Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indalo Eyizilwane Ibonisa Ubukhulu BukaJehova

Indalo Eyizilwane Ibonisa Ubukhulu BukaJehova

Indalo Eyizilwane Ibonisa Ubukhulu BukaJehova

IZILWANE zenza ubuhle bukaJehova bube sobala. UNkulunkulu uzinakekela kahle izilwane njengoba nje enakekela nabantu. (IHubo 145:16) Yeka ukuthi kungaba iphutha elingakanani ukusola uMdali wazo nowethu! Nakuba uJobe ayeqotho, wathi “umphefumulo wakhe ulungile kunokuba athi nguNkulunkulu olungile.” Ngakho uJobe kwakudingeka afunde izifundo ezithile!—Jobe 32:2; 33:8-12; 34:5.

Izibonelo ezithathwe endalweni yezilwane zabonisa uJobe ukuthi akufaneleki ngabantu ukuba bangabaze izindlela zikaNkulunkulu. Yeka ukuthi lokho kuba sobala kanjani lapho sicabangela amazwi uJehova awasho encekwini yakhe uJobe!

Azidingi Lusizo Lwamuntu

UJobe akakwazanga ukuphendula imibuzo ayibuzwa uNkulunkulu ngezilwane. (Jobe 38:39-41) Kusobala ukuthi uJehova wondla ingonyama negwababa ngaphandle kosizo lomuntu. Nakuba amagwababa endiza aye ngapha nangapha efuna ukudla, empeleni ukudla kwawo akuthola kuNkulunkulu.—Luka 12:24.

Inkukhu yanqunywa umlomo kuJobe lapho uNkulunkulu embuza ngezilwane zasendle. (Jobe 39:1-8) Akekho umuntu ongavikela izimbuzi zasezintabeni nezindluzelekazi, noma izinyamazane zensikazi. Phela, akulula ngisho nokusondela ezimbuzini zasezintabeni! (IHubo 104:18) Indluzelekazi lapho isizozala iyasuka kwezinye ehlathini iyoba yodwa ngomuzwa wemvelo ewunikwe uNkulunkulu. Iwanakekela kahle amazinyane ayo, kodwa lapho ‘eba yizingqabavu,’ ‘ayaphuma angabuyeli kuyo.’ Ngemva kwalokho ayazimela.

Idube aleluswa muntu, futhi ithafa eliwugwadule liyikhaya lembongolo yasendle. UJobe wayengeke asebenzise imbongolo yasendle ukuba imthwalele imithwalo. Ifuna “zonke izinhlobo zezithombo eziluhlaza,” idabula emagqumeni ithungatha amadlelo. Lesi silwane ngeke sidele inkululeko yaso ngenxa yokudla okutholakala kalula emizini. Imbongolo yasendle “ayiyizwa imisindo yomcathami,” ngoba ibaleka masinyane lapho umuntu engena endaweni yayo.

Ngokulandelayo uNkulunkulu wakhuluma ngenkunzi yasendle. (Jobe 39:9-12) Ngokuqondene nayo, isazi semivubukulo esiyiNgisi u-Austen Layard sabhala: “Uma kubhekwa eminingi yemifanekiso yenkunzi yasendle eqoshiwe, kubonakala sengathi yayingagangelwa futhi yayidinga ubuqhawe bamaphisi njengoba kunjalo nangengonyama. Ngokuvamile inkosi ivezwa ilwa nayo, amaqhawe eyijaha kokubili ngamahhashi nangezinyawo.” (Nineveh and Its Remains, 1849, uMqulu 2, ikhasi 326) Noma kunjalo, akekho umuntu ohlakaniphile ozama ukubophela inkunzi yasendle engalawuleki.—IHubo 22:21.

Izidalwa Ezinamaphiko Zibonisa Ubukhulu BukaJehova

Ngokulandelayo uNkulunkulu wabuza uJobe ngezidalwa ezinamaphiko. (Jobe 39:13-18) Unogolantethe undizela phezulu ngamaphiko akhe anamandla. (Jeremiya 8:7) Nakuba intshe ikwazi ukubhakuzisa amaphiko ayo, ayikwazi ukundiza. Ngokungafani nonogolantethe, intshe ayizaleli amaqanda ayo esidlekeni esakhiwe emthini. (IHubo 104:17) Kunalokho imba esihlabathini iwazalele lapho amaqanda ayo. Kodwa le nyoni ayiwashiyi unomphela amaqanda ayo. Iwamboza ngesihlabathi, ahlale esezingeni elifanele lokushisa abese enakekelwa kokubili iduna nensikazi.

Kungase kubonakale sengathi intshe ‘ikhohlwa ukuhlakanipha’ njengoba ibonakala ibaleka lapho ibona ingozi yesilwane esiphila ngenyama. Nokho, i-Encyclopedia of Bible Animals ithi: “Lena yindlela yokudukisa umkhondo: [izintshe] ziphumela obala bese zibhakuzisa amaphiko azo ukuze zidonse ukunaka kwanoma isiphi isilwane noma umuntu osongelayo, kanjalo ziholele lowo muntu noma isilwane kude namaqanda.”

Kwenzeka kanjani ukuba intshe ‘ihleke ihhashi nomgibeli walo’? I-World Book Encyclopedia ithi: “Intshe ayikwazi ukundiza, kodwa liyaziwa ijubane layo uma igijima phansi. Imilenzekazi yayo ingathatha amagxathu angamafidi angu-15 (amamitha angu-4,6) ngesivinini esingafinyelela amamayela angu-40 (amakhilomitha angu-64) ngehora.”

UNkulunkulu Unika Ihhashi Amandla

Ngokulandelayo uNkulunkulu wabuza uJobe ngehhashi. (Jobe 39:19-25) Ezikhathini zasendulo, amaqhawe ayelwa egibele amahhashi, futhi amahhashi ayedonsa izinqola zempi ezithwele umshayeli mhlawumbe namabutho amabili. Lilangazelela impi, ihhashi lempi liyayiyiza lidubhuze inhlabathi ngezinselo zalo. Alesabi lutho futhi alifulatheli lapho libona inkemba. Lapho lizwa uphondo lwempi, ihhashi lempi lisabela njengokungathi lithi, “Nakho-ke!” Liphokophela phambili, ‘ligwinya inhlabathi.’ Noma kunjalo, ihhashi lempi liyamlalela umgibeli walo.

Encazelweni ethi mayifane, isazi semivubukulo uLayard sabhala: “Nakuba lithambe njengewundlu, futhi lidinga itomu nje kuphela lokuliqondisa, lapho ihhashi lensikazi lase-Arabhu lizwa inhlabamkhosi yempi yesizwe, futhi libona ukuvevezela komkhonto womgibeli walo, amehlo alo akhanya inhlansi yomlilo, amakhala abomvu okwegazi avuleke kakhulu, intamo igobe ngendlela enhle, umsila nomhlwenga walo uvuke usiphuzele.”—Discoveries Among the Ruins of Nineveh and Babylon, 1853, ikhasi 330.

Cabanga Ngoheshe Nangokhozi

UJehova wadonsela ukunaka kukaJobe kwezinye futhi izinyoni. (Jobe 39:26-30) Oheshe ‘bandizela phezulu belulele amaphiko abo emoyeni.’ Ikhuluma ngoheshe wohlobo lwe-peregrine njengenyoni enejubane kunazo zonke izinyoni ezindizayo, i-Guinness Book of Records ithi “isivinini sawo sifinyelela emazingeni aqopha umlando lapho wehlela phansi usuka phezulu kakhulu ngesikhathi ubonisa indawo yawo noma lapho uzohlwitha inyamazane yawo esibhakabhakeni.” Le nyoni iye yafinyelela ijubane lamakhilomitha angu-349 ngehora lapho yehla!

Izinkozi ziye zafinyelela ijubane lamakhilomitha angaphezu kwangu-130 ngehora. UJobe waqhathanisa ukudlula ngokushesha kokuphila nejubane lokhozi lapho luthungathana nokudla. (Jobe 9:25, 26) UNkulunkulu usinika amandla okuqhubeka sikhuthazela, njengokungathi sigibele emaphikweni abonakala engakhathali okhozi olundizela phezulu. (Isaya 40:31) Lapho lusemoyeni, ukhozi luzisebenzisa ngokunenzuzo izikhatha zomoya oshisayo ezibizwa ngokuthi ama-thermal. Le nyoni izungeza ngaphakathi kwaso isikhatha, esizolokhu siyikhuphulela phezulu. Lapho isifinyelele izinga elithile lokuphakama, iyashweza ingene kwesinye isikhatha futhi ingaqhubeka isemoyeni amahora amaningi ngaphandle kokusebenzisa amandla amaningi.

Ukhozi ‘lwakha isidleke salo phezulu’ ezindaweni eziphakeme ezingafinyeleleki, lubeke amaphuphu alo endaweni ephephile. UJehova wenza ukhozi lukwazi ukwenza lokhu ngomuzwa wemvelo. Mayelana nekhono lokubona uNkulunkulu aluphe lona, ‘amehlo okhozi alokhu ebheke emajukujukwini.’ Ikhono lokukwazi ukushintsha masinyane ibanga amehlo alo agxile kulo lenza lungadukelwa inyamazane yalo, noma isidumbu, lapho luyitshuzela lusuka phezulu ezinzulwini zesibhakabhaka. Ukhozi lungayidla inyama yezilwane ezifile, yingakho kuthiwa “lapho kukhona khona ababulewe, lukhona nalo.” Le nyoni ibamba izilwane ezincane iziphathele amaphuphu alo.

UJehova Uyala UJobe

Ngaphambi kokumphonsa eminye imibuzo ngezilwane, uNkulunkulu wamyala uJobe. Wasabela kanjani uJobe? Wazithoba futhi wakwamukela ngenhliziyo enhle ukwelulekwa ngokuqhubekayo.—Jobe 40:1-14.

Kuleli qophelo embhalweni ophefumulelwe wokuhlangenwe nakho kukaJobe, sifunda isifundo esibaluleke kakhulu. Yilesi: Akekho umuntu okufanelekelayo ukusola uMninimandla onke. Kufanele sikhulume futhi siziphathe ngendlela ejabulisa uBaba wethu wasezulwini. Ngaphezu kwalokho, into esiyikhathalela kakhulu kufanele kube ukungcweliswa kwegama likaJehova elingcwele nokulwelwa kobukhosi bakhe.

UBhehemoti Ukhazimulisa UNkulunkulu

Ephinda ephendulela ukunaka kwakhe endalweni eyizilwane, uNkulunkulu wabuza uJobe ngoBhehemoti, ngokuvamile okuthiwa imvubu. (Jobe 40:15-24) Imvubu esikhule kahle ingaba ngamamitha asukela kwamane kuye kwamahlanu ubude futhi ibe nesisindo esingamakhilogremu angu-3 600. ‘Amandla kaBhehemoti asezinqulwini zakhe’—imisipha yakhe yangemuva. Isikhumba esilugqinsi sesisu sakhe siwusizo kakhulu lapho uBhehemoti ehudula umzimba wakhe ngezigqamfana zemilenze yakhe ezindaweni ezinamatshe eziphansi emifuleni. Ngokuqinisekile umuntu akalutho uma eqhathaniswa noBhehemoti, osho ngomzimba wakhe omkhulukazi, ngenkebelele yomlomo nangemihlathikazi enamandla.

UBhehemoti uyaphuma emanzini ayozitika ‘ngotshani obuluhlaza.’ Phela, kubonakala sengathi udinga uhlaza lwentaba yonke ukuze aphile! Nsuku zonke ugimba uhlaza olungaba nesisindo esingamakhilogremu angu-90 kuya kwangu-180. Lapho esesuthi, omdala ulala ngaphansi komuthi wentebe enameva noma emthunzini kabhabhulini. Uma umfula ehlala kuwo udla izindwani, imvubu iyakwazi ukukhiphela ikhanda layo ngaphezu kwamanzi ibhukude iphambane nesikhukhula. Uma ayengabhekana nenkebelele yomlomo kaBhehemoti nezingovolo zakhe ezesabekayo, uJobe wayengeke abe namagangangozi okubhoboza ikhala likaBhehemoti ngengwegwe.

ULeviyathani Udumisa UNkulunkulu

Ngokulandelayo uJobe watshelwa ngoLeviyathani. (Jobe 41:1-34) Igama lesiHebheru lisho “isilwane esimifingqofingqo”—ngokusobala ingwenya. Ingabe uJobe wayengenza uLeviyathani abe yithoyizi lezingane? Lutho neze! Izigigaba eziphathelene nalesi sidalwa ziye zasibonakalisa ngokuphindaphindiwe siyingozi. Ngempela, uma umuntu engazama ukubamba uLeviyathani, ubeyobe ezidonsela amanzi ngomsele futhi ubengasoze aphinde futhi!

Njengoba uLeviyathani ephakamisela ikhanda lakhe phezulu lapho kuphuma ilanga, amehlo akhe akhanya “njengemisebe yokuntwela kokusa.” Amazenga kaLeviyathani asondelene kakhulu, futhi esikhumbeni sakhe kunezingcwecwe ezingamathambo okunzima ukuzibhoboza ngezinhlamvu zesibhamu, singasayiphathi eyezinkemba nemikhonto. Amazenga acijile asesiswini sengwenya ashiya umzila ‘wesibhulo’ ezinsebeni zemifula ezinodaka. Ulaka lwayo emanzini luphehla amagwebu kuhle kwamafutha akhihlika ingwebu. Ngenxa yobukhulu bayo, izivikelo zomzimba nezikhali zayo—umlomo othi zithele uzokuthola okufunayo kanye nomsila onamandla—uvalo luyinto ekude noLeviyathani.

UJobe Uyahoxa

UJobe wavuma ukuthi ‘wakhuluma, kodwa wayengaziqondi izinto ezimangalisa kakhulu kuye.’ (Jobe 42:1-3) Wavuma ukuqondiswa uNkulunkulu, wahoxisa amazwi akhe futhi waphenduka. Abangane bakhe bakhuzwa, kodwa yena wabusiswa kakhulu.—Jobe 42:4-17.

Yeka ukuthi kuhlakaniphe kangakanani ukuhlale sikhumbula okuhlangenwe nakho kukaJobe! Asinakukwazi ukuphendula yonke imibuzo uNkulunkulu ambuza yona. Nokho, singabonisa ukwazisa futhi kufanele sikubonise ngenxa yendathane yezimangaliso zendalo ezihlukahlukene ezibonisa ubukhulu bukaJehova.

[Isithombe ekhasini 13]

Imbuzi yasezintabeni

[Isithombe ekhasini 13]

Igwababa

[Isithombe ekhasini 13]

Ingonyama yensikazi

[Isithombe ekhasini 14]

Idube

[Isithombe ekhasini 14]

Intshe iyawashiya amaqanda ayo kodwa ayiwashiyi unomphela

[Isithombe ekhasini 14]

Amaqanda entshe

[Isithombe ekhasini 14, 15]

Uheshe wohlobo lwe-“peregrine”

[Umthombo]

Falcon: © Joe McDonald/Visuals Unlimited

[Isithombe ekhasini 15]

Ihhashi lensikazi lase-Arabhu

[Isithombe ekhasini 15]

Ukhozi i-“golden eagle”

[Isithombe ekhasini 16]

UBhehemoti ngokuvamile kuthiwa imvubu

[Isithombe ekhasini 16]

ULeviyathani kucatshangwa ukuthi ingwenya enamandla