Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ziyini ‘Izinsuku Zokugcina’?

Ziyini ‘Izinsuku Zokugcina’?

Ziyini ‘Izinsuku Zokugcina’?

INGABE uzibuza ukuthi ikusasa likuphatheleni wena nabathandekayo bakho? Abantu abaningi abalokothi baphuthelwe izindaba ngoba bafuna ukwazi indlela izenzakalo zezwe ezingase zikuthinte ngayo ukuphila kwabo. Nokho, ukuqonda kwangempela sikuthola ngokunakisisa iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe. Lokhu kungenxa yokuthi iBhayibheli lazibikezela kudala izimo ezikhona namuhla, laze labikezela nalezo ezisazokwenzeka.

Ngokwesibonelo, ngesikhathi uJesu Kristu esemhlabeni, wakhuluma kabanzi ngoMbuso kaNkulunkulu. (Luka 4:43) Kunengqondo ukuthi abantu abamuzwa bafuna ukwazi ukuthi lowo Mbuso omangalisayo wawuyofika nini. Nembala, kusasele izinsuku ezintathu abulawe ngokungafanele, abafundi bakhe bambuza: “Siyoba yini isibonakaliso sokuba khona kwakho [emandleni oMbuso] nesesiphelo sesimiso sezinto?” (Mathewu 24:3) UJesu wabatshela ukuthi nguJehova uNkulunkulu kuphela owayazi isikhathi esithe ngqo uMbuso owawuzobusa ngaso umhlaba ngokugcwele. (Mathewu 24:36; Marku 13:32) Nokho, uJesu kanye nabanye babikezela izenzakalo ezithile ezaziyokwenzeka emhlabeni njengobufakazi bokuthi uKristu useyabusa emandleni oMbuso.

Ngaphambi kokuba sihlole ubufakazi esibubonayo bokuthi siphila “ezinsukwini zokugcina” zalesi simiso samanje sezinto, ake sicabangele isenzakalo esibalulekile esenzeka endaweni yomoya engabonakali. UJesu Kristu waba iNkosi ezulwini ngonyaka ka-1914. * (Daniyeli 7:13, 14) Ngokushesha ngemva kokunikezwa amandla oMbuso, uJesu wathatha isinyathelo. IBhayibheli liyasitshela: “Kwagqashuka impi ezulwini: UMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako, nodrako nezingelosi zakhe balwa.” (IsAmbulo 12:7) “UMikayeli ingelosi eyinhloko” nguJesu Kristu esikhundleni sakhe sasezulwini. * (Jude 9; 1 Thesalonika 4:16) Udrako uSathane uDeveli. Kwamhambela kanjani uSathane nabalandeli bakhe abayizingelosi ezimbi, ezibizwa ngokuthi amademoni? Banqotshwa kuleyo mpi futhi ‘baphonswa phansi’ emhlabeni noma baxoshwa ezulwini. (IsAmbulo 12:9) Ngenxa yalokhu ‘amazulu nalabo abahlala kuwo,’ okungukuthi, amadodana kaNkulunkulu omoya athembekile bajabula. Nokho, akubanga njalo ngabantu. IBhayibheli labikezela: “Mayé ngomhlaba nangolwandle, ngoba uDeveli wehlele kini, ethukuthele kakhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane.”—IsAmbulo 12:12.

Ngalokhu kufutheka kwakhe, uSathane uye walethela abantu abahlala emhlabeni umaye—ukuhlupheka nezinkathazo. Nokho, lowo maye akayikuthatha isikhathi eside, uyoba ‘owesikhathi esifushane.’ IBhayibheli libiza lesi sikhathi ngokuthi ‘izinsuku zokugcina.’ Siyajabula ngokuthi maduzane ithonya likaDeveli emhlabeni lizoqedwa ngokuphelele. Kodwa ibuphi ubufakazi obukhona bokuthi siphila ezinsukwini zokugcina?

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 4 Bheka INqabayokulinda ka-July 15, 2006, amakhasi 6-7.

^ par. 4 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? amakhasi 218-19, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Imithombo Yezithombe ekhasini 2]

COVER: Foreground: © Chris Stowers/​Panos Pictures; background: FAROOQ NAEEM/​AFP/​Getty Images