Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Amaphuzu Avelele Encwadi YezAga

Amaphuzu Avelele Encwadi YezAga

IZwi LikaJehova Liyaphila

Amaphuzu Avelele Encwadi YezAga

INKOSI yakwa-Israyeli wasendulo uSolomoni ‘yayingakhuluma izaga eziyizinkulungwane ezintathu.’ (1 AmaKhosi 4:32) Ingabe siyakwazi ukuwathola la mazwi ayo ahlakaniphile? Yebo siyakwazi. Incwadi yeBhayibheli yezAga, eyaqedwa cishe ngo-717 B.C.E., inezaga eziningi zikaSolomoni. Yizahluko ezimbili zokugcina kuphela ezabhalwa abanye abalobi—u-Aguri indodana kaJakhe neNkosi uLemuweli. Nokho, abanye bakholelwa ukuthi elithi Lemuweli elinye igama likaSolomoni.

Amazwi aphefumulelwe asencwadini yezAga anenjongo ekabili—‘ukuba umuntu azi ukuhlakanipha nesiyalo.’ (IzAga 1:2) Asisiza ukuba sithole ukuhlakanipha, okuyikhono lokubona izinto ngokucacile nokusebenzisa ulwazi ekuxazululeni izinkinga. Ngawo la mazwi, sibuye futhi sithole nesiyalo, noma ukuqeqeshwa ngendlela yokuziphatha. Ukuzinakisisa lezi zaga nokulalela isiyalo esitholakala kuzo kungathinta izinhliziyo zethu, kusenze sijabule futhi siphumelele.—Hebheru 4:12.

‘ZUZA UKUHLAKANIPHA UBAMBE ISIYALO’

(IzAga 1:1–9:18)

USolomoni uthi: “Ukuhlakanipha kweqiniso kuqhubeka kumemeza kakhulu esitaladini.” (IzAga 1:20) Kungani kufanele silalele izwi lako elikhulu nelicacile? Isahluko 2 sinikeza izinzuzo eziningi zokuzuza ukuhlakanipha. Esahlukweni 3 kuxoxwa ngendlela yokuba nobuhlobo obuseduze noJehova. USolomoni ube esethi: “Ukuhlakanipha kuyinto eyinhloko. Zuza ukuhlakanipha; kanye nakho konke okuzuzayo, zuza ukuqonda. Bamba isiyalo; ungasidedeli.”—IzAga 4:7, 13.

Yini eyosisiza ukuba simelane nezindlela zokuziphatha okubi zaleli zwe? Isahluko sesihlanu sencwadi yezAga siyaphendula: Sebenzisa ikhono lokucabanga, futhi uziqaphele izindlela eziyengayo zaleli zwe. Cabanga futhi nangemiphumela emibi yokuziphatha kabi ngokobulili. Isahluko esilandelayo sisixwayisa ngemikhuba nezimo zengqondo ezifaka ubuhlobo bethu noJehova engozini. Isahluko 7 sizembula ngokucacile izindlela zomuntu oziphethe kabi. Inzuzo nobuhle bokuhlakanipha kuvezwa ngendlela ethakazelisayo esahlukweni 8Isahluko 9, siyisiphetho esishukumisayo sezaga osekuxoxwe ngazo, sivezwa njengomfanekiso othakazelisayo osikhuthaza ukuba siphishekele ukuhlakanipha.

Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo

1:7; 9:10—Kungayiphi indlela ukwesaba uJehova “kungukuqala kolwazi” futhi “kungukuqala kokuhlakanipha”? Umuntu ngeke abe nolwazi uma engamesabi uJehova, ngoba unguMdali wazo zonke izinto noMlobi weBhayibheli. (Roma 1:20; 2 Thimothewu 3:16, 17) UnguMthombo walo lonke ulwazi lweqiniso. Ngakho, umuntu uqala ukuba nolwazi ngokwesaba uJehova okunenhlonipho. Ukwesaba uNkulunkulu kubuye kube ukuqala kokuhlakanipha ngenxa yokuthi umuntu akakwazi ukuhlakanipha engenalo ulwazi. Ngaphezu kwalokho, umuntu ongamesabi uJehova ngeke asebenzise noma iluphi ulwazi analo ukuze adumise uMdali.

5:3—Kungani isifebe sibizwa ngokuthi owesifazane ongaziwa”? IzAga 2:16, 17 zichaza “owesifazane ongaziwa” njengothile “osikhohliwe isivumelwano sikaNkulunkulu wakhe.” Noma ubani owayekhulekela onkulunkulu bamanga noma owayezenza ongawazi uMthetho KaMose, kuhlanganise nesifebe, wayebizwa ngokuthi ongaziwa.—Jeremiya 2:25; 3:13.

7:1, 2—Yini ehlanganiswa inkulumo ethi “amazwi ami” nethi “imiyalo yami”? Ngaphandle kwezimfundiso zeBhayibheli, le nkulumo ihlanganisa imithetho yasekhaya, noma iziqondiso ezibekwa abazali ukuze kuzuze amalungu omkhaya. Izingane kufanele ziyilalele kanye nezimfundiso ezingokomBhalo ezizithola kubazali bazo.

8:30—Ubani “isisebenzi esiyingcweti”? Ukuhlakanipha okwenziwe samuntu kuzibiza ngokuthi kuyisisebenzi esiyingcweti. Kunokuba kube inkulumo yobuciko echaza izimfanelo zokuhlakanipha, lokhu kwenziwa samuntu ngokomfanekiso kubhekisela eNdodaneni kaNkulunkulu eyizibulo, uJesu Kristu, ngaphambi kokuba ibe umuntu. Kudala ngaphambi kokuba izalwe emhlabeni njengomuntu, ‘yenziwa yaba ukuqala kwendlela kaNkulunkulu.’ (IzAga 8:22) Njengoba ‘yayiyisisebenzi esiyingcweti,’ yasebenza noYise ngenkuthalo lapho kudalwa zonke izinto.—Kolose 1:15-17.

9:17—Ayini “amanzi ebiwe,” futhi kungani ‘emtoti’? Njengoba iBhayibheli lifanisa ukujabulela ubuhlobo bobulili emshadweni nokuphuza amanzi aqabulayo akhiwe emthonjeni, amanzi ebiwe afanekisela ukuba nobuhlobo bobulili ngasese nomuntu ongashadile naye. (IzAga 5:15-17) Umqondo umuntu aba nawo wokuthi ngeke abanjwe ngalesi senzo wenza ukuba lawo manzi abonakale emnandi.

Izifundo Esizitholayo:

1:10-14. Kufanele siqaphe ukuba singayengelwa ezindleleni ezimbi zezoni ngezithembiso zazo zokuceba.

3:3. Kufanele siwazise kakhulu umusa wothando neqiniso futhi sikubonise obala njengoba nje singenza ngomgexo oyigugu. Kudingeka futhi sizibhale lezi zimfanelo ezinhliziyweni zethu, sizenze zibe yingxenye eyinhloko yokuphila kwethu.

4:18. Ulwazi olungokomoya alumile ndawonye. Ukuze sihlale sisekukhanyeni, kumelwe siqhubeke sibonisa ukuthobeka nobumnene.

5:8. Kufanele siwabalekele wonke amathonya okuziphatha okubi, kungakhathaliseki ukuthi asemculweni, ekuzijabuliseni, kuyi-Internet noma ezincwadini nakomagazini.

5:21. Ingabe umuntu othanda uJehova angazilahlekisela ubuhlobo bakhe obuhle noNkulunkulu weqiniso ngenxa yemizuzu embalwa nje yokuzijabulisa? Lutho neze! Into enamandla kunazo zonke esishukumisela ekubeni silondoloze ukuziphatha okumsulwa ukuqaphela ukuthi uJehova uyazibona izindlela zethu nokuthi siyolandisa ngazo.

6:1-5. Yeka iseluleko esihle esisitholayo kula mavesi sokuba simelane ‘nokuba yisibambiso,’ noma ukwenza izibopho ezingokwezimali ngobuwula, ngenxa yabanye! Uma sicabangisisa ngesinyathelo esisithathile bese sibona ukuthi asihlakaniphile, kufanele sisheshe ‘simbelesele kakhulu lowo muntu’ futhi senze konke esingakwenza ukuze silungise izinto.

6:16-19. Lapha kunezigaba eziyisikhombisa ezihilela cishe zonke izinhlobo zezono. Kufanele sihlakulele ukuzizonda.

6:20-24. Ukuqeqesha umntwana ngemiBhalo kungamvikela ukuba angabanjwa ugibe lokuziphatha okubi ngokobulili. Abazali akufanele badebeselele ukuqeqesha abantwana babo.

7:4. Kufanele sihlakulele ukuthanda ukuhlakanipha nokuqonda.

IZAGA ZOKUSIQONDISA

(IzAga 10:1–29:27)

Izaga zikaSolomoni ezilandelayo zimfushane. Njengoba ngokuyinhloko ziyiziqhathaniso nezifaniso, ziqukethe izifundo ezinamandla ekuziphatheni, enkulumweni nasesimweni sengqondo.

Izahluko 10 kuya ku-24 zigcizelela ukubaluleka kokwesaba uJehova ngenhlonipho. Izaga ezisezahlukweni 25 kuya ku-29 zakopishwa “amadoda kaHezekiya inkosi yakwaJuda.” (IzAga 25:1) Lezi zaga zisifundisa ukuncika kuJehova nokunye okubalulekile.

Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo

10:6—‘Umlomo wababi ubufihla’ kanjani “ubudlova”? Lokhu kungenzeka ngomqondo wokuthi ababi balalisa ulimi ukuze bafihle izinhloso zabo ezimbi zokulimaza abanye. Noma kungenzeka ukuthi njengoba ngokuvamile ababi bezondwa, leyo nzondo evela kwabanye abantu iyabathulisa.

10:10—“Ocifa isoububangela kanjani ubuhlungu? “Umuntu ongelusizo lwalutho” akajwayele nje kuphela ‘ukugwegwisa inkulumo’ kodwa uzama nokufihla izinhloso zakhe ngokushukuma komzimba, ‘okunjengokucifa iso.’ (IzAga 6:12, 13) Lolu hlobo lokukhohlisa lungabangela ukucindezeleka kwengqondo okukhulu esisulwini sakhe.

10:29—Iyini “indlela kaJehova”? Lokhu kubhekisela endleleni uJehova asebenzelana ngayo nesintu futhi akubhekiseli endleleni yokuphila okufanele siyilandele. Indlela uNkulunkulu asebenzelana ngayo nabantu ibonisa ukuthi uyabalonda abangasoleki kodwa ababi uyababhubhisa.

11:31—Kungani kufanele omubi athole umvuzo ongaphezu kowolungileyo? Lapha kukhulunywa ngomvuzo ophathelene nezinga lesijeziso asitholayo. Lapho olungileyo ona, uthola umvuzo oyisiyalo ngamaphutha akhe. Omubi wona ngamabomu futhi uyenqaba ukuphenduka enze okuhle. Ngakho, ufanelwa isijeziso esinzima futhi uyasithola.

12:23—Umuntu ‘ulusibekela kanjani ulwazi’? Ukusibekela ulwazi akusho ukuthi umuntu akabonisi nhlobo ukuthi unalo. Kunalokho, kusho ukuthi ubonisa ulwazi ngokuqonda, hhayi ngokubukisa ngalo eziqhayisa.

14:17—Kungayiphi indlela ‘umuntu onekhono lokucabanga ezondwa’? Inkulumo yesiHebheru ehunyushwe ngokuthi ‘ikhono lokucabanga’ ingasho ukuqonda noma imicabango emibi. Ngempela, umuntu onemicabango emibi uyazondwa. Kodwa kungokufanayo nangomuntu onokuqonda ohlakulela ikhono lokucabanga futhi okhetha ‘ukungabi ingxenye yezwe.’—Johane 15:19.

18:19—“Umuntu owoniwe ngumfowabo uqine” kanjani “ngaphezu komuzi oqinile”? Njengomuzi oqinile lapho uvinjezelwe, umuntu onjalo angase enqabe ngokuqinile ukuthethelela. Kalula ingxabano yakhe nalowo omonile ingaba isithiyo “njengomgoqo wombhoshongo wokuhlala.”

Izifundo Esizitholayo:

10:11-14. Ukuze sibe namazwi akhayo, kufanele sigcwalise izingqondo zethu ngolwazi olunembile, izinhliziyo zethu kumelwe zishukunyiswe uthando futhi ukuhlakanipha kufanele kuqondise esikushoyo.

10:19; 12:18; 13:3; 15:28; 17:28. Kwangathi amazwi ethu angaba mbalwa futhi siwacabange kahle.

11:1; 16:11; 20:10, 23. UJehova ufuna sithembeke emabhizinisini ethu.

11:4. Kuwubuwula ukuphishekela ingcebo kuyilapho sidebeselela isifundo seBhayibheli somuntu siqu, ukuya emihlanganweni, umthandazo nenkonzo yasensimini.

13:4. ‘Ukufisa’ isikhundla ebandleni noma ‘ukufisa’ ukuphila ezweni elisha akwanele. Kumelwe sikhuthale futhi sizikhandle ukuze sihlangabezane nezimfuneko.

13:24; 29:15, 21. Umzali onothando akamtotosi umntwana wakhe noma ashalazelele amaphutha akhe. Kunalokho, ubaba noma umama uthatha izinyathelo ukuze asuse lawo maphutha ngaphambi kokuba agxile kakhulu.

14:10. Njengoba imizwa yethu ejulile singeke sakwazi ukuyisho ngokunembile ngaso sonke isikhathi noma iqondwe njalo abanye abantu, induduzo engokomzwelo esingayithola kwabanye ilinganiselwe. Kungase kudingeke sikhuthazelele ubunzima obuthile ngokuncika ngokuphelele kuJehova.

15:7. Akufanele sisheshe sitshele umuntu yonke into esiyaziyo, njengoba nje nomlimi engasakazi yonke imbewu yakhe endaweni eyodwa. Umuntu ohlakaniphile usakaza ulwazi kancane kancane kuye ngesidingo.

15:15; 18:14. Ukulondoloza isimo sengqondo esihle kuyosisiza sithole injabulo, ngisho nalapho sibhekene nezimo ezicindezelayo.

17:24. Ngokungafani ‘noyisiphukuphuku,’ omehlo nengqondo yakhe kuyazulazula kunokuba kugxile ezintweni ezibalulekile, kufanele sifune ukuqonda ukuze senze ngokuhlakanipha.

23:6-8. Kufanele sikugweme ukubonisa umoya wokungenisa izihambi ngokuzenzisa.

27:21. Ukunconywa kungembula ukuthi singobani. Sibonisa ukuthi sithobekile uma ukunconywa kusishukumisela ukuba siqaphele ukuthi esikufezayo sikufeza ngenxa yamandla kaJehova futhi kusikhuthaze ukuba siqhubeke simkhonza. Ukuntula ukuthobeka kwembuleka lapho ukunconywa kusenza sizizwe siphakeme.

27:23-27. Zisebenzisa umfanekiso wamadlelo, lezi zaga zigcizelela inzuzo yokwaneliseka ngokuphila okulula esikuthola ngokusebenza ngenkuthalo. Kufanele zigcizelele kithi isidingo sokuncika kuNkulunkulu. *

28:5. Uma ‘sifuna uJehova’ ngomthandazo nangokutadisha iZwi lakhe, ‘singakuqonda konke’ okudingekayo ukuze simkhonze ngokwamukelekayo.

‘IMIYALEZO ENOHLONZE’

(IzAga 30:1–31:31)

Incwadi yeBhayibheli yezAga iphetha ‘ngemiyalezo emibili enohlonze.’ (IzAga 30:1; 31:1) Ngeziqhathaniso ezishukumisa ingqondo, umyalezo ka-Aguri ubonisa ukunganeliswa ngenxa yobugovu, ubonise nokuthi zicashe kanjani izindlela zendoda zokuyenga intombi. * Ubuye usixwayise ngokuziphakamisa kanye nokukhuluma sicasukile.

Umlayezo onohlonze uLemuweli awuthola kunina uneseluleko esinengqondo ngokusebenzisa iwayini nophuzo oludakayo nangokwahlulela ngokulunga. Ukuchazwa komfazi omuhle kuphetha ngala mazwi: “Mnikeni izithelo zezandla zakhe, futhi imisebenzi yakhe mayimdumise.”—IzAga 31:31.

Zuza ukuhlakanipha, yamukela isiyalo, hlakulela ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu, uncike kuJehova. Yeka izifundo ezibalulekile ezifundiswa izaga eziphefumulelwe! Ngokuqinisekile, masisebenzise izeluleko zazo, ngaleyo ndlela sithole injabulo ‘yomuntu owesaba uJehova.’—IHubo 112:1.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 13 Bheka INqabayokulinda ka-August 1, 1991, ikhasi 31.

^ par. 15 Bheka INqabayokulinda ka-July 1, 1992, ikhasi 31.

[Izithombe ekhasini 16]

UJehova unguMthombo walo lonke ulwazi oluyiqiniso

[Isithombe ekhasini 18]

Kusho ukuthini ‘ukusakaza ulwazi’?