Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Injabulo Yakhe Yayisemthethweni KaJehova

Injabulo Yakhe Yayisemthethweni KaJehova

Injabulo Yakhe Yayisemthethweni KaJehova

U-ALBERT D. SCHROEDER, ilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, waqeda inkambo yakhe yasemhlabeni ngoLwesithathu, ngo-March 8, 2006. Wayeneminyaka engu-94 ubudala neminyaka engaphezu kwengu-73 enkonzweni yesikhathi esigcwele.

UMfoweth’ uSchroeder wazalwa ngo-1911 eSaginaw, eMichigan, e-U.S.A. * Esengumntwana, wafunda okuningi ngeBhayibheli kugogo wakhe ozala unina, owagxilisa kuye nothando lokufunda iZwi likaJehova. Wafunda ulimi lwesiLatini nolweJalimane kanye nobunjiniyela bukagesi e-University of Michigan. Nokho, njengoba ukwazisa kwakhe imiBhalo kwakukhula, waziyeka izifundo zakhe wangenela umsebenzi wokushumayela ngoMbuso isikhathi esigcwele. Ngo-1932 waba ilungu lomkhaya waseBethel eBrooklyn, eNew York.

Ngo-1937, eneminyaka engu-26 ubudala, wamiswa ukuba engamele umsebenzi woFakazi BakaJehova eBrithani. Intshiseko yakhe ngomsebenzi wokushumayela yakhuthaza abaningi kulelo zwe ukuba bangenele inkonzo yesikhathi esigcwele. Enye insizwa akhonza nayo eBethel yaseLondon kwakunguJohn E. Barr. Kamuva bakhonza ndawonye eNdikimbeni Ebusayo iminyaka eminingi.

Umsebenzi kaMfoweth’ uSchroeder awenzela oFakazi BakaJehova waphawuleka phakathi neminyaka yempi. Ngo-August 1942 waxoshwa eBrithani. Ngemva kohambo olunzima lokudabula i-Atlantic phakathi nempi, wafika eBrooklyn ngo-September.

Ngaleso sikhathi, izinceku zikaJehova zase zikucabanga ukuthi kwakunomsebenzi omkhulu okwakuzodingeka wenziwe ngemva kweMpi Yezwe II. UMfoweth’ uSchroeder wamangala futhi wajabula lapho ethola isabelo sakhe esilandelayo—ukusiza ekuhleleni izifundo ze-Watchtower Bible School of Gilead. Wakhonza njengomfundisi iminyaka ethile, esiza ekuqeqesheni izithunywa zevangeli. Abafundi baseGileyadi nalabo abafundisa kamuva eSikoleni Senkonzo SoMbuso bazikhumbula ngenjabulo izikhathi ayebafundisa ngazo ekilasini. Wayekujabulela ukugxilisa kubafundi uthando ngemithetho kaNkulunkulu futhi wayegcizelela ukubaluleka kokwazi uJehova.

UMfoweth’ uSchroeder washada noCharlotte Bowin ngo-1956, kwathi ngo-1958 baba nendodana uJudah Ben. UMfoweth’ uSchroeder wayeyindoda engumKristu ekahle futhi engubaba okahle. Ngo-1974 waqala ukukhonza eNdikimbeni Ebusayo, lapho ukuqonda kwakhe kwakwaziswa kakhulu. Wayeyindoda enomusa futhi ethobekile, ngaphezu kwalokho, wayefuna ukudumisa igama likaNkulunkulu elikhulu. Siyaqiniseka ukuthi uMfoweth’ uSchroeder usewutholile umvuzo wakhe wasezulwini njengomKristu ogcotshiwe ‘onjabulo yakhe yayisemthethweni kaJehova’ ngempela.—IHubo 1:2.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 3 Indaba yokuphila kukaMfoweth’ uSchroeder yanyatheliswa kuyi-Nqabayokulinda ka-March 1, 1988.