Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Ubhekisele kobani uPawulu ngelithi ‘abangakholwa’ alisebenzisa kweyesi-2 Korinte 6:14?

Kweyesi-2 Korinte 6:14, siyafunda: “Ningaboshelwa ejokeni nabangakholwa.” Uma sibheka umongo, kuyacaca ukuthi uPawulu ukhuluma ngabantu ngokusobala abangewona amalungu ebandla lobuKristu. Le ndlela esiqonda ngayo leli vesi isekelwa amanye amavesi eBhayibheli lapho uPawulu ásebenzisa khona igama elithi ‘ongakholwa’ noma elithi ‘abangakholwa.’

Ngokwesibonelo, uPawulu usola kanzima amaKristu ngokumangalelana ezinkantolo “phambi kwabangewona amakholwa.” (1 Korinte 6:6) Lapha, abangewona amakholwa ngabahluleli bezinkantolo zaseKorinte. Encwadini yakhe yesibili, uPawulu uthi uSathane ‘uye waphuphuthekisa izingqondo zabangakholwa.’ Amehlo alaba abangakholwa ‘agubuzelwe’ ukuze angaziboni izindaba ezinhle. Laba bantu abangakholwa abazange bathathe isinyathelo sokukhonza uJehova, njengoba uPawulu ngaphambili achaza: “Lapho kuba khona ukuphendukela kuJehova, umgubuzelo uyasuswa.”—2 Korinte 3:16; 4:4.

Abanye abantu abangakholwa bahileleke ezenzweni zokungabi namthetho noma ezenzweni zokukhonza izithombe. (2 Korinte 6:15, 16) Nokho, akubona bonke abangakholwa abamelene nezinceku zikaJehova. Abanye babonisa isithakazelo eqinisweni. Abaningi bashade namaKristu futhi bayakujabulela ukuhlala nawo. (1 Korinte 7:12-14; 10:27; 14:22-25; 1 Petru 3:1, 2) Nokho, uPawulu usebenzisa ngokungaguquguquki elithi ‘abangakholwa’ kubantu, njengoba kushiwo ngenhla, abangewona amalungu ebandla lobuKristu, lona elakhiwa abantu “abakholwa yiNkosi.”—IzEnzo 2:41; 5:14; 8:12, 13.

Isimiso esitholakala kweyesi-2 Korinte 6:14 siyisiqondiso esiwusizo kumaKristu kuzo zonke izimo zokuphila futhi siye sacashunwa kaningi njengeseluleko esinokuhlakanipha kumKristu ofuna umuntu angashada naye. (Mathewu 19:4-6) Ngokuhlakanipha, umKristu ozinikezele futhi wabhapathizwa akafuni umuntu angashada naye kubantu abangakholwa, njengoba izindinganiso zokuziphatha, imigomo nezinkolelo zabantu abangakholwa zihluke kakhulu kwezomKristu weqiniso.

Nokho, kuthiwani ngabantu abafunda iBhayibheli, futhi abahlanganyela nebandla lobuKristu? Kuthiwani ngalabo abangabamemezeli abangabhapathiziwe? Ingabe bangabangakholwa? Cha. Abantu abaye balamukela iqiniso lezindaba ezinhle futhi abathuthukela kancane kancane eqophelweni lokuba babhapathizwe akufanele babizwe ngokuthi abangakholwa. (Roma 10:10; 2 Korinte 4:13) Ngaphambi kokuba abhapathizwe, uKorneliyu wayebizwa ngokuthi “umuntu ozinikele nowesaba uNkulunkulu.”—IzEnzo 10:2.

Khona-ke, bekungaba ukuhlakanipha yini ngomKristu ozinikezele ukuba afune ukuqomisana abese eshada nomuntu oye wamukelwa njengommemezeli ongabhapathiziwe, njengoba empeleni iseluleko sikaPawulu esilotshwe kweyesi-2 Korinte 6:14 singenakusebenza kuleso simo? Cha, lokho akukhona ukuhlakanipha. Ngani? Ngenxa yeseluleko esiqondile uPawulu ásinikeza maqondana nabafelokazi abangamaKristu. UPawulu wabhala: “Ukhululekile ukuba ashade nalowo amfunayo, kuphela eNkosini.” (1 Korinte 7:39) Ngokuvumelana naleso seluleko, amaKristu azinikezele akhuthazwa ukuba afune abantu angashada nabo kubantu ‘abaseNkosini’ kuphela.

Isho ukuthini inkulumo ethi “eNkosini” nenkulumo ehlobene nayo ethi “kuKristu”? UPawulu ukhuluma ngabantu ‘ababekuKristu’ noma ‘ababeseNkosini’ kumaRoma 16:8-10 nakweyabaseKolose 4:7. Uma ufunda lawo mavesi, uzobona ukuthi laba bantu ‘bayizikhonzi ezikanye nathi,’ ‘abamukelekayo,’ ‘abafowethu abathandekayo,’ ‘izikhonzi ezithembekile nezinceku ezikanye nathi.’

Umuntu uba nini ‘inceku eNkosini’? Lokho kwenzeka lapho enza ngokuzithandela lokho okufanele inceku ikwenze futhi ezidela. UJesu wachaza: “Uma umuntu efuna ukungilandela, makazidele athathe isigxobo sakhe sokuhlushwa angilandele njalo.” (Mathewu 16:24) Umuntu uqala ukulandela uKristu azithobe ngokugcwele ekwenzeni intando kaNkulunkulu lapho ezinikezela kuNkulunkulu. Ngemva kwalokho, uyaziletha ukuba abhapathizwe kanjalo abe isikhonzi esamukelekayo phambi kukaJehova uNkulunkulu. * Khona-ke, ‘ukushada eNkosini’ kusho ukushada nomuntu oye wabonisa ukuthi uyikholwa ngempela, ‘inceku ezinikezele kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Kristu.’—Jakobe 1:1.

Umuntu ofunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi othuthuka kahle ngokomoya wenza into enhle kakhulu. Kodwa-ke, akakazinikezeli kuJehova kanjalo ezinikela ukuba aphilele ukukhonza nokuba azidele. Usenza ushintsho oludingekile. Kudingeka alwenze ngokuphelele lonke ushintsho olukhulu oluhilelekile ekubeni umKristu ozinikezele wabhapathizwa ngaphambi kokuba acabange ngokwenza olunye ushintsho olukhulu ekuphileni, njengomshado.

Bekungaba ukuhlakanipha yini ngomKristu ukuqomisana nomuntu obonakala ethuthuka kahle kakhulu esifundweni sakhe seBhayibheli—mhlawumbe ngomqondo wokuthi uzomlinda aze abhapathizwe bese niyashada? Cha. Izisusa zomfundi weBhayibheli zingase zishintshe uma azi ukuthi kukhona umKristu ozinikezele ofuna ukumshada kodwa olinde nje ukuba abhapathizwe.

Ngokuvamile, umuntu uba ngummemezeli ongabhapathiziwe okwesikhashana nje kuphela, kuze kube yilapho esethuthukele eqophelweni lokuba abhapathizwe. Ngakho sinengqondo lesi seluleko esingenhla sokushada kuphela eNkosini. Nokho, kuthiwani uma umuntu esekufanelekela ukushada ngenxa yeminyaka yakhe yobudala, ekhulele emkhayeni wamaKristu, eseneminyaka eminingana eshumayela njengommemezeli ongabhapathiziwe ebandleni? Uma kunjalo, ubevinjwa yini ukuba anikezele ukuphila kwakhe kuJehova? Kungani emanqikanqika? Ingabe kunezinto azingabazayo? Nakuba engeyena umuntu ongakholwa, akunakushiwo ukuthi ‘useNkosini.’

Iseluleko sikaPawulu maqondana nomshado sizuzisa thina. (Isaya 48:17) Uma bobabili labo abazoshada sebezinikezele kuJehova, ukuzinikela kwabo komunye nomunye emshadweni kuba nesisekelo esiqinile esingokomoya. Baba nezindinganiso ezifanayo nemigomo efanayo. Lokhu kuba neqhaza elikhulu ekwenzeni kube nenjabulo emshadweni. Ngaphezu kwalokho, ‘ngokushada eNkosini,’ umuntu usuke ebonisa ubuqotho kuJehova futhi lokho kuholela ezibusisweni zaphakade, ngoba “koqotho [uJehova] uyokwenza ngobuqotho.”—IHubo 18:25.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 10 KumaKristu agcotshiwe uPawulu ayewabhalele ekuqaleni, ukuba ‘inceku eNkosini’ kwakuhilela nokuba agcotshwe njengamadodana kaNkulunkulu nanjengabafowabo kaKristu.

[Isithombe ekhasini 31]

“Koqotho [uJehova] uyokwenza ngobuqotho”