Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indoda Eyaguqula Izwe

Indoda Eyaguqula Izwe

Indoda Eyaguqula Izwe

Kunezigidigidi zabantu eziye zaphila futhi zafa kulo mhlaba. Iningi lazo alishiyanga lutho eziyokhunjulwa ngalo. Nokho, kunabambalwa abaye baba neqhaza emlandweni—futhi cishe baye bakuthonya ukuphila kwakho kwansuku zonke.

UVUKA ekuseni, ukhanyise izibani ulungiselele ukuya emsebenzini. Uthatha incwadi noma umagazini ozowufunda ebhasini. Awukhohlwa ukuphuza amaphilisi akusiza ukuba ulwe nokugula okuthile. Usuku lwakho alukaqali nokuqala kodwa usuzuzile ezintweni ezenziwa amadoda ambalwa aphawulekayo.

UMichael Faraday Wazalwa ngo-1791 futhi wayeyisazi sesayensi esiyiNgisi. Waklama injini esebenza ngogesi nomshini wokuphehla ugesi. Izinto aziklama zasiza ekubeni ugesi utholakale kabanzi.

UTs’ai Lun Wayeyisikhulu senkantolo yasebukhosini eChina esathuthukisa inqubo yokwenza iphepha cishe ngo-105 C.E., okwaholela ekukhiqizweni kwamaphepha amaningi.

UJohannes Gutenberg Cishe ngo-1450, le ndoda engumJalimane yenza umshini wokuqala wokunyathelisa ngezinhlamvu ezihlelwa ngesandla. Ukunyathelisa ngalo mshini kwakungambi eqolo, ngakho wasiza ukuba abantu abaningi bakwazi ukufunda ngezinto eziningi ezihlukahlukene.

U-Alexander Fleming Ngo-1928, lo mcwaningi waseScotland wenza umuthi olwa namagciwane (antibiotic) awubiza ngokuthi i-penicillin. Manje leyo mithi isisetshenziswa kakhulu ukuze yelaphe izifo ezibangelwa amagciwane.

Akubuzwa, lezi zinto ezasungulwa amadoda ambalwa ziye zasiza izigidi zezinkulungwane zabantu ukuba ukuphila kwazo kube lula futhi zibe nempilo enhle.

Nokho, kunendoda evelele kunawo wonke. Ayaziwa ngokusungula izinto zesayensi noma imithi yokwelapha. Kunalokho, le ndoda ephansi eyafa eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000 edlule yashiya isigijimi—isigijimi sethemba nenduduzo esinamandla. Uma kucatshangelwa indlela isigijimi sayo esiye sakuthinta ngayo ukuphila kwabantu emhlabeni kabanzi, abaningi bangavuma ukuthi ngempela yaliguqula izwe.

Leyo ndoda kwakunguJesu Kristu. Yisiphi isigijimi asishumayela? Leso sigijimi singakuthonya kanjani ukuphila kwakho?