Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Yilowo Nalowo Uyothwala Owakhe Umthwalo”

“Yilowo Nalowo Uyothwala Owakhe Umthwalo”

“Yilowo Nalowo Uyothwala Owakhe Umthwalo”

“Ngamunye wethu uyozilandisela kuNkulunkulu.”—ROMA 14:12.

1. Imuphi umthwalo wemfanelo amaHebheru amathathu awuthwala ngokwethembeka?

AMAHEBHERU amathathu asemasha aseBhabhiloni abhekene nesinqumo esingasho ukufa noma ukuphila. Asikhothamele yini isizemazema sesithombe, njengoba kusho umthetho wezwe, noma enqabe ukusikhulekela bese ephonswa esithandweni somlilo esivuthayo? Asikho isikhathi sokuba uShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego babuze othile; futhi-ke akudingeki babuze. Ngaphandle kokunqikaza, bathi: “Makwazeke kuwe, nkosi, ukuthi onkulunkulu bakho akubona onkulunkulu esibakhonzayo, futhi umfanekiso wegolide owumisile ngeke siwukhulekele.” (Daniyeli 3:1-18) La maHebheru amathathu awuthwala umthwalo wawo wemfanelo.

2. Obani empeleni abenzela uPilatu isinqumo mayelana noJesu Kristu, futhi ingabe lokho kwamenza wangaba necala lo mbusi wamaRoma?

2 Eminyakeni engaba amakhulu ayisithupha kamuva, kwenzeka esinye isigameko. Umbusi othile usewezwile amacala indoda ephambi kwakhe ebekwe wona. Lapho ewahlola, uyaqiniseka ukuthi ummangalelwa akanacala. Kodwa isixuku sithi makabulawe. Ngemva kokuzama ukumelana naso, lo mbusi uyakubalekela ukuthwala umthwalo wakhe wemfanelo futhi wenza njengokwesifiso sesixuku. Egeza izandla, uthi: “Ngimsulwa egazini lalo muntu.” Ube eseyinikela ukuba ibethelwe le ndoda. Yebo, kunokuba athwale umthwalo wakhe wemfanelo wokwenza isinqumo mayelana noJesu Kristu, uPontiyu Pilatu uvumela abanye ukuba bamnqumele. Ngisho noma ayengazigeza kangakanani izandla zakhe, kwakungeke kumenze angabi nacala lokunikeza uJesu leso sigwebo esingafanele.—Mathewu 27:11-26; Luka 23:13-25.

3. Kungani kungafanele sivumele abanye basenzele izinqumo?

3 Kuthiwani ngawe? Lapho kudingeka wenze izinqumo, ingabe wenza njengamaHebheru amathathu, noma uvumela abanye bakwenzele izinqumo? Ukwenza izinqumo akulula. Kudingeka ukuvuthwa ukuze umuntu enze ukukhetha okufanele. Ngokwesibonelo, abazali kudingeka benzele izingane zabo ezincane izinqumo ezinhle. Yebo, ukwenza isinqumo kunzima kakhulu lapho isimo siyinkimbinkimbi futhi kunezici ezihlukahlukene okudingeka zicatshangelwe. Nokho, umthwalo wemfanelo wokwenza izinqumo awunzima kangangokuthi usungabalwa phakathi ‘kwemithwalo,’ noma izinkathazo, labo ‘abanezimfanelo ezingokomoya’ abangasithwalela yona. (Galathiya 6:1, 2) Kunalokho, lona umthwalo ‘ngamunye wethu ayozilandisela ngawo kuNkulunkulu.’ (Roma 14:12) IBhayibheli lithi: “Yilowo nalowo uyothwala owakhe umthwalo.” (Galathiya 6:5) Singazenza kanjani-ke izinqumo ezihlakaniphile ekuphileni? Okokuqala, kumelwe siqaphele ukulinganiselwa kwethu kobuntu futhi sazi ukuthi yini edingekayo ukuze sivale lapho sisilela khona.

Imfuneko Esemqoka

4. Isiphi isifundo esibalulekile ngokwenza izinqumo okufanele sisifunde esenzweni sokungalaleli sombhangqwana wokuqala?

4 Ekuqaleni komlando wesintu, umbhangqwana wokuqala wenza isinqumo esadala inhlekelele. Wakhetha ukudla isithelo somuthi wolwazi lokuhle nokubi. (Genesise 2:16, 17) Sasisekelwephi isinqumo sawo? IBhayibheli lithi: “Owesifazane wabona ukuthi umuthi wawukufanelekele ukudliwa nokuthi wawungokuthile okulangazelelekayo emehlweni, yebo, umuthi wawubukeka ufiseleka. Ngakho wathatha isithelo sawo wadla. Kamuva wanika nomyeni wakhe lapho esekanye naye, naye wadla.” (Genesise 3:6) Ukukhetha kuka-Eva kwakusekelwe esifisweni sobugovu. Isenzo sakhe sabangela ukuba no-Adamu azibandakanye naye. Ngenxa yalokho, isono nokufa “kwasakazekela kubantu bonke.” (Roma 5:12) Ukungalaleli kuka-Adamu no-Eva kufanele kusifundise isifundo esibalulekile mayelana nokulinganiselwa kwabantu: Uma umuntu enganamatheli esiqondisweni sikaNkulunkulu, uthambekela ekwenzeni izinqumo eziyiphutha.

5. Isiphi isiqondiso uJehova asinike sona, futhi yini okumelwe siyenze ukuze sizuze kuso?

5 Yeka indlela esijabula ngayo ngokuthi uJehova uNkulunkulu akasishiyanga singenasiqondiso! ImiBhalo iyasitshela: “Izindlebe zakho ziyozwa izwi ngemva kwakho lithi: ‘Nansi indlela. Hambani ngayo,’ uma kwenzeka niya ngakwesokunene noma niya ngakwesobunxele.” (Isaya 30:21) UJehova ukhuluma nathi ngeZwi lakhe eliphefumulelwe, iBhayibheli. Kumelwe sitadishe imiBhalo futhi sithole ulwazi olunembile lwayo. Ukuze sikhethe kahle, kufanele sidle ‘ukudla okuqinile okungokwabantu abavuthiwe.’ ‘Ngokusebenzisa amandla ethu okuqonda, siwenza aqeqeshelwe ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.’ (Hebheru 5:14) Amandla ethu okuqonda singawaqeqesha ngokusebenzisa lokho esikufunda eZwini likaNkulunkulu.

6. Yini edingekayo ukuze unembeza wethu usebenze kahle?

6 Ikhono likanembeza esalithola ngofuzo libalulekile ekwenzeni izinqumo. Unembeza uyakwazi ukwahlulela, futhi ‘ungasibeka icala noma uze ngisho usivune.’ (Roma 2:14, 15) Nokho, ukuze unembeza wethu usebenze kahle, kumelwe uqeqeshwe ngolwazi olunembile lweZwi likaNkulunkulu futhi wenziwe uzwele ngokulisebenzisa lelo Zwi. Unembeza ongaqeqeshiwe uthonywa kalula amasiko nemikhuba yendawo. Abantu esihlala nabo nemibono yabanye nakho kungasidukisa. Kwenzekani kunembeza wethu uma siwushaya indiva ngokuphindaphindiwe lapho usixwayisa, seqe izindinganiso zikaNkulunkulu? Ngokuhamba kwesikhathi ungasha ‘njengokungathi ushiswe ngensimbi yokubeka uphawu,’ ube njengenyama ebhashuliwe—ungasazweli futhi ube buthuntu. (1 Thimothewu 4:2) Ngakolunye uhlangothi, unembeza oqeqeshwe ngeZwi likaNkulunkulu uyisiqondiso esiphephile.

7. Iyiphi imfuneko esemqoka ekwenzeni izinqumo ezihlakaniphile?

7 Ngakho, imfuneko esemqoka ekuthwaleni umthwalo wemfanelo wokwenza izinqumo ezihlakaniphile iwukuba nolwazi olunembile lwemiBhalo nekhono lokulusebenzisa. Kunokuba sifinyelele eziphethweni ngokuxhamazela lapho kudingeka sikhethe, kufanele sizinike isikhathi sokuhlola izimiso zeBhayibheli bese sisebenzisa ikhono lethu lokucabanga lapho sizisebenzisa. Ngisho nalapho kudingeka senze isinqumo ngokushesha—njengoShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego—siba abakulungele kahle uma sinolwazi olunembile lweZwi likaNkulunkulu futhi unembeza wethu uqeqeshwe ngalo. Ukuze sibone ukuthi ukuphokophela ekuvuthweni kungalilola kanjani ikhono lethu lokwenza izinqumo, ake sicabangele izici ezimbili zokuphila.

Obani Esiyozihlanganisa Nabo?

8, 9. (a) Iziphi izimiso ezibonisa isidingo sokugwema ukuzihlanganisa nababi? (b) Ingabe ukuzihlanganisa nababi kusho kuphela ukuba phakathi kwabantu abangenasimilo? Chaza.

8 Umphostoli uPawulu wabhala: “Ningadukiswa. Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.” (1 Korinte 15:33) UJesu Kristu watshela abafundi bakhe: “Aniyona ingxenye yezwe.” (Johane 15:19) Ngemva kokufunda lezi zimiso, sisheshe sisibone isidingo sokugwema ubudlelwane nezifebe, iziphingi, amasela, izidakwa nabanye abantu abanjalo. (1 Korinte 6:9, 10) Nokho, njengoba sithuthuka olwazini lweqiniso leBhayibheli siyaqaphela ukuthi ukuchitha isikhathi nabantu abanjalo ngokubabuka kumabhayisikobho, kuthelevishini, noma kuyi-computer noma ngokufunda ngabo ezincwadini kulimaza ngendlela efanayo. Kungokufanayo nangokuzihlanganisa “nalabo abafihla lokho abayikho” ngezingosi zengevu ze-Internet.—IHubo 26:4.

9 Kuthiwani ngokuba nobudlelwane obuseduze nalabo okungenzeka baziphethe kahle kodwa abanalukholo kuNkulunkulu weqiniso? ImiBhalo iyasitshela: “Lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) Siyaqonda ukuthi abantu ababi okungafanele sizihlanganise nabo akubona kuphela abantu abayekelelayo noma abangenasimilo. Ngakho, senza ngokuhlakanipha lapho sihlakulela ubungane obuseduze kuphela nalabo abathanda uJehova.

10. Yini esisiza ukuba senze izinqumo ezibonisa ukuvuthwa ngokuqondene nokuxhumana nezwe?

10 Ukukugwema ngokuphelele ukuxhumana nabantu abasezweni akunakwenzeka futhi akuyona imfuneko. (Johane 17:15) Ukuhlanganyela enkonzweni yobuKristu, ukuya esikoleni, ukuya emsebenzini, konke kuhilela ukuxhumana nezwe. UmKristu oshade nomuntu ongakholwa kungase kudingeke axhumane nezwe ngaphezu kokuba kwenza amanye amaKristu. Nokho, lapho amandla ethu okuqonda eqeqeshiwe, siyaqonda ukuthi ukuxhumana nezwe kuphela lapho kudingeka kuhlukile ekuhlakuleleni ubuhlobo obuseduze nalo. (Jakobe 4:4) Ngakho, siyakwazi ukwenza izinqumo ezibonisa ukuvuthwa mayelana nokuthi sihlanganyele yini ezintweni ezingeyona ingxenye yezifundo esikoleni, njengezemidlalo nemidanso, futhi siye yini emicimbini nasezidlweni ezihlelelwe abantu esisebenza nabo.

Ukukhetha Umsebenzi

11. Iyiphi into yokuqala esiyicabangelayo lapho senza izinqumo mayelana nomsebenzi?

11 Ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli ngendlela ebonisa ukuvuthwa kuyasisiza ekwenzeni izinqumo mayelana nendlela esifeza ngayo isibopho sethu ‘sokondla labo abangamalungu endlu yethu.’ (1 Thimothewu 5:8) Into yokuqala esiyicabangelayo uhlobo lomsebenzi ngokwawo—lokho ofuna sikwenze. Ukukhetha umsebenzi othuthukisa lokho iBhayibheli elikulahla ngokuqondile akulungile neze. Ngakho, amaKristu eqiniso awayamukeli imisebenzi engase ihilele ukukhonza izithombe, ukweba, ukusebenzisa kabi igazi, noma eminye imikhuba engqubuzana nemiBhalo. Ngeke futhi siqambe amanga noma siphambe abanye, ngisho noma umqashi efuna senze kanjalo.—IzEnzo 15:29; IsAmbulo 21:8.

12, 13. Ngaphandle kohlobo lomsebenzi ngokwawo, iziphi ezinye zezici ezibalulekile ekwenzeni izinqumo eziphathelene nomsebenzi?

12 Kuthiwani uma umsebenzi ngokwawo ungangqubuzani ngokuqondile nomthetho kaNkulunkulu? Njengoba ulwazi lwethu lweqiniso lwanda futhi amandla ethu okuqonda ethuthuka, siyaqonda ukuthi kunezinye izici okumelwe zicatshangelwe. Kuthiwani uma umsebenzi uzosenza sihileleke emikhubeni engqubuzana nemiBhalo, njengokuphendula izingcingo esikhungweni sokugembula? Ukuthi imali ivela kubani nokuthi umsebenzi siwenza sikuphi nakho kubalulekile. Ngokwesibonelo, uma umKristu ezisebenza, ingabe angawamukela umsebenzi ohilela ukupenda elinye lamasonto eLobukholwa, kanjalo abe nesandla ekuthuthukiseni inkolo yamanga?—2 Korinte 6:14-16.

13 Kuthiwani uma kwenzeka umqashi wethu amukele umsebenzi wokulungisa indawo yokukhulekela kwamanga? Kulokhu, kungadingeka sicabangele izici ezinjengokuthi sinegunya elingakanani kulokho okwenziwayo nokuthi sihileleke ngezinga elingakanani. Kuthiwani ngokwenza umsebenzi ofanelekayo, njengokudiliva iposi kuwo wonke umphakathi, kuhlanganise nasezindaweni ezithuthukisa imikhuba engalungile? Ngeke yini sasebenza isimiso esikuMathewu 5:45? Kufanele sicabangele nendlela ukwenza lowo msebenzi nsuku zonke okungase kuwuthinte ngayo unembeza wethu. (Hebheru 13:18) Impela, ukuze sithwale umthwalo wethu wemfanelo wokwenza izinqumo ezibonisa ukuvuthwa mayelana nomsebenzi kudingeka silole amandla ethu okuqonda futhi siqeqeshe ikhono lethu likanembeza esilinikwe uNkulunkulu.

“Mqaphele Kuzo Zonke Izindlela Zakho”

14. Lapho senza izinqumo, iziphi izinyathelo okufanele sizithathe?

14 Kuthiwani ngezinqumo eziphathelene nezinye izindaba, njengokuthola imfundo yezwe nokwamukela noma ukwenqaba izindlela ezithile zokwelashwa? Lapho kudingeka senze noma isiphi isinqumo, kumelwe sithole izimiso zeBhayibheli ezihilelekile bese sisebenzisa ikhono lethu lokucabanga ukuze sizisebenzise. Inkosi ehlakaniphile yakwa-Israyeli wasendulo, uSolomoni, yathi: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.”—IzAga 3:5, 6.

15. Yini esiyifundayo kumaKristu ekhulu lokuqala mayelana nokwenza izinqumo?

15 Izinto esizikhethayo ngokuvamile ziyabathinta abanye, futhi kudingeka sikukhumbule lokhu. Ngokwesibonelo, amaKristu ekhulu lokuqala ayengasekho ngaphansi kwemithetho yokudla eminingi eseMthethweni KaMose. Ayengakhetha ukudla ukudla okuthile okwakubhekwa njengokungcolile ngaphansi koMthetho futhi okwakungasoleki neze. Nokho, umphostoli uPawulu wabhala ngenyama yesilwane okwakungenzeka yayihlangene ngandlela-thile nethempeli lesithixo: “Uma ukudla kwenza umzalwane akhubeke, ngeke ngiphinde ngiyidle inyama, ukuze ngingamenzi akhubeke umzalwane.” (1 Korinte 8:11-13) AmaKristu okuqala akhuthazwa ukuba acabangele onembeza babanye ukuze angabakhubi. Izinqumo zethu akufanele zisenze sibe “izimbangela zokukhubeka.”—1 Korinte 10:29, 32.

Funa Ukuhlakanipha KukaNkulunkulu

16. Umthandazo usisiza kanjani ekwenzeni izinqumo?

16 Umthandazo uwusizo olukhulu ekwenzeni izinqumo. Umfundi uJakobe uthi: “Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makaqhubeke ekucela kuNkulunkulu, ngoba ubapha bonke ngesandla esivulekile ngaphandle kokusola; uyomnika kona.” (Jakobe 1:5) Singathandaza kuJehova ngokuqiniseka, sicele ukuhlakanipha okudingekayo ukuze senze izinqumo ezifanele. Lapho sikhuluma noNkulunkulu weqiniso ngezinto ezisikhathazayo futhi sifuna isiqondiso sakhe, umoya ongcwele ungasisiza siyiqonde kangcono imiBhalo esiyicabangelayo futhi sikhumbule eminye okungenzeka siyilibele.

17. Abanye bangasisiza kanjani ekwenzeni izinqumo?

17 Ingabe abanye bangasisiza ekwenzeni izinqumo? Yebo, uJehova ulungiselele abantu abavuthiwe ebandleni. (Efesu 4:11, 12) Singaxoxa nabo ikakhulu uma sibhekene nesinqumo esikhulu. Abantu abanokuqonda okujulile okungokomoya futhi abanokuhlangenwe nakho ekuphileni bangasibonisa izimiso zeBhayibheli ezengeziwe ezingase zithinte isinqumo sethu, basisize ‘siqiniseke ngezinto ezibaluleke kakhulu.’ (Filipi 1:9, 10) Nokho, nasi isixwayiso: Kumelwe siqaphele ukuba singavumeli abanye basenzele izinqumo. Lowo umthwalo wemfanelo okumelwe sizithwalele wona.

Ingabe Kuyoba Nemiphumela Emihle Ngaso Sonke Isikhathi?

18. Ungase ube yini umphumela wesinqumo esihle?

18 Ingabe izinqumo ezisekelwe ngokuqinile ezimisweni zeBhayibheli futhi ezivumelana nonembeza wethu ziyoba nomphumela omuhle njalo? Yebo, ekugcineni. Nokho, ngezinye izikhathi umphumela wangaleso sikhathi ungase ungajabulisi. UShadiraki, uMeshaki no-Abhedinego babazi ukuthi bangase bafe ngenxa yesinqumo sabo sokungasikhulekeli isizemazema sesithombe. (Daniyeli 3:16-19) Ngokufanayo, ngemva kokuba abaphostoli betshele iSanhedrini yamaJuda ukuthi kumelwe balalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu, babhambabulwa ngaphambi kokuba badedelwe. (IzEnzo 5:27-29, 40) Ngaphezu kwalokho, “isikhathi nesenzakalo esingalindelekile” kungenza umphumela wanoma isiphi isinqumo ungabi muhle. (UmShumayeli 9:11) Uma sihlupheka ngandlela-thile nakuba siye senza isinqumo esifanele, singaqiniseka ukuthi uJehova uyosisiza ukuba sikhuthazele futhi uyosibusisa ekugcineni.—2 Korinte 4:7.

19. Singawuthwala kanjani ngesibindi umthwalo wethu wemfanelo wokwenza izinqumo?

19 Ngakho-ke, lapho senza izinqumo kumelwe sifune izimiso zemiBhalo bese sisebenzisa ikhono lethu lokucabanga ukuze sizisebenzise. Yeka indlela esibonga ngayo ngosizo uJehova alunikezile ngomoya wakhe ongcwele nangabafowethu abavuthiwe ebandleni! Njengoba sinesiqondiso namalungiselelo anjalo, masiwuthwale ngesibindi umthwalo wethu wemfanelo wokwenza izinqumo ngokuhlakanipha.

Ufundeni?

• Iyiphi imfuneko esemqoka ekwenzeni izinqumo ezinhle?

• Ukuthuthukela ekuvuthweni kungakuthonya kanjani ukukhetha kwethu abangane?

• Iziphi ezinye zezici ezibalulekile okufanele sizicabangele lapho senza izinqumo mayelana nomsebenzi?

• Iluphi usizo esingaluthola lapho senza izinqumo?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 22]

Ukungalaleli kuka-Adamu no-Eva kusifundisa isifundo esibalulekile

[Isithombe ekhasini 24]

Ngaphambi kokwenza isinqumo esibalulekile, hlola izimiso zeBhayibheli ezihilelekile