Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Phokophelela Ekuvuthweni​—“Usuku Olukhulu LukaJehova Luseduze”

Phokophelela Ekuvuthweni​—“Usuku Olukhulu LukaJehova Luseduze”

Phokophelela Ekuvuthweni​—“Usuku Olukhulu LukaJehova Luseduze”

“Masiphokophelele ekuvuthweni.”​—HEB. 6:1.

1, 2. Lavuleka kanjani ithuba lokuba amaKristu ekhulu lokuqala aseJerusalema naseJudiya abalekele ezintabeni?

NGESIKHATHI uJesu esemhlabeni, abafundi bakhe baya kuye, bambuza: “Siyoba yini isibonakaliso sokuba khona kwakho nesesiphelo sesimiso sezinto?” Isiprofetho uJesu asinikeza lapho ebaphendula sagcwaliseka okokuqala ekhulwini lokuqala. UJesu wakhuluma ngesenzakalo esingajwayelekile esasiyoba isibonakaliso sokuthi ukuphela kwase kusondele. Lapho bebona leso senzakalo, ‘abaseJudiya kwakuyodingeka baqale ukubalekela ezintabeni.’ (Math. 24:1-3, 15-22) Ingabe abafundi bakaJesu babeyosibona leso sibonakaliso futhi benze lokho abayala ukuba bakwenze?

2 Ngo-61 C.E., ngemva kweminyaka engaba ngamashumi amathathu, umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu angamaHebheru ayehlala eJerusalema nasezindaweni ezizungezile isixwayiso esinamandla nesisangulukisayo. UPawulu namaKristu ayekanye nawo babengazi ukuthi kwase kusele iminyaka emihlanu kuphela isibonakaliso esasiyosho ukuqala ‘kosizi olukhulu’ sivele. (Math. 24:21) Ngo-66 C.E., uCestius Gallus wahola amabutho aseRoma bahlasela iJerusalema futhi kwakubonakala sengathi bazonqoba. Kodwa kungazelelwe wahoxa, kwavuleka ithuba lokuba abantu ababesengozini babalekele endaweni ephephile.

3. Isiphi isikhuthazo uPawulu asinikeza amaKristu angamaHebheru, futhi ngani?

3 Lawo maKristu kwakudingeka abe nokuqonda okungokomoya okubukhali ukuze abone ukuthi izinto zase zishintshile bese ebaleka. Kodwa kunathile ayesebe “buthuntu ekuzweni.” Ngokomoya, ayesefana nabantwana abadinga “ubisi.” (Funda amaHebheru 5:11-13.) Ngisho nalawo okwase kungamashumi eminyaka ehamba endleleni yeqiniso ayesebonisa izimpawu ‘zokuhlehla kuNkulunkulu ophilayo.’ (Heb. 3:12) Amanye ‘ayenomkhuba’ wokungayi emihlanganweni yobuKristu kuyilapho “usuku” olunzima ‘lwalusondela.’ (Heb. 10:24, 25) UPawulu wawanikeza isikhuthazo esasifike ngesikhathi, wathi: “Njengoba sesiyishiyile imfundiso yokuqala ephathelene noKristu, masiphokophelele ekuvuthweni.”—Heb. 6:1.

4. Kungani kubalulekile ukuhlala siphapheme ngokomoya, futhi yini eyosisiza ukuba senze kanjalo?

4 Manje siphila esikhathini sokugcwaliseka kokugcina kwesiprofetho sikaJesu. “Usuku olukhulu lukaJehova”—usuku oluzoqeda sonke isimiso sikaSathane—“luseduze.” (Zef. 1:14) Kumelwe sihlale siphapheme ngokomoya kunanini ngaphambili. (1 Pet. 5:8) Ingabe sihlale siphapheme ngempela? Ukuvuthwa kobuKristu kuyosisiza ukuba sihlale sikhumbula ukuthi siphila kusiphi isikhathi.

Lokho Okushiwo Ukuvuthwa KobuKristu

5, 6. (a) Kuhlanganisani ukuvuthwa ngokomoya? (b) Ukuphokophelela ekuvuthweni kudinga sizikhandle kuziphi izici ezimbili?

5 UPawulu akagcinanga ngokukhuthaza amaKristu angamaHebheru ekhulu lokuqala ukuba aphokophelele ekuvuthweni, kodwa wawatshela nokuthi ukuvuthwa ngokomoya kuhlanganisani. (Funda amaHebheru 5:14.) “Abantu abavuthiwe” abaneliswa ukudla “ubisi” nje kuphela. Badla “ukudla okuqinile.” Ngenxa yalokho bazi kokubili “izinto zokucathula” kanye ‘nezinto ezijulile’ zeqiniso. (1 Kor. 2:10) Ngaphezu kwalokho, amandla abo okuqonda ayaqeqesheka ngokuwasebenzisa—ngokwenza izinto abazaziyo—abasize ukuba bakwazi ukuhlukanisa okulungile kokungalungile. Lapho kudingeka benze isinqumo, lokhu kuqeqeshwa kubasiza ukuba baqonde izimiso zemiBhalo ezihilelekile nendlela yokuzisebenzisa.

6 UPawulu wabhala: “Kudingekile ukuba sizinake ngaphezu kokujwayelekile izinto esizizwile, ukuze singalokothi sikhukhuleke.” (Heb. 2:1) Lokho kukhukhuleka okholweni kungenzeka kancane kancane singaboni. Kodwa singakugwema lokhu ‘ngokunaka ngaphezu kokujwayelekile’ lapho sifunda amaqiniso angokomoya. Ngakho, ngamunye wethu kudingeka azibuze: ‘Ingabe ngisalokhu ngifunda izinto zokucathula kuphela? Kungenzeka yini ukuthi ngimane ngiyalandela nje, kodwa inhliziyo yami ayikho ngempela eqinisweni? Ngingathuthuka kanjani ngempela ngokomoya?’ Ukuphokophelela ekuvuthweni kudinga ukuba sizikhandle okungenani ezicini ezimbili. Kumelwe silazi kahle iZwi likaNkulunkulu. Kudingeka sifunde nokulalela.

Lazi Kahle IZwi

7. Singazuza kanjani ngokulazi kangcono iZwi likaNkulunkulu?

7 UPawulu wabhala: “Wonke umuntu ophuza ubisi akajwayelene nezwi lokulunga, ngoba uyingane.” (Heb. 5:13) Ukuze sifinyelele ekuvuthweni, kumelwe silazi kahle iZwi likaNkulunkulu, isigijimi asinikeza sona. Njengoba lesi sigijimi siseZwini lakhe, iBhayibheli, kufanele sibe abafundi abakhuthele bemiBhalo kanye nezincwadi ‘zenceku ethembekileyo neqondayo.’ (Math. 24:45-47) Ukuzondla ngemicabango kaNkulunkulu ngale ndlela kungasisiza ukuba siqeqeshe amandla ethu okuqonda. Cabanga ngesibonelo somKristu ogama lakhe lingu-Orchid. * Uthi: “Isikhumbuzo esiye sakuthinta kakhulu ukuphila kwami yilesi esiphathelene nokulifunda njalo iBhayibheli. Kwangithatha iminyaka emibili ukulifunda lonke iBhayibheli, kodwa ngazizwa sengathi yimá ngiqala ukwazi uMdali wami. Ngafunda ngezindlela zakhe, izinto azithandayo nangazithandi, ubukhulu bamandla akhe kanye nokujula kokuhlakanipha kwakhe. Ukufunda iBhayibheli nsuku zonke kuye kwangisiza lapho ngibhekene nezimo ezinzima kakhulu ekuphileni.”

8. IZwi likaNkulunkulu lingaba namaphi amandla kithi?

8 Ukufunda ingxenye ethile yeZwi likaNkulunkulu njalo kwenza umyalezo walo ‘ube namandla’ kithi. (Funda amaHebheru 4:12.) Lokho kufunda kungalolonga umuntu esinguye ngaphakathi, kusenze sithandeke ngokwengeziwe kuJehova. Ingabe uzinika isikhathi esanele sokufunda iBhayibheli futhi uzindle ngalokho elikushoyo?

9, 10. Kuhilelani ukwazi iZwi likaNkulunkulu? Bonisa.

9 Ukwazi iBhayibheli kuhilela okungaphezu kokwazi nje lokho elikushoyo. Labo ababeyizingane ngokomoya osukwini lukaPawulu akukhona ukuthi babengalazi nhlobo iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe. Nokho, babengalisebenzisi ukuze bakubone ngokoqobo ukuba kwalo usizo. Babengazijwayelanisi nesigijimi salo ngokusivumela sibaqondise ukuze benze izinqumo ezihlakaniphile ekuphileni kwabo.

10 Ukwazi iZwi likaNkulunkulu kusho ukwazi lokho elikushoyo nokukusebenzisa. Okuhlangenwe nakho kukadade othile ogama lakhe linguKyle kubonisa indlela lokhu okungenziwa ngayo. UKyle waxabana nomuntu othile asebenza naye. Yini ayenza ukuze alungise inkinga? Uyachaza: “UmBhalo owavele wafika engqondweni yami owabaseRoma 12:18, othi: ‘Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke.’ Ngakho ngacela ukuba sibonane ngemva komsebenzi.” Baxoxa kahle kakhulu futhi lesi sisebenzi sahlabeka umxhwele ngokuthi uKyle wayethathe leso sinyathelo. UKyle uthi: “Ngafunda ukuthi kuhle ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli ngaso sonke isikhathi.”

Funda Ukulalela

11. Yini ebonisa ukuthi kungaba inselele ukulalela lapho sibhekene nezimo ezinzima?

11 Ukusebenzisa esikufunda emiBhalweni kungaba inselele, ikakhulukazi lapho sibhekene nezimo ezinzima. Ngokwesibonelo, ngemva nje kokuba uJehova ekhulule abantwana bakwa-Israyeli ebugqilini baseGibhithe, “baxabana noMose,” futhi baqhubeka ‘bevivinya uJehova.’ Kungani? Ngoba nje amanzi ayengekho. (Eks. 17:1-4) Kungakapheli nezinyanga ezimbili benze isivumelwano noNkulunkulu bevuma ukwenza “wonke amazwi uJehova awakhulumile,” baphula umthetho wakhe owenqabela ukukhonza izithombe. (Eks. 24:3, 12-18; 32:1, 2, 7-9) Ingabe lokhu kwakungenxa yokuthi ukunyamalala kukaMose isikhathi eside lapho esanikezwa iziyalezo eNtabeni iHorebe kwakubenza besabe? Ingabe mhlawumbe babecabanga ukuthi ama-Amaleki ayezophinde ahlasele futhi ayezozigwazela ibhece njengoba ayengekho uMose owagcina izandla zakhe ziphakeme empini yangaphambili abanqoba kuyo? (Eks. 17:8-16) Kungenzeka, kodwa kungakhathaliseki ukuthi sasiyini isizathu sangempela salokhu, ama-Israyeli ‘enqaba ukulalela.’ (IzE. 7:39-41) UPawulu wanxusa amaKristu ukuba “enze konke okusemandleni” ukuze agweme ‘ukuwela esibonelweni esifanayo sokungalaleli’ kwama-Israyeli lapho esaba ukungena eZweni Lesithembiso.—Heb. 4:3, 11.

12. UJesu wakufunda kanjani ukulalela, futhi kwamzuzisa ngani?

12 Ukuphokophelela ekuvuthweni kudinga ukuba senze konke okusemandleni ukuba silalele uJehova. Njengoba isibonelo sikaJesu Kristu sibonisa, ngokuvamile umuntu ufunda ukulalela ezimweni ezinzima aye wabhekana nazo. (Funda amaHebheru 5:8, 9.) Ngaphambi kokuba eze emhlabeni, uJesu wayevele emlalela uYise. Nokho, ukwenza intando kaYise emhlabeni kwahilela ukuhlupheka emzimbeni nasengqondweni. Ngokulalela lapho ebhekene nobunzima obedlulele, uJesu ‘wapheleliselwa’ isikhundla esisha uNkulunkulu ayefisa ukumnika sona, sokuba iNkosi nomPristi Ophakeme.

13. Yini ebonisa ukuthi sesikufundile ukulalela?

13 Kuthiwani ngathi? Ingabe sizimisele ukulalela uJehova ngisho nalapho sibhekene nezinkinga ezicindezelayo? (Funda eyoku-1 Petru 1:6, 7.) Asive sicacile iseluleko sikaNkulunkulu ngokuphathelene nokuziphatha, ukwethembeka, ukusebenzisa ulimi ngendlela efanele, ukufunda imiBhalo nesifundo somuntu siqu, ukuya emihlanganweni yobuKristu nokuhlanganyela emsebenzini wokushumayela. (Josh. 1:8; Math. 28:19, 20; Efe. 4:25, 28, 29; 5:3-5; Heb. 10:24, 25) Siyamlalela yini uJehova kulezi zici ngisho nalapho izimo zinzima? Ukulalela kwethu kubonisa ukuthi sithuthukelé ekuvuthweni.

Kungani Ukuvuthwa KobuKristu Kuzuzisa?

14. Bonisa indlela ukuphokophelela ekuvuthweni okungaba ngayo isivikelo.

14 Kuyisivikelo ngempela uma umKristu enamandla okuqonda aqeqeshwe kahle ukuba ahlukanise okulungile nokungalungile kuleli zwe ‘elingasenawo nhlobo umuzwa wokuziphatha okuhle.’ (Efe. 4:19) Ngokwesibonelo, umzalwane ogama lakhe linguJames, owayezifunda njalo futhi ezazisa ngokujulile izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini wayesebenza nabesifazane kuphela emsebenzini wokuziphilisa. UJames uthi: “Nakuba abaningi babo babebonisa ingcaca ukuthi abanawo umuzwa wokuziphatha okuhle, kunoyedwa owayebonakala eziphethe kahle futhi waba nesithakazelo sokwazi iqiniso leBhayibheli. Nokho, ngesinye isikhathi sisodwa kwelinye igumbi esasisebenzela kulo waqala ukungibamba efuna nokungiqabula. Ngaqale ngacabanga ukuthi uyadlala kodwa waphikelela lapho ngimtshela ukuba ayeke ayekwenza. Ngakhumbula masinyane okuhlangenwe nakho okwalandiswa kwenye INqabayokulinda komzalwane owabhekana nesilingo esifanayo emsebenzini. Leso sihloko sasebenzisa isibonelo sikaJosefa nomkaPotifari. * Ngavele ngamchilizela le, futhi wabaleka waphuma.” (Gen. 39:7-12) UJames wabonga ngokuthi kwaphelela lapho nangokuthi wakwazi ukulondoloza unembeza wakhe omuhle.—1 Thim. 1:5.

15. Ukuphokophelela ekuvuthweni kungayiqinisa kanjani inhliziyo yethu engokomfanekiso?

15 Ukuvuthwa kuyazuzisa futhi ngoba kuqinisa inhliziyo yethu engokomfanekiso futhi kusenza ‘singathatheki yizimfundiso ezihlukahlukene nezingaziwa.’ (Funda amaHebheru 13:9.) Lapho silwela ukuthuthuka ngokomoya, ingqondo yethu ihlala igxile ‘ezintweni ezibaluleke kakhulu.’ (Fil. 1:9, 10) Ngokwenzenjalo, ukwazisa kwethu ngoNkulunkulu nangawo wonke amalungiselelo asenzele wona kuyakhula. (Roma 3:24) UmKristu ‘okhule ngokugcwele emandleni okuqonda’ uyakuhlakulela lokho kwazisa futhi usondelana noJehova.—1 Kor. 14:20.

16. Yini eyasiza omunye udade ukuba ‘aqinise inhliziyo’ yakhe?

16 Udade ogama lakhe linguLouise wavuma ukuthi kwadlula isikhathi esithile ngemva kokubhapathizwa kwakhe ekhathalela kakhulu ukuthi abanye babecabangani ngaye. Wathi: “Ngangingenzi lutho olubi, kodwa enhliziyweni yami ngangingenaso isifiso esivuthayo sokukhonza uJehova. Ngaqaphela ukuthi kwakudingeka ngenze izinguquko ezithile uma ngifuna ukuba nomuzwa wangempela wokuthi ngangikhonza uJehova ngokusemandleni ami. Ushintsho olukhulu kakhulu okwakumelwe ngilwenze kwakuwukukhulekela uJehova ngenhliziyo yami yonke.” Lapho ewenza lowo mzamo, ‘inhliziyo yakhe yaqiniswa,’ futhi yaba usizo olukhulu lapho ebhekene nenkinga yezempilo ecindezelayo. (Jak. 5:8) Wathi, “Kwakungelula neze, kodwa ngasondela ngempela kuJehova.”

“Lalela Ngokusuka Enhliziyweni”

17. Kungani ukulalela kwakubaluleke ngokukhethekile ekhulwini lokuqala?

17 Iseluleko sikaPawulu ‘sokuphokophelela ekuvuthweni’ sasindisa ukuphila kwamaKristu ekhulu lokuqala ayehlala eJerusalema naseJudiya. Lawo asilalela aba nokuqonda okungokomoya okubukhali okwakudingeka ukuze aqaphele isibonakaliso sikaJesu futhi “aqale ukubalekela ezintabeni.” Kwathi lapho ebona “isinengiso esibangela incithakalo . . . simi endaweni engcwele,” okungukuthi, amabutho aseRoma ezungeze futhi engena eJerusalema, azi ukuthi kwase kuyisikhathi sokubaleka. (Math. 24:15, 16) Ngokwesazimlando esingumfundisi u-Eusebius, amaKristu alalela isixwayiso sikaJesu esiyisiprofetho, aphuma emzini waseJerusalema ngaphambi kokubhujiswa kwawo ayohlala emzini wasePhela osesifundeni sezintaba saseGileyadi. Ngaleyo ndlela agwema inhlekelele embi kunazo zonke emlandweni weJerusalema.

18, 19. (a) Kungani ukulalela kubaluleke kakhulu namuhla? (b) Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngani?

18 Ukulalela okuhambisana nokuphokophelela ekuvuthweni kuyosindisa ukuphila ngendlela efanayo nalapho sibhekene nokugcwaliseka okukhulu kwesiprofetho sikaJesu sokuthi “kuyoba khona usizi olukhulu” olungakaze lube khona. (Math. 24:21) Siyosilalela yini noma isiphi isiqondiso esiphuthumayo okungenzeka sisithole esikhathini esizayo ‘ngomphathi othembekile’? (Luka 12:42) Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba sifunde ‘ukulalela ngokusuka enhliziyweni’!—Roma 6:17.

19 Ukuze sifinyelele ukuvuthwa kudingeka siqeqeshe amandla ethu okuqonda. Siwaqeqesha ngokwenza umzamo wokulazi kangcono iZwi likaNkulunkulu nangokufunda ukulalela. Ukukhulela ekuvuthweni kobuKristu kulethela intsha izinselele ezikhethekile. Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngendlela intsha engahlangabezana ngayo ngempumelelo nezinselele ezinjalo.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 7 Amanye amagama ashintshiwe.

^ par. 14 Bheka isihloko esithi “Ukuqiniselwa Ukwenqaba Ukwenza Okubi,” kuyi-Nqabayokulinda ka-October 1, 1999.

Ufundeni?

• Kuyini ukuvuthwa ngokomoya, futhi sikufinyelela kanjani?

• Ukwazi iZwi likaNkulunkulu kunayiphi indima ekuphokopheleleni kwethu ekuvuthweni?

• Sikufunda kanjani ukulalela?

• Ukuvuthwa kusizuzisa ngaziphi izindlela?

[Imibuzo Yesifundo]

 [Isithombe ekhasini 10]

Ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli kusisiza ukuba sisingathe izinkinga ngendlela ebonisa ukuvuthwa

 [Isithombe ekhasini 12, 13]

Ukulalela iseluleko sikaJesu kwasindisa ukuphila kwamaKristu okuqala