Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 Fundisa Izingane Zakho

URebheka Wayekuthanda Ukujabulisa uJehova

URebheka Wayekuthanda Ukujabulisa uJehova

IGAMA elithi Rebheka lijwayelekile emazweni amaningi namuhla. Ukhona yini umuntu omaziyo onguRebheka?— * URebheka ungowesifazane obalulekile okukhulunywa ngaye encwadini edume kakhulu emhlabeni, iBhayibheli. Yini oyaziyo ngaye?— Kufanele sifune ukufunda ngoRebheka ngoba isibonelo sakhe singasisiza ekukhonzeni uNkulunkulu weqiniso, uJehova.

URebheka ungowesifazane wesibili iBhayibheli elithi waba umkhulekeli weqiniso kaJehova. Uyazi ukuthi kwakungubani owesifazane wokuqala?— KwakunguSara, umka-Abrahama. USara wathola u-Isaka, uzinyo-bulala wakhe esegugile impela. Manje ake sibone indlela uRebheka ayezimisele ngayo ukwenza izinto ezazijabulisa uJehova nendlela ahlangana ngayo no-Isaka.

Sekudlule iminyaka engaphezu kuka-60 uNkulunkulu atshela u-Abrahama noSara ukuba baphume eHarana baye eKhanani. Lapho u-Abrahama noSara sebegugile impela, uNkulunkulu ubathembisa ukuthi bazoba nomntwana okumelwe bamqambe ngokuthi u-Isaka. Njengoba ungase ucabange, u-Isaka akaconsi phansi kubazali bakhe. U-Isaka usekhulile, futhi uzwa ubuhlungu obukhulu njengoba unina, oneminyaka engu-127, efa. U-Abrahama akafuni u-Isaka ashade nowesifazane waseKhanani ngoba labo bantu abamkhulekeli uJehova. Ngakho, uthumela inceku yakhe, cishe u-Eliyezeri, ukuba ihambe iyokhethela u-Isaka umfazi ezihlotsheni zakhe eHarana, indawo eqhele ngamakhilomitha angu-800!—Genesise 12:4, 5; 15:2; 17:17, 19; 23:1.

Ngemva kokuhamba ibanga elide, u-Eliyezeri  ufika eHarana ehamba nezinye izinceku zika-Abrahama, kanye namakamela ayishumi athwele izinto abazidingayo nezipho zikamakoti. Bafikela emthonjeni ngoba u-Eliyezeri uyazi ukuthi abantu bakha amanzi okuphuza ntambama, baphuzise nemfuyo yabo. U-Eliyezeri ube esethandaza ecela ukuba intombi azoyikhethela u-Isaka kube yileyo ezovuma ukumphuzisa amanzi ngokuba ithi: “Phuza, futhi ngizophuzisa namakamela akho.”

Yilokho kanye okwenzeka! URebheka intombi ‘ekhanga kakhulu’ ufika emthonjeni. Lapho u-Eliyezeri ecela amanzi, uthi: “Namakamela akho ngizowakhelela amanzi.” Njengoba egijima ‘ephindelela eya emthonjeni eyokha amanzi,’ u-Eliyezeri ‘uyamgqolozela emangele.’ Phela umsebenzi omkhulu lona! Ukuze aphuzise amakamela ayishumi omile, uRebheka kudingeka akhe amalitha amanzi ayinkulungwane!

U-Eliyezeri unikeza uRebheka izipho ezinhle, futhi ube esethola ukuthi uyindodakazi kaBethuweli, isihlobo sika-Abrahama. URebheka ucela u-Eliyezeri nahamba nabo ukuba ‘bayolala’ kubo. Ugijima kuqala ukuze ayotshela abasekhaya ukuthi kunezivakashi ezithunywe u-Abrahama ezisuka kude eKhanani.

Lapho umfowabo kaRebheka, uLabani, ebona izipho ezibizayo eziphiwe udadewabo futhi ethola ukuthi u-Eliyezeri ungubani, uyahamba ayomlanda emthonjeni. Kodwa u-Eliyezeri uthi: “Ngeke ngidle ngingakakhulumi izindaba zami.” Ube esechaza ukuthi u-Abrahama umthume ngaluphi udaba. UBhetuweli, umkakhe noLabani bayajabula futhi bayavuma ukushadiselana.

Ngemva kokudla, u-Eliyezeri nahamba nabo bayalala. Ngakusasa ekuseni, u-Eliyezeri uthi: “Ngimukiseni ngiye enkosini yami.” Kodwa unina kaRebheka nomfowabo bafuna bahlale “okungenani izinsuku eziyishumi.” Lapho uRebheka ebuzwa ukuthi naye usefuna ukuhamba yini, uyaphendula, “Ngizimisele ukuhamba.” Ngaphandle kokupholisa amaseko, uhamba no-Eliyezeri. Lapho efika ekhaya, uba inkosikazi ka-Isaka.—Genesise 24:1-58, 67.

Ucabanga ukuthi kwakulula ngoRebheka ukushiya umndeni wakubo nabangane bakhe aye ezweni elikude, azi ukuthi mhlawumbe wayengasophinde ababone?— Cha, kwakungelula. Nokho, wabusiswa ngokuzimisela ukwenza lokho okwakujabulisa uJehova. Waba ukhokhokazi woMsindisi wethu, uJesu Kristu. Nathi siyobusiswa uma sizimisela ukujabulisa uJehova, njengoba kwenza uRebheka.—Roma 9:7-10.

^ isig. 3 Uma ufunda nengane, udwi ukukhumbuza ukuba ume bese uyikhuthaza ukuba iveze umbono wayo.