Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lokho UJesu Akufundisa NgoNkulunkulu

Lokho UJesu Akufundisa NgoNkulunkulu

Lokho UJesu Akufundisa NgoNkulunkulu

“Ukuphela komuntu omazi ngempela uYise yiNdodana. Kodwa iNdodana ifuna ukutshela abanye ngoYise, ukuze nabo bamazi.”—LUKA 10:22, CONTEMPORARY ENGLISH VERSION.

NGAPHAMBI kokuba ize emhlabeni, iNdodana kaNkulunkulu eyizibulo yachitha iminyaka eminingi noYise. (Kolose 1:15) Ngakho, yafunda indlela uYise acabanga, azizwa futhi enza ngayo. Kamuva lapho le Ndodana iza emhlabeni njengomuntu, yakulangazelela ukufundisa iqiniso ngoYise. Singafunda okuningi ngoNkulunkulu ngokulalela lokho eyakusho.

Igama likaNkulunkulu Igama likaNkulunkulu elithi Jehova lalibaluleke kakhulu kuJesu. Le Ndodana ethandekayo yayifuna abanye ukuba balazi futhi balisebenzise. Igama likaJesu lona lisho ukuthi “uJehova uyiNsindiso.” Ngobusuku obandulela ukufa kwakhe, wathandaza kuJehova ngale ndlela: “Ngibazisile igama lakho.” (Johane 17:26) Akumangazi ukuthi wasebenzisa igama likaNkulunkulu futhi wafundisa abanye ngalo. Izilaleli zakhe zazingaliqonda kanjani nje iqiniso ngoJehova uma zazingalazi ngisho negama laKhe nokuthi lisho ukuthini? *

Uthando lukaNkulunkulu olukhulu Lapho ethandaza kuNkulunkulu, uJesu wathi: “Baba, . . . wangithanda ngaphambi kokusungulwa kwezwe.” (Johane 17:24) Njengoba uNkulunkulu athanda uJesu ngesikhathi esesezulwini, naye wafuna ukulubonisa lolo thando ngezindlela eziningi ezinhle lapho esefike emhlabeni.

UJesu wabonisa ukuthi uthando lukaJehova lubanzi. Wathi: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.” (Johane 3:16) Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “izwe” alisho umhlaba ongokoqobo esihlala kuwo. Lapha, libhekisela kubo bonke abantu. Uthando lukaNkulunkulu ngabantu lukhulu kangangokuthi wanikela ngeNdodana yakhe eyigugu kakhulu ukuze abantu abathembekile bakhululwe esonweni nasekufeni futhi babe nethuba lokuphila phakade. Asisoze sabuqonda ububanzi nokujula kwalolu thando olukhulu kangaka.—Roma 8:38, 39.

UJesu wagcizelela iqiniso eliduduzayo: uJehova ubathanda ngokujulile abakhulekeli bakhe njengabantu ngabanye. UJesu wafundisa ukuthi uJehova unjengomalusi obheka izimvu zakhe njengezingefani kodwa eziyigugu. (Mathewu 18:12-14) Wathi akekho noyedwa undlunkulu ongawela phansi uJehova engazi. Wanezela: “Zona kanye izinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke.” (Mathewu 10:29-31) Uma uJehova enekhono lokuphawula ukuthi kukhona undlunkulu ongekho esidlekeni esithile, ubaqapha futhi abanakekele kakhulu kangakanani-ke abakhulekeli bakhe abangabantu? Uma uJehova ekwazi ukubala nokubona izinwele zethu, ingabe-ke sikhona isici sokuphila kwethu—izidingo, izinkathazo nezinkinga zethu—angeke asazi?

UBaba wasezulwini Njengoba siphawulile esihlokweni esandulele, uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa. Akumangazi ukuthi le Ndodana ethandekayo yayivame ukubiza uJehova ngokuthi “Baba” lapho ikhuluma naye nalapho ikhuluma ngaYe. Eqinisweni, emazwini kaJesu okuqala alotshiwe awasho ngesikhathi esethempelini lapho eneminyaka engu-12, wabiza uJehova ngokuthi ‘uBaba.’ (Luka 2:49) Elithi “Baba” livela izikhathi ezingaba ngu-190 emaVangelini. Ngezinye izikhathi uJesu wayebiza uJehova ngokuthi “uYihlo,” “uBaba wethu” nangokuthi “uBaba.” (Mathewu 5:16; 6:9; 7:21) Indlela asebenzisa ngayo la magama ezimweni ezihlukahlukene ibonisa ukuthi abantu abangaphelele nabanesono bangaba nobuhlobo obufudumele noJehova futhi bamethembe.

Unesihe futhi uzimisele ukuthethelela UJesu wayazi ukuthi abantu abangaphelele badinga isihe sikaJehova esingenamkhawulo. Emfanekisweni wakhe wendodana yolahleko, uJesu wafanisa uJehova nobaba onesihawu nothethelelayo owamukela indodana ephendukile. (Luka 15:11-32) Ngakho, amazwi kaJesu asiqinisekisa ngokuthi uJehova ubheka ngisho nezinguquko ezincane enhliziyweni yomuntu onesono, okwenza ambonise isihe. UJehova uyakulangazelela ukuthethelela isoni esiphendukayo. UJesu wachaza: “Ngiyanitshela ngithi kanjalo kuyoba nenjabulo eyengeziwe ezulwini ngesoni esisodwa esiphendukayo kunangabangamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye abangenasidingo sokuphenduka.” (Luka 15:7) Ubani ongeke azizwa emthanda uNkulunkulu onesihe ngale ndlela?

UMuzwi wemithandazo Ngaphambi kokuba eze emhlabeni, uJesu wazibonela mathupha ukuthi uJehova ‘unguMuzwi womthandazo’ nokuthi ujatshuliswa imithandazo yabakhulekeli bakhe abathembekile. (IHubo 65:2) Yingakho phakathi nenkonzo yakhe afundisa abafundi bakhe indlela yokuthandaza nalokho okufanele bakuthandazele. Wayala: “Ungaphindaphindi izinto ezifanayo.” Wanxusa izilaleli zakhe ukuba zithandazele intando kaNkulunkulu ukuba ‘yenzeke emhlabeni, njengasezulwini.’ Nathi singathandazela isinkwa sansuku zonke, ukuba sithethelelwe izono zethu futhi sikwazi ukumelana nesilingo. (Mathewu 6:5-13) UJesu wafundisa ukuthi uJehova usabela njengobaba emithandazweni yezinceku zaKhe futhi aphendule izicelo zazo eziqotho ezenziwe ngokholo.—Mathewu 7:7-11.

Singaqiniseka ngokuthi uJesu wayezimisele ukufundisa iqiniso ngoJehova nangohlobo lukaNkulunkulu ayilo. Kodwa kukhona nokunye ayefuna ukukufundisa abantu ngoJehova—indlela ayoyisebenzisa ukuze enze izinguquko emhlabeni, kanjalo kugcwaliseke injongo yaKhe ngalo mhlaba nangabantu abahlala kuwo. Empeleni, lesi sici sesigijimi sikaJesu sasiwumgogodla walokho ayeshumayela ngakho.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 4 Igama elithi Jehova livela izikhathi ezingaba ngu-7 000 embhalweni wokuqala weBhayibheli. Incazelo ehlobene nalelo gama ithi “ngiyoba yilokho engiyoba yikho.” (Eksodusi 3:14) UNkulunkulu angaba yinoma yini afuna ukuba yiyo ukuze afeze injongo yakhe. Ngakho, leli gama liqinisekisa ukuthi uNkulunkulu uyohlala eneqiniso futhi noma yini ayithembisayo iyofezeka.