Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Ingabe oFakazi BakaJehova bamukela noma imiphi imikhiqizo eyenziwe ngegazi?

Impendulo elandelayo iphinda umqondo walokho okwanyatheliswa kumagazini ka-June 15, 2000.

Impendulo esemqoka iwukuthi oFakazi BakaJehova abalamukeli igazi. Sikholelwa ngokuqinile ukuthi umthetho kaNkulunkulu ophathelene negazi akumelwe ushintshwe ukuze uvumelane nemibono eshintshile. Nokho, kuphakama izimo ezintsha ngenxa yokuthi igazi selingahlungwa, kukhishwe izakhi ezine eziyinhloko bese kukhishwa nezingxenyana ezithile zalezo zakhi. Ukuze umKristu anqume ukuthi angakwamukela yini lokho, kumelwe abheke ngale kwalokho okungase kube izinzuzo nezingozi zokwelapha. Kufanele akhathazeke ngalokho iBhayibheli elikushoyo kanye nemiphumela engase ibe khona ebuhlotsheni bakhe noNkulunkulu uMninimandla onke.

Umnyombo walokhu ulula. Ukuze ubone ukuthi kungani kunjalo, cabangela imininingwane ehilelekile engokweBhayibheli, engokomlando, nengokwezokwelapha.

UJehova uNkulunkulu watshela ukhokho wethu sonke uNowa ukuthi igazi kumelwe liphathwe njengokuthile okukhethekile. (Genesise 9:3, 4) Kamuva, imithetho kaNkulunkulu eyanikwa u-Israyeli yabonisa ubungcwele begazi ngokuthi: “Ngokuqondene nanoma yimuphi umuntu wendlu ka-Israyeli noma umfokazi . . . odla noma yiliphi igazi, ngokuqinisekile ubuso bami buyomelana nomphefumulo odla igazi.” Ngokwenqaba umthetho kaNkulunkulu, umIsrayeli wayengangcolisa abanye, ngakho uNkulunkulu wanezela: “[Ngiyomnquma] impela phakathi kwabantu bakubo.” (Levitikusi 17:10) Kamuva, emhlanganweni eJerusalema, abaphostoli namadoda amadala banquma ukuthi kumelwe ‘sidede egazini.’ Ukwenza kanjalo kubaluleke njengokudeda ekuziphatheni okubi kobulili nasekukhonzeni izithombe.—IzEnzo 15:28, 29.

Ngaleso sikhathi kwakusho ukuthini ‘ukudeda’? AmaKristu ayengalidli igazi, kungakhathaliseki ukuthi lisashisa noma lijiyile; futhi ayengayidli inyama yesilwane esingophanga. Okunye ayengeke akudle kwakuwukudla okufakwe igazi, njengamasoseji egazi. Ukudla igazi nganoma iyiphi yalezo zindlela kwakuwukwephula umthetho kaNkulunkulu.—1 Samuweli 14:32, 33.

Abantu abaningi basendulo kwakungabakhathazi ukudla igazi, njengoba singabona kulokho okwalotshwa uTertullian (ngekhulu lesibili nelesithathu C.E.). Ephendula ukusola okungamanga kokuthi amaKristu ayelidla igazi, uTertullian wabala izizwana ezaziqinisa isivumelwano ngokunambitha igazi. Waphawula nokuthi “lapho kuba nombukiso enkundleni [abathile] abanesifiso sokuhaha babekhongozela igazi elisashisa lonecala . . njengekhambi lokwelapha isithuthwane esasibaphethe.”

Imikhuba enjalo (ngisho noma amaRoma athile ayeyenzela izizathu ezingokwempilo) yayingukwephula umthetho kumaKristu: “Asifaki ngisho negazi lezilwane ekudleni kwethu okuvamile,” kubhala uTertullian. AmaRoma ayesebenzisa ukudla okunegazi ukuze avivinye ubuqotho bamaKristu angempela. UTertullian wanezela: “Manje, ake nisho, kwenzeka kanjani ukuba, njengoba niqiniseka [ukuthi amaKristu] azolenqaba ngokwenyanya igazi lezilwane, nicabange ukuthi angase ahahele igazi lomuntu?”

Namuhla, bambalwa abantu abangacabanga ukuthi lapho udokotela esikisela ukuba bampontshelwe igazi kusuke kuhileleke imithetho kaNkulunkulu uMninimandla onke. Nakuba oFakazi BakaJehova befuna ukuqhubeka bephila, sizimisele ukulalela umthetho kaJehova ngokuphathelene negazi. Lokhu kusho ukuthini ngokuphathelene nezindlela zokwelapha zanamuhla?

Njengoba ukumpompela igazi kwaqala ukujwayeleka ngemva kweMpi Yezwe II, oFakazi BakaJehova bakubona lokhu ukuthi kwakuphambene nomthetho kaNkulunkulu—futhi sisakholelwa kanjalo. Nokho, ezokwelapha ziye zashintsha njengoba isikhathi siqhubeka. Namuhla, ngokuvamile akumpontshelwa igazi lilonke kodwa kumpontshelwa izakhi zalo eziyinhloko: (1) amangqamuzana abomvu; (2) amangqamuzana amhlophe; (3) izinhlayiya zegazi (platelets); (4) uketshezi olungenambala olusegazini (plasma). Odokotela bangase basikisele ukuba kusetshenziswe amangqamuzana abomvu, amhlophe, izinhlayiya zegazi noma uketshezi olungenambala olusegazini kuye ngezimo zesiguli. Ukumpontshelwa lezi zakhi zegazi eziyinhloko kwenza iphakeshana elilodwa legazi lihlukaniselwe iziguli eziningi. OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi ukwamukela igazi noma yinoma iziphi izakhi zalo ezine eziyinhloko kuwukwephula umthetho kaNkulunkulu. Okuphawulekayo ukuthi ukunamathela kwabo kulokhu kuye kwabavikela ezingozini eziningi, njengasezifweni ezinjengokusha kwesibindi nengculaza ezingangena umuntu ngenxa yokumpontshelwa igazi.

Nokho, njengoba kwazona lezo zakhi eziyinhloko zingase zihlungwe, kuphakama imibuzo ngokuphathelene nezingxenyana ezikhishwa kulezo zakhi eziyinhloko. Zisetshenziswa kanjani lezo zingxenyana, futhi yini umKristu okufanele ayicabangele lapho enza isinqumo ngokuphathelene nazo?

Igazi liyinkimbinkimbi. Ngisho noketshezi olungenambala olusegazini—olunamanzi angamaphesenti angu-90—lunama-hormone, usawoti wezinto ezingaphili, ama-enzyme nezakhi ezondla umzimba, ezihlanganisa namaminerali noshukela. Futhi uketshezi olungenambala olusegazini lunamaprotheni anjenge-albumin, izakhi ezijiyisayo kanye namasosha omzimba alwa nezifo. Ochwepheshe bakhipha amaprotheni amaningi alolu ketshezi olungenambala olusegazini futhi bawasebenzise. Ngokwesibonelo, isakhi esijiyisayo esingu-factor VIII siye sasetshenziswa kubantu abasheshe bophe. Noma, uma othile echayeke ezifweni ezithile, odokotela bangase batuse imijovo ye-gamma globulin ekhishwe oketshezini olungenambala lwegazi labantu asebegomekile kakade. Akhona namanye amaprotheni oketshezi olungenambala olusegazini asetshenziswayo kwezokwelapha, kodwa lokhu okushiwo ngenhla kubonisa indlela isakhi esiyinhloko segazi (uketshezi olungenambala olusegazini) esingahlungwa ngayo ukuze kutholakale izingxenyana zaso. *

Njengoba nje kungase kukhishwe izingxenyana ezihlukahlukene oketshezini olungenambala olusegazini, nezinye izakhi eziyinhloko (amangqamuzana abomvu, amangqamuzana amhlophe, izinhlayiya zegazi (platelets)) zingahlungwa zibe nezingxenyana ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, emangqamuzaneni egazi amhlophe kungakhishwa ama-interferon nama-interleukin, asetshenziselwa ukwelapha izifo ezibangelwa amagciwane kanye nomdlavuza. Izinhlayiya zegazi zingahlungwa ukuze kukhishwe izakhi ezipholisa amanxeba. Futhi kuneminye imithi esenziwa enokuthile (okungenani ekuqaleni) okukhishwe ezakhini eziyinhloko zegazi. Ukwelapha okunjalo akukhona ukumpompela lezo zakhi eziyinhloko; ngokuvamile kuhilela izingxenyana zazo. Ingabe amaKristu kufanele azamukele lezi zingxenyana ekwelashweni? Asinakusho. IBhayibheli alinikezi mininingwane, ngakho umKristu ngamunye kumelwe azenzele esakhe isinqumo esisekelwe kunembeza wakhe phambi kukaNkulunkulu.

Abanye bangenqaba noma yini ekhishwe egazini (ngisho nezingxenyana ezihloselwe ukugoma kwesikhashana). Leyo indlela abawuqonda ngayo umyalo kaNkulunkulu ‘wokudeda egazini.’ Bathi ngokomthetho awunika ama-Israyeli igazi elikhishwe esidalweni kwakudingeka ‘lithululelwe emhlabathini.’ (Duteronomi 12:22-24) Kungani lokho kufaneleka kulolu daba? Phela ukuze kwenziwe i-gamma globulin, izakhi ezijiyisayo ezenziwa ngegazi kanye nokunye, kudingeka kuqoqwe igazi bese lihlungwa. Ngenxa yalokho, amanye amaKristu ayayenqaba imikhiqizo enjalo, njengoba nje enqaba ukumpontshelwa igazi noma izakhi zalo ezine eziyinhloko. Ukuma kwawo kobuqotho nokusekelwe kunembeza kufanele kuhlonishwe.

Amanye amaKristu anquma okuhlukile. Nawo ayakwenqaba ukumpontshelwa igazi lilonke, amangqamuzana abomvu, amangqamuzana amhlophe, izinhlayiya zegazi noma uketshezi olungenambala olusegazini. Nokho, angase avume ukuba udokotela awelaphe ngezingxenyana zezakhi eziyinhloko zegazi. Nalapha kungase kube nomehluko. Omunye umKristu angase awuvume umjovo we-gamma globulin, kodwa angase awamukele noma angawamukeli umjovo onokuthile okukhishwe emagqamuzaneni abomvu noma amhlophe. Nokho, yini ngokuvamile engase iholele amaKristu athile ukuba aphethe ngokuthi angazamukela izingxenyana zegazi?

“Imibuzo Evela Kubafundi” ekuyi-Nqabayokulinda ka-June 1, 1990, yathi (izingxenyana) zamaprotheni oketshezi olungenambala olusegazini ziyasuka egazini lowesifazane okhulelwe ziye esimisweni segazi esihlukile sombungu. Ngaleyo ndlela umama udlulisela enganeni yakhe ama-immunoglobulin, ayisiza ukuba igomeke. Endaweni ehlukile, lapho amangqamuzana abomvu ombungu efa, ingxenye yawo enomoya-mpilo iyaguqulwa. Ingxenye yayo iba i-bilirubin, esuka kumzanyana ingene kumama bese iphuma nokunye ukungcola. Amanye amaKristu angase aphethe ngokuthi njengoba izingxenyana zezakhi zegazi zingadlulela komunye umuntu kulesi simo esingokwemvelo, angayamukela ingxenyana yezakhi zegazi ekhishwe oketshezini olungenambala olusegazini noma emangqamuzaneni egazi

Ingabe iqiniso lokuthi imibono kanye nezinqumo ezisekelwe kunembeza kungase kuhluke lisho ukuthi lena yindaba engasho lutho? Cha. Ibalulekile. Nokho, kunesici esiyinhloko esilula. Imininingwane engenhla ibonisa ukuthi oFakazi BakaJehova bayakwenqaba ukumpontshelwa igazi lilonke noma izakhi zalo eziyinhloko. IBhayibheli liyala amaKristu ukuba ‘adede ezintweni ezihlatshelwe izithombe nasegazini nasezintweni eziklinyiwe nasebufebeni.’ (IzEnzo 15:29) Ngalé kwalokho, lapho kuziwa ezingxenyaneni zanoma iziphi izakhi eziyinhloko, umKristu ngamunye kumelwe azinqumele ngokwakhe, ngemva kokuzindla ngokucophelela nangomthandazo.

Abantu abaningi bangase bazimisele ukwamukela noma ikuphi ukwelapha okubonakala kunikeza inzuzo esheshayo, ngisho nokwelapha okunezingozi ezaziwayo ezingokwempilo, njengoba kunjalo ngemikhiqizo yegazi. UmKristu oqotho uzama ukuba nombono ovulekile nonokulinganisela okwengeziwe ohilela okungaphezu kwezici nje ezingokomzimba. OFakazi BakaJehova bayayazisa imizamo eyenziwayo ukuze kube nezinto zokwelapha zezinga eliphezulu, futhi bahlola izingozi nezinzuzo zanoma iyiphi indlela yokwelapha. Nokho, lapho kuziwa emikhiqizweni eyenziwa ngegazi, bacabangela ngokucophelela lokho okushiwo uNkulunkulu nobuhlobo babo noMniki-kuphila.—IHubo 36:9.

Yeka ukuthi kuyisibusiso kanjani kumKristu ukuqiniseka njengomhubi owabhala: “UJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; unika umusa nenkazimulo. UJehova akayikubagodlela okuhle labo abahamba ngokungenaphutha. O Jehova . . . , uyajabula umuntu othembela kuwe”!—IHubo 84:11, 12.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 13 Bheka isihloko esithi “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda ka-June 15, 1978, yesiNgisi, neka-October 1, 1994. Izinkampani ezithaka imithi ziye zenza imikhiqizo ethi ayifane nezakhi zegazi kodwa engakhishwanga egazini nengasikiselwa esikhundleni sezingxenyana ezithile zegazi ebezisetshenziswa ngaphambili.

[Ibhokisi ekhasini 31]

IMIBUZO ESIKISELWE ENGABUZWA KUDOKOTELA

Uma ubhekana nokuhlinzwa noma ukwelashwa okungase kuhilele imikhiqizo yegazi, buza:

Ingabe zonke izisebenzi zezokwelapha ziyazi ukuthi, njengomunye woFakazi BakaJehova ngiyala ukuba ngingampontshelwa igazi (lilonke, amangqamuzana abomvu, amangqamuzana amhlophe, izinhlayiya zegazi noma uketshezi olungenambala olusegazini) ngaphansi kwanoma iziphi izimo?

Uma noma yimuphi umuthi ozosikiselwa kungenzeka ukuthi wenziwe ngoketshezi olungenambala olusegazini, amangqamuzana abomvu, amhlophe noma izinhlayiya zegazi, buza:

Ingabe lowo muthi wenziwe ngesinye sezakhi ezine eziyinhloko zegazi? Uma kunjalo, ungachaza ukuthi wenziwe ngaziphi?

Ungakanani lo muthi owenziwe ngegazi ongase ufakwe, futhi uzofakwa kanjani?

Uma unembeza wami ungivumela ukuba ngamukele le ngxenyana yesakhi segazi, iziphi izingozi ezingokwempilo ezihilelekile?

Uma unembeza wami ungishukumisela ukuba ngiyenqabe le ngxenyana yesakhi segazi, iyiphi enye indlela yokwelapha engase isetshenziswe?

Ngemva kokucabangisisa ngalolu daba ngingase ngikwazise nini ngesinqumo sami?