Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘UJah Uyinsindiso Yami’

‘UJah Uyinsindiso Yami’

“Kumelwe Silalele Unkulunkulu Njengombusi Kunabantu”

‘UJah Uyinsindiso Yami’

ABANTU bakaJehova kwakumelwe bakhethe. Ingabe babeyolalela umbusi waseGibhithe lasendulo ongamesabi uNkulunkulu? Noma, ingabe babeyolalela uJehova uNkulunkulu, bayishiye leyo ndawo yobugqila, baye eZweni Lesithembiso?

Ngenxa yokwedelela, uFaro waseGibhithe wenqaba ukukhulula abantu bakaJehova, ngakho uNkulunkulu wathumela iziNhlupho Eziyishumi ezweni. Yeka ukuthi lokhu kwawabonakalisa kanjani amandla akhe! Onkulunkulu baseGibhithe babengenakukwazi ukuvimbela lezo zishayo.

Lapho uFaro etshelwa ukuba amukise abantu bakaNkulunkulu, ngokuqhosha wathi: “Ungubani uJehova, ukuba ngilalele izwi lakhe ngimukise u-Israyeli? Angimazi nhlobo uJehova, futhi ngaphezu kwalokho, ngeke ngimmukise u-Israyeli.” (Eksodusi 5:2) Ngenxa yalokho, izwe laseGibhithe lathola lezi zishayo: (1) amanzi aphenduka igazi, (2) amaxoxo, (3) izinsensane, (4) izibawu, (5) isifo esibulala izilwane, (6) amathumba kubantu nasezilwaneni, (7) isichotho, (8) izinkumbi, (9) ubumnyama (10) nokufa kwamazibulo aseGibhithe, kuhlanganise nezibulo likaFaro. Ekugcineni, uFaro wawamukisa amaHebheru. Waze wawancenga ukuba ahambe!—Eksodusi 12:31, 32.

Abantu abangaba izigidi ezintathu—amadoda akwa-Israyeli, abesifazane, izingane kanye neqembu elikhulu eliyingxubevange—bahamba ngokushesha. (Eksodusi 12:37, 38) Nokho, kungakabiphi uFaro wabajaha nebutho lakhe elinamandla. Kwabonakala sengathi ama-Israyeli avaleleke phakathi koLwandle Olubomvu, ugwadule oluyingozi namabutho kaFaro. Noma kunjalo, uMose watshela abantu: “Ningesabi. Yimani niqine nibone insindiso kaJehova.”—Eksodusi 14:8-14.

UJehova wahlukanisa ngokuyisimangaliso amanzi asoLwandle Olubomvu ukuze ama-Israyeli awele. Kodwa lapho abaseGibhithe bewalandela, uNkulunkulu wabamboza ngamanzi. ‘Izinqola zikaFaro namabutho akhe empi uJehova wakuphonsa olwandle.’ (Eksodusi 14:26-28; 15:4) Ukwenqaba kukaFaro oqhoshayo ukudumisa uJehova kwamholela ekubeni afe kabuhlungu.

OLwandle Olubomvu, uJehova wazibonakalisa ‘eyindoda yempi.’ (Eksodusi 15:3) Ukulandisa okuphefumulelwe kuthi: “U-Israyeli wasibona isandla esikhulu uJehova asisebenzisa kwabaseGibhithe; abantu baqala ukumesaba uJehova nokuba nokholo kuJehova.” (Eksodusi 14:31; IHubo 136:10-15) Babonisa ukumbonga uNkulunkulu ngokusuka ezinhliziyweni ngokuthi amadoda ahlanganyele noMose engomeni yokunqoba futhi udadewabo, uMiriyamu, ahole abesifazane ekudanseni. *

UJehova UsenguMkhululi Namanje

Izinceku zikaJehova zanamuhla zingathola izifundo eziqinisa ukholo kuleso senzo esiphawulekayo sokukhulula kukaNkulunkulu. Isifundo sokuqala esisitholayo ukuthi uJehova unamandla angenamkhawulo futhi angabasekela ngokugcwele abantu bakhe. Engomeni yabo yokunqoba, uMose nama-Israyeli bahlabelela ngokuhalalisa: “Isandla sakho sokunene, Jehova, sinamandla amakhulu, isandla sakho sokunene, Jehova, singaphihliza isitha.”—Eksodusi 15:6.

Isifundo sesibili siwukuthi uMninimandla onke unesifiso esijulile sokuvikela abantu bakhe. Ama-Israyeli ahlabelela: “UJah uyizikhwepha zami namandla ami, ngoba uyangisindisa. Lona nguNkulunkulu wami, ngizomdumisa.” Esesithathu siwukuthi akekho ongamelana ngokuphumelelayo nentando kaJehova uNkulunkulu. Engomeni yabo yokunqoba, abantu bakaNkulunkulu abakhululiwe bahlabelela: “Ngubani phakathi konkulunkulu onjengawe, Jehova? Ngubani onjengawe, omkhulu ngobungcwele? Lowo okumelwe esatshwe ngezingoma zokudumisa, lowo owenza izimangaliso.”—Eksodusi 15:2, 11.

NjengoFaro waseGibhithe lasendulo, ababusi bezwe lanamuhla bashushisa abantu bakaJehova. Abaholi abaqhoshayo bangase ‘bakhulume ngisho namazwi amelene noPhezukonke, futhi bakhathaze ngokuqhubekayo abangcwele boPhakeme Kunabo Bonke.’ (Daniyeli 7:25; 11:36) Kodwa uJehova uyabaqinisekisa abantu bakhe: “Noma isiphi isikhali esiyokwakhiwa ngokumelene nawe ngeke siphumelele, nanoma yiluphi ulimi oluyokuvukela ekwahluleleni uyolulahla. Leli yifa lezinceku zikaJehova.”—Isaya 54:17.

Abamelana noNkulunkulu ngeke baphumelele, njengoba nje noFaro nebutho lakhe bengazange baphumelele. Izenzo zikaJehova zokukhulula, njengesoFuduko olusuka eGibhithe, zifakazela ukuthi kuyinto elungile ukulalela isimiso esashiwo abaphostoli bakaJesu, abathi: “Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.”—IzEnzo 5:29.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 8 Bheka IKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-2006, January/February.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]

UBUKWAZI YINI LOKHU?

• UJehova wabangela umoya onamandla ukuba uvunguze ubusuku bonke ukuze ama-Israyeli awele uLwandle Olubomvu emhlabathini owomileyo.—Eksodusi 14:21, 22.

• Kwakudingeka umzila oyikhilomitha nengxenye noma ngaphezulu ububanzi ukuze izigidi zama-Israyeli zikwazi ukuwela uLwandle Olubomvu ngesikhathi esincane kangaka.

[Izithombe ekhasini 9]

Onkulunkulu bamanga baseGibhithe babengenamandla okuvimba iziNhlupho Eziyishumi ezazivela kuJehova

[Umthombo]

All three figurines: Photograph taken by courtesy of the British Museum