Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Ngaso Sonke Isikhathi Udinga Umyalo WeBhayibheli?

Ingabe Ngaso Sonke Isikhathi Udinga Umyalo WeBhayibheli?

Ingabe Ngaso Sonke Isikhathi Udinga Umyalo WeBhayibheli?

NGESIKHATHI useyingane, kungenzeka abazali bakho babekubekela imithetho eminingi. Njengoba wawuya ukhula uba mdala, waqonda ukuthi babekukhathalela ngempela. Njengoba usumdala, cishe usazigcina izimiso ezithile abazigxilisa kuwe, ngisho noma ungasekho ngaphansi kwesandla sabo.

UBaba wethu osezulwini, uJehova, usinikeza imiyalo eminingi eqondile ngeZwi lakhe, iBhayibheli. Ngokwesibonelo, uyakwenqabela ukukhonza izithombe, ubufebe, ukuphinga nokweba. (Eksodusi 20:1-17; IzEnzo 15:28, 29) Njengoba siya ‘sikhula’ ngokomoya ‘kuzo zonke izinto,’ siyaqonda ukuthi uJehova usikhathalela ngempela nokuthi imiyalo yakhe ayibophi ngokweqile.—Efesu 4:15; Isaya 48:17, 18; 54:13.

Nokho, kunezimo eziningi lapho kungabekiwe khona umyalo oqondile. Ngenxa yalokho, abanye bacabanga ukuthi uma kungabekwe mthetho weBhayibheli oqondile, bakhululekile ukuba benze abakuthandayo. Benza izaba zokuthi uma uNkulunkulu ayebona kunesidingo, wayeyoyiveza intando yakhe ngokubeka umyalo oqondile.

Labo abacabanga ngale ndlela ngokuvamile benza izinqumo ezingahlakaniphile okuthi kamuva bazisole kakhulu ngazo. Bayehluleka ukubona ukuthi iBhayibheli aliqukethe imithetho nje kuphela kodwa nezinkomba zendlela uNkulunkulu acabanga ngayo. Njengoba sitadisha iBhayibheli futhi siya siwazi umbono kaJehova ngezinto, siba nonembeza oqeqeshwe iBhayibheli futhi sisizwa ukuba senze izinqumo ezibonisa indlela yakhe yokucabanga. Lapho senza kanjalo, sijabulisa inhliziyo yakhe futhi sivuna izithelo ezibangelwa ukwenza izinqumo ezihlakaniphile.—Efesu 5:1.

Izibonelo ZeBhayibheli Ezivelele

Lapho sibheka umlando oseBhayibhelini wezinceku zikaNkulunkulu zasendulo, sithola izimo lapho zacabangela khona umbono kaNkulunkulu ngisho noma kwakungabekwe myalo oqondile. Cabanga ngesibonelo sikaJosefa. Ngesikhathi umkaPotifari emyengela ekuziphatheni okubi, wawungekho umthetho kaNkulunkulu ophefumulelwe futhi obhalwe phansi owawenqabela ukuphinga. Nokho, ngisho noma wawungabekiwe umthetho oqondile, uJosefa wabona ukuthi ukuphinga kwakuyisono, hhayi nje ngoba ayelahlwa unembeza wakhe kodwa futhi ngenxa yokuthi kwakuyisono “kuNkulunkulu.” (Genesise 39:9) Kusobala ukuthi uJosefa waqaphela ukuthi ukuphinga kwakuphambene nombono kaNkulunkulu nanentando yakhe, njengoba akusho e-Edene.—Genesise 2:24.

Cabanga ngesinye isibonelo. Encwadini yezEnzo 16:3, sifunda ukuthi ngaphambi kokuba ahambe noThimothewu ohambweni lwakhe lobuKristu, uPawulu wamsoka. Nokho, evesini 4 sifunda ukuthi ngemva kwalokho uPawulu noThimothewu badabula emizini benikeza “izinqumo ezazinqunywe abaphostoli namadoda amadala eJerusalema.” Esinye salezo zinqumo sasithi amaKristu ayengasabophekile ukuba asoke! (IzEnzo 15:5, 6, 28, 29) Kungani uPawulu ayenomuzwa wokuthi kwakudingekile ukuba uThimothewu asokwe? “Ngenxa yamaJuda ayekulezo zindawo, ngoba wonke ngothi lwawo ayazi ukuthi uyise [kaThimothewu] ungumGreki.” UPawulu wayengafuni ukuwacunula noma ukuwakhuba ngokungadingekile. Wayekhathalela ukuba amaKristu aqhubeke ‘ezitusa kubo bonke onembeza babantu emehlweni kaNkulunkulu.’—2 Korinte 4:2; 1 Korinte 9:19-23.

UPawulu noThimothewu babevamile ukucabanga ngale ndlela. Funda izindima ezinjengamaRoma 14:15, 20, 21 neyoku-1 Korinte 8:9-13; 10:23-33, ubone indlela uPawulu ayelikhathalela ngokujule ngayo ingokomoya labanye, ikakhulukazi labo ababengase bakhutshwe okuthile, empeleni, okwakungekubi. Futhi uPawulu wabhala ngoThimothewu: “Anginaye omunye onesimo esinjengesakhe oyozinakekela ngobuqotho izinto eziphathelene nani. Ngoba bonke abanye bazifunela izinzuzo zabo siqu, hhayi ezikaKristu Jesu. Kodwa niyabazi ubufakazi abunikeza ngaye ngokwakhe, ukuthi njengomntwana osebenza noyise wazigqilaza kanye nami ekuqhutshekiselweni phambili kwezindaba ezinhle.” (Filipi 2:20-22) Yeka isibonelo esihle la madoda amabili angamaKristu asibekela sona namuhla! Kunokuba akhethe izinto ezuzisa wona noma azithandayo lapho ungekho umyalo kaNkulunkulu oqondile obekiwe, alingisa uthando lukaJehova neNdodana yakhe ngokucabangela ukuthi izinqumo zawo zingase zibathinte kanjani abanye ngokomoya.

Cabanga ngoJesu Kristu, isibonelo sethu esiyinhloko. ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, wachaza ngokucacile ukuthi lowo owuqondayo umongo wemithetho kaNkulunkulu uyoyilalela ngisho noma ungekho umyalo onqabelayo obekwe ngokuqondile. (Mathewu 5:21, 22, 27, 28) UJesu, uPawulu, uThimothewu kanye noJosefa abazange bavumelane nombono othi uma ungekho umthetho kaNkulunkulu oqondile, umuntu angenza akuthandayo. Ezivumelanisa nendlela kaNkulunkulu yokucabanga, la madoda aphila ngalokho uJesu athi kuyimiyalo emibili emikhulu kunayo yonke—ukuthanda uNkulunkulu nomakhelwane.—Mathewu 22:36-40.

Kuthiwani NgamaKristu Namuhla?

Kuyacaca ukuthi akufanele sibheke iBhayibheli njengencwadi yomthetho—silindele ukuba zonke izimfuneko zishiwo ngokuqondile. Siyayijabulisa kakhulu inhliziyo kaJehova uma sikhetha ukwenza lokho okubonisa ukucabanga kwakhe, ngisho nalapho kungekho mthetho oqondile othi masenze ngendlela ethile. Ngamanye amazwi, kunokuba njalo kudingeke sitshelwe ukuthi uNkulunkulu ufuna senzeni, ‘singaqonda ukuthi iyini intando kaJehova.’ (Efesu 5:17; Roma 12:2) Kungani lokhu kumjabulisa uJehova? Ngoba kubonisa ukuthi sikhathalela kakhulu ukumjabulisa kunezinto esizithandayo namalungelo ethu. Futhi kubonisa ukuthi siyalwazisa uthando lwakhe kangangokuthi sifuna ukulubonisa, silwenze lube amandla asishukumisayo. (IzAga 23:15; 27:11) Ngaphezu kwalokho, izenzo ezisekelwe kulokho okuboniswa imiBhalo zinomthelela enhlalakahleni engokomoya futhi ngokuvamile nasempilweni engokomzimba.

Ake sibone ukuthi lesi simiso singasetshenziswa kanjani ezindabeni zomuntu siqu.

Ukukhetha Ezokuzijabulisa

Cabanga ngensizwa efuna ukuthenga ikhasethi elithile lomculo. Lokho ekuzwe kuleli khasethi kuyakhanga kakhulu, kodwa ikhathazekile ngoba isembozo sibonisa ukuthi kuculwa ngobulili ingcaca futhi kunenhlamba. Ngaphezu kwalokho, iyabona futhi ukuthi izingoma eziningi zalo mculi zizwakalisa intukuthelo nomoya wokulwa. Njengoba imthanda uJehova, le nsizwa ikhathalela imibono nemizwa yaKhe ngale ndaba. Ingathola kanjani ukuthi iyini intando kaNkulunkulu kulokhu?

Encwadini yakhe ayibhalela abaseGalathiya, umphostoli uPawulu wabala imisebenzi yenyama nezithelo zomoya kaNkulunkulu. Cishe uyazi ukuthi izithelo zomoya kaNkulunkulu zihlanganisa nani: uthando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene, ukuzithiba. Kodwa yiziphi izinto eziyimisebenzi yenyama? UPawulu uyabhala: “Manje imisebenzi yenyama iyabonakala, futhi iwubufebe, ukungcola, ukuziphatha okubi, ukukhonza izithombe, umkhuba wokusebenzisa imimoya, ubutha, ukuxabana, umhawu, isifuthefuthe sentukuthelo, imibango, ukuhlukana, amahlelo, umona, izikhathi zokudakwa, imibuthano exokozelayo, nezinto ezifana nalezi. Nginixwayisa kusengaphambili ngokuqondene nalezi zinto, njengoba nje nganixwayisa kusengaphambili, ukuthi labo abenza izinto ezinjalo ngeke balizuze ifa lombuso kaNkulunkulu.”—Galathiya 5:19-23.

Phawula amazwi okugcina ngcí kulolu hlu—‘izinto ezifana nalezi.’ UPawulu akazange enze uhlu oluphelele lwazo zonke izinto okwakungathiwa ziyimisebenzi yenyama. Lokhu akusho ukuthi umuntu usengazithethelela athi: ‘ImiBhalo iyangivumela ukuba ngenze noma yini engekho ohlwini lukaPawulu lwemisebenzi yenyama.’ Kunalokho, abafundi kuyodingeka basebenzise amandla abo okuqonda ukuze bakwazi ukubona izinto okungenzeka azibalwanga ohlwini kodwa okuyizinto “ezifana nalezi.” Labo abenza imikhuba engabaliwe lapha kodwa eyizinto “ezifana nalezi” futhi bengaphenduki ngeke bazithole izibusiso zoMbuso kaNkulunkulu.

Ngakho, kudingeka siqonde, noma sibone, ukuthi yini enengekayo emehlweni kaJehova. Ingabe lokho kunzima? Ake sithi udokotela wakho ukululeka ukuba udle kakhulu izithelo nezitshalo kodwa ugweme uphayi, u-ayisikhilimu nezinto ezifana nalezi. Bekungaba nzima yini ukubona ukuthi amakhekhe angena kuluphi uhlu? Manje zibuke futhi izithelo zomoya kaNkulunkulu nemisebenzi yenyama. Ikhasethi lomculo okukhulunywe ngalo ngenhla lingena kuluphi uhlu? Ngokuqinisekile alinazo izimfanelo ezinjengothando, ubuhle, uzithiba, noma ezinye izimfanelo ezihambisana nezithelo zomoya kaNkulunkulu. Umuntu akawudingi umthetho oqondile ukuze abone ukuthi lolu hlobo lomculo aluvumelani nendlela kaNkulunkulu yokucabanga. Lezi zimiso ziyasebenza ezincwadini esizifundayo, kumabhayisikobho esiwabukayo, izinhlelo zethelevishini, imidlalo ye-computer, izingosi ze-Internet nakokunye.

Ukubukeka Komuntu Siqu Okwamukelekayo

IBhayibheli futhi linikeza izimiso ezithinta izindaba zokugqoka nokuzilungisa. Lezi zimiso ziqondisa umKristu ngamunye ukuba akwazi ukulondoloza ukubukeka okufanelekayo nokuhle. Nalapha futhi, umuntu othanda uJehova ubheka lokhu njengethuba lokwenza lokho okuzojabulisa uYise osezulwini, hhayi lokwenza noma yini ayithandayo. Njengoba sesibonile, iqiniso lokuthi uJehova akabeki imithetho eqondile endabeni ethile alisho ukuthi akanandaba nokuthi abantu bakhe benzani. Ezindaweni ezihlukahlukene izitayela azifani, ngisho nasendaweni eyodwa, zishintsha njalo. Nokho, uNkulunkulu unikeza izimiso eziyisisekelo okufanele ziqondise abantu bakhe ngazo zonke izikhathi nakuzo zonke izindawo.

Ngokwesibonelo, eyoku-1 Thimothewu 2:9, 10 ithi: “Ngokufanayo, ngifisa ukuba abesifazane bazihlobise ngezingubo ezilungiswe kahle, ngesizotha nangokuhluzeka kwengqondo, hhayi ngezitayela zokwaluka izinwele nangegolide noma amapharele noma ngemvunulo ebiza kakhulu, kodwa ngendlela efanele abesifazane abathi bahlonipha uNkulunkulu, okungukuthi, ngemisebenzi emihle.” Ngakho, abesifazane abangamaKristu—namadoda—kufanele bakucabangele ngokucophelela ukuthi abantu basendaweni yakubo balindele ukuba babukeke kanjani labo “abathi bahlonipha uNkulunkulu.” Kufaneleka nakakhulu ukuba umKristu acabangele ukuthi ukubukeka kwakhe kuzokwenza abanye bacabangeni ngesigijimi seBhayibheli asiphethe. (2 Korinte 6:3) UmKristu oyisibonelo ngeke akhathazeke ngokweqile ngalokho okuthandwa nguye noma amalungelo akhe, kodwa kunalokho, uyokhathazeka ngokungabi yisiphazamiso noma isikhubekiso kwabanye.—Mathewu 18:6; Filipi 1:10.

Uma umKristu ethola ukuthi isitayela esithile sokubukeka kwakhe siyabaphazamisa noma siyabakhuba abanye, angalingisa umphostoli uPawulu ngokukhathalela kakhulu inhlalakahle yabanye engokomoya kunezinto ezithandwa nguye. UPawulu wathi: “Yibani abalingisi bami, njengoba nje nami ngingumlingisi kaKristu.” (1 Korinte 11:1) Futhi ngokuqondene noJesu, uPawulu wabhala: “Ngisho noKristu akazijabulisanga yena.” Umyalo kaPawulu kuwo wonke amaKristu ucacile: “Nokho, thina esiqinile kufanele sithwale ubuthakathaka balabo abangaqinile, singazijabulisi thina. Yilowo nalowo kithi makajabulise umakhelwane wakhe ngento ezomakha.”—Roma 15:1-3.

Ukulola Amandla Ethu Okuqonda

Singawathuthukisa kanjani amandla ethu okuqonda ukuze sikwazi ukubona ukuthi singamjabulisa kanjani uJehova ngisho noma engasinikanga isiqondiso esiqondile endabeni ethile? Uma sifunda iZwi lakhe nsuku zonke, silitadisha njalo, futhi sizindla ngesikufundayo, amandla ethu okuqonda ayokhula. Ukukhula okunjalo akwenzeki ngokushesha. Njengokukhula kwengane, ukukhula ngokomoya kwenzeka kancane kancane futhi akubonakali ngokushesha. Ngakho kudingeka ukubekezela, futhi akufanele sikhungatheke uma singayiboni ngokushesha intuthuko. Ngakolunye uhlangothi, ukudlula nje kwesikhathi esiningi kona ngokwako ngeke kuwalole amandla ethu okuqonda. Leso sikhathi kumelwe sisetshenziselwe ukuhlola iZwi likaNkulunkulu njalo njengoba kuphawulwe ngenhla, futhi kumelwe silisebenzise ngokusemandleni ethu.—Hebheru 5:14.

Kungashiwo ukuthi imithetho kaNkulunkulu ivivinya ukulalela kwethu, kuyilapho izimiso zakhe zivivinya ukuqina kwengokomoya lethu nokwesifiso sethu sokumjabulisa. Njengoba siya sikhula ngokomoya, sizogxila kakhulu ekulingiseni uJehova neNdodana yakhe. Sizozimisela ukwenza izinqumo ezisekelwe ekucabangeni kukaNkulunkulu ezindabeni ezithile njengoba imiBhalo ibonisa. Lapho sijabulisa uBaba wethu wasezulwini kukho konke esikwenzayo, siyothola ukuthi injabulo yethu nayo iyakhula.

[Izithombe ekhasini 23]

Ezindaweni ezihlukahlukene izitayela zokugqoka azifani, kodwa izimiso zeBhayibheli kufanele zisiqondise ekukhetheni kwethu