelwe babonakalise izimfanelo zakhe, ezinjengobulungisa, ukuhlakanipha nothando. Uma siqonda ukuthi kungani uJehova asidala, siyazi ukuthi kungani silapha.—Genesise 1:26-28.

Yini Ongayenza?

Kuthiwani uma esikhathini esidlule ungazitholanga izimpendulo ezanelisayo zale mibuzo: ‘Kungani ngilapha? Ngiyaphi? Iyini injongo yokuphila?’ IBhayibheli litusa ukuba umazele eduze uJehova. Eqinisweni, uJesu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.” Ukhuthazwa nokuba uhlakulele izimfanelo zokuhlonipha uNkulunkulu, ikakhulukazi uthando, futhi ukwenze umgomo wakho ukuphila ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu ozayo oyobuswa uMesiya. Uyobe usuba nenjongo ekuphileni nethemba elimangalisayo neliqinisekile ngekusasa. Cishe leyo mibuzo eyisisekelo ebilokhu ikukhathaza iyophenduleka.—Johane 17:3; UmShumayeli 12:13.

Kungenza umehluko ongakanani lokho? UHans uyazi. * Eminyakeni edlule wayekholelwa kuNkulunkulu ngendlela evamile, kodwa ukholo lwakhe lwalungakuthinti ukuphila kwakhe. UHans wayezithandela izidakamizwa, abesifazane abangenasimilo, izenzwana zobugebengu nezithuthuthu. Uyachaza: “Ukuphila kwakungenanjongo, kunganelisi ngempela.” Lapho eneminyaka engaba ngu-25, uHans wanquma ukwazi ukuthi uNkulunkulu ungumuntu onjani ngokufunda iBhayibheli ngokucophelela. Kwathi angamazela eduze uJehova waqonda nenjongo yokuphila, uHans washintsha indlela yakhe yokuphila wabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova. Useneminyaka eyishumi esenkonzweni yesikhathi esigcwele. Uyavuma: “Ukukhonza uJehova yindlela yokuphila engcono kunazo zonke. Akukho okungaqhathaniswa nako. Ukwazi uJehova kungenze ngaba nenjongo ekuphileni.”

Kuyiqiniso ukuthi umbuzo wokuthi iyini injongo yokuphila akuwona wodwa okhathaza abantu abaningi. Njengoba izimo ezweni ziqhubeka ziba zimbi, abantu abaningi ngokwengeziwe bakhathazwa omunye futhi umbuzo obalulekile.

Kungani Kwenzekile?

Lapho kwehla usizi, ngokuvamile munye umbuzo oba sengqondweni yalowo ososizini: Kungani kwenzekile? Ukuthola impendulo efanele yalowo mbuzo yikona ngokuyinhloko okungenza umuntu akwazi ukubhekana nalolo sizi ngokomzwelo. Uma engayitholi impendulo eyanelisayo, ubuhlungu buyaphikelela futhi angase athukuthele. Thatha ngokwesibonelo lokho okwenzeka kuBruni.

“Eminyakeni ethile edlule ngashonelwa umntwana wami wentombazane,” kuchaza uBruni, manje ongumama oseqinile. “Ngangikholelwa kuNkulunkulu, ngakho ngafuna induduzo kumfundisi. Wangitshela ukuthi uNkulunkulu wayethathe uSusanne wamyisa ezulwini, futhi useyingelosi. Akukona nje kuphela ukuthi ngazizwa ngifelwe yizwe ngokufa kwakhe kodwa futhi ngamzonda uNkulunkulu ngokuthi umthathile.” Ubuhlungu nosizi lukaBruni kwaqhubeka iminyaka eminingi. “Ngelinye ilanga omunye woFakazi BakaJehova wangibonisa eBhayibhelini ukuthi sasingekho isizathu sokuba ngizonde uNkulunkulu. UJehova wayengamthathanga uSusanne, futhi akayona ingelosi. Ukugula kwakhe kwakungenxa yokungapheleli kobuntu. USusanne ulele kwabafileyo, ulindele ukuba uJehova amvuse. Ngafunda nokuthi abantu wayebadalele ukuba baphile phakade emhlabeni oyipharadesi, futhi lokhu kuzokwenzeka ngokushesha. Ngathi ngingaqala ukuqonda ukuthi uJehova uluhlobo luni lomuntu ngempela, ngasondela eduze naye, nobuhlungu engangibuzwa baqala ukudamba.”—IHubo 37:29; IzEnzo 24:15; Roma 5:12.

Izigidi zabantu zehlelwa izinsizi ezihlukahlukene: usizi olwehlela umuntu ngamunye, impi, indlala, noma izinhlekelele zemvelo. UBruni wakhululeka ngemva kokuzibonela eBhayibhelini ukuthi akuyena uJehova obangela usizi, ukuthi akukaze kube inhloso yakhe ukuba abantu bahlupheke nokuthi ngokushesha uzobuqeda ububi. Khona kanye ukuthi ububi buyanda kuwuphawu lokuthi manje siphila ‘ezinsukwini zokugcina’ zalesi simiso sezinto. Ushintsho olukhulu sonke esilulangazelelayo seluseduze.—2 Thimothewu 3:1-5; Mathewu 24:7, 8.

Ukwazi UNkulunkulu

UHans noBruni babenombono ofiphele ngoNkulunkulu. Babekholelwa kuye bebe bengazi lutho olutheni ngaye. Lapho bezinika isikhathi sokumazi ngokunembile uJehova, imizamo yabo yaba nezithelo. Bathola izimpendulo ezifanelekayo zemibuzo ebalulekile yosuku lwethu. Lokhu kwabanika ukuthula kwengqondo nethemba eliqinisekile ngekusasa. Kwenzeke okufanayo ezigidini zezinceku zikaJehova.

Ukwazi uJehova kuqala ngokuhlolisisa iBhayibheli, elisitshela ngaye nangalokho akufunayo kithi. Yilokho abanye abakwenza ngekhulu lokuqala. ULuka isazi-mlando futhi owayengudokotela ubika ukuthi amalungu ebandla lamaJuda eBhereya, eGrisi ‘amukela izwi [kuPawulu noSila] ngengqondo enokulangazela okukhulu, ehlola ngokucophelela imiBhalo nsuku zonke ukuthi zinjalo yini lezi zinto.’—IzEnzo 17:10, 11.

AmaKristu ekhulu lokuqala ayehlangana futhi emabandleni. (IzEnzo 2:41, 42, 46; 1 Korinte 1:1, 2; Galathiya 1:1, 2; 2 Thesalonika 1:1) Kunjalo nanamuhla. Amabandla oFakazi BakaJehova aba nemihlangano eklanyelwe ukusiza abantu ukuba basondele kuJehova nokuba bajabulele ukumkhonza. Ukuhlanganyela noFakazi abasendaweni yakini kunenye inzuzo. Njengoba abantu beya ngokuya befana noNkulunkulu abamkhulekelayo, oFakazi BakaJehova babonisa izimfanelo uJehova ngokwakhe azibonisayo, ngisho noma kungezinga elilinganiselwe. Ngakho ukuhlangana noFakazi kusisiza ukuba sazi uJehova nakangcono.—Hebheru 10:24, 25.

Ingabe lokho kuzwakala kuwumsebenzi omkhulu ukuze wazi uMuntu oyedwa nje kuphela? Umzamo uyadingeka nakanjani. Kodwa akunjalo yini ngezinto eziningi ekuphileni ofuna ukuzifinyelela? Cabanga ngendlela umdlali ophambili azikhandla ngayo lapho eziqeqesha. Ngokwesibonelo, uJean-Claude Killy waseFrance owathola indondo yegolide emidlalweni yama-Olympic yokushibilika eqhweni usho lokhu mayelana nalokho okudingekayo ukuze uphumelele emidlalweni yokuncintisana ezingeni lomhlaba: “Kumelwe uqale kusasele iminyaka eyishumi, uzilungiselele iminyaka ngeminyaka, ucabange ngakho nsuku zonke . . . Umsebenzi owenza ngengqondo nangomzimba izinsuku ezingu-365 ngonyaka.” Kudingeka sonke leso sikhathi nokuzikhandla ukuze nje ungenele umncintiswano ongase uthathe imizuzu eyishumi! Yeka ukuthi kukhulu kangakanani—futhi kuhlala isikhathi eside kangakanani—okungatholakala ngokwazi uJehova.

Ubuhlobo Obuqhubeka Bukhula

Ubani othanda ukulahlekelwa yinto ebalulekile ekuphileni? Akekho. Uma usola sengathi ukuphila kwakho akunayo injongo yangempela noma ufisa ukuthola incazelo yokuthi kungani kuba khona usizi, khona-ke, zimisele ngokuqinile ukwazi uJehova, uNkulunkulu weBhayibheli. Ukufunda ngaye kungakwenza ngcono ukuphila kwakho, phakade.

Ingabe kuyoke kuphele ukufunda ngoJehova? Labo asebemkhonze amashumi eminyaka basamangala ngalokho abakufundile ngaye nangezinto ezintsha abasaqhubeka bezifunda ngaye. Ukwazi lezo zinto kusenza sijabule futhi kuqhubeka kusisondeza kuye. Sengathi nathi singasho lokho okwashiwo umphostoli uPawulu, owabhala wathi: “O ukujula kwengcebo nokuhlakanipha nolwazi lukaNkulunkulu! Yeka ukuthi zingezingaphenyeki kanjani izahlulelo zakhe nokuthi zingezingenakuthungathwa kanjani izindlela zakhe! Ngoba ‘ubani owaziyo umqondo kaJehova, noma ubani oye waba umeluleki wakhe?’”—Roma 11:33, 34.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 12 Amagama ashintshiwe.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 5]

Abantu basazibuza imibuzo efanayo eyisisekelo ethi: ‘Kungani ngilapha? Ngiyaphi? Iyini injongo yokuphila?’

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]

“Ngathi ngingaqala ukuqonda ukuthi uJehova uluhlobo luni lomuntu ngempela, ngasondela eduze naye”

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 7]

“Ukukhonza uJehova yindlela yokuphila engcono kunazo zonke. Akukho okungaqhathaniswa nako. Ukwazi uJehova kungenze ngaba nenjongo ekuphileni”