Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Ngeke Siyeke Ukukhuluma NgoJesu’

‘Ngeke Siyeke Ukukhuluma NgoJesu’

“Kumelwe Silalele Unkulunkulu Njengombusi Kunabantu”

‘Ngeke Siyeke Ukukhuluma NgoJesu’

UNYAKA ngu-33 C.E., kusenkantolo enesithunzi yesizwe samaJuda eJerusalema. Kulesi sigcawu, iSanhedrini izophenya abalandeli bakaJesu Kristu abangu-12. Ngani? Ngenxa yokuthi bashumayele ngoJesu. Sekungokwesibili umphostoli uPetru noJohane bephambi kwale nkantolo. Leli icala lokuqala kwabanye abaphostoli.

Umpristi ophakeme ukhuluma nabaphostoli abangu-12 maqondana nomyalo owakhishwa inkantolo ekuqaleni. Ngaleso sikhathi, lapho beyalwa ukuba bayeke ukufundisa ngoJesu, umphostoli uPetru noJohane baphendula: “Ukuthi kulungile yini emehlweni kaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu, yahlulelani nina. Kodwa thina, ngeke siyeke ukukhuluma ngezinto esizibonile nesizizwile.” Ngemva kokuthandazela isibindi, abafundi bakaJesu babeqhubekile nokumemezela izindaba ezinhle.—IzEnzo 4:18-31.

Eqaphela ukuthi ukusongela kwakhe kwangaphambili akuzange kuphumelele, kuleli cala lesibili umpristi ophakeme uthi: “Siniyalé ngokucacile ukuba ningaqhubeki nifundisa ngaleli gama, kodwa, bhekani! senigcwalise iJerusalema ngemfundiso yenu, futhi nizimisele ukuletha igazi lalo muntu phezu kwethu.”—IzEnzo 5:28.

Ukuzimisela Okuqinile

Bephendula ngesibindi, oPetru nabanye abaphostoli bathi: “Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.” (IzEnzo 5:29) Yiqiniso, kunokuba silalele abantu nje, kumelwe silalele uJehova lapho okufunwa ngabantu kungqubuzana nemiyalo yakhe. *

Amazwi abaphostoli kumelwe ukuba agcizelela emalungwini eSanhedrini ukuthi babezolalela uNkulunkulu. Uma bebuzwa ngokulalela uNkulunkulu, laba baholi bomphakathi wamaJuda bekumelwe baphendule ngazwi-linye: “Lalelani uNkulunkulu.” Kanti abakholelwa yini ukuthi uNkulunkulu uyiNkosi EnguMbusi wendawo yonke?

Emelela bonke abaphostoli, uPetru uthi balalela uNkulunkulu kunabantu maqondana nenkonzo yabo. Ngalokho, uqeda ukumangalelwa kwabaphostoli ngokuthi abalaleli. Ngokomlando wesizwe sabo, amalungu eSanhedrini ayazi ukuthi kunezikhathi lapho kucace khona ukuthi kulungile ukulalela uNkulunkulu kunabantu. Ababelethisi ababili baseGibhithe besaba uNkulunkulu, hhayi uFaro, basindisa abantwana babafana ababezalwa abesifazane abangamaHebheru. (Eksodusi 1:15-17) INkosi uHezekiya yalalela uJehova, hhayi iNkosi uSaneheribi, lapho icindezelwa ukuba izinikele. (2 AmaKhosi 19:14-37) Amalungu eSanhedrini ayeyijwayele imiBhalo YesiHebheru egcizelela ukuthi uJehova ulindele ukuba abantu bakhe bamlalele.—1 Samuweli 15:22, 23.

Ukulalela Kunomvuzo

La mazwi athi “kumelwe silalele uNkulunkulu kunabantu,” athinta okungenani ilungu elilodwa lenkantolo ephakeme, uGamaliyeli. Lo mahluleli ohlonishwayo kuyiSanhedrini, unxusa inkantolo ukuba ilalele iseluleko sakhe esihlakaniphile asinikeza ngasese. Elandisa ngezibonelo ezedlule, uGamaliyeli ubonisa ukuthi akukhona ukuhlakanipha ukuphazamisa umsebenzi wabaphostoli. Uphetha ngokuthi: “Ningabaphazamisi laba bantu, kodwa bayekeni; . . . ngaphandle kwalokho, mhlawumbe ningatholakala empeleni ningabantu abalwa noNkulunkulu.”—IzEnzo 5:34-39.

Amazwi kaGamaliyeli anengqondo enza inkantolo ephakeme ukuba ikhulule abaphostoli. Nakuba bebhaxabulwa, abaphostoli abesatshiswa yilokhu okwenzekayo. Kunalokho, ukulandisa kweBhayibheli kuthi: “Nsuku zonke ethempelini nasendlini ngendlu baqhubeka ngaphandle kokuyekethisa, befundisa futhi bememezela izindaba ezinhle ngoKristu, uJesu.”—IzEnzo 5:42.

Yeka indlela abaphostoli ababusiswa ngayo ngokuma baqine kwelokuthi igunya likaNkulunkulu liphakeme! Namuhla amaKristu eqiniso anesimo sengqondo esifanayo. OFakazi BakaJehova bayaqhubeka bebheka uJehova njengoMbusi wabo Ophakeme. Uma beyalwa ukuba benze okungqubuzana neziqondiso zikaNkulunkulu, baphendula njengabaphostoli: “Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.”

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 7 Bheka IKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-2006, September/October.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]

WAKE WAZIBUZA YINI LOKHU?

ULuka, umlobi weVangeli wakuthola kanjani ukwaziswa okumayelana namazwi kaGamaliyeli awasho ngasese kuyiSanhedrini? Kungenzeka ukuthi uNkulunkulu wamembulela ngokuqondile amazwi kaGamaliyeli. Noma mhlawumbe wawatshelwa uPawulu (owayekade engomunye wabafundi bakaGamaliyeli). Noma kungenzeka ukuthi uLuka waxhumana nelungu lenkantolo ephakeme elalinombono ofanayo nowabaphostoli.