Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Basha—Yenzani Intuthuko Yenu Ibonakale

Basha—Yenzani Intuthuko Yenu Ibonakale

Basha—Yenzani Intuthuko Yenu Ibonakale

“Zindla ngalezi zinto; ugxile kuzo, ukuze intuthuko yakho ibonakale kubo bonke abantu.”​—1 THIM. 4:15.

1. UNkulunkulu uyifiselani intsha?

“THOKOZA, nsizwa, ebusheni bakho, inhliziyo yakho ikuphe ukwenama emihleni yobunsizwa bakho.” (UmSh. 11:9, IBhayibheli lesiZulu elivamile) Yabhala kanjalo inkosi ehlakaniphile yakwa-Israyeli wasendulo, uSolomoni. Lo myalezo uvela kuJehova uNkulunkulu, ngokuqinisekile ofuna ukuba nina basha nijabule. Ngaphezu kwalokho, ufuna ukuba injabulo yenu ingagcini ebusheni benu. Nokho, izinsuku zobusha zivame ukonakaliswa amaphutha abuhlungu angase athinte injabulo yomuntu yesikhathi esizayo. ‘Imiphumela yeziphambeko zobusha’ yazwisa ngisho noJobe othembekile ubuhlungu. (Jobe 13:26) Phakathi nenkathi yokuqhuma kobusha neminyaka eyilandelayo, kuye kudingeke ukuba umKristu osemusha enze izinqumo ezinkulu. Uma enquma kabi angaba nezibazi ezingokomzwelo ezijulile futhi kumbangele izinkinga ezingase zithinte ukuphila kwakhe konke.—UmSh. 11:10.

2. Isiphi iseluleko seBhayibheli intsha engasisebenzisa ukuze igweme ukwenza amaphutha amakhulu?

2 Nokho, intsha kudingeka yenze izinqumo ezinhle. Cabanga ngeseluleko umphostoli uPawulu asinika abaseKorinte. Wabhala: “Ningabi abantwana emandleni okuqonda . . . Nibe abakhule ngokugcwele emandleni okuqonda.” (1 Kor. 14:20) Ukulalela lesi seluleko esikhuthaza intsha ukuba ihlakulele ikhono lokucabanga njengabantu abadala kuyoyisiza ukuba igweme ukwenza amaphutha amakhulu.

3. Yini ongayenza ukuze ube ovuthiwe?

3 Uma ungumuntu omusha, khumbula ukuthi ukuba ovuthiwe kudinga umzamo. UPawulu watshela uThimothewu: “Makungabikho muntu nanini obukela phansi ubusha bakho. Ngokuphambene nalokho, yiba isibonelo kwabathembekile ekukhulumeni, ekuziphatheni, othandweni, okholweni, ngobumsulwa. . . . Qhubeka uzimisela ekufundeleni iningi, ekukhuthazeni, ekufundiseni. . . . Zindla ngalezi zinto; ugxile kuzo, ukuze intuthuko yakho ibonakale kubo bonke abantu.” (1 Thim. 4:12-15) Intsha engamaKristu kudingeka ithuthuke futhi lokho kubonakale kwabanye.

Iyini Intuthuko?

4. Kuhilelani ukuthuthuka ngokomoya?

4 Ukuthuthuka kusho “ukuba nenqubekela-phambili, ukushintsha ube umuntu ongcono.” UPawulu wayenxusa uThimothewu ukuba aqhubeke ezikhandla ukuze athuthuke enkulumweni, ekuziphatheni, othandweni, okholweni, ebumsulweni nasendleleni ayeyifeza ngayo inkonzo yakhe. Kwakufanele alwele ukwenza indlela yakhe yokuphila ibe isibonelo. Ngakho, uThimothewu kwakudingeka aqhubeke ethuthuka ngokomoya.

5, 6. (a) Intuthuko kaThimothewu yaqala nini ukubonakala? (b) Ngokuqondene nokuthuthuka, intsha ingamlingisa kanjani uThimothewu?

5 Lapho uPawulu ebhala lesi seluleko phakathi kuka-61 kuya ku-64 C.E., kakade uThimothewu wayesengumdala onokuhlangenwe nakho. Akukhona ukuthi wayesaqala ukwenza intuthuko engokomoya. Ngo-49 noma ngo-50 C.E., uThimothewu cishe esecela noma esanda kweva eminyakeni engamashumi amabili, “wayekhulunyelwa kahle abazalwane eListra nase-Ikoniyu,” ababeyibonile intuthuko yakhe engokomoya. (IzE. 16:1-5) Ngaleso sikhathi, uPawulu wamthatha wahamba naye ohambweni lwakhe lwezithunywa zevangeli. Ngemva kokubona intuthuko eqhubekayo kaThimothewu phakathi nezinyanga ezimbalwa, uPawulu wamthumela eThesalonika ukuze ayoduduza futhi aqinise amaKristu kulowo muzi. (Funda eyoku-1 Thesalonika 3:1-3, 6.) Kusobala ukuthi uThimothewu waqala esemncane ukwenza intuthuko yakhe ibonakale kwabanye.

6 Nina basha ebandleni, zikhandleni manje ukuhlakulela izimfanelo ezingokomoya ezidingekayo, ukuze intuthuko yenu endleleni yokuphila yobuKristu nasemakhonweni enu okufundisa amaqiniso eBhayibheli ibonakale ngokucacile. UJesu “waqhubeka ethuthuka ekuhlakanipheni” kusukela eneminyaka engu-12. (Luka 2:52) Ngakho-ke, masihlole indlela eningenza ngayo ukuba intuthuko yenu ibonakale ezicini ezintathu zokuphila kwenu: (1) lapho nibhekene nezinkinga, (2) lapho nilungiselela ukushada (3) nalapho nilwela ukuba ‘izikhonzi ezinhle.’—1 Thim. 4:6.

Bhekanani Nezinkinga ‘Ngokuhluzeka Kwengqondo’

7. Ukucindezeleka kungayithinta kanjani intsha?

7 UmKristu oneminyaka engu-17 ubudala okuthiwa uCarol wathi, “Ngezinye izikhathi ngangizizwa ngicindezeleke kakhulu ngokomzwelo, ngokomzimba nangokwengqondo, ngingathandi nokuvuka ekuseni.” * Kungani ayecindezeleke kangaka? Lapho uCarol eneminyaka eyishumi ubudala, abazali bakhe bahlukana, wagcina esehlala nonina owayeka ukuphila ngezindinganiso zeBhayibheli zokuziphatha. NjengoCarol, kungenzeka ukuthi ubhekene nesimo esithile esicindezela kakhulu okungenathemba lokuthi siyoke silunge.

8. Iziphi izinkinga uThimothewu abhekana nazo?

8 UThimothewu wathuthuka ngokomoya nakuba naye ayebhekene nezimo ezinzima. Ngokwesibonelo, ‘wayegula kaningi’ ehlushwa isisu. (1 Thim. 5:23) Lapho uPawulu emthumela eKorinte ukuba ayosingatha izinkinga ezithile ezazibangelwe abantu ababebekele igunya lakhe njengomphostoli inselele, wanxusa ibandla ukuba libambisane naye, ukuze uThimothewu “angesabi.” (1 Kor. 4:17; 16:10, 11) Kubonakala sengathi uThimothewu wayenamahloni.

9. Kuyini ukuhluzeka kwengqondo, futhi kuhluke kanjani emoyeni wobugwala?

9 Ukuze asize uThimothewu, kamuva uPawulu wamkhumbuza: “UNkulunkulu akasinikanga umoya wobugwala, kodwa owamandla nowothando nowokuhluzeka kwengqondo.” (2 Thim. 1:7) ‘Ukuhluzeka kwengqondo’ kusho ukukwazi ukucabanga ngendlela ehluzekile. Kuhlanganisa nokuba nekhono lokubheka izinto njengoba zinjalo—hhayi ngendlela ongathanda ukuba zibe yiyo. Enye intsha engavuthiwe ibonisa umoya wobugwala bese izama ukukhohlwa izinkinga zayo ezicindezelayo ngokulala noma ngokubuka i-TV ngokweqile, ukusebenzisa kabi izidakamizwa notshwala, ukuhamba amaphathi njalo noma ngokuziphatha kabi ngokobulili. AmaKristu ayalwa ukuba ‘alahle ukungamhloniphi uNkulunkulu nezifiso zezwe futhi aphile ngokuhluzeka kwengqondo nokulunga nangokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu phakathi nalesi simiso samanje sezinto.’—Thithu 2:12.

10, 11. Ukuhluzeka kwengqondo kusisiza kanjani ukuba siqine ngokomoya?

10 IBhayibheli liyala “izinsizwa ukuba zibe ezihluzekile engqondweni.” (Thithu 2:6) Ukulalela lesi seluleko kusho ukuthi lapho ubhekene nezinkinga, uyothandaza kuNkulunkulu futhi uyoncika kuye ukuze akunike amandla. (Funda eyoku-1 Petru 4:7.) Ngakho, uyowethemba ngokusuka enhliziyweni ‘amandla anikezwa nguNkulunkulu.’—1 Pet. 4:11.

11 UCarol wasizwa umthandazo nokuhluzeka kwengqondo. Wathi: “Ukumelana ngokuqinile nokuziphatha kabi kukamama kwakungenye yezinto ezinzima kunazo zonke okwake kwadingeka ngiyenze. Kodwa umthandazo wangisiza ngempela. Ngiyazi ukuthi uJehova unami, ngakho angisesabi.” Khumbula, izinkinga zingathuthukisa ubuntu bakho futhi zikuqinise. (IHu. 105:17-19; IsiL. 3:27) Kungakhathaliseki ukuthi ubhekene nani, uNkulunkulu akasoze akushiye. ‘Impela uzokusiza.’—Isaya 41:10.

Ukulungiselela Umshado Ophumelelayo

12. Kungani umKristu ocabanga ukushada kufanele asebenzise isimiso esitholakala encwadini yezAga 20:25?

12 Ezinye izinsizwa nezintombi ziye zashesha ukushada ngoba zikholelwa ukuthi kuyindlela yokubalekela ukungajabuli, isizungu nezinkinga zasekhaya. Nokho, ukusho izifungo zomshado kuyindaba engathí sina. Ezikhathini zeBhayibheli, abanye benza isifungo kuNkulunkulu ngokuphamazela bengazange bakuhlaziye ngokucophelela okushiwo yileso sifungo. (Funda izAga 20:25.) Ngezinye izikhathi lezi zinsizwa nezintombi azicabangisisi ngokuthi umshado uhilelani. Zithola kamuva ukuthi kuhileleke okwengeziwe kunalokho ezazikucabanga.

13. Imiphi imibuzo labo abacabangela ukuthandana okufanele bacabange ngayo, futhi isiphi iseluleko esiwusizo abangasithola?

13 Ngakho, ngaphambi kokuba uthandane nothile, zibuze: ‘Kungani ngifuna ukushada? Yini engiyilindele emshadweni? Ingabe lo muntu ungifanele? Iziphi izimfanelo ezinhle enginazo ezizoba usizo emshadweni?’ Ukuze ikusize ukuba uzihlole ngokuqonda, “inceku ethembekileyo neqondayo” iye yanyathelisa izihloko ezixoxa kabanzi ngale ndaba. * (Math. 24:45-47) Bheka lokho kwaziswa njengeseluleko osinikwa uJehova. Kuhlolisise lokho okushiwo kuzo bese ukusebenzisa. Ungazivumeli ukuba ube ‘njengehhashi noma umnyuzi, okungenakho ukuqonda.’ (IHu. 32:8, 9) Yiba umuntu okhule ngokugcwele ekuqondeni lokho okuhilelekile emshadweni. Uma unomuzwa wokuthi usukulungele ukuqala ukuthandana nothile, hlale ukhumbula ukuba ube ‘yisibonelo ngobumsulwa.’—1 Thim. 4:12.

14. Ukuthuthuka ngokomoya kungakusiza kanjani emshadweni?

14 Ukuvuthwa ngokomoya kuyoba usizo nalapho senishadile. UmKristu okhule ngokugcwele ulwela ukufinyelela ‘isilinganiso sobukhulu esingesokugcwala kukaKristu.’ (Efe. 4:11-14) Uyazikhandla ukuze ahlakulele ubuntu obunjengobukaKristu. Njengoba eyiSibonelo sethu, ‘uKristu akazijabulisanga yena.’ (Roma 15:3) Lapho bobabili abantu abashadile beqhubeka bengazifuneli izinzuzo zabo siqu kodwa ezomunye, ukuphila komkhaya kuyoba nokuthula futhi kufudumale. (1 Kor. 10:24) Umyeni uyobonisa uthando lokuzidela, futhi inkosikazi iyozimisela ukuzithoba kumyeni wayo njengoba nje noJesu ezithoba eNhlokweni yakhe.—1 Kor. 11:3; Efe. 5:25.

“Yifeze Ngokugcwele Inkonzo Yakho”

15, 16. Ungenzenjani ukuze intuthuko yakho ibonakale enkonzweni?

15 Ebonisa ukubaluleka kwesabelo sikaThimothewu, uPawulu wabhala: “Ngiyakuyala nokukuyala phambi kukaNkulunkulu noKristu Jesu, . . . shumayela izwi, ube kulo unomuzwa wokuphuthuma.” Wanezela: “Wenze umsebenzi womvangeli, uyifeze ngokugcwele inkonzo yakho.” (2 Thim. 4:1, 2, 5) Ukuze uThimothewu afeze lo myalo kwakudingeka ‘ondliwe ngamazwi okholo.’—Funda eyoku-1 Thimothewu 4:6.

16 ‘Ungondliwa kanjani ngamazwi okholo’? UPawulu wabhala: “Qhubeka uzimisela ekufundeleni iningi, ekukhuthazeni, ekufundiseni. Zindla ngalezi zinto; ugxile kuzo.” (1 Thim. 4:13, 15) Ukuthuthuka kudinga ukuba sizikhandle esifundweni somuntu siqu. Igama elithi “ugxile” linomqondo wokungena ujule emsebenzini othile. Injani imikhuba yakho yokutadisha? Ingabe uyagxila “ezintweni ezijulile zikaNkulunkulu”? (1 Kor. 2:10) Noma ingabe uvele ukhe nje phezulu? Ukuzindla ngalokho okufundayo kuyoshukumisa inhliziyo yakho.—Funda izAga 2:1-5.

17, 18. (a) Imaphi amakhono okufanele ulwele ukuwahlakulela? (b) Ukuhlakulela isimo sengqondo esifana nesikaThimothewu kuyokusiza kanjani enkonzweni?

17 Iphayona elisencane okuthiwa uMichelle lathi: “Into engisiza ukuba ngiphumelele ngempela enkonzweni ukuthi nginesimiso esihle sesifundo somuntu siqu, futhi ngiba khona njalo emihlanganweni yebandla. Ngenxa yalokhu, ngihlale ngikhula ngokomoya.” Ukukhonza njengephayona kuyokusiza ngempela ukuba uthuthukise ikhono lakho lokusebenzisa iBhayibheli enkonzweni nokuba uthuthuke ngokomoya. Lwela ukuthuthukisa ikhono lokufunda kahle futhi unikeze izimpendulo ezakhayo emihlanganweni yobuKristu. Njengosemusha ovuthiwe ngokomoya, uyofuna ukulungiselela izinkulumo zabafundi ezifundisayo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, unamathele ekwazisweni okwabelwe.

18 ‘Ukwenza umsebenzi womvangeli’ kusho ukwenza inkonzo yakho ikhiqize kakhudlwana nokusiza abanye ukuba bathole insindiso. Lokhu kudinga ukuba uhlakulele ‘ikhono lokufundisa.’ (2 Thim. 4:2) Ngokuhlela ukuba uhlanganyele enkonzweni nalabo abanokuhlangenwe nakho kulo msebenzi, uyokwazi ukufunda izindlela zabo zokufundisa, njengoba nje noThimothewu afunda ngokusebenza noPawulu. (1 Kor. 4:17) Ebhekisela kulabo abasiza, uPawulu wathi akahlanganyelanga nabo izindaba ezinhle kuphela kodwa wabanika ‘nomphefumulo wakhe,’ noma wasebenzisa ukuphila kwakhe ekubasizeni, ngoba wayebathanda. (1 Thes. 2:8) Ukuze ulingise isibonelo sikaPawulu enkonzweni kumelwe ube nesimo sengqondo esifana nesikaThimothewu, owabakhathalela ngobuqotho abanye futhi ‘wazigqilaza ekuqhutshekiselweni phambili kwezindaba ezinhle.’ (Funda eyabaseFilipi 2:19-23.) Ingabe uyawubonisa lo moya wokuzidela enkonzweni yakho?

Ukuthuthuka Kuletha Ukwaneliseka Kwangempela

19, 20. Kungani ukuthuthuka ngokomoya kuletha injabulo?

19 Ukuthuthuka ngokomoya kudinga ukuzikhandla. Kodwa ngokuwahlakulela ngesineke amakhono akho okufundisa, ngokuhamba kwesikhathi uyobusiswa ‘ngokwenza abaningi bacebe’ ngokomoya, futhi bayoba “injabulo noma umqhele wokwethaba” kuwe. (2 Kor. 6:10; 1 Thes. 2:19) UFred, isikhonzi sesikhathi esigcwele, uyachaza: “Sengichitha isikhathi sami esiningi kunangaphambili ngisiza abanye. Kuyiqiniso ngempela ukuthi kunenjabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”

20 Mayelana nenjabulo nokwaneliseka elakuthola ngokuthuthuka ngokomoya, iphayona elisencane okuthiwa uDaphne lathi: “Ngaba nobuhlobo obuhle kakhulu noJehova njengoba ngangiya ngimqonda njengoMuntu. Lapho ujabulisa uJehova ngawo wonke amandla akho, uzizwa ujabule kakhulu—wanelisekile ngempela!” Nakuba abantu bengase bangayiboni ngaso sonke isikhathi intuthuko yenu engokomoya, uJehova uhlale eyibona futhi eyazisa. (Heb. 4:13) Asingabazi ukuthi nina basha abangamaKristu ningakhazimulisa uBaba wethu osezulwini futhi nimdumise. Qhubekani nijabulisa inhliziyo yakhe njengoba ngobuqotho nenza intuthuko yenu ibonakale.—IzAga 27:11.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 7 Amanye amagama ashintshiwe.

^ par. 13 Bheka isihloko esithi “Ingabe Lo Muntu Ungifanele?” encwadini ethi Intsha IyabuzaIzimpendulo Ezisebenzayo, uMqulu 2; “Isiqondiso Saphezulu Sokukhetha Umngane Womshado,” kuyi-Nqabayokulinda ka-May 15, 2001; nesithi “Ingabe Kuhlakaniphe Kangakanani Ukushada Kwentsha?” kuyi-Phaphama! ka-March 8, 1984 [ngesiNgisi eka-September 22, 1983].

Ufundeni?

• Kusho ukuthini ukuthuthuka ngokomoya?

• Ungabonisa kanjani ukuthi uyathuthuka lapho . . .

ubhekene nezinkinga?

ulungiselela ukushada?

usenkonzweni?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 15]

Umthandazo ungakusiza lapho ucindezelekile

[Isithombe ekhasini 16]

Abamemezeli abasebasha bangazithuthukisa kanjani izindlela zabo zokufundisa?