Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Inkolo Efanele Ikhuthaza Ukuhlonipha IZwi LikaNkulunkulu

Inkolo Efanele Ikhuthaza Ukuhlonipha IZwi LikaNkulunkulu

UJESU wakhuthaza ukuba iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, lihlonishwe. Lokhu kubonakala endleleni aphendula ngayo uDeveli lapho emlinga. (Mathewu 4:4-11) Ngokwesibonelo, wasabela kanjani lapho uSathane ethi makaguqule amatshe abe yizinkwa? Wamelana naleso silingo ngokucaphuna amazwi kaMose aphefumulelwe, ongawafunda kuDuteronomi 8:3. Lapho uDeveli ethi uzonika uJesu yonke imibuso yomhlaba uma enza isenzo esisodwa sokumkhulekela, uJesu waphendula wathini? Wenqaba, wakhuluma ngesimiso esisemBhalweni ongasithola kuDuteronomi 6:13.

Cabanga nje! Nakuba uJesu ayeyiNdodana kaNkulunkulu, wayethembela eBhayibhelini lapho efundisa. Akazange neze alibekele eceleni iZwi likaNkulunkulu ukuze avumelane namasiko abantu. (Johane 7:16-18) Nokho, abaholi benkolo abaningi bosuku lwakhe babengenayo inhlonipho ngeZwi likaNkulunkulu njengaye. Babenziwa yini? Babebheka amasiko abantu njengabaluleke ukudlula imiBhalo eNgcwele. UJesu wawatshela ngokungagwegwesi lawo madoda: ‘Nilenzé laba yize izwi likaNkulunkulu ngesiko lenu. Bazenzisi‚ waprofetha kahle ngani u-Isaya‚ ethi: “Laba bantu bangidumisa ngezindebe zomlomo‚ kepha izinhliziyo zabo zikude nami; bangikhonza ngeze befundisa izimfundiso eziyimiyalo yabantu.”’—Mathewu 15:6-9, iBhayibheli lesiZulu elivamile.

Izinkolo eziningi emhlabeni, ezobuKristu nezingezona ezobuKristu, zithi ziyalihlonipha iBhayibheli. Noma kunjalo, zingaki ozaziyo eziwalahlayo amasiko abantu lapho  engqubuzana nezimfundiso ezicacile eziseZwini likaNkulunkulu? Cabangela lezi zibonelo ezimbili.

ISIHLOKO: Iziqu abaholi benkolo ababizwa ngazo.

LOKHO OKUFUNDISWA IBHAYIBHELI:

UJesu wabasola abaholi benkolo bosuku lwakhe ngokuthanda ukubizwa ngeziqu nokuvelela. Wathi lawo madoda ayethanda ‘izihlalo ezingenhla ekudleni nezihlalo eziphambili ezindlini zokusonta, nokubingelelwa ezindaweni zokubuthana nokubizwa abantu ngokuthi Rabi.’ Wabe esetshela abafundi bakhe: ‘Maningabizwa ngokuthi Rabi; ngoba munye umfundisi wenu, uKristu, nina nonke ningabazalwane. Ningabizi umuntu emhlabeni ngokuthi uyihlo; ngoba munye uyihlo wenu, usezulwini.’—Mathewu 23:1-10, iBhayibheli lesiZulu elidala.

UMBUZO:

Ingabe abaholi bale nkolo bayathanda ukubizwa ngeziqu zokuhlonishwa futhi bafuna ukuvelela emphakathini, noma balalela umyalo kaJesu wokugwema ukwenza lokho?

ISIHLOKO: Ukukhulekelwa kwezithombe.

LOKHO OKUFUNDISWA IBHAYIBHELI:

“Ungazenzeli izithombe ezibaziweyo, namfanekiso wokusezulwini ngaphezulu, nowokusemhlabeni phansi, nowokusemanzini phansi komhlaba. Ungazikhothameli.”—Eksodusi 20:4, 5, iBhayibheli lesiZulu elivamile.

Umphostoli uJohane wabhalela amaKristu: “Kumelwe ningasondeli ezithombeni.”—1 Johane 5:21, Contemporary English Version.

UMBUZO:

Ingabe le nkolo iyawuhlonipha umyalo ocacile oseBhayibhelini wokungasebenzisi izithombe ekukhulekeleni uNkulunkulu?

Ungayithola Inkolo Efanele

Nakuba kunezinkolo eziningi namuhla ezingase zikudid’ ikhanda, ungayithola eholela ekuphileni. Ziningi izici ongabona ngazo inkolo “ehlanzekile nengangcolile ngokombono kaNkulunkulu.” (Jakobe 1:27) ImiBhalo okukhulunywe ngayo kulezi zihloko ingasebenza njengezimpawu ezingakusiza zikuqondise kuleyo nkolo.

Cela oFakazi BakaJehova bakuphendule imibuzo ephakanyiswe kulezi zihloko. Njengoba uhlola lokho abakutshela khona, landela isibonelo esihle salabo ababephila phakathi nekhulu lokuqala emzini waseBhereya. Ngemva kokuzwa umphostoli uPawulu eshumayela, “bahlolisisa imiBhalo ukuze babone ukuthi okwakushiwo uPawulu kwakuyiqiniso ngempela yini.” (IzEnzo 17:11, Today’s English Version) Uma uhlonipha iZwi likaNkulunkulu njengabaseBhereya futhi ulitadisha ngenkuthalo, uyoyithola indlela eholela ekuphileni. Kodwa ukuthi uyohamba ngayo noma cha, isinqumo sakho.

Iyiphi inkolo ekhuthaza abantu ukuba batadishe imiBhalo ukuze babone ukuthi abakufundayo kuyiqiniso ngempela yini?