Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Sikhululwe “Ngegazi Eliyigugu”

Sikhululwe “Ngegazi Eliyigugu”

“Kumelwe Silalele Unkulunkulu Njengombusi Kunabantu”

Sikhululwe “Ngegazi Eliyigugu”

ISENZO sikaJehova sothando esikhulu kunazo zonke sasiwukuthumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba izonikela ngokuphila kwayo kobuntu okuphelele kube isihlengo. Njengabantu abanesono, sikudinga kakhulu lokho kukhululwa, ngoba akekho umuntu ongaphelele “ongahlenga ngisho nomfowabo nganoma iyiphi indlela, noma anike uNkulunkulu isihlengo sakhe . . . ukuba aqhubeke ephila phakade.” (IHubo 49:6-9) Yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi uNkulunkulu “wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade”!—Johane 3:16.

Isihlengo sisikhulula kanjani? Ake sixoxe ngezindlela ezine esikhululwa ngazo ngenxa yalesi senzo sikaJehova uNkulunkulu sothando esikhulu kakhulu.

Ukukhululwa Ngesihlengo

Okokuqala, umhlatshelo kaJesu ungasikhulula esonweni esasizuza njengefa. Sonke sizalelwe esonweni. Yebo, sinesono ngisho nangaphambi kokuba sikwazi ukwephula umthetho kaJehova. Kanjani? Incwadi yabaseRoma 5:12 ithi: “Ngomuntu oyedwa [u-Adamu] isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono.” Njengoba siyinzalo ka-Adamu onesono, siye sazuza ukungapheleli ngofuzo. Nokho, ukukhokhwa kwesihlengo kusenza sikwazi ukukhululwa ebugqilini besono esisizuze njengefa. (Roma 5:16) UJesu ‘wanambitha ukufa ngenxa yawo wonke umuntu,’ wathwalela inzalo ka-Adamu imiphumela yesono.—Hebheru 2:9; 2 Korinte 5:21; 1 Petru 2:24.

Okwesibili, isihlengo singasikhulula ekufeni okubangelwa yisono. “Inkokhelo yesono ngukufa.” (Roma 6:23) Isijeziso sesono ukufa. Ngokufa kwayo okuwumhlatshelo, iNdodana kaNkulunkulu yenza ukuba isintu esilalelayo sikwazi ukuthola ukuphila okuphakade. Ngempela, “obonisa ukholo eNdodaneni unokuphila okuphakade; ongayilaleli iNdodana ngeke akubone ukuphila.”—Johane 3:36.

Phawula ukuthi singakhululwa kuphela emiphumeleni yesono uma sibonisa ukholo eNdodaneni kaNkulunkulu. Lokhu kuhilela ukwenza izinguquko ekuphileni kwethu futhi sikuvumelanise nentando kaNkulunkulu. Kumelwe siyeke inkambo embi okungenzeka besiyilandela futhi senze izinto ezijabulisa uNkulunkulu. Umphostoli uPetru wathi kudingeka ‘siphenduke futhi siguquke ukuze kusulwe izono zethu.’—IzEnzo 3:19.

Okwesithathu, umhlatshelo owanikelwa uJesu uyasikhulula ekubeni nonembeza onecala. Bonke abazinikezela kuJehova futhi babe abafundi beNdodana yakhe ababhapathiziwe bayakhululwa. (Mathewu 11:28-30) Nakuba singaphelele, sithola injabulo enkulu ngokukhonza uNkulunkulu ngonembeza ohlanzekile. (1 Thimothewu 3:9; 1 Petru 3:21) Ngokuvuma izono zethu bese sizishiya, siboniswa isihe singabe sisadliwa unembeza.—IzAga 28:13.

Siyasisiza Futhi Sisinikeze Ithemba

Okokugcina, ngokuba nokholo esihlengweni, siyakhululwa ekubeni novalo ngobuhlobo bethu noNkulunkulu. Umphostoli uJohane wabhala: “Uma-ke umuntu enza isono, sinomsizi kuBaba, uJesu Kristu, olungileyo.” (1 Johane 2:1) Mayelana nendima kaJesu njengomsizi, umphostoli uPawulu wabhala: “Uyakwazi futhi ukusindisa ngokuphelele labo abasondela kuNkulunkulu ngaye, ngoba uyaphila ngaso sonke isikhathi ukuba abancengele.” (Hebheru 7:25) Uma nje sisalokhu sinezici zesono, siyohlale sizidinga izinkonzo zomPristi Ophakeme uJesu Kristu ukuze asisize sibe nokuma okuhle kuNkulunkulu. UJesu wakhonza kanjani njengompristi ophakeme ngenxa yethu?

Ngo-33 C.E., ngemva kwezinsuku ezingu-40 evusiwe, uJesu wenyukela ezulwini lapho afike akhokha khona kuNkulunkulu inani ‘legazi lakhe eliyigugu.’ Ngenxa yalokho, maduze uJesu uzokhulula isintu esilalelayo esonweni nasekufeni. * (1 Petru 1:18, 19) Ngakho, awuvumi yini ukuthi kufanele simthande uJesu Kristu futhi simlalele?

Ngaphezu kwalokho, kufanele simthande uJehova uNkulunkulu futhi simlalele. Ngothando wasenza sakwazi ‘ukukhululwa ngesihlengo.’ (1 Korinte 1:30) Siyamkweleta, hhayi nje ngenxa yokuthi siyaphila, kodwa nangenxa yanoma imaphi amathemba esinawo okuphila phakade. Ngakho, sinezizathu eziningi ‘zokulalela uNkulunkulu njengombusi kunabantu.’—IzEnzo 5:29.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 12 Bheka IKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-2006, March/April.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 9]

UBUKWAZI YINI LOKHU?

• Ngenkathi uJesu enyukela ezulwini wayesuka eNtabeni Yeminqumo.—IzEnzo 1:9, 12.

• Abaphostoli bakaJesu abathembekile kuphela abambona lapho enyuka.—IzEnzo 1:2, 11-13.