Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Inkolo Elungile Ikhuthaza Izimiso Eziphakeme Zokuziphatha

Inkolo Elungile Ikhuthaza Izimiso Eziphakeme Zokuziphatha

INKOLO efanele isifundisa ukucabanga ngezinto ezinhle futhi isibonisa indlela yokuthuthukisa ukuziphatha kwethu. Iyasisekela ekulweleni kwethu ukwenza izinto ezilungile futhi isenza abantu abangcono. Sazi kanjani ukuthi inkolo efanele iyakwenza lokho?

Phawula lokho umphostoli uPawulu akubhalela amaKristu ekhulu lokuqala ayehlala eKorinte, eGrisi. Lo muzi wasendulo wawaziwa ngokuziphatha okubi. UPawulu waxwayisa: “Izifebe, noma abakhonza izithombe, iziphingi, amadoda agcinelwe izinjongo ezingezona ezemvelo, amadoda alala namadoda, amasela, abantu abahahayo, izidakwa, izithuki, noma abaphangi ngeke balizuze ifa lombuso kaNkulunkulu.” Wabe esenezela: “Kodwa nokho yilokho abanye kini ababeyikho. Kodwa seniye nagezwa nahlanzeka, seniye nangcweliswa, sekuthiwe nilungile egameni leNkosi yethu uJesu Kristu nangomoya kaNkulunkulu wethu.” (1 Korinte 6:9-11) Leli iphuzu elibalulekile—inkolo efanele yasiza abanye abantu ababengaziphathi kahle ukuba bahlanzeke babe izinceku zikaNkulunkulu ezihlanzekile neziqotho!

IBhayibheli libe selixwayisa: “Kuyofika isikhathi lapho abantu bengeke bazilalele izimfundiso ezinengqondo, kunalokho bayolandela izifiso zabo futhi bazibuthele abafundisi abaningi abayobatshela izinto abafuna ukuzizwa.”—2 Thimothewu 4:3, Today’s English Version.

Izinkolo ozaziyo zenza kanjani kulesi sici? Ingabe ziyazisekela izimiso zeBhayibheli zokuziphatha eziphakeme noma ziyasishalazelela iseluleko esitholakala eZwini likaNkulunkulu, zitshele abantu kuphela “izinto abafuna ukuzizwa”?

Ukuze ubone ukuthi inkolo ethile inazo yini izithelo ezinhle, ake uzinike isikhathi uphendule imibuzo elandelayo:

ISIHLOKO: Umshado.

LOKHO OKUFUNDISWA IBHAYIBHELI:

“Umshado kufanele uhlonishwe yibo bonke, futhi indoda nomfazi kufanele bagcine umshado wabo uhlanzekile. UNkulunkulu uyobahlulela labo abenza izono zobulili.”—Hebheru 13:4, New Century Version.

UMBUZO:

Ingabe le nkolo ifuna amalungu ayo ahlala ndawonye njengendoda nomfazi ashade ngokomthetho?

ISIHLOKO: Idivosi.

LOKHO OKUFUNDISWA IBHAYIBHELI:

Lapho ebuzwa ukuthi sasikhona yini isizathu esizwakalayo sokudivosa, uJesu wathi: “Noma ubani ohlukanisa nomkakhe, ngaphandle kwesizathu sobufebe, ashade nomunye, uyaphinga.”—Mathewu 19:9.

UMBUZO:

Ingabe le nkolo iyasihlonipha isiqondiso sikaJesu sokudivosa, uphinde ushade kuphela uma omunye ephingile?

ISIHLOKO: Ukuziphatha okubi kobulili.

LOKHO OKUFUNDISWA IBHAYIBHELI:

“Balekelani ubufebe. Zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kepha owenza ubufebe wona owakhe umzimba.”—1 Korinte 6:18, iBhayibheli lesiZulu elivamile.

“Abesifazane babo bashintsha ukusetshenziswa kwabo kwemvelo bakwenza okuphambene nemvelo; ngisho nabesilisa ngokufanayo bakuyeka ukusetshenziswa kwemvelo  kowesifazane basha kakhulu ekukhanukelaneni kwabo, abesilisa nabesilisa, benza okuyichilo futhi bamukela kubo ngokwabo imbuyiselo egcwele, eyayifanele ngenxa yesiphambeko sabo.”—Roma 1:26, 27.

UMBUZO:

Ingabe le nkolo ifundisa ukuthi kuyisono uma owesilisa nowesifazane belala ndawonye bengashadile nokuthi abantu bobulili obufanayo akufanele baye ocansini?

ISIHLOKO: Amalungu ayo azimelela ngesibindi izimiso zeBhayibheli.

LOKHO OKUFUNDISWA IBHAYIBHELI:

“Ningahlangani nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane‚ uma eyisifebe‚ noma engohahayo‚ noma engokhonza izithombe‚ noma eyisithuki‚ noma eyisidakwa‚ noma engumphangi; ningaze nadla nokudla nonjalo.” (1 Korinte 5:11) Kufanele benziweni labo abazibiza ngokuthi bangamaKristu kodwa bengaphenduki ezonweni zabo? IZwi likaNkulunkulu lithi: “Xoshani omubi phakathi kwenu.”—1 Korinte 5:13, iBhayibheli lesiZulu elivamile.

UMBUZO:

Ingabe le nkolo iyamxosha umuntu ozishaya indiva izimiso zeBhayibheli futhi enqabe ukuphenduka?