Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukudoba OLwandle LwaseGalile

Ukudoba OLwandle LwaseGalile

Ukudoba OLwandle LwaseGalile

KWAKUNJANI ukuphila kwabadobi bezinhlanzi ababedoba oLwandle LwaseGalile, noma ichibi, emuva lé ekhulwini lokuqala? Impendulo yalo mbuzo isisiza ukuba siqonde ukulandisa kwamaVangeli amaningi, njengalokhu esixoxe ngakho esihlokweni esandulele.

Empeleni, lolu “lwandle” luyichibi elinamanzi angenasawoti olungamakhilomitha acishe abe ngu-21 ubude nangaba ngu-12 ububanzi. Sekuyisikhathi eside abadobi bethola izinhlanzi eziningi kulolu lwandle. Kusobala ukuthi iSango Lezinhlanzi laseJerusalema laliyindawo lapho zazidayiswa khona. (Nehemiya 3:3) Ezinye zezinhlanzi ezazidayiswa lapho zazisuke zidotshwe oLwandle LwaseGalile.

Umphostoli uPetru wayevela komunye wemizi eyayiseduze koLwandle LwaseGalile, owawubizwa ngokuthi iBhetsayida, okungenzeka kusho ukuthi “Umuzi Wabadobi.” Omunye umuzi owawuseduze nalolu lwandle wawubizwa ngokuthi iMagadala noma iMagdala, oyindawo uJesu ayisa khona abafundi bakhe ngemva kokuba ehambe phezu kwamanzi. (Mathewu 15:39) Ngokusho komunye umbhali, igama lesiGreki lalowo muzi lingahunyushwa ngokuthi “iDolobha Lokuphala Izinhlanzi.” Lalinezimboni ezinkulu zezinhlanzi futhi izinhlanzi ezibanjwe lapho zazomiswa zifakwe nosawoti—noma zifakwe emanzini anosawoti ukuze kwakhiwe isinongo esasigcinwa ezitsheni zobumba. Le mikhiqizo yayibe isilayishwa emikhunjini ithunyelwe cishe kuzo zonke izindawo ezikwa-Israyeli ngisho nangalé kwemingcele yakhona.

Ngakho, ukudoba, ukuphala nokuthengisa izinhlanzi kwakuyibhizinisi elikhulu eGalile ngosuku lukaJesu. Kulula ukucabanga ukuthi abantu bendawo babenza imali eningi ngaleli bhizinisi. Kodwa kwakungenjalo ngempela. Isazi esithile sithi ukudoba “kwakungelona ‘ibhizinisi elithi wena’ njengoba abafundi banamuhla beTestamente Elisha bengase bacabange.” Laliyingxenye yezinto “ezazilawulwa umbuso, futhi lalizuzisa ingcosana yeziqumama.”

UHerode Antipase wayebusa isifunda saseGalile ebekwe yiRoma. Ngakho, wayelawula imigwaqo esesifundeni sakhe, amatheku nezinto zemvelo, njengezimayini, amahlathi, ezolimo nokudoba. Lezo zinto zazimngenisela intela eningi uHerode. Asinakho ukwaziswa okuningiliziwe kokuthi kwakunamiphi imithetho yokuqoqwa kwentela ekhulwini lokuqala eGalile. Nokho, kubonakala sengathi indlela uHerode ayeyisebenzisa yayingahlukile kangako kuleyo yababusi ababebusa ngenkambiso yamaGreki noma leyo eyayisetshenziswa amaRoma kwezinye zezifunda zayo ezazisempumalanga. Imali eningi eyayitholakala emisebenzini yendawo nasemikhiqizweni yemvelo kungenzeka yayiyiswa kulelo dlanzana elidla izambane likapondo kunokuba itholwe abantu abaphansi, okuyibona ababenza umsebenzi omkhulu.

Izintela Ezimba Eqolo

Osukwini lukaJesu, izindawo ezinhle eGalile zazingezasebukhosini futhi zazihlukaniswa zibe imihlaba uHerode ayeyipha abangane bakhe abasezikhundleni eziphezulu nabanye abantu. Abantu ayebabusa kwakufanele bakhokhe izindleko zempilo yakhe yokutamasa, izakhiwo zikanokusho ayezakha, inqwaba yezisebenzi zakhe nemali ayeyipha abangane bakhe nabanye ababusi bamadolobha. Izintela ezazikhokhwa abantu abaphansi zazimba eqolo futhi zicindezela.

UHerode nguye yedwa owayenquma nokuthi imifula, ulwandle namachibi kwakusetshenziswa kanjani. Ngakho, ukudoba kwakuyibhizinisi elikhulu elalilawulwa yinkosi noma yilabo eyayibaphe imihlaba. Kulezo zindawo ezazilawulwa yinkosi, abaqoqi bezintela—izicebi ezazilithenga ngemali eshisiwe ilungelo lokuqoqa intela—babeba negunya lokwenza izivumelwano zokuqashisela abadobi amalungelo okudoba. Abanye abahlaziyi baye basikisela ukuthi njengoba ihhovisi lentela likaMathewu laliseKapernawume—isikhungo esiyinhloko sabadobi basoLwandle LwaseGalile—kungenzeka wayesebenzela laba baqoqi bezintela abakhulu njengomthengisi wasendaweni “wamalungelo asebukhosini okudoba izinhlanzi.” *

Ubufakazi bangekhulu lokuqala nelesibili B.C.E. bubonisa ukuthi izintela ePalestina zazivame ukukhokhwa “ngokuthile,” kunokuba zikhokhwe ngemali. Ngakho, abanye ababeziphilisa ngokudoba babekhokha ngezinhlanzi zabo ezingamaphesenti angaba ngu-25 kuya kwangu-40 ukuze bathole ilungelo lokudoba. Izincwadi zasendulo zibonisa ukuthi ezindaweni ezithile azazilawulwa iRoma, ukudoba kwaqhubeka kuyibhizinisi loMbuso eliqashwa izinduna. EPhisidiya, induna yomsebenzi wokudoba yayiqikelela ukuthi akekho odoba ngaphandle kwemvume, nokuthi abadobi babedayisela kuphela abathengisi abanemvume yokuthengisa, kwabona imisebenzi yabo eyayilawulwa uMbuso futhi bekhokha izintela.

Uma echaza injongo yayo yonke le mithetho nezintela, umhlaziyi othile uthi yayenzelwa ukuba “inkosi noma umnikazi womhlaba athole isizumbulu semali, kuyilapho abadobi benikwa ubadlana.” Nalabo ababesebenza kwezinye izinhlobo zamabhizinisi babengaphunyuki kulezi zintela eziphezulu. Akekho umkhokhi wentela ozithandayo izintela. Ngakho-ke, akungabazeki ukuthi ukungathandwa kwabathelisi esikubona ekulandiseni kwamaVangeli kwakubangelwa ukungathembeki okukhulu kwabantu abangamagovu ababenza konke abangakwenza ukuze bacebe ngezithukuthuku zabantu abaphansi.—Luka 3:13; 19:2, 8.

Abadobi Okukhulunywa Ngabo EmaVangelini

AmaVangeli abonisa ukuthi uSimoni Petru wayesebenza nabathile ebhizinisini lakhe lokudoba. Labo abamsiza ngesikhathi ebamba izinhlanzi ngokuyisimangaliso ‘kwakungabangane bakhe ababekwesinye isikebhe.’ (Luka 5:3-7) Izazi zithi “abadobi babengahlangana bakhe ‘izinhlangano’ . . . ukuze bakwazi ukuthenga izivumelwano zokudoba noma baziqashe.” Kungenzeka yileyo ndlela eyasetshenziswa amadodana kaZebedewu, uPetru, u-Andreya nabangane babo ukuze bathole imvume yokuqhubeka nebhizinisi labo lokudoba.

ImiBhalo ayisitsheli ngokuqondile ukuthi laba badobi baseGalile babenazo yini izikebhe ezithi bona kanye namathuluzi. Abanye bakholelwa ukuthi babenazo. Eqinisweni, sitshelwa ukuthi uJesu wagibela isikebhe “esasingesikaSimoni.” (Luka 5:3) Nokho, esinye isihloko esidingida le ndaba ngokuqondile sithi, “kungenzeka ukuthi empeleni izikebhe zazingezabaqoqi bezintela futhi zisetshenziswa izinhlangano.” Kunoma yikuphi, emiBhalweni sifunda ngoJakobe noJohane bethunga amanetha abo. Kungenzeka ukuthi nabadobi kwakufanele behlise amanani abo ukuze badayise izinhlanzi zabo, futhi uma kudingekile baqashe izisebenzi zosuku.

Ngakho, kuningi okwakuhilelekile emsebenzini wabadobi baseGalile bangekhulu lokuqala kunalokho ongase ukucabange. Ibhizinisi labo laliyingxenye yesimiso esikhulu sezomnotho. Ukwazi lokhu kwenza siwaqonde nakangcono amaVangeli kanye namazwi kaJesu mayelana nokudoba nabadobi. Ngaphezu kwalokho, le ndaba isisiza ukuba silwazise ukholo lukaPetru, u-Andreya, uJakobe noJohane. Babeziphilisa ngakho ukudoba. Kungakhathaliseki ukuthi sasinjani isimo sabo sezomnotho ngesikhathi uJesu ebabiza, kodwa bavele bawushiya phansi umsebenzi ababewazi kahle—nababazi kahle ukuthi bayakwazi ukuziphilisa ngawo—ukuze babe “abadobi babantu.”—Mathewu 4:19.

[Umbhalo waphansi]

^ Kubonakala sengathi umphostoli uPetru wathutha eBhetsayida waya eKapernawume, lapho yena nomfowabo u-Andreya, namadodana kaZebedewu babeqhuba khona ibhizinisi lezinhlanzi. UJesu naye wake wahlala kancane eKapernawume.—Mathewu 4:13-16.

[Ibalazwe ekhasini 25]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

IChibi IHula

IBhetsayida

IKapernawume

IMagadani

ULwandle LwaseGalile

IJerusalema

ULwandle Olufile

[Umthombo]

Todd Bolen/Bible Places.com

[Umthombo Wesithombe ekhasini 26]

Todd Bolen/​Bible Places.com