Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Kufanele Ulandele “UKristu”?

Kungani Kufanele Ulandele “UKristu”?

Kungani Kufanele Ulandele “UKristu”?

“Uma umuntu efuna ukungilandela, makazidele . . . angilandele njalo.”​—LUKA 9:23.

1, 2. Kungani kubalulekile ukuba sicabangele izizathu ezenza kufaneleke ukuba silandele “uKristu”?

YEKA indlela okumelwe ukuba uJehova ujabula ngayo lapho enibona nina enisanda kuhlanganyela nathi nani basha niphakathi kwezihlwele ezibuthene zabakhulekeli bakhe emhlabeni! Njengoba niqhubeka nitadisha iBhayibheli, niba khona njalo emihlanganweni yobuKristu, futhi nikhula olwazini lweqiniso olusindisa ukuphila elitholakala eZwini likaNkulunkulu, kudingeka nicabange ngokungathí sina ngesimemo sikaJesu: “Uma umuntu efuna ukungilandela, makazidele athathe isigxobo sakhe sokuhlushwa usuku nosuku angilandele njalo.” (Luka 9:23) UJesu unitusa ukuba nizidele futhi nibe abalandeli bakhe. Ngakho-ke, kubalulekile ukuba sicabangele izizathu ezenza kufaneleke ukuba silandele “uKristu.”—Math. 16:13-16.

2 Yini elindelekile kithi kakade esesihamba ezinyathelweni zikaJesu Kristu? Sikhuthazwa ukuba ‘siqhubeke sikwenza ngokugcwele.’ (1 Thes. 4:1, 2) Kungakhathaliseki ukuthi sisanda kuqala ukukhonza uJehova noma sesinamashumi eminyaka, ukuzindla ngezizathu zokulandela uKristu kuyosisiza ukuba sisebenzise isikhuthazo sikaPawulu futhi silandele uJesu ngokugcwele ekuphileni kwethu kwansuku zonke. Ake sicabangele izizathu ezinhlanu zokuthi kungani kufanele sifune ukulandela uKristu.

Ukuze Sisondelane NoJehova Ngokwengeziwe

3. Iziphi izindlela ezimbili esingase simazi ngazo uJehova?

3 Ngesikhathi ekhuluma nabase-Athene ‘emi phakathi kwe-Areyophagu,’ umphostoli uPawulu wathi: ‘UNkulunkulu wanquma izikhathi ezimisiwe nemikhawulo emisiwe yokuhlala kwabantu, ukuba bafune uNkulunkulu, uma bengamphumputha bamthole ngempela, nakuba, eqinisweni, engekude kulowo nalowo kithi.’ (IzE. 17:22, 26, 27) Singamfuna uNkulunkulu futhi simazi ngempela. Ngokwesibonelo, indalo isitshela okuningi ngezimfanelo namandla kaNkulunkulu. Ukuzindla ngokwazisa ngendalo yakhe kungasifundisa okuningi ngoMdali. (Roma 1:20) UJehova uye wembula nemininingwane ngaye ngokwakhe eZwini lakhe elilotshiwe, iBhayibheli. (2 Thim. 3:16, 17) Lapho ‘sizindla ngokwengeziwe ngomsebenzi wakhe’ futhi ‘sizikhathaza ngezenzo zakhe,’ yilapho siyomazi kangcono uJehova.—IHu. 77:12.

4. Kungani ukulandela uKristu kungasisiza ukuba simazi kangcono uJehova?

4 Indlela enhle kakhulu yokwazi uJehova kangcono iwukulandela uKristu. Cabanga nje ngenkazimulo uJesu ayenayo eceleni kukaYise “ngaphambi kokuba izwe libe khona”! (Joh. 17:5) ‘Uyisiqalo sendalo kaNkulunkulu.’ (IsAm. 3:14) ‘Njengezibulo layo yonke indalo,’ waphila izigidigidi zeminyaka ezulwini noYise, uJehova. Ngaphambi kokuba abe umuntu, akukhona nje ukuthi uJesu wayemane achithe isikhathi noYise. Wayengumngane omkhulu kaNkulunkulu, ekujabulela ukusebenza noMninimandla onke, futhi wasondelana naye esibophweni sothando esiqine kunazo zonke. UJesu akazange nje abuke indlela uYise ayenza ngayo izinto, eqaphela imizwa nezimfanelo zaKhe, kodwa futhi wakwamukela futhi wakusebenzisa lokho ayekufunda kuYise. Ngenxa yalokho, le Ndodana elalelayo yafana ncamashi noYise—kangangokuthi iBhayibheli liyibiza ngokuthi “ingumfanekiso kaNkulunkulu ongabonakali.” (Kol. 1:15) Ngokulandela uKristu eduze, singamazi kangcono uJehova.

Ukuze Silingise UJehova Ngokugcwele

5. Yini eyosisiza ukuba silingise uJehova ngokugcwele, futhi ngani?

5 Senziwe ‘ngomfanekiso kaNkulunkulu, sifana naye,’ ngakho sinekhono lokulingisa izimfanelo zakhe. (Gen. 1:26) Umphostoli uPawulu wakhuthaza amaKristu ukuba abe “abalingisi bakaNkulunkulu, njengabantwana abathandekayo.” (Efe. 5:1) Ukulandela uKristu kusisiza ukuba silingise uBaba wethu osezulwini. Lokhu kungenxa yokuthi uJesu wabonakalisa ukucabanga, imizwa nobuntu bukaNkulunkulu kangcono futhi wamchaza ngokugcwele ngendlela okwakungekho muntu owayengamchaza ngayo. Lapho esemhlabeni, uJesu akagcinanga nje ngokwenza igama likaJehova laziwe. Kunalokho, wembula uMuntu omelelwa yilelo gama. (Funda uMathewu 11:27.) UJesu wenza lokhu ngamazwi nangezenzo, ngezimfundiso nangesibonelo sakhe.

6. Izimfundiso zikaJesu zembulani ngoJehova?

6 UJesu wabonisa ngezimfundiso zakhe lokho uNkulunkulu akufunayo kithi nendlela azizwa ngayo ngabakhulekeli bakhe. (Math. 22:36-40; Luka 12:6, 7; 15:4-7) Ngokwesibonelo, ngemva kokucaphuna omunye weMiyalo Eyishumi, othi “ungaphingi,” uJesu wachaza umbono kaNkulunkulu ngalokho okwenzeka ngaphakathi kwenhliziyo yomuntu ngaphambi kokuba aphinge. Wathi: “Wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane aze amkhanuke, usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe.” (Eks. 20:14; Math. 5:27, 28) Ngemva kokucaphuna indlela eyiphutha abaFarisi ababechaza ngayo umyalo othile oseMthethweni, bethi “kumelwe uthande umakhelwane wakho futhi uzonde isitha sakho,” uJesu wabonisa ukucabanga kukaJehova ngokuthi: “Qhubekani nithanda izitha zenu, nithandazela nalabo abanishushisayo.” (Math. 5:43, 44; Eks. 23:4; Lev. 19:18) Ukuqonda indlela uNkulunkulu acabanga futhi azizwa ngayo nalokho akufunayo kithi kusisiza ukuba simlingise ngokugcwele.

7, 8. Sifundani ngoJehova esibonelweni sikaJesu?

7 UJesu wembula nobuntu bukaYise ngesibonelo sakhe. Lapho sifunda emaVangelini ukuthi uJesu wayenozwela ngabantu abaswele nabahluphekayo, ukuthi wabathukuthelela abafundi bakhe ngesikhathi bekhuza abantwana, asiboni yini uYise ebonisa imizwa efanayo? (Marku 1:40-42; 10:13, 14; Joh. 11:32-35) Cabanga ngendlela izenzo zikaJesu ezibonisa ngayo izimfanelo zikaNkulunkulu eziyinhloko. Izimangaliso zikaKristu azibonisi yini amandla amakhulu ayenawo? Noma kunjalo, akazange alokothe asebenzise lawo mandla ukuze azizuzise noma alimaze abanye. (Luka 4:1-4) Yeka ukuthi isenzo sakhe sokuxosha abathengisi abahahayo ethempelini siwubonisa ngokucace kanjani umuzwa wakhe wobulungisa! (Marku 11:15-17; Joh. 2:13-16) Izimfundiso zakhe namazwi akhe amnandi awasebenzisa ukuze afinyelele izinhliziyo zabantu kubonisa ukuthi wayehlakaniphe “ngaphezu kukaSolomoni.” (Math. 12:42) Uthando alubonisa ngokunikela ngomphefumulo wakhe ngenxa yabanye lusishukumisela ukuba sivume ukuthi “akekho onothando olukhulu kunalolu”!—Joh. 15:13.

8 INdodana kaNkulunkulu yamelela uJehova ngokuphelele kukho konke eyakusho neyakwenza kangangokuthi yayingasho la mazwi: “Ongibonile mina umbonile noBaba futhi.” (Funda uJohane 14:9-11.) Lapho silandela uKristu sisuke silingisa uJehova.

UJesu UngoGcotshiweyo KaJehova

9. UJesu waba nini oGcotshiweyo kaNkulunkulu futhi kanjani?

9 Cabanga ngalokho okwenzeka ekwindla ka-29 C.E. lapho uJesu owayeneminyaka engu-30 eya kuJohane uMbhapathizi. “Ngemva kokubhapathizwa, uJesu wakhuphuka masinyane emanzini; futhi, bheka! amazulu avuleka, wabona umoya kaNkulunkulu wehla njengejuba uza phezu kwakhe.” Lokhu kwamenza waba nguKristu, noma uMesiya. Ngaso leso sikhathi, uJehova ngokwakhe wenza kwaziwa ukuthi uJesu wayengoGcotshiweyo waKhe, ethi: “Lo yiNdodana yami ethandekayo, engiyamukele.” (Math. 3:13-17) Yeka ukuthi lokhu kuyisizathu esihle kanjani sokuba sifune ukulandela uKristu!

10, 11. (a) Isiqu esithi “uKristu” sisetshenziswa kanjani kuJesu? (b) Kungani kufanele silwele ukulandela uJesu Kristu?

10 EBhayibhelini, isiqu esithi “Kristu” sisetshenziswa kuJesu ngezindlela ezihlukahlukene, njengokuthi uJesu Kristu, uKristu Jesu nokuthi uKristu. NguJesu ngokwakhe owaqala ukusebenzisa inkulumo ethi “Jesu Kristu”—igama elilandelwa isiqu. Ethandaza kuYise, wathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.” (Joh. 17:3) Ngokusebenzisa le ndlela wayeqokomisa ukuthi wayethunywe uNkulunkulu futhi waba oGcotshiweyo wakhe. Lapho isiqu sibekwe phambi kwegama, kuthiwe “uKristu Jesu,” kusuke kungasaqokonyiswa yena njengomuntu kodwa isikhundla sakhe. (2 Kor. 4:5) Ukusebenzisa isiqu esithi “uKristu” kuphela kungenye indlela eqokomisa isikhundla sikaJesu njengoMesiya.—IzE. 5:42.

11 Kungakhathaliseki ukuthi isiqu esithi “Kristu” sisetshenziswe kanjani kuJesu, siqokomisa leli qiniso elibalulekile: Nakuba iNdodana kaNkulunkulu yeza emhlabeni njengomuntu, yenza ukuba intando kaYise yaziwe, yayingeyena nje umuntu ovamile noma umprofethi nje; yaba ngoGcotshiweyo kaJehova. Kumelwe nakanjani silandele oGcotshiweyo kaJehova.

Insindiso Itholakala NgoJesu Kuphela

12. Imaphi amazwi uJesu awasho kumphostoli uTomase asebenzayo nakithi?

12 Esinye isizathu esimqoka sokuba siqhubeke silandela uMesiya sisemazwini kaJesu awasho kubaphostoli bakhe abathembekile sekusele amahora ambalwa nje afe. Ephendula umbuzo kaTomase ophathelene namazwi kaJesu okuthi uyahamba uyobalungiselela indawo, uJesu wathi: “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila. Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.” (Joh. 14:1-6) Ngaleso sikhathi uJesu wayekhuluma nabaphostoli bakhe abathembekile abangu-11. Wabethembisa indawo ezulwini, kodwa amazwi akhe ayasebenza nakulabo abanethemba lokuthola ukuphila okuphakade emhlabeni. (IsAm. 7:9, 10; 21:1-4) Kanjani?

13. UJesu ‘uyindlela’ ngamuphi umqondo?

13 UJesu Kristu ‘uyindlela.’ Lokhu kusho ukuthi singasondela ngaye kuphela kuNkulunkulu. Lokhu kunjalo endabeni yomthandazo, ngoba yilapho sithandaza egameni likaJesu kuphela lapho singaqiniseka khona ngokuthi uBaba uyosinika noma yini esiyicela ngokuvumelana nentando Yakhe. (Joh. 15:16) Nokho, uJesu ‘uyindlela’ nangomunye umqondo. Isono siye sahlukanisa isintu noNkulunkulu. (Isaya 59:2) UJesu ‘wanikela ngomphefumulo wakhe ube yisihlengo sabaningi.’ (Math. 20:28) Ngenxa yalokho, iBhayibheli lithi: “Igazi likaJesu . . . lisihlanza kuso sonke isono.” (1 Joh. 1:7) Ngakho, iNdodana iye yavula indlela yokubuyisana noNkulunkulu. (Roma 5:8-10) Singaba nobuhlobo obuhle noNkulunkulu kuphela ngokuba nokholo kuJesu nangokumlalela.—Joh. 3:36.

14. UJesu ‘uyiqiniso’ ngamuphi umqondo?

14 UJesu ‘uyiqiniso’ hhayi nje ngenxa yokuthi wayekhuluma iqiniso njalo futhi ephila ngalo kodwa nangenxa yokuthi zonke iziprofetho ezabhalwa ngoMesiya—ezingamashumishumi—zagcwaliseka kuye. Umphostoli uPawulu wabhala: “Kungakhathaliseki ukuthi ziningi kangakanani izithembiso zikaNkulunkulu, ziye zaba nguYebo ngayo.” (2 Kor. 1:20) Ngisho “nesithunzi sezinto ezinhle ezizayo” ezaziseMthethweni KaMose sagcwaliseka kuKristu Jesu. (Heb. 10:1; Kol. 2:17) Zonke iziprofetho zigxile kuJesu, futhi zisicacisela ngendima yakhe eyinhloko ekufezekeni kwenjongo kaJehova. (IsAm. 19:10) Ukuze sizuze ekugcwalisekeni kwenjongo kaJehova ngathi, kudingeka silandele uMesiya.

15. UJesu ‘ungukuphila’ ngamuphi umqondo?

15 UJesu ‘ungukuphila’ ngoba uye wathenga uhlanga lwesintu ngegazi lakhe, futhi ukuphila okuphakade kuyisipho uNkulunkulu asipha sona “ngoKristu Jesu iNkosi yethu.” (Roma 6:23) UJesu ‘ungukuphila’ nakulabo abasemathuneni. (John 5:28, 29) Ngaphezu kwalokho, cabanga ngalokho ayokwenza njengomPristi Ophakeme phakathi nokuBusa kwakhe Kweminyaka Eyinkulungwane. Phela, uyozikhulula phakade izikhonzi zakhe emhlabeni esonweni nasekufeni!—Heb. 9:11, 12, 28.

16. Sinasiphi isizathu sokulandela uJesu?

16 Ngakho, impendulo kaJesu kuTomase ibaluleke kakhulu kithi. UJesu uyindlela neqiniso nokuphila. Nguye owathunyelwa uNkulunkulu ezweni ukuze izwe lisindiswe ngaye. (Joh. 3:17) Akekho ongeza kuBaba ngaphandle kwakhe. IBhayibheli lisho ngokucacile: “Ayikho insindiso kunoma ubani omunye, ngoba alikho elinye igama phansi kwezulu elinikwe ukuba libe phakathi kwabantu okumelwe sisindiswe ngalo.” (IzE. 4:12) Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi sinasiphi isizinda, kuyinkambo yokuhlakanipha ngathi ukukholelwa kuJesu nokumlandela futhi ngaleyo ndlela asiholele ekuphileni.—Joh. 20:31.

Siyalwa Ukuba Silalele UKristu

17. Kungani kubalulekile ukuba silalele iNdodana kaNkulunkulu?

17 UPetru, uJohane noJakobe babona uJesu eguqulwa isimo. Ngaleso sikhathi, bezwa izwi livela ezulwini lithi: “Lo yiNdodana yami ekhethiweyo. Mlaleleni.” (Luka 9:28, 29, 35) Kubalulekile ukuba silalele umyalo wokulalela uMesiya.—Funda izEnzo 3:22, 23.

18. Singamlalela kanjani uJesu Kristu?

18 Ukulalela uJesu kuhilela ‘ukugxilisa amehlo ethu kuye, sicabangisise ngesibonelo sakhe.’ (Heb. 12:2, 3) Ngakho, senza kahle ‘ngokuzinaka ngaphezu kokujwayelekile izinto’ esizifunda ngaye eBhayibhelini nasezincwadini ezikhishwa “inceku ethembekileyo neqondayo,” nalokho esikuzwa ngaye emihlanganweni yobuKristu. (Heb. 2:1; Math. 24:45) Njengezimvu zakhe, masikulangazelele ukulalela uJesu nokumlandela.—Joh. 10:27.

19. Yini eyosisiza ukuba silandele uKristu njalo?

19 Ingabe singaphumelela ekulandeleni uKristu njalo, kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani? Yebo, singakwazi, uma nje ‘siqhubeka sibambelela esibonelweni samazwi anempilo’ ngokwenza lokho esikufundayo ‘sinokholo nothando mayelana noKristu Jesu.’—2 Thim. 1:13.

Ufundeni?

• Kungani ukulandela “uKristu” kungasenza sisondelane noJehova ngokwengeziwe?

• Kungani ukulingisa uJesu kufana nokulingisa uJehova?

• UJesu ‘uyindlela neqiniso nokuphila’ ngayiphi indlela?

• Kungani kufanele silalele oGcotshiweyo kaJehova?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 29]

Izimfundiso zikaJesu zibonakalisa ukucabanga kukaJehova okuphakeme

[Isithombe ekhasini 30]

Kumelwe simlandele ngokwethembeka oGcotshiweyo kaJehova

 [Isithombe ekhasini 32]

UJehova wathi: “Lo, yiNdodana yami . . . mlaleleni”