Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izingelosi​—“Imimoya Enikela Inkonzo Yomphakathi”

Izingelosi​—“Imimoya Enikela Inkonzo Yomphakathi”

Izingelosi​—“Imimoya Enikela Inkonzo Yomphakathi”

“Aziyona yini zonke imimoya enikela inkonzo yomphakathi, ethunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayozuza insindiso njengefa?”​—HEB. 1:14.

1. Iyiphi induduzo esingayithola kuMathewu 18:10 nakumaHebheru 1:14?

UJESU KRISTU waxwayisa noma ubani ongase akhube abalandeli bakhe: “Qaphelani ukuba nina madoda ningadeleli noyedwa walaba abancane; ngoba ngiyanitshela ngithi izingelosi zabo ezulwini zibubona ngaso sonke isikhathi ubuso bukaBaba osezulwini.” (Math. 18:10) Ekhuluma ngezingelosi ezilungile, umphostoli uPawulu wabhala: “Aziyona yini zonke imimoya enikela inkonzo yomphakathi, ethunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayozuza insindiso njengefa?” (Heb. 1:14) La mazwi ayisiqinisekiso esiduduzayo sokuthi uNkulunkulu usebenzisa lezi zidalwa zasezulwini ukuze asize abantu. IBhayibheli lisitshelani ngezingelosi? Zisisiza kanjani? Yini esingayifunda kuzo?

2, 3. Imiphi eminye yemisebenzi yezidalwa zomoya zasezulwini?

2 Kunezigidi zezingelosi ezithembekile ezulwini. Zonke ‘zinamandla amakhulu, zifeza izwi likaNkulunkulu.’ (IHu. 103:20; funda isAmbulo 5:11.) La madodana kaNkulunkulu omoya anobuntu obuhlukahlukene, izimfanelo ezifana nezikaNkulunkulu kanye nenkululeko yokuzikhethela. Izingelosi zihlelwe ngendlela enhle kakhulu futhi zinezikhundla eziphakeme elungiselelweni likaNkulunkulu, ingelosi enkulu kuzo uMikayeli (igama likaJesu lasezulwini). (Dan. 10:13; Jude 9) Leli “zibulo layo yonke indalo” ‘nguLizwi,’ noma uMkhulumeli kaNkulunkulu futhi uJehova walisebenzisa ekwenzeni zonke ezinye izinto.—Kol. 1:15-17; Joh. 1:1-3.

3 Ngemva kwale ngelosi enkulu kunamaserafi, amemezela ubungcwele bukaJehova futhi asiza ekugcineni abantu bakhe behlanzekile ngokomoya. Kukhona namakherubi, akhonza njengabasekeli bobukhosi bakhe. (Gen. 3:24; Isaya 6:1-3, 6, 7) Ezinye izingelosi, noma izithunywa, zifeza intando kaNkulunkulu ngezindlela ezihlukahlukene.—Heb. 12:22, 23.

4. Izingelosi zasabela kanjani lapho kusekelwa umhlaba, futhi ngabe baphila kanjani abantu ukube inkululeko yokuzikhethela yasetshenziswa kahle?

4 Zonke izingelosi zajabula lapho ‘kusekelwa umhlaba’ futhi zazikujabulela ukwenza imisebenzi yazo njengoba uJehova elungisa le mbulunga eyisimangaliso ukuze ibe ikhaya labantu. (Jobe 38:4, 7) UJehova wadala umuntu “waba ngaphansana kwezingelosi” kodwa wamdala “ngomfanekiso” waKhe, ngaleyo ndlela, wenza abantu bakwazi ukubonakalisa izimfanelo eziphakeme zoMdali wabo. (Heb. 2:7; Gen. 1:26) U-Adamu no-Eva nenzalo yabo babeyojabulela ukuphila ekhaya eliyipharadesi njengengxenye yomkhaya kaJehova wendawo yonke wezidalwa ezihlakaniphile ukube babesisebenzise ngendlela efanele isipho senkululeko yokuzikhethela.

5, 6. Kwaba nakuphi ukuhlubuka ezulwini, futhi uNkulunkulu wasabela kanjani?

5 Ngokuqinisekile, izingelosi ezingcwele kumelwe ukuba zashaqeka kakhulu lapho zibona kuqala ukuhlubuka emkhayeni kaNkulunkulu. Enye kuzo yayingasagculisekile ngokudumisa uJehova kodwa yayisifuna ukukhulekelwa. Yazenza uSathane (okusho ukuthi “uMphikisi”) ngokungabaza ukufaneleka kobukhosi bukaJehova nangokuzama ngokuhaha ukumisa obayo ubukhosi obabuzobangisa obukaJehova. Ekhuluma amanga okuqala emlandweni, uSathane ngobuqili wayenga umbhangqwana wokuqala ongabantu ukuba uhlanganyele naye ekuhlubukeni uMdali wabo onothando.—Gen. 3:4, 5; Joh. 8:44.

6 UJehova wamahlulela masinyane uSathane ngokusho la mazwi esiprofetho sokuqala seBhayibheli: “Ngizobeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyokulimaza ekhanda wena uyoyilimaza esithendeni.” (Gen. 3:15) Kwakuyoqhubeka kunobutha phakathi kukaSathane “nowesifazane” kaNkulunkulu. Yebo, uJehova wayebheka inhlangano yasezulwini yezidalwa zomoya njengomfazi wakhe amthandayo. Lesi siprofetho saba isisekelo esiqinisekile sethemba, nakuba eminye imininingwane yahlala ‘iyimfihlo engcwele’ eyayiyokwembulwa kancane kancane. Injongo kaNkulunkulu yayiwukuba kube nomuntu oyedwa engxenyeni yenhlangano yakhe yasezulwini owayeyochoboza zonke izihlubuki futhi “izinto ezisezulwini nezinto ezisemhlabeni” zibuthelwe ndawonye ngaye.—Efe. 1:8-10.

7. Yini eyenziwa izingelosi ezithile osukwini lukaNowa, futhi kwaba namuphi umphumela?

7 Osukwini lukaNowa, izingelosi eziningana zashiya “indawo yazo yokuhlala efanele” zagqoka imizimba yenyama ukuze zizokwanelisa izifiso zazo zobugovu lapha emhlabeni. (Jude 6; Gen. 6:1-4) UJehova waphonsa lezo zihlubuki ebumnyameni obukhulu, kanjalo zazibandakanya noSathane zaba ‘ibandla lomoya ababi’ nezitha eziyingozi zezinceku zikaNkulunkulu.—Efe. 6:11-13; 2 Pet. 2:4.

Izingelosi Zisisiza Kanjani?

8, 9. UJehova uye wazisebenzisa kanjani izingelosi ukuze zisize abantu?

8 U-Abrahama, uJakobe, uMose, uJoshuwa, u-Isaya, uDaniyeli, uJesu, uPetru, uJohane noPawulu baphakathi kwabantu abakhonzwa yizingelosi. Izingelosi ezilungileyo zakhipha izahlulelo zikaNkulunkulu futhi zadlulisela kubantu iziprofetho neziqondiso, kuhlanganise noMthetho KaMose. (2 AmaKh. 19:35; Dan. 10:5, 11, 14; IzE. 7:53; IsAm. 1:1) Njengoba manje sesineZwi likaNkulunkulu eliphelele, kungase kungadingeki ukuba izingelosi zidlulise imiyalezo evela kuNkulunkulu. (2 Thim. 3:16, 17) Nokho, nakuba abantu bengaziboni, zimatasa kakhulu zifeza intando kaNkulunkulu futhi zisekela izinceku zakhe.

9 IBhayibheli liyasiqinisekisa: “Ingelosi kaJehova ikanise nxazonke zalabo abamesabayo, futhi iyabophula.” (IHu. 34:7; 91:11) UJehova uvumela uSathane ukuba asivivinye ngezindlela ezinhlobonhlobo ngenxa yempikiswano yobuqotho. (Luka 21:16-19) Kodwa uNkulunkulu uyazi uma sesilukhuthazelele ngokwanele uvivinyo futhi sesizibonisile ukuthi siyohlala siqotho kuye. (Funda eyoku-1 Korinte 10:13.) Izingelosi zihlale zikulungele ukungenela zisisize kuye ngokuthi iyini intando kaNkulunkulu. Zophula uShadiraki, uMeshaki, u-Abhedinego, uDaniyeli noPetru, kodwa azizange zivikele uStefanu noJakobe ekubulaweni izitha. (Dan. 3:17, 18, 28; 6:22; IzE. 7:59, 60; 12:1-3, 7, 11) Izimo nezimpikiswano ezazihilelekile kwakungafani. Ngokufanayo, abanye babafowethu emakamu okuhlushwa amaNazi babulawa, kuyilapho uJehova aqinisekisa ukuthi iningi labo liyasinda.

10. Ngaphezu kosizo lwezingelosi, iluphi olunye usizo esingase siluthole?

10 ImiBhalo ayifundisi ukuthi umuntu ngamunye emhlabeni unengelosi yakhe. Sithandaza kuNkulunkulu siqiniseka ukuthi “kungakhathaliseki ukuthi yini esiyicelayo ngokwentando yakhe, uyasizwa.” (1 Joh. 5:14) Yiqiniso, uJehova angayithumela ingelosi ukuba isisize, kodwa angasinikeza usizo nangezinye izindlela. Angashukumisa amanye amaKristu ukuba asisize futhi asiduduze. Angasinikeza ukuhlakanipha namandla esiwadingayo ukuze sibekezelele “iva enyameni” elisihlukumeza njengokungathi sishaywa “ingelosi kaSathane.”—2 Kor. 12:7-10; 1 Thes. 5:14.

Lingisa UJesu

11. Izingelosi zasetshenziswa kanjani ukuba zisize uJesu, futhi ukuhlala kwakhe ethembekile kuNkulunkulu kwafakazelani?

11 Cabanga ngendlela uJehova asebenzisa ngayo izingelosi ekuphileni kukaJesu. Zamemezela ukuzalwa nokuvuswa kwakhe, futhi zamkhonza ngesikhathi elapha emhlabeni. Zazingakunqanda ukuboshwa nokubulawa kwakhe ngesihluku. Kunalokho, uJehova wathumela ingelosi ukuba imqinise. (Math. 28:5, 6; Luka 2:8-11; 22:43) Ngokuvumelana nenjongo kaJehova, uJesu wafa ukufa komhlatshelo futhi wafakazela ukuthi umuntu ophelele angabugcina ubuqotho bakhe kuNkulunkulu naphezu kokuvivinywa ngokwedlulele. Yingakho uJehova avusa uJesu wamnika ukuphila okungenakufa ezulwini kanye nalo “lonke igunya” futhi wenza izingelosi ukuba zimthobele. (Math. 28:18; IzE. 2:32; 1 Pet. 3:22) Ngale ndlela, uJesu wakubonisa ukuthi uyingxenye eyinhloko ‘yenzalo yowesifazane’ kaNkulunkulu.—Gen. 3:15; Gal. 3:16.

12. Singasilingisa kanjani isibonelo sikaJesu sokuba abalinganiselayo?

12 UJesu wayazi ukuthi akulungile ukuba avivinye uJehova ngokwenza isenzo sobuwula abese elindela ukuba izingelosi zimophule. (Funda uMathewu 4:5-7.) Ngakho, masilingise isibonelo sikaJesu ngokuphila “ngokuhluzeka kwengqondo,” singazifaki engozini ngokungadingekile, kodwa sikhuthazelele ushushiso ngesibindi.—Thithu 2:12.

Lokho Esingakufunda Ezingelosini Ezithembekile

13. Yini esingayifunda esibonelweni sezingelosi ezithembekile okukhulunywa ngazo kweyesi-2 Petru 2:9-11?

13 Lapho ekhuza ‘abahlambalaza’ izinceku zikaJehova ezigcotshiwe, umphostoli uPetru wakhuluma ngesibonelo esihle sezingelosi ezilungile. Nakuba zinamandla amakhulu, ngokuthobeka ziyakugwema ukwahlulela abantu “ngenxa yenhlonipho ngoJehova.” (Funda eyesi-2 Petru 2:9-11.) Nathi masikugweme ukwahlulela abanye ngokungafanele, sihloniphe labo abaphathiswe ukwengamela ebandleni futhi sishiyele izinto ezandleni zikaJehova, uMahluleli Omkhulu.—Roma 12:18, 19; Heb. 13:17.

14. Izingelosi zisibekela siphi isibonelo sokukhonza ngokuthobeka?

14 Izingelosi zikaJehova zisibekela isibonelo esihle sokukhonza ngokuthobeka. Izingelosi ezithile zenqaba ukutshela abantu amagama azo. (Gen. 32:29; AbaHl. 13:17, 18) Nakuba kunezigidigidi zezidalwa zomoya ezulwini, iBhayibheli lisitshela igama likaMikayeli nelikaGabriyeli kuphela. Lokhu kusivikela ekunikezeni izingelosi udumo olungafanele. (Luka 1:26; IsAm. 12:7) Ngesikhathi umphostoli uJohane ewa phansi ukuze akhulekele ingelosi, yamkhuza: “Qaphela! Ungakwenzi lokho! Ngimane nje ngiyinceku kanye nawe nabafowenu.” (IsAm. 22:8, 9) Kumelwe sikhulekele uNkulunkulu kuphela, futhi sithandaze kuye yedwa.—Funda uMathewu 4:8-10.

15. Izingelosi zisibekela kanjani isibonelo endabeni yesineke?

15 Izingelosi ziyisibonelo nasendabeni yokuba nesineke. Nakuba zinesithakazelo esikhulu sokwazi izimfihlo zikaNkulunkulu ezingcwele, azitshelwa zonke izinto. IBhayibheli lithi: “Izingelosi zifisa ukubona zona lezi zinto.” (1 Pet. 1:12) Yini-ke eziyenzayo? Zilinda ngesineke kuze kufike isikhathi esifanele sikaNkulunkulu sokuba ‘ukuhlakanipha kwakhe okuhlukahlukene kwenziwe kwaziwe ngebandla.’—Efe. 3:10, 11.

16. Ukuziphatha kwethu kungazithinta kanjani izingelosi?

16 AmaKristu abhekene novivinyo ‘awumbukwane wasenkundleni ezingelosini.’ (1 Kor. 4:9) Izingelosi zijabula kakhulu lapho zibona izenzo zethu zokwethembeka, futhi ziyajabula nalapho isoni siphenduka. (Luka 15:10) Izingelosi ziyakuphawula ukuziphatha kokwesaba uNkulunkulu kwabesifazane abangamaKristu. IBhayibheli libonisa ukuthi “owesifazane kufanele abe nophawu lwegunya ekhanda lakhe ngenxa yezingelosi.” (1 Kor. 11:3, 10) Yebo, izingelosi ziyajabula lapho zibona abesifazane abangamaKristu nazo zonke ezinye izinceku zikaNkulunkulu emhlabeni zibambisana nokuhleleka okungokwasezulwini nelungiselelo lobunhloko. Ukulalela okunjalo kuyisikhumbuzo esifanelekayo kula madodana kaNkulunkulu asezulwini.

Izingelosi Ziwusekela Ngenkuthalo Umsebenzi Wokushumayela

17, 18. Kungani singase sithi izingelosi ziyawusekela umsebenzi wethu wokushumayela?

17 Izingelosi zinengxenye kwezinye zezinto ezibalulekile ezenzeka “osukwini lweNkosi.” Lezi zinto zihlanganisa ukuzalwa koMbuso ngo-1914 nokuxoshwa kukaSathane namademoni akhe ezulwini ‘nguMikayeli nezingelosi zakhe.’ (IsAm. 1:10; 11:15; 12:5-9) Umphostoli uJohane wabona “ingelosi indiza emkhathini, inezindaba ezinhle zaphakade ukuba izimemezele njengezindaba ezithokozisayo kwabahlala emhlabeni.” Le ngelosi yathi: “Mesabeni uNkulunkulu nimnike inkazimulo, ngoba ihora lokwahlulela kwakhe selifikile, ngakho khulekelani Lowo owenza izulu nomhlaba nolwandle nemithombo yamanzi.” (IsAm. 14:6, 7) Ngakho, izinceku zikaJehova zingaqiniseka ngokuthi zisekelwa izingelosi njengoba zishumayela izindaba ezinhle zoMbuso osumisiwe naphezu kokuphikiswa ngonya nguDeveli.—IsAm. 12:13, 17.

18 Namuhla, izingelosi azisiqondisi kubantu abanhliziyo-ziqotho ngokukhuluma nathi ngokuqondile njengoba ingelosi yakhuluma noFiliphu yamqondisa kumthenwa ongumTopiya. (IzE. 8:26-29) Nokho, okuhlangenwe nakho okuningi kwanamuhla kuwubufakazi bokuthi nakuba singaziboni, izingelosi ziyasisekela emsebenzini wethu wokushumayela ngoMbuso futhi zisiqondisa kulabo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade.’ * (IzE. 13:48) Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba sihlanganyele njalo enkonzweni ukuze sifeze ingxenye yethu ekutholeni labo abafisa ‘ukukhulekela uBaba ngomoya nangeqiniso’!—Joh. 4:23, 24.

19, 20. Izingelosi zinayiphi indima ezenzakalweni eziwuphawu ‘lwesiphelo sesimiso sezinto’?

19 UJesu wakhuluma ngosuku lwethu wathi ‘esiphelweni sesimiso sezinto izingelosi ziyohlukanisa ababi kwabalungileyo.’ (Math. 13:37-43, 49) Izingelosi zinengxenye ekubuthweni nasekubekweni uphawu kokugcina kwabagcotshiwe. (Funda uMathewu 24:31; IsAm. 7:1-3) Ngaphezu kwalokho, uJesu uyobe enezingelosi lapho “ehlukanisa izimvu ezimbuzini.”—Math. 25:31-33, 46.

20 “Ekwambulweni kweNkosi uJesu ivela ezulwini ikanye nezingelosi zayo ezinamandla” bonke “abangamazi uNkulunkulu [nalabo] abangazilaleli izindaba ezinhle mayelana neNkosi yethu uJesu” bayobhujiswa. (2 Thes. 1:6-10) Embonweni wesenzakalo esifanayo, uJohane wabona uJesu enamabutho asezulwini ezingelosi begibele amahhashi amhlophe beyokulwa impi yokulunga.—IsAm. 19:11-14.

21. Isiphi isinyathelo ingelosi ‘enesihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu esandleni sayo’ eyosithathela uSathane namademoni akhe?

21 UJohane wabuye ‘wabona ingelosi yehla ivela ezulwini inesihluthulelo sakwalasha neketanga elikhulu esandleni sayo.’ Akunakuba omunye ngaphandle kukaMikayeli, ingelosi enkulu, oyobopha uDeveli cishe namademoni akhe abaphonse kwalasha. Bayokhululwa isikhashana ekupheleni kokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane lapho isintu esiphelele siyovivinywa khona okokugcina. Ngemva kwalokho, uSathane nazo zonke ezinye izihlubuki bayobhujiswa. (IsAm. 20:1-3, 7-10; 1 Joh. 3:8) Konke ukuhlubuka kuNkulunkulu kuyobe sekuqediwe.

22. Izingelosi zizoba nayiphi ingxenye ezintweni ezisazokwenzeka, futhi kufanele sizizwe kanjani ngendima yazo?

22 Sekuseduze kakhulu ukuba sikhululwe ngokuphelele esimisweni sezinto esibi sikaSathane. Izingelosi ziyoba nengxenye ebalulekile kulezi zenzakalo ezinkulu eziyolwela ubukhosi bukaJehova futhi ziyifeze ngokuphelele injongo yakhe ngomhlaba nangesintu. Ngempela, lezi zingelosi ezilungile ‘ziyimimoya enikela inkonzo yomphakathi, ethunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayozuza insindiso njengefa.’ Ngakho, masimbonge uJehova uNkulunkulu ngendlela asebenzisa ngayo izingelosi ukuze zisisize senze intando yakhe futhi sithole ukuphila okuphakade.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 18 Bheka incwadi ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu, amakhasi 549-551.

Ungaphendula Kanjani?

• Izidalwa zomoya zasezulwini zihlelwe kanjani?

• Yini eyenziwa izingelosi ezithile osukwini lukaNowa?

• UNkulunkulu uye wazisebenzisa kanjani izingelosi ukuze zisisize?

• Izingelosi ezilungile zinayiphi indima osukwini lwethu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 21]

Izingelosi ziyakujabulela ukwenza intando kaNkulunkulu

[Isithombe ekhasini 23]

Izingelosi zihlale zikulungele ukungenela kuye ngokwentando kaNkulunkulu, njengoba zenza kuDaniyeli

 [Izithombe ekhasini 24]

Yiba nesibindi ngoba izingelosi ziyawusekela umsebenzi wokushumayela ngoMbuso!

[Umthombo]

Globe: NASA photo