Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Yini UJehova Ayicela Kithi?

Yini UJehova Ayicela Kithi?

Sondela KuNkulunkulu

Yini UJehova Ayicela Kithi?

Duteronomi 10:12, 13

NGILALELE noma ngingalaleli? Lesi sinqumo asilula ngaso sonke isikhathi. Umphathi onokhahlo nofuna abantu benze izinto ngenkani angase alalelwe, kodwa hhayi ngokusuka enhliziyweni. Nokho, abakhulekeli bakaJehova uNkulunkulu bamkhulekela ngokuzithandela. Kubangelwa yini? Ukuze siphendule lo mbuzo, ake sihlole amazwi kaMose akuDuteronomi 10:12, 13. *

Lapho efingqa izinto ezifunwa uNkulunkulu, uMose wabuza umbuzo owenza umuntu acabange: “Yini uJehova uNkulunkulu wakho ayicelayo kuwe?” (Ivesi 12) UNkulunkulu unelungelo lokusicela noma yini. Phela unguMbusi Wendawo Yonke, uMthombo noMsekeli wokuphila. (IHubo 36:9; Isaya 33:22) Unelungelo lokufuna ukuba simlalele. Yize kunjalo, akasiphoqi. Yini ayicela kithi? Ucela ukuba ‘simlalele ngokusuka enhliziyweni.’—Roma 6:17.

Yini engasishukumisa ukuba simlalele ngokuzithandela? UMose usitshela okungasisiza senze lokhu: ‘Yesaba uJehova uNkulunkulu wakho.’ * (Ivesi 12) Lokhu akusho ukwesaba okukhwantabalisayo ngoba sesaba imiphumela ebuhlungu esingase siyithole, kodwa kusho ukwesaba okunempilo okuhlanganisa ukumhlonipha nokuhlonipha izindlela zakhe. Uma sesaba uNkulunkulu ngokujulile, siyofuna ukugwema ukumdumaza.

Nokho, kufanele sibe yini isisusa sethu esiyinhloko sokulalela uNkulunkulu? UMose uthi: “Mthande [uJehova] futhi umkhonze . . . ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho.” (Ivesi 12) Ukuthanda uNkulunkulu kusho okungaphezu nje kokuba nemizwa ngaye. Enye incwadi iyachaza: “Amagama esiHebheru asho imizwa ngezinye izikhathi asho izenzo eziwumphumela wayo.” Yona le ncwadi ithi ukuthanda uNkulunkulu kusho ‘ukwenza izinto ezibonisa ukuthi siyamthanda.’ Ngamanye amazwi, uma simthanda ngempela uNkulunkulu, siyoziphatha ngendlela esaziyo ukuthi iyamjabulisa.—IzAga 27:11.

Kufanele simlalele ngezinga elingakanani uNkulunkulu? UMose uthi: ‘Hamba ezindleleni zakhe zonke.’ (Ivesi 12) UJehova ufuna senze zonke izinto acela ukuba sizenze. Uma simlalela ngokuphelele kungenzeka yini singazuzi? Cha, akunakwenzeka.

Ukumlalela ngokuzithandela kuyosilethela izibusiso. UMose uyabhala: ‘Gcina imiyalo kaJehova nezimiso zakhe engikuyala ngazo namuhla, kube kuhle kuwe.’ (Ivesi 13) Yebo, yonke imiyalo kaJehova—konke asicela khona—kuzuzisa thina, futhi kuba njalo ngaso sonke isikhathi. IBhayibheli lithi: “UNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:8) Yingakho esinikeze imiyalo eyosizuzisa phakade. (Isaya 48:17) Ukwenza konke lokho uJehova asicela ukuba sikwenze kuyosiphephisa ekukhungathekeni okuningi manje futhi kuyosilethela izibusiso ezingapheli lapho sekubusa uMbuso wakhe. *

Ngilalele noma ngingalaleli? Okuwukuphela kwesinqumo esihlakaniphile endabeni yalokho uJehova asicela khona kuwukuba simlalele. Ukulalela ngokuphelele nangokuzithandela kuyohlale kuzuzisa. Leso senzo sokwethembeka sisisondeza nakakhulu kuJehova, uNkulunkulu onothando nohlale esifunela okuhle kodwa ekuphileni.

[Imibhalo yaphansi]

^ Nakuba la mazwi kaMose ayebhekiswe kuma-Israyeli asendulo, isimiso sawo sisebenza kubo bonke abafuna ukujabulisa uNkulunkulu namuhla.—Roma 15:4.

^ Kuyo yonke incwadi kaDuteronomi, uMose ugcizelela ukuthi ukwesaba uNkulunkulu kufanele kuqondise ukuphila kwezinceku zaKhe.—Duteronomi 4:10; 6:13, 24; 8:6; 13:4; 31:12, 13.

^ Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 3, esinesihloko esithi “Iyini Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba?,” encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.