Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukugcina Utshwala Busendaweni Yabo

Ukugcina Utshwala Busendaweni Yabo

Ukugcina Utshwala Busendaweni Yabo

UBONGANI, okukhulunywe ngaye esihlokweni sokuqala, ngabe waba nokuphila okuhluke kakhulu—ukube nje wavuma ukuthi unenkinga yotshwala. Kodwa ngenxa yokuthi wayekwazi ukuphuza utshwala obuningi kodwa kungabonakali, wayekholelwa ukuthi konke kuhamba kahle ekuphileni kwakhe. Kungani ukucabanga kwakhe kwakuyiphutha?

Ukuphuza kwakhe ngokweqile kwakumenza angahluleli ngendlela eqondile. Kungakhathaliseki ukuthi wayekuqaphela lokho noma cha, sona kanye isitho esasilawula umzimba wakhe, ingqondo nemizwelo yakhe—ubuchopho—sasingasebenzi ngendlela efanele lapho sesithonywe utshwala. Njengoba ayeqhubeka ephuza kakhulu, ubuchopho bakhe baqhubeka buhluleka ukumbonisa isimo sakhe esingokoqobo.

Isizathu sesibili sokuqinisa kukaBongani ikhanda sasiwukuthi wayenesifiso esinamandla sokuqhubeka nokuphuza. UThulani, okukhulunywe ngaye ezihlokweni ezandulele, waqale waphika ukuthi utshwala buyamehlula. Uyavuma: “Ngangifihla ukuthi ngiyaphuza, ngibeke nezaba ngenjongo yokuzama ukuthethelela ukuphuza kwami ngokweqile. Nganginomgomo owodwa—ukuvikela ukuphuza kwami.” Ngisho nalapho abanye bebona ukuthi uBongani noThulani babehlulwa utshwala, bona babezitshela ukuthi zonke izinto zihamba kahle. Womabili la madoda kwakudingeka athathe isinyathelo sokulawula ukuphuza kwawo. Kodwa sinyathelo sini ayengasithatha?

Thatha Isinyathelo!

Abaningi abaye bayeka ukuphuza ngokweqile baye bathatha isinyathelo esikhuthazwa amazwi kaJesu: “Manje, uma lelo liso lakho lesokunene likwenza ukhubeke, likhiphe ulilahle kude. Ngoba kuyokuzuzisa ngokwengeziwe ukulahlekelwa elilodwa lamalungu akho kunokuba umzimba wakho wonke uphonswe eGehena.”—Mathewu 5:29.

Yiqiniso, uJesu wayengakhuthazi ukuzilimaza umzimba. Kunalokho, wasebenzisa lo mfanekiso ukuze agcizelele iphuzu lokuthi kufanele sizimisele ukuyeka noma yini engasilimaza ngokomoya. Yebo, isinyathelo esisithathayo singase singabi mnandi neze. Kodwa siyosivikela endleleni yokucabanga nasezimweni ezingase zisenze siphuze ngokweqile. Ngakho-ke, uma kunabathile abazwakalise ukukhathazeka ngokuthi usuphuza kakhulu, thatha izinyathelo zokulawula utshwala. * Uma kusobala ukuthi ngeke ukwazi ukubulawula, zimisele ukubuyeka ngokuphelele. Nakuba lokho kungase kube nzima, kungcono kakhulu ukubuyeka kunokuzithola uphila ukuphila okungajabulisi.

Ngisho noma ungewona umlutha wotshwala, ingabe uthambekele ekuphuzeni weqise? Uma kunjalo, yiziphi izinyathelo ezingokoqobo ongazithatha ukuze ukwazi ukugcina utshwala busendaweni yabo?

Lapho Ungathola Khona Usizo

1. Yiba nokholo emandleni omthandazo osuka enhliziyweni futhi uthandaze njalo. IBhayibheli libeluleka ngala mazwi bonke abafuna ukujabulisa uJehova uNkulunkulu: “Izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.” (Filipi 4:6, 7) Yini ongayithandazela ukuze uthole lokhu kuthula kwengqondo?

Vuma ngobuqotho ukuthi unenkinga yotshwala, nokuthi nguwena ongenza okuthile ngayo. Uma utshela uNkulunkulu ngalokho ongathanda ukukwenza ngenkinga yakho, uyoyibusisa imizamo yakho yokuthola usizo, kanjalo ugweme izinkinga eziningi ezinkulu. “Omboza izeqo zakhe ngeke aphumelele, kodwa ozivumayo azishiye uyoboniswa isihe.” (IzAga 28:13) UJesu naye wathi singathandaza sithi: “Ungasingenisi esilingweni, kodwa usikhulule komubi.” (Mathewu 6:13) Nokho, yini ongayenza ukuze ubonise ukuthi wenza izinto ngokuvumelana naleyo mithandazo, futhi ungazitholaphi izimpendulo zemithandazo yakho yokunxusa?

2. Thola amandla eZwini likaNkulunkulu. “Izwi likaNkulunkulu liyaphila, linamandla . . . futhi liyakwazi ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo.” (Hebheru 4:12) Abantu abaningi ababeyimilutha yotshwala baye basizwa ukufunda nokuzindla ngamavesi eBhayibheli nsuku zonke. Umhubi owesaba uNkulunkulu wabhala: “Uyajabula umuntu ongazange ahambe ngeseluleko sababi. . . . Kodwa injabulo yakhe isemthethweni kaJehova, futhi ufunda umthetho wakhe ngezwi eliphansi imini nobusuku. . . . Konke akwenzayo kuyophumelela.”—IHubo 1:1-3.

Ngosizo lwesifundo seBhayibheli asiqhutshelwa oFakazi BakaJehova, uThulani wakwazi ukuthola amandla okunqoba ukudakwa. Uthi: “Ngiyaqiniseka ukuthi ngabe kudala ngafa ukube angizange ngitadishe iBhayibheli futhi ngiphile ngezimiso ezisekelwe kulo ezangisiza ukuba ngiyeke ukuphuza.”

3. Hlakulela ukuzithiba. IBhayibheli lithi abantu ababeyizidakwa ngaphambi kokuba babe yingxenye yebandla lobuKristu bagezwa bahlanzwa ‘umoya kaNkulunkulu wethu.’ (1 Korinte 6:9-11) Kanjani? Enye indlela ukuthi basizwa ukuba bayeke ukuphuza nemibuthano exokozelayo ngokuhlakulela ukuzithiba, imfanelo etholakala ngosizo lomoya ongcwele kaNkulunkulu. “Ningadakwa yiwayini, okukhona kulo ukuzitika ngamanyala, kodwa qhubekani nigcwaliswa ngomoya.” (Efesu 5:18; Galathiya 5:21-23) UJesu Kristu wathembisa ukuthi ‘uBaba osezulwini uyobanika umoya ongcwele labo abawucela kuye.’ Ngakho-ke, “qhubekani nicela, niyophiwa.”—Luka 11:9, 13.

Labo abafisa ukukhulekela uJehova ngendlela ayamukelayo bangahlakulela ukuzithiba ngokufunda nokutadisha iBhayibheli nangokuthandaza njalo ngokusuka enhliziyweni. Kunokunqotshwa ukudumazeka, kholelwa kulesi sithembiso esiseZwini likaNkulunkulu: “Lowo ohlwanyela enombono womoya uyovuna ukuphila okuphakade okuvela emoyeni. Ngakho masingayeki ukwenza okuhle, ngoba ngenkathi efanele siyovuna uma singakhathali.”—Galathiya 6:8, 9.

4. Khetha abangane abahle. “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.” (IzAga 13:20) Tshela abangane bakho ngomgomo wakho wokulawula utshwala. Nokho, iZwi likaNkulunkulu lixwayisa ngokuthi lapho uyeka ‘ukweqisa ewayinini, emibuthanweni exokozelayo nasemincintiswaneni yokuphuza,’ abanye babangane bakho bakudala ‘bayokhungatheka futhi baqhubeke bekuhlambalaza.’ (1 Petru 4:3, 4) Zimisele ukuhlukana ngokuphelele nabangane abangasihloniphi isinqumo sakho sokulawula utshwala.

5. Zibekele isilinganiso esingashintshi. “Yekani ukulolongwa nifane nalesi simiso sezinto, kodwa maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu, ukuze nizitholele ngokwenu okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.” (Roma 12:2) Uma uvumela izimiso zeZwi likaNkulunkulu ukuba zikusize ubeke isilinganiso sotshwala ozobuphuza kunokuvumela abangane bakho noma “lesi simiso sezinto,” uyophila ukuphila okwamukelekayo kuNkulunkulu. Kodwa ungasazi kanjani isilinganiso sotshwala esifanele wena?

Noma yisiphi isilinganiso sotshwala esithuntubeza ikhono lakho lokwahlulela futhi sikwenze ungakwazi ukucabanga kahle kusho ukuthi singaphezulu kwaleso okufanele usiphuze. Ngakho, uma ukhetha ukuphuza utshwala, kuwubuwula ukuzibekela isilinganiso esingacacile, uzitshele ukuthi uzokuma uma usubuzwa egazini. Ungavumeli inkani ikwenze ungabi qotho enhliziyweni yakho lapho ucabangela isilinganiso sotshwala ongabuphuza. Zibekele isilinganiso ongeke usishintshe esizokugcina ulinganisela.

6. Funda ukwenqaba. “Izwi lenu elingu-Yebo malisho uYebo, u-Cha wenu, asho uCha.” (Mathewu 5:37) Funda ukwenqaba ngenhlonipho lapho othile ekunika utshwala nokho engahlose bubi. “Amazwi enu ngaso sonke isikhathi mawabe nomusa, ayoliswe ngosawoti, ukuze nazi ukuthi kufanele nimphendule kanjani umuntu ngamunye.”—Kolose 4:6.

7. Funa usizo. Cela usizo kubangane abakusekelayo abangakusiza ukuba unamathele esinqumweni sakho sokulawula utshwala nabangakusiza ngokomoya. “Ababili bangcono kunoyedwa, ngoba banomvuzo omuhle ngomsebenzi wabo onzima. Ngoba uma kungenzeka omunye wabo awe, lo omunye angamvusa umngane wakhe.” (UmShumayeli 4:9, 10; Jakobe 5:14, 16) I-National Institute on Alcohol Abuse and Alcoholism e-United States nayo iyeluleka: “Ukunciphisa isilinganiso sotshwala obuphuzayo kungase kube nzima ngezinye izikhathi. Cela umndeni wakho nabangane ukuba bakusekele, bakusize ufinyelele umgomo wakho.”

8. Namathela esinqumweni sakho. “Yibani abenzi bezwi, ningabi abalizwayo kuphela, nizikhohlisa ngokucabanga okungamanga. Kodwa lowo obukisisa umthetho ophelele ongowenkululeko nophikelelayo kuwo, lo muntu, ngoba akabanga umuntu ozwayo oyisikhohlwa kodwa ube ngumenzi womsebenzi, uyojabula lapho ewenza.”—Jakobe 1:22, 25.

Ukunqoba Inkinga Yokuba Umlutha

Akuwona wonke umuntu ophuza ngokweqile ogcina esengumlutha wotshwala. Kodwa kunabanye abaqala ukuphuza kakhulu—noma kaningi—baze bagcine sebeyimilutha yotshwala. Ngenxa yokuthi umzimba nengqondo kusuke sekujwayele utshwala, ukuzimisela nosizo olungokomoya kungase kungeneli, ngaleyo ndlela kube nzima ukugqashula ekubeni umlutha. UThulani uyakhumbula: “Ngesikhathi ngisesemzabalazweni wokuyeka utshwala, ngangiba nezinhlungu ezingabekezeleleki ezazibangelwa ukuthi umzimba wawungasabutholi utshwala. Ngabona lapho ukuthi ngangidinga nosizo lodokotela naphezu kolungokomoya engangiluthola.”

Abantu abaningi abanenkinga yotshwala badinga usizo lodokotela ukuze bakwazi ukunqoba empini yabo engokomoya yokugqashula kulo mkhuba futhi bangaphinde babe yimilutha. * Abanye kudingeka baye ezibhedlela ukuze bathole usizo lokubhekana nezinkinga ezinkulu ezibangelwa ukuthi umzimba awusabutholi utshwala noma ukuze bathole imishanguzo engabasiza ukuba banciphise isifiso sotshwala nokuqhubeka bengaphuzi. INdodana kaNkulunkulu eyayenza izimangaliso yathi: “Abayimiqemane abamdingi udokotela, kodwa abagulayo bayamdinga.”—Marku 2:17.

Izinzuzo Zokulalela Isiqondiso SikaNkulunkulu

Iseluleko seBhayibheli esihlakaniphile ngotshwala sivela kuNkulunkulu weqiniso osifunela okungcono kakhulu. Akafuni sijabule manje kuphela, kodwa naphakade. UThulani, owayeka utshwala eminyakeni engu-24 edlule, uyakhumbula: “Kwangijabulisa kakhulu ukwazi ukuthi ngangingashintsha futhi kwangithokozisa ukuthola ukuthi uJehova wayefuna ukungisiza ngilungise izindlela zami.” Njengoba elandisa, uThulani uyama abambe izinyembezi uma ekhumbula izinto adlule kuzo. Uyaqhubeka: “Kuyangijabulisa ukwazi ukuthi uJehova uyaqonda, uyangikhathalela nokuthi unginikeza usizo engiludingayo—lokho kuye kwangithinta ngempela.”

Ngakho-ke, uma utshwala bukwehlula noma usungumlutha wabo, ungalilahli ithemba noma uphethe ngokuthi ayikho into ongayenza. UThulani nabanye abaningi babesesimweni esifana nesakho futhi bakwazi ukunciphisa utshwala ababebuphuza noma babuyeka ngokuphelele. Abazisoli; nawe ngeke uzisole.

Kungakhathaliseki ukuthi ukhetha ukuphuza utshwala ngokusesilinganisweni noma ukhetha ukungabuthinti nhlobo, lalela njengoba uNkulunkulu ekunxusa ngothando: “O ukube ubuyoyilalela nokuyilalela imiyalo yami! Khona-ke ukuthula kwakho bekuyoba njengomfula, nokulunga kwakho kube njengamagagasi olwandle.”—Isaya 48:18.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 7 Bheka ibhokisi elithi  “Ingabe Ulawulwa Utshwala?” ekhasini 8.

^ par. 24 Kunezikhungo eziningi zokwelapha nezibhedlela ezisiza abanenkinga yotshwala. INqabayokulinda ayikhuthazi indlela ethile yokwelashwa. Umuntu ngamunye kufanele ahlaziye ngokucophelela izindlela zokwelapha abese ezenzela isinqumo esingangqubuzani nemithetho yeBhayibheli.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 8]

 Ingabe Ulawulwa Utshwala?

Zibuze:

• Ingabe sengiphuza kakhulu kunakuqala?

• Ingabe sengiphuza kaningi kunakuqala?

• Ingabe manje sengiphuza utshwala obunamandla nakakhulu?

• Ingabe ngiphuzela ukuqeda ukucindezeleka noma ukukhohlwa yizinkinga?

• Ukhona yini umngane noma ilungu lomndeni elibonise ukukhathazeka ngokuphuza kwami?

• Ingabe ukuphuza sekuke kwangibangela izinkinga ekhaya, emsebenzini noma lapho ngiseholidini?

• Ingabe kunzima ngami ukuqeda isonto ngingaphuzanga?

• Ingabe ngiyakhathazeka lapho abanye bekhetha ukungabuthinti utshwala?

• Ingabe ngiyasifihla isilinganiso sotshwala engibuphuzayo?

Uma kunombuzo noma imibuzo oyiphendule ngoyebo, kungase kudingeke uthathe izinyathelo zokulawula indlela ophuza ngayo.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 9]

Ukwenza Izinqumo Ezihlakaniphile Ngotshwala

Ngaphambi kokuphuza, cabanga ngalokhu:

Kuwukuhlakanipha yini ukuphuza utshwala noma kungcono ngingabuthinti?

Okukhuthazwayo: Umuntu ongakwazi ukulinganisela kufanele angabuthinti.

Kumelwe ngiphuze kangakanani?

Okukhuthazwayo: Zibekele isilinganiso sotshwala ongabuphuza ngaphambi kokuba kufike eqophelweni lokuthuntubezeka kwekhono lakho lokwahlulela.

Ngiphuze nini?

Okukhuthazwayo: Ungaphuzi uma uzoshayela noma uzokwenza noma yini edinga ukuba ingqondo isanguluke; ungaphuzi ngaphambi kokwenza izinto eziphathelene noNkulunkulu; ungaphuzi lapho ukhulelwe; ungaphuzi uma kunemithi noma amaphilisi owaphuzayo.

Ngiphuze kuphi?

Okukhuthazwayo: Phuza endaweni ehloniphekile; hhayi ekusithekeni ukuze ufihle; ungaphuzi phambi kwabantu abakhutshwa utshwala.

Kumelwe ngiphuze nobani?

Okukhuthazwayo: Phuza nabangane noma namalungu omndeni anethonya elihle; ungaphuzi phakathi kwabantu abanenkinga yotshwala.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 10]

IZwi LikaNkulunkulu Lasiza Indoda Eyayiyisidakwa

USupot waseThailand wayedakwa abe yinhlabathi. Ekuqaleni, wayephuza kusihlwa kuphela. Kancane kancane, waqala ukuphuza ekuseni nasemini futhi ngokuvamile wayephuzela ukudakwa. Kodwa wabe eseqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Lapho ezwa ukuthi uJehova uNkulunkulu akakwamukeli ukudakwa, wabuyeka utshwala. Kodwa ngemva kwesikhashana wabuyela emikhubeni yakhe yokuphuza. Umndeni wakhe wadumazeka kakhulu.

Kodwa uSupot wayesamthanda uJehova futhi efuna ukumkhulekela ngendlela efanele. Abangane bakhe baqhubeka nokumsiza, bakhuthaza nomndeni wakhe ukuba uchithe isikhathi naye futhi ungamlahli. Amazwi acacile akweyoku-1 Korinte 6:10 athi ‘izidakwa ngeke zilizuze ifa lombuso kaNkulunkulu’ amsiza ukuba abone ukuthi isimo sakhe sasibucayi kangakanani. Waqaphela ukuthi kwakudingeka azikhandle ngempela ukuze akwazi ukunqoba le nkinga yakhe.

Kulokhu wazimisela ukubuyeka ngokuphelele. Ekugcineni, ngosizo lomoya ongcwele kaNkulunkulu, isiqondiso seZwi laKhe nomndeni wakhe nebandla, uSupot wathola amandla angokomoya futhi wayinqoba inkinga yakhe yotshwala. Umndeni wakhe wawujabule kakhulu ngesikhathi ebhapathizwa ebonakalisa ukuzinikezela kwakhe kuNkulunkulu. Manje uSupot unobuhlobo obuhle noNkulunkulu okwase kuyisikhathi eside ebufisa futhi usebenzisa isikhathi sakhe ukuze asize abanye bazi ngoNkulunkulu.